Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 28
  • Indlela Yokuba Ubaba Oqotho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuba Ubaba Oqotho
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubaba udlala yiphi indima?
  • Ihluke ngani indima kababa?
  • Obaba namadodakazi
  • Indlela Ukuzalwa Kwengane Okuwuthinta Ngayo Umshado
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Obaba Ababalekayo—Bangabaleka Ngempela?
    I-Phaphama!—2000
  • Indlela Yokuba Ubaba Omuhle
    I-Phaphama!—2013
  • Isithasiselo—Imibuzo Ebuzwa Abazali
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 28
Ubaba nendodakazi yakhe bahamba emgwaqweni bejabulile.

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Indlela Yokuba Ubaba Oqotho

Kulesi sihloko

  • Ubaba udlala yiphi indima?

  • Ihluke ngani indima kababa?

  • Obaba namadodakazi

  • Iseluleko esiya kobaba

Ubaba udlala yiphi indima?

  • Ngaphambi kokuba ingane izalwe. Uhlobo lomyeni oyilo manje luveza ukuthi uyoba ubaba onjani uma usunengane. Incwadi ethi Do Fathers Matter? isho lokhu:

    “Ubaba othengela umkakhe okhulelwe izinto azidingayo, amhambise kwadokotela, abuke ingane emshinini inyakaza esiswini sikanina, alalele nokushaya kwenhliziyo yayo, maningi amathuba okuba angamlahli umama wengane ngemva kokuzalwa komntwana.”

    “Ngangingafuni umkami acabange ukuthi ushiywe dengwane ngesikhathi ekhulelwe, ngakho ngenza okusemandleni ukuze ngimsize. Saze salungisa ikamelo lengane ndawonye. Kwakuyisikhathi esimnandi kithi sobabili njengoba sasilungiselela ukuzalwa kwengane.”—UJames.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa nikhathalele nabanye.’—Filipi 2:4.

  • Ngemva kokuzalwa kwengane. Ungakha ubudlelwane obuqinile nengane ngokudlala nayo nangokuyiphatha. Siza nasekunakekeleni ingane. Ukwenza kwakho lokho njengobaba kuzoba nomthelela omkhulu lapho ingane ikhula. Ubudlelwane obakhayo buveza ukuthi ingane yakho iyigugu kuwe.

    “Zehlise ufike ezingeni lengane. Dlala. Wenze izinto ezihlekisayo. Dedela igazi. Ungakhohlwa ukuthi ingane iqala ukulubona kuwe mzali uthando ukuthi luyinto enjani.”—URichard.

    Indoda esanda kuba ngubaba iphethe usana lwayo.

    Okushiwo iBhayibheli: “Abantwana bayifa elivela kuJehova; isithelo sesisu singumvuzo.”—IHubo 127:3.

  • Njengoba ingane yakho ikhula. Ucwaningo luveza ukuthi izingane ezisondelene noyise zenza kangcono esikoleni, azibi nezinkinga eziningi ngokomzwelo, futhi mancane amathuba okuba zisebenzise kabi izidakamizwa noma zenze ubugebengu. Chitha isikhathi nengane yakho ukuze wakhe ubungani obuhle nayo.

    “Ngesikhathi ehamba, umfana wami wangitshela ukuthi into azoyikhumbula kakhulu izingxoxo esasiba nazo lapho sihamba ibanga elide emgwaqweni noma lapho sidla kusihlwa. Ezinye izinto ezibalulekile esasizixoxa zazivela ngingazilindele. Zazivela ngenxa yokuthi sasichitha isikhathi esiningi ndawonye.”—UDennis.

    Ubaba nendodana yakhe bahlezi esikebheni, baxoxa kamnandi.

    Okushiwo iBhayibheli: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphile, nisisebenzise kahle isikhathi senu.”—Efesu 5:15, 16.

Ihluke ngani indima kababa?

Kusukela kudala, kwaziwa ukuthi obaba yibo ababeka isinkwa etafuleni, yibo futhi abavikela umndeni; omama bona baziwa njengabantu abazikhathalela kakhulu izidingo ezingokomzwelo emndenini. (Duteronomi 1:31; Isaya 49:15) Kweminye imizi mhlawumbe leyo ndima yobaba idlalwa omama, neyomama kungenzeka idlalwa obaba. Noma kunjalo, abacwaningi bathi ubaba unendima yakhe ehlukile emndenini, nomama naye uneyakhe ehlukile.a

UJudith Wallerstein oyisazi sezemindeni usitshela ngokwenzeka kuye okusisizayo siqonde lokho. Uthi: “Lapho indodakazi yami ena-12 ishayiswa imoto, yayifuna ukuhamba nobaba wayo nge-ambulensi ngoba uyena emethemba kakhulu iyazi ukuthi uzoyivikela. Kamuva esibhedlela, yayifuna mina ngihlale eduze kwayo usuku lonke ukuze ngiyiduduze.”b

“Ngokwezinga elithile, ubaba wenza izinto zihambe kahle emndenini futhi awuvikele, okuyizinto umama angase angakwazi ukuzenza eyedwa. Kanti umama wenza ikhaya libe elifudumele futhi alalele ngozwela. Bobabili bayabambisana.”—UDaniel.

Okushiwo iBhayibheli: “Ndodana yami, lalela isiyalo sikayihlo, ungayishiyi imfundiso kanyoko.”—IzAga 1:8.

Obaba namadodakazi

Njengoba ungubaba, ufundisa indodakazi yakho ukuthi abantu besilisa kufanele bayiphathe kanjani. Lokhu ikufunda ngalezi zindlela ezimbili ezilandelayo:

  • Ngokubuka indlela ophatha ngayo umama wayo. Lapho umthanda futhi umhlonipha umkakho, indodakazi yakho ibona izimfanelo ezibalulekile okufanele izibheke kumngani womshado lapho isikhulile.—1 Petru 3:7.

    Indodakazi iyamomotheka njengoba ibuka abazali bayo behlezi etafuleni bedla. Ubaba wayo ubambe isandla sikamama wayo njengoba behleka ndawonye.
  • Ngokuqaphela indlela oyiphatha ngayo. Ngokuhlonipha indodakazi yakho, uyifundisa ukuba izihloniphe nayo. Iyakwazi nokubona indlela abanye abantu besilisa okufanele bayiphathe ngayo.

    Ngokuphambene nalokho, ukuhlale uyigxeka indodakazi yakho kuyenza ingazethembi bese ifuna ukwamukelwa abanye besilisa abangenazo izinhloso ezinhle.

    “Indodakazi enobaba oyithandayo noyisekelayo ngeke ikhangwe indoda engenazo izimfanelo ezibonisa ukuthi izoba umyeni omuhle.”—UWayne.

a Omama abaningi bakwazile ukuzikhulisa kahle izingane zabo ngaphandle kosizo lomyeni.

b Kuvela encwadini ethi The Unexpected Legacy of Divorce.

Iseluleko esiya kobaba

 UGregory; indodakazi yakhe u-Olivia, nomkakhe u-Audrey.

“Lapho indodakazi yakho isithombile, chitha isikhathi esengeziwe nayo, uyitshele ukuthi usayithanda ngendlela obuyithanda ngayo ngesikhathi isencane. Lokhu kuzoyenza izizwe iphephile futhi ikhululekile ukuxoxa nawe nganoma yini. Uma uhlale umatasa, izokubona lokho bese ifuna ukunakwa abanye abantu.”—UGregory, nendodakazi yakhe u-Olivia, nomkakhe u-Audrey.

Ukubukeza: Ngingaba kanjani ubaba oqotho?

  • Yiba usizo kumkakho ngaphambi kokuba ingane izalwe. Uhlobo lomyeni oba yilo lapho umkakho esakhulelwe luveza ukuthi uyoba ubaba onjani uma ingane isizelwe.

  • Gcina ubuhlobo bakho nengane yakho bubuhle njengoba ikhula. Izingane ezisondelene noyise zenza kangcono esikoleni, azibi nezinkinga eziningi ngokomzwelo, futhi mancane amathuba okuba zisebenzise kabi izidakamizwa.

  • Yiba umyeni omuhle. Ukuthanda nokuhlonipha umkakho kusiza amantombazane abone indlela abantu besilisa okufanele awaphathe ngayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela