SEPTHEMBA 21-27, 2026
INGOMA 12 Nkulunkulu Omkhulu, Jehova
Ingabe Uyaqhubeka Umazi Kangcono UJehova?
“Yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele.”—1 IZIKR. 28:9.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi kusho ukuthini ukwazi uJehova, kungani kufanele sifune ukumazi kangcono nangokuthi singakwenza kanjani lokho.
1. Sizizwa kanjani lapho sicabanga ngolwazi uJehova analo, ukuhlakanipha kwakhe nezinto eziningi ezimangalisayo azenzile?
WAKE wacabanga yini ngendlela ulwazi lukaJehova olujule ngayo, ngokuhlakanipha kwakhe okukhulu noma ngokuthi ziningi kangakanani izinto ezimangalisayo azenzile? Sibamba ongezansi lapho sicabanga ngoMdali wethu. Ungase uzizwe njengomphostoli uPawulu, owabhala: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi azinakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!”—Roma 11:33, 34.
2. Yini esenza siqiniseke ukuthi singakwazi ukumazi uJehova?
2 Nakuba singeke sazi yonke into ngoJehova, ngezinga elithile singakwazi ukumazi ukuthi unjani. INkosi uDavide yatshela indodana yayo uSolomoni, yathi: “Yazi uNkulunkulu kayihlo futhi umkhonze ngenhliziyo ephelele . . . Uma umfuna, uyomthola.” (1 IziKr. 28:9) Njengoba nje umphostoli uJohane akhumbuza amaKristu akanye nawo emakhulwini eminyaka kamuva, ‘sinokuqonda ukuze sithole ulwazi ngoNkulunkulu weqiniso.’ (1 Joh. 5:20) UJesu naye wathi ulwazi ngoJehova lungatholwa ‘yinoma ubani iNdodana ethanda ukumambula kuye.’—Math. 11:27.
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Bonke labo abazinikezele kuJehova sebefunde izinto eziningi ngaye kakade. Kodwa asiyeki ‘ukumazi’ kangcono uJehova. (Joh. 17:3) Singakwazi ukuqhubeka sifunda okwengeziwe ngokuthi yini emenza ajabule nokuthi yini esingayenza ukuze simethembe nakakhulu. Ake sixoxe ngemibuzo emithathu sonke okufanele sicabange ngayo, kungakhathaliseki ukuthi sesimkhonze isikhathi eside kangakanani uJehova: Kusho ukuthini ukwazi uJehova? Kungani kufanele siqhubeke simazi kangcono? Singamazi kanjani kangcono?
KUSHO UKUTHINI UKWAZI UJEHOVA?
4. Kuhlanganisani ukwazi uJehova?
4 Sifunda ngokuthi yini ehilelekile ekwazini uJehova ngokucabanga ngalokho akusho ngamaJuda ayezobuya ekudingisweni. UJehova wathembisa: “Ngiyobanika inhliziyo efisa ukungazi ukuthi nginguJehova.” (Jer. 24:7) Ngokuqinisekile, labo ababuya eBhabhiloni base bewazi kakade amaqiniso ayisisekelo ngoJehova. Kodwa imizamo yabo yokwazi uJehova kwakuzodingeka ihilele inhliziyo yabo, kuhlanganise nemizwa yabo nezisusa zabo. Enye incwadi echaza iBhayibheli ikubeka ngale ndlela: “Kunomehluko omkhulu phakathi kokwazi ngoNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu. Singakufanisa nomehluko phakathi kokufunda ngothando nokuba nemizwa yothando ngomuntu othile.” Akwanele ukumane sazi iqiniso lokuthi uJehova unegama nokuthi unguNkulunkulu. Sifuna ukwazi uMnikazi walelo gama.
5. Yini esingayifunda eNkosini uJosiya ngokuthi kusho ukuthini ukwazi uJehova?
5 Njengoba simazi kangcono uJehova, sifunda ukuthi yini emjabulisayo nengamjabulisi. Ngokwesibonelo, cabanga ngeNkosi uJosiya. IBhayibheli lithi: “Ngonyaka ka-8 wokubusa kwakhe, esengumfana, wafuna uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakhe.” (2 IziKr. 34:3) Kodwa uJosiya akagcinanga nje ngokufunda ngoNkulunkulu. Wakwenza lokho ayekufunda. Esebenzisa umprofethi uJeremiya, uJehova wathi uJosiya “wayebubonisa ubulungisa nokulunga” futhi wamela abahluphekile nabampofu. UJehova wabe esenezela: “Lokho akusho yini ukungazi mina?”—Jer. 22:15, 16.
6. Njengoba kuboniswe kumaHubo 9:10, kusithinta kanjani ukwazi uJehova?
6 Funda iHubo 9:10. Njengoba siqhubeka simazi kangcono uJehova, simethemba nakakhulu. Yilokho okwenzeka kumphostoli uPawulu. Ngesikhathi eboshwe okokugcina ngaphambi nje kokufa kwakhe, wabhala: “Anginamahloni. Ngoba ngiyamazi Lowo engiye ngakholwa nguye.” (2 Thim. 1:12) Lokho uPawulu akufunda nezinto abhekana nazo ekuphileni kwakhe, kwamenza wamethemba ngokuphelele uNkulunkulu wakhe. UPawulu wayeqiniseka ukuthi uJehova wayengeke amkhohlwe yena nenkonzo yakhe yokwethembeka futhi wayezomvusa.
KUNGANI KUFANELE SIQHUBEKE SIMAZI KANGCONO UJEHOVA?
7. Yini engase yenzeke lapho sesikhonze uJehova iminyaka eminingi?
7 Njengoba isikhathi siqhubeka, singase singazikhandli kangako ekwenzeni izinto ezisenza simazi kangcono uJehova ngendlela esasenza ngayo ngesikhathi siqala ukwazi ngaye. Kungani? Lapho sizifundela iBhayibheli noma silifunda nabanye emihlanganweni yebandla, singase sigxile endleleni lokho esikufundayo okungasisiza ngayo ngezindlela ezingokoqobo noma endleleni esingakusebenzisa ngayo ukuze sisize abanye. ImiBhalo isikhuthaza ukuba senze kanjalo. (2 Thim. 3:16, 17) Kodwa iBhayibheli lisembulela nezinto eziningi ngoMbhali walo. (IHu. 25:8-10) Akufanele nanini sigxile kakhulu endleleni umyalezo weBhayibheli osizuzisa ngayo thina noma abanye kangangokuba sihluleke ukuzibuza ukuthi, ‘Lokhu kungifundisani ngoJehova uNkulunkulu?’a
8. Ukumazi kangcono uJehova, kuyobuthinta kanjani ubungani bethu naye? (IHubo 73:24-28)
8 Njengoba siya simazi kangcono uJehova, ubungani bethu naye buyoqina nakakhulu. Ngokwesibonelo, uzizwa kanjani ngoJehova ngemva kokufunda iBhayibheli nsuku zonke, ngemva kokubukela uhlelo lwe-broadcasting lwanyanga zonke, noma ngemva kokuya emhlanganweni wesigodi noma wesifunda? Ngokuvamile sizizwa sisondelene nakakhulu noBaba wethu osezulwini. Kungani? Kungenxa yokuthi sisuke sifunde izinto ezintsha ngaye. Ngenxa yalokho, sishukumiseleka ukuba simdumise futhi simbonge. Sizizwa njengomhubi owazindla ngendlela uJehova ayemnakekela ngayo nowathi: “UNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.” (Funda iHubo 73:24-28.) Yonke imizamo esiyenzayo ukuze simazi kangcono uJehova isenza simbonge nakakhulu ngobungani bethu naye obuyigugu kakhulu.
9. ‘Ukumqaphela’ uJehova kuyozithinta kanjani izinqumo esizenzayo? Nikeza isibonelo.
9 Lapho ‘simqaphela’ uJehova—sikhumbula lokho esikufundile ngaye, sicabanga nangokuthi izinto esizenzayo zimthinta kanjani—siyokwenza izinqumo ezingcono. (IzAga 3:5, 6) Ngokwesibonelo: Abafowethu nodadewethu abaningi babeka isithombe somuntu abashade naye edeskini labo, esikhwameni semali noma efonini yabo. Lokho kubasiza bahlale becabanga ngomuntu abashade naye, kubakhumbuze nokuthi bayamthanda kakhulu, kubasiza benze izinqumo abaziyo ukuthi zizomjabulisa, nokuba bagweme ukwenza noma yini engase imzwise ubuhlungu lowo muntu. Ngendlela efanayo, uma sihlale sicabanga ngoJehova, ayoba maningi amathuba okwenza izinqumo ezimjabulisayo.—IHu. 19:13, 14.
10. Njengoba sifunda ngoJehova, yini esizokwazi ukuyenza?
10 Senziwe ngomfanekiso kaJehova, okusenza sikwazi ukulingisa izimfanelo zakhe. (Gen. 1:26) Lapho sifunda okwengeziwe ngezimfanelo zikaJehova, siyokuqonda nakangcono ukuthi kufanele simlingise kanjani. UJesu wabalahla ababhali nabaFarisi ngokuhluleka ukubonisa izimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu. Nakuba babeyinakisisa imininingwane emincane ngokuphathelene noMthetho, ‘abazinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka.’ (Math. 23:23) Ngokungafani nalabo baholi benkolo, masenze konke esingakwenza ukuze siqonde ukuthi imithetho kaJehova nezimiso zakhe kuziveza kanjani izimfanelo zakhe. Ukwenza kanjalo kuyosisiza ukuba nathi sizibonise lezo zimfanelo.—1 Joh. 4:8, 11.
SIMAZI KANJANI KANGCONO UJEHOVA?
11. Waqala kanjani ukwazi ngoJehova?
11 Ubani owaqala ukukufundisa ngoJehova? Kungenzeka wakhuliswa abazali abangamaKristu. Cishe bakuxoxela izindaba eziseBhayibhelini ezambula izimfanelo zikaNkulunkulu, bakufundisa nokuthi izinto azidalile zibuveza kanjani ubuntu bakhe. Noma kungenzeka wavuma ukufunda iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova. Esebenzisa insiza-kufunda enjengencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!, umuntu owayefunda nawe iBhayibheli wakusiza ukuba utadishe izindaba eziseBhayibhelini nokuba ufunde ngezimfanelo zikaJehova ezinhle ngokuhlola izinto azidalile.b (Neh. 8:8; IzE. 14:17) Ake sixoxe ngokuthi singaqhubeka kanjani sifunda ngoJehova.
12-13. Yini esingayifunda ngoJehova ngokufunda iBhayibheli? Nikeza isibonelo. (Jeremiya 39:15-18) (Bheka nesithombe esisekhasini 1.)
12 Okokuqala, singafunda okwengeziwe ngoJehova ngokufunda nangokutadisha iZwi lakhe. Ngezinye izikhathi, iBhayibheli lizisho ngokuqondile izimfanelo zikaNkulunkulu. (Eks. 34:6, 7) Kodwa izikhathi eziningi likhuluma ngezenzakalo ezithinta abantu nangezinqumo abazenza. Lapho ufunda izindaba ezinjengalezo, cabanga ngokuthi zingakufundisani ngoJehova.
13 Cabanga ngalesi sibonelo. Njengoba ufunda incwadi kaJeremiya 38:6-13, ufunda ngo-Ebhedi-meleki umTopiya owasindisa umprofethi uJeremiya. Akungabazeki ukuthi njengoba ufunda le ndaba, usheshe uzibone izindlela ongalingisa ngazo ukuzidela kuka-Ebhedi-meleki, isibindi sakhe nothando ayenalo ngakholwa nabo. Uyazibona yini nezimfanelo zikaJehova ezivezwe kule ndaba? (Funda uJeremiya 39:15-18.) Ngokwesibonelo, yiliphi ivesi elibonisa ukuthi uJehova unguNkulunkulu obongayo? Yiliphi elibonisa ukuthi unobulungisa? Yiliphi elibonisa ukuthi akakhethi? Yini enye oyifundayo ngobuntu bukaJehova kule ndaba? Noma nini lapho ufunda iZwi likaNkulunkulu, zama ukubona ukuthi yiziphi izimfanelo zikaJehova ezivezwayo kuleyo ngxenye oyifundayo bese uyambonga futhi umdumise ngalezo zimfanelo.
Ngesibindi, u-Ebhedi-meleki usindisa uJeremiya owayephonswe emthonjeni (Bheka izigaba 12-13)
14. Yini esingayenza ukuze sizuze ngokugcwele kulokho esikubona endalweni?
14 Okwesibili, singafunda okwengeziwe ngoJehova ngokuzindla ngezinto azidalile. (IHu. 145:9, 10) Yiqiniso ukuthi akwanele ukumane sibuke izinto azidalile. Abanye bachitha ukuphila kwabo konke betadisha indalo, kodwa bayahluleka ukubona izimfanelo zikaNkulunkulu noma ngisho ukubona ukuthi ukhona! Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi ‘izimfanelo zikaNkulunkulu ezingabonakali . . . zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.’ (Roma 1:20) Enye inguqulo yeBhayibheli yaleli vesi ithi singakwazi ukuqonda izimfanelo zikaNkulunkulu ngoba “ziyabonakala kumuntu okwazi ukucabanga kahle.” Ngakho kumele sicabangisise ngalokho esikubonayo ukuze siqonde izimfanelo zoMdali wethu.
15. Yini uPatrick ayenzile ukuze amazi kangcono uJehova, futhi wena ungamlingisa kanjani? (Bheka nesithombe.)
15 Iningi lethu lihlala ezindaweni ezisemadolobheni okubonakala sengathi asikwazi ukubona indalo kuzo. Uma uhlala endaweni enjalo, kukhona yini osengakufunda endalweni? Cabanga ngoPatrick ohlala eBrazzaville, idolobha elikhulu lase-Republic of the Congo. Uthi: “Usuku ngalunye ngizama ukubheka into ethile uJehova ayidalile. Ngivame ukubona izinambuzane ezincane noma izinyoni ezincane zimatasa zicinga ukudla noma indawo ezizohlala kuyo. Ngelinye ilanga, ngabona izinyoni zakha isidleke sazo. Zathola izinto ezikahle kakhulu zokwakha isidleke samaphuphu kuyo kanye indawo esihlala kuyo.” Kodwa uPatrick akagcinanga ngokubuka lezo zinyoni; wacabanga ngokujulile ngoMdali. Uthi: “Ngafunda ukuthi uJehova unendaba nenhlalakahle yezinto azidalile, ngisho nalezo ezibonakala zizincane kakhulu. Lokho kungiqinisekisa ukuthi nami uyangikhathalela futhi ngeke ahluleke ukunginika lokho engikudingayo.”
Mazi kangcono uJehova ngokuzindla ngalokho okubona endalweni (Bheka isigaba 15)
16. Yini eyasiza uMariya, umama kaJesu, ukuba amazi kangcono uJehova, futhi singamlingisa kanjani? (Bheka nesithombe.)
16 Indlela yesithathu esingamazi ngayo kangcono uJehova ukuzindla ngezinto asenzele zona ekuphileni kwethu. Yilokho okwenziwa uMariya, umama kaJesu. Kakade wayemazi kahle uJehova futhi ‘wayethole umusa kuye.’ (Luka 1:30) Kodwa wabe esenikwa isabelo esinzima—sokuba ngumama weNdodana kaNkulunkulu. Esebenzisa ingelosi uGabriyeli nesihlobo sikaMariya u-Elizabethe, uJehova waqinisa uMariya futhi wamqinisekisa ukuthi wayezomsiza. Kamuva wazindla ngokuthi lokho okwakwenzeke kuye kwakumambulele ziphi izinto ngoJehova—okuhlanganisa amandla akhe, isihe sakhe, ukungakhethi kwakhe nendlela abakhathalela ngayo ngokujulile labo ababukelwa phansi. (Luka 1:46-55) Njengoba nje noMariya ayekujabulela ukusizwa uNkulunkulu, nathi siyajabula lapho uJehova esisiza “ngesikhathi esifanele.” (Heb. 4:16) Lapho ekusiza, zibuze: ‘Lokhu kungifundiseni ngoJehova? Yiziphi izimfanelo zikaJehova engizibonile kulokhu okwenzekile?’
Mazi kangcono uJehova ngokuzindla ngalokho akwenzele kona (Bheka isigaba 16)c
ASISOZE SAYEKA UKUFUNDA NGOJEHOVA
17-18. Kungani singathi asisoze sayeka ukufunda ngoJehova?
17 Cabanga ngokuthi ziningi kangakanani izinto esiyozifunda ngoJehova ezweni elisha. Siyothola imiqulu emisha esitshela lokho afuna sikwenze. (IsAm. 20:12) Siyokwazi nokufunda izinto eziningi ngaye lapho sesikwazi ukufunda izinto eziningi ngendalo yakhe. (Isaya 11:6-9) Siyomqonda kangcono noBaba wethu njengoba siyobe sibona kwenzeka izinto esingakaze sizibone, ezihlanganisa ukubona abantu esibathandayo bevuswa nokubona eqeda isono emzimbeni wethu usuku nosuku.
18 Asisoze sayeka ukufunda ngoJehova. Ubelokhu ephila phakade, ngakho ‘ukuqonda kwakhe akunamkhawulo.’ (IHu. 90:2; 147:5) ‘Asisoze sawuthola umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.’ (UmSh. 3:11) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sesimkhonze isikhathi eside kangakanani uJehova, masisebenzise wonke amathuba esiwatholayo ukuze sifunde ngoBaba wethu onothando.
INGOMA 28 Ukuba Umngani KaJehova
a Bheka ingxenye esekuqaleni enguqulweni ethi IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele, enesihloko esithi “ISethulo SeZwi LikaNkulunkulu,” umbuzo 20.
b Bheka isifundo 07 amaphuzu 5-7 encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade!
c INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane ohlushwa yisifo sokukhathazeka uzindla ngendlela uJehova amsize ngayo wakwazi ukufeza isabelo sakhe emhlanganweni waphakathi neviki.