SEPTHEMBA 14-20, 2026
INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami
Thola Induduzo Encwadini Ka-Isaya
“Yilokhu uJehova akushoyo: . . . ‘Njengoba umama eduduza indodana yakhe, ngendlela efanayo ngiyoqhubeka nginiduduza.’”—ISAYA 66:12, 13.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi ukuzindla ngencwadi ka-Isaya kungasiduduza kanjani lapho sizizwa sidabukile noma siphelelwe amandla.
1-2. Yini uJehova ayenzayo lapho sibhekene nezimo ezisenza sidabuke?
BONA ngeso lengqondo ingane ephatheke kabi ekhala kalusizi. Mhlawumbe umndeni wakubo uthuthela endaweni entsha futhi lokho kusho ukuthi sekumele ihlukane nabangani bayo. Noma mhlawumbe iphatheke kabi ngenxa yephutha elenzile. Ngezikhathi ezinjalo, yini engenziwa umama onothando? Angasondela enganeni yakhe ayihage, ayilalele njengoba imtshela izinto eziyikhathazayo futhi ayiqinisekise ukuthi uyayithanda.
2 EBhayibhelini, uJehova uzifanisa nomama okhathalelayo nonothando oduduza ingane yakhe. Uthi: “Njengoba umama eduduza indodana yakhe, ngendlela efanayo ngiyoqhubeka nginiduduza.” (Isaya 66:13) Akekho umzali oyoke asithande ukwedlula uJehova. (Isaya 49:15) Esebenzisa iZwi lakhe iBhayibheli, uJehova uyasiduduza asinike namandla esiwadingayo lapho sidabukile noma sicindezelekile.—Roma 15:4.
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Incwadi ka-Isaya inamazwi amaningi aduduzayo avela kuJehova. (Isaya 40:1) UBaba wethu onothando waphefumulela u-Isaya ukuba abhale le ncwadi ukuze aduduze abantu bakhe ngesikhathi bebhekene nezikhathi ezinzima emlandweni wakwaJuda. Nathi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ ngakho siyayidinga induduzo. (2 Thim. 3:1) Ake sixoxe ngamanye amavesi asencwadini ka-Isaya angasiduduza futhi asiqinise lapho (1) izimo zethu zishintsha singalindele, (2) sinomuzwa wecala ngokweqile, noma (3) silusizi ngenxa yokushonelwa umuntu esimthandayo.
LAPHO IZIMO ZISHINTSHA SINGALINDELE
4. Kungasithinta kanjani ukushintsha kwezimo singalindele?
4 Ukuphila kwethu kungashintsha singalindele. (UmSh. 9:11; 1 Kor. 7:31) Singalindele singazithola sesinenkinga yempilo, sidonsa kanzima ngokwezimali, kunezinxushunxushu zepolitiki la esihlala khona, noma sithole isabelo esisha. Ushintsho olunjalo lungasenza sikhathazeke noma sidideke. Kungokwemvelo ukuzibuza ukuthi: ‘Ngizokwenzenjani-ke manje?’ Umzalwane okuthiwa uJoseph, owacelwa ukuba akhonze njengephayona ngemva kokukhonza eBethel iminyaka engaba ngu-17, uthi: “Ngangididekile. Kwakuyinselele enkulu kimi ukuqala ukuphila okusha ngemva kokukhonza eBethel isikhathi eside kangaka. Ngangingazi ukuthi ngiqale kuphi.” Yini uJehova asiqinisekisa ngayo encwadini ka-Isaya uma kwenzeka izimo zethu zishintsha singalindele?
5. Njengoba kuboniswe ku-Isaya 42:16, yini uJehova asiqinisekisa ngayo? (Bheka nesithombe.)
5 Funda u-Isaya 42:16. UJehova uthembisa ukuhola labo abayizimpumputhe ngomqondo ongokomfanekiso abahamba ezindleleni ezingajwayelekile nokushintsha ubumnyama bube ukukhanya. Amagama athi “izimpumputhe,” ‘izindlela ezingajwayelekile,’ “ubumnyama,” nelithi ‘indawo emagebhugebhu’ angayichaza kahle indlela esibheka ngayo ikusasa lethu lapho izimo zethu zishintsha singalindele. Singase sizwe sengathi sihamba ehlathini eliminyene, singaqiniseki ukuthi indlela injani phambili. Kodwa uJehova usiqinisekisa ngokuthi noma ngabe sibhekene nasiphi isimo, uyosinika isiqondiso esisidingayo futhi akasoze asilahla. Uyosibamba ngesandla, asihole njengoba sihamba ebumnyameni, akhanyise indlela yethu, aqondise nendlela emagebhugebhu. UJehova ukwenza kanjani lokho? Ngokusinika iseluleko esihlakaniphile esebenzisa iZwi lakhe nenhlangano yakhe. (IHu. 119:105; Isaya 30:21) Usebenzisa nesikholwa nabo nabanye ukuze basisize ngezindlela ezingokoqobo. Ngisho nalapho indlela esizohamba kuyo ingabonakali kahle futhi kubonakala kunzima ukuhamba kuyo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosihola ngothando nangokuqonda.—Isaya 41:10; 1 Pet. 5:6, 7.
Ngisho noma izimo zakho zishintsha ungalindele, uJehova akasoze akushiya (Bheka isigaba 5)b
6. Uma izimo zethu zishintsha singalindele, yini esingaqiniseka ngayo?
6 UJoseph, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wachaza indlela yena nomkakhe abezwa ngayo indlela uJehova abasekela ngayo ngothando ngemva kokuhamba eBethel. Uthi: “Sasibona isandla sikaJehova esinothando phakathi naleso sikhathi. Wasisiza esebenzisa abafowethu nodadewethu abanothando. Wasinakekela nangokomzwelo, wasinika nezinto esizidingayo ngesikhathi esifanele futhi uyaqhubeka enza kanjalo.” Uma izimo zakho zishintsha ungalindele, nawe ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokunika amandla nesiqondiso osidingayo, kungakhathaliseki ukuthi isimo esisha obhekene naso sibonakala sithusa kangakanani. (Isaya 54:10; 58:11) UJoseph uyenezela: “Enye yezingoma zethu eziqanjiwe ikubeka kamnandi lokho ngamazwi athi, ‘Angikhathazeki ngokuzayo, ngob’ uJah unami, ng’ngesabani.’a Ngempela, nakuba izinto zingase zingahambi ngendlela ebesihlele ngayo, nakhu esiqiniseka ngakho: UJehova uyohlale enathi ngaso sonke isikhathi.”
LAPHO SINOMUZWA WECALA NGOKWEQILE
7. Yibuphi ubunzima abanye abangase babhekane nabo ngenxa yamaphutha abawenza esikhathini esidlule?
7 Lapho sitshela abadala ngesono esikhulu esisenzile, abadala bayasisiza ngothando, ngemva kwalokho sisebenza kanzima ukuze singasiphindi leso sono. (IzAga 28:13; Jak. 5:14-16; 1 Joh. 1:9) Kodwa ngisho nangemva kokuba siboniswe isihe, singase siqhubeke sihlushwa umuzwa wecala. Singase sithi, ‘UJehova angangithethelela kanjani nje ngempela ngalokho engikwenzile?’ (2 Kor. 2:7) Kuyaqondakala ukuzizwa ngaleyo ndlela ngoba kungase kusisinde kakhulu ukucabanga ngamaphutha esawenza esikhathini esidlule futhi singase siqhubeke silokhu siwakhumbula. INkosi uDavide yabhala: “Akukho kuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.” “Sengindikindiki futhi ngidangele kakhulu.” (IHu. 38:3, 8) Uma ngezinye izikhathi uzizwa ngaleyo ndlela ngenxa yamaphutha owawenza esikhathini esidlule, incwadi ka-Isaya ingakududuza.
8-9. Ngokuka-Isaya 1:18, ichazwe kanjani indlela uJehova asithethelela ngayo?
8 Funda u-Isaya 1:18. UJehova usebenzisa umfanekiso ocacile ukuze achaze indlela azithethelela ngayo ngokuphelele izono zethu. Uthi nakuba izono zethu “zibomvu klebhu,” uyozenza “zibe mhlophe njengeqhwa.” Umbala obomvu klebhu umbala obomvu ngokugqamile ongaphuphi kalula. Kodwa uJehova usiqinisekisa ngokuthi lapho ethethelela izono zethu, ngeke sibe namabala alezo zono ukuphila kwethu konke.
9 Cabanga ngesibonelo seNkosi uDavide. Nakuba yenza isono sokuphinga nokubulala, uJehova wayithethelela futhi kamuva lapho ekhuluma ngayo wathi yayiyindoda eqotho. (2 Sam. 11:3, 4, 14, 15; 12:13; 1 AmaKh. 9:4, 5) Lapho uJehova ecabanga ngoDavide, wayecabanga ngokwethembeka kwakhe, hhayi amaphutha akhe. Ngendlela efanayo, uJehova usithethelela ngothando lapho siphenduka, asisize siqhubeke simkhonza ngonembeza ohlanzekile. Yini enye esiqinisekisa ngayo incwadi ka-Isaya lapho sinomuzwa wecala ngokweqile?
10. Yimaphi amazwi aduduzayo esiwathola ku-Isaya 38:17?
10 Funda u-Isaya 38:17 nombhalo waphansi. Amazwi athi “zonke izono zami uziphonse ngemva kwakho” angahunyushwa nangokuthi “uzisusile phambi kwakho.” Lapha uJehova uchazwa njengomuntu othatha izono zomuntu ophendukile aziphonse ngemva kwaKhe, lapho engeke esazibona khona noma acabange ngazo. Ngokwalokho okushiwo enye incwadi echaza iBhayibheli, leli vesi lingabekwa ngale ndlela: “Wenze [izono zami] kwaba njengokungathi azikaze zibe khona.” Ngakho lapho uJehova esithethelela izono zethu, kuye, kuba njengokungathi asikaze sone. Uma uJehova esesithethelele, akasoze aphinde asisole noma asijezisele izono esazenza esikhathini esidlule. Uzisula ngokuphelele lezo zono. Uyasithembisa: “Izono zenu ngeke ngizikhumbule.” (Isaya 43:25) Kududuza ngempela lokho! Uma uJehova, umaHluleli Omkhulu, esezidlulisile izono esazenza esikhathini esidlule, singobani-ke thina ukuba siqhubeke sizisola ngazo?
Kwangathi singelokothe sivumele amaphutha esawenza esikhathini esidlule asenze singajabuli manje
11. Kungakhathaliseki ukuthi yini esayenza esikhathini esidlule, yini uJehova agxila kuyo? (Bheka nesithombe.)
11 Noma nini lapho siphinde sizizwa sinomuzwa wecala ngokweqile, kudingeka sikhumbule lokho uJehova asitshela kona okubonisa ukuthi uyasithanda. Lapho esithethelela, usithethelela ngempela futhi usithethelela ngokuphelele. Akanawo amahloni ngathi ngenxa yamaphutha esawenza esikhathini esidlule futhi akafani nabantu abanesono ababamba igqubu. (Isaya 57:16) Okubaluleke kakhulu kuJehova, umuntu esinguye manje nesilwela ukuba nguye, hhayi umuntu ebesinguye esikhathini esidlule. (Isaya 55:7) Sikhonza uNkulunkulu onothando nothethelelayo ngempela! Ngakho, kwangathi singelokothe sivumele amaphutha esawenza esikhathini esidlule asenze singajabuli manje noma asivimbele ukuba sithole izibusiso zesikhathi esizayo.
UJehova ugxila kumuntu esinguye manje, hhayi emaphutheni esawenza esikhathini esidlule (Bheka isigaba 11)c
LAPHO SILUSIZI NGENXA YOKUSHONELWA UMUNTU ESIMTHANDAYO
12. Singase sizizwe kanjani lapho kushona umuntu esimthandayo?
12 Lapho kushona umuntu esimthandayo, ubuhlungu esibuzwayo bungasiqeda amandla futhi singaqhubeka sizizwa ngaleyo ndlela isikhathi eside. Ngezinye izikhathi, singase sizibuze ukuthi kungani uJehova evumele ukuba umuntu esimthandayo ashone. Umzalwane okuthiwa uMichael washonelwa abazali bakhe beshiswa umlilo. Uthi: “Inhliziyo yami yayibuhlungu ngendlela engachazeki futhi ngangimthukuthelele uJehova ngokuthi uvumele abazali bami ukuba bashone. Ngiyazi ukuthi akuyena owabangela ukuba bashone, kodwa futhi akakunqandanga lokho.” Mhlawumbe nawe wake wazizwa ngaleyo ndlela. Ngezikhathi ezinjalo zosizi, iyiphi induduzo nethemba uJehova asinika kona?
13. Yini uJehova asithembisa yona ku-Isaya 25:8?
13 Funda u-Isaya 25:8. UJehova uthembisa ukuthi “uyogwinya ukufa kuze kube phakade.” Cabanga ngesikhathi lapho ukufa kuyobe kungasekho khona! Ngeke kuphinde kudingeke uzwe ubuhlungu bokushonelwa umuntu omthandayo. (Isaya 35:10) Ngeke kuphinde kudingeke uzwe ubuhlungu bokubuka ithuna lomuntu omthandayo. Kunalokho, unethemba lokuhlale unabantu obathandayo asebashona, sebephila beyimiqemane. Lesi sithembiso asisekelwe emaphusheni, kodwa sivela kumuntu okunguye kuphela onamandla okusigcwalisa—uNkulunkulu ngokwakhe.—IsAm. 21:4, 5.
14. Uzizwa kanjani lapho ucabanga ngethemba lovuko? (Isaya 26:19) (Bheka nesithombe.)
14 Funda u-Isaya 26:19. UJehova ngeke agcine ngokuqeda ukufa, kodwa uyovusa nabantu esibathandayo asebashona. Lapho ekhuluma ngabo, uthi: “Izidumbu zabantu bami ziyovuka.” Lokhu kubonisa ukuthi uJehova uyavuma ukuthi bangabantu bakhe. Ubagcine enkumbulweni yakhe. Ngesikhathi sakhe esifanele, uyobavusa. Njengoba nje amazolo asekuseni evusa izitshalo ezomile azenze ziphinde zibe nempilo, uJehova uMthombo wakho konke ukuphila, uyovusa abantu esibathandayo asebashona. Kuyoba yinjabulo ngempela ukubamukela sebevusiwe!—Qhathanisa noMarku 5:42.
Ithemba esinalo lokubona abantu esibathandayo asebashona sebevusiwe liqinisekisiwe (Bheka isigaba 14)
15. Isithembiso sovuko sisisiza kanjani ukuba sikhuthazelele usizi lokushonelwa umuntu esimthandayo?
15 Nakuba isithembiso sikaNkulunkulu sovuko singabuqedi ubuhlungu esibuzwayo lapho sishonelwa abantu esibathandayo, kungasiduduza ukwazi ukuthi uJehova akabakhohliwe abantu esibathandayo asebashona. Leli themba lovuko laduduza uMichael, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Uthi: “U-Isaya 26:19 ungisize ukuba ngiqonde ukuthi abazali bami bayigugu kakhulu kuJehova. Ubelokhu ebagcine enkumbulweni yakhe futhi uzoqhubeka enza kanjalo kuze kube yilapho ebavusa ngesikhathi sakhe esifanele. Lokho kuyangiduduza kunginike namandla.” Kwangathi nathi singagxila esithembisweni sokuphinde sibabone abantu esibathandayo asebashona. Ukwenza kanjalo kuyokwenza kube lula ukukhuthazelela ubuhlungu.
16. Yimuphi umBhalo okududuzayo lapho ubhekene nesimo esinzima?
16 Sixoxe ngamavesi ambalwa asencwadini ka-Isaya angasiduduza lapho izimo zethu zishintsha singalindele, lapho sinomuzwa wecala ngokweqile, nalapho sishonelwe umuntu esimthandayo. Sibonga kakhulu ngokuthi uJehova uyasiduduza esebenzisa iZwi lakhe! (IHu. 94:19) Ukhona yini umBhalo okududuzayo lapho ubhekene nesimo esicindezelayo? Wubambe ngekhanda uma kungenzeka, wubhale phansi, noma uwubeke la uzowubona khona kalula. Kwangathi angakududuza amazwi aduduzayo avela kuBaba wethu osezulwini onothando, uJehova.
INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe
a Amazwi ale ngoma athathwe engomeni eqanjiwe enesihloko esithi “Ngiyazi UJehova Unami.”
b INCAZELO YEZITHOMBE: Indoda nomkayo abangasakhonzi eBethel bamukelwa yibandla labo elisha.
c INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane uyeka ukucabanga ngendlela ayephila ngayo esikhathini esidlule, ajabulele ukuba seSikoleni Senkonzo Samaphayona.