Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Juni kk. 20-25
  • Yinake Indlela Olalela Ngayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yinake Indlela Olalela Ngayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KHUMBULA UKUTHI NGUJEHOVA OSUKE EKHULUMA NATHI
  • KUNGANI KUFANELE SILALELISISE EMIHLANGANWENI?
  • INDLELA ESINGASIZA NGAYO ABANYE BALALELE EMIHLANGANWENI
  • ONGAKWENZA UKUZE UBE YISILALELI ESIHLE
  • QHUBEKA ULALELA UJEHOVA
  • ‘Abanesimo Esihle Sengqondo’ Bazozamukela Izindaba Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Thuthukisa ‘Ikhono Lakho Lokufundisa’ Enkonzweni Yasensimini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Thola Izimpendulo Zale Mibuzo
    Isimiso SoMhlangano Wesigodi Onombonisi Wesigodi Ka-2025-2026
  • Izinqumo Ezibonisa Ukuthi Sithembela KuJehova
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Juni kk. 20-25

AGASTI 31–SEPTHEMBA 6, 2026

INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe

Yinake Indlela Olalela Ngayo

“Nakani indlela enilalela ngayo.”—LUKA 8:18.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngokuthi kungani kudingeka siqhubeke siyinakisisa indlela esilalela ngayo lapho sisemihlanganweni yebandla nalapho silalele ezinye izinto ezisifundisa ngoJehova, nangokuthi singakwenza kanjani lokho.

1-2. (a) UJehova uzinakekela kanjani ngokomoya izidingo zabantu bakhe namuhla? (IHubo 23:​1, 2, 5) (b) Yini esizoxoxa ngayo ngokuphathelene nemihlangano yobuKristu?

NAMUHLA, uJehova usinika ukudla okungokomoya okuningi. Ngokuqinisekile singavumelana noDavide owathi: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngiswele lutho.”—Funda iHubo 23:​1, 2, 5.

2 Enye indlela uJehova ayisebenzisayo namuhla ukuze asinike ukudla okungokomoya, yimihlangano yebandla. Kule mihlangano, sivame ukufunda izinto esesizazi kakade. Ngisho noma “simi siqinile eqinisweni,” siyazidinga lezi zikhumbuzo. (2 Pet. 1:12) Kodwa uma emihlanganweni kufundwa into esifundwe kaningi, ingabe ukuthola kunzima ukulalela? Lesi sihloko singakusiza. Sizoxoxa ngokuthi kungani kudingeka silalelisise emihlanganweni. Sizobona nokuthi labo abafundisayo ebandleni bangabasiza kanjani abanye ukuba balalele. Sizoxoxa nangamanye amacebiso angasisiza sibe yizilaleli ezingcono. Kodwa, ake siqale sixoxe ngokuthi ubani osuke ekhuluma nathi.

KHUMBULA UKUTHI NGUJEHOVA OSUKE EKHULUMA NATHI

3. UJehova ukhuluma kanjani nathi, futhi izinceku zakhe zilisebenzisa kanjani iZwi lakhe lapho zifundisa?

3 UJehova ukhuluma nathi esebenzisa iZwi lakhe iBhayibheli. (2 Thim. 3:​16, 17) UJesu wayekuqonda lokho. Wasebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngobuhlakani kangangokuba labo ababemlalele babuza bathi: “Kwenzeka kanjani ukuba lo muntu abe nolwazi lwemiBhalo, ebe engafundile?” (Joh. 7:15) Abantu abanezinhliziyo eziqotho babejabula kakhulu lapho bezwa uJesu echaza iZwi likaNkulunkulu. AmaKristu angekhulu lokuqala anjengomphostoli uPawulu no-Apholo, nawo ayeyicaphuna kaningi imiBhalo lapho ebonisana nabanye. (IzE. 17:​2, 3; 18:​24, 28) Thina njengoFakazi BakaJehova siyazi ukuthi izihloko zethu, izinhlelo ezisakazwayo, izinhlaka zezinkulumo namavidiyo kusekelwe eBhayibhelini. Abantu abaningi abasivakashelayo emihlanganweni yethu, iyabamangaza indlela abantu bakaJehova abalisebenzisa ngayo iBhayibheli emihlanganweni yethu. Labo abanezingxenye kule mihlangano, bagxila eZwini likaNkulunkulu lapho befundisa—bengagcini nje ngokulifunda, kodwa baphinde babonise nezilaleli ukuthi zingakusebenzisa kanjani lokho elikushoyo.—Luka 24:32.

4. Igama elithi “yizwa” nelithi “lalela” adlulisela muphi umqondo?

4 Igama elithi “yizwa” nelithi “lalela,” ngokuvamile lapho esetshenziswa eBhayibhelini adlulisela umqondo wokulalela umuntu othile. Ngakho lapho uJehova ekhuluma nathi esebenzisa iZwi lakhe emihlanganweni yethu futhi siqonda ukuthi iyini intando yakhe, kuba lula ukumlalela. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyajabula lapho simlalela futhi senza lokho asitshela kona.—IzAga 27:11.

KUNGANI KUFANELE SILALELISISE EMIHLANGANWENI?

5. Uthando esinalo ngoJehova lusishukumisela ukuba senzeni? (Johane 4:​23, 24; 1 Johane 5:3)

5 Siyalalela emihlanganweni ngoba siyamthanda uJehova. (Math. 22:37) Lapho sifunda okwengeziwe ngoJehova, uthando esinalo ngaye luyakhula. Lolo thando lwenza sibe nesifiso sokumuzwa, sokumlalela, nesokumkhonza ngendlela afuna simkhonze ngayo echazwe eZwini lakhe.—Funda uJohane 4:​23, 24; neyoku-1 Johane 5:3.

6. Emihlanganweni yethu, yini esiyifundayo ngokusiza abanye?

6 Siyalalela emihlanganweni ngoba siyabathanda abantu. (Math. 22:39) Emihlanganweni yethu, uJehova usifundisa ukuthi singabasiza kanjani esikholwa nabo nalabo abangakamazi. Ngokwesibonelo incwajana ethi Thanda Abantu—Wenze Abafundi isisizile ukuba sibe nezimfanelo ezizosisiza lapho sisenkonzweni yasensimini. Ingabe ukuthola kunzima ukuqala ingxoxo nabantu ngendlela enobungani? Uma kunjalo, yinakisise indlela abafowenu nodadewenu abalibonisa ngayo lelo khono emihlanganweni yaphakathi neviki ezingxenyeni zabafundi.

7. Kungani kubaluleke kakhulu ukuqhubeka silalela uJehova?

7 Siyalalela emihlanganweni ngoba siyakuthanda ukuphila. Ukulalela iZwi likaNkulunkulu kusho ukuphila kithi, njengoba kwakunjalo nangabakhulekeli beqiniso bangesikhathi esidlule. (Dut. 32:​44-47) Ngokulalela emihlanganweni yethu sithola isikhuthazo esisidingayo ukuze siqhubeke sikhuthazela njengoba sisalinde ukufika kwezwe elisha. (Roma 8:25) Ukulalela uJehova manje kubaluleke kakhulu ngoba siphila ezinsukwini zokugcina futhi kumele sihlale siphapheme ngokomoya.—Math. 24:​42-44; IsAm. 1:3.

INDLELA ESINGASIZA NGAYO ABANYE BALALELE EMIHLANGANWENI

8. Kungani abazalwane abafundisa epulatifomu kufanele baqhubeke bethuthukisa ikhono labo lokukhuluma?

8 Abazalwane abafundisa epulatifomu, ikakhulukazi labo ababeka izinkulumo zomphakathi, kufanele baqhubeke bethuthukisa ikhono labo lokukhuluma. Inkulumo esekelwe eBhayibhelini, elungiselelwe kahle, inamathuba amaningi okudonsela abantu eqinisweni nawokusiza okholwa nabo bahlale beseqinisweni. Ngakho labo abanezingxenye emihlanganweni, akufanele bawathathe kancane amathuba abanawo okusiza abanye ngezingxenye zabo. Uma unalelo lungelo, cabanga ngendlela ongawasebenzisa ngayo amaphuzu alandelayo ezinkulumweni zakho. Nakuba la maphuzu ebhekiswe ngokukhethekile kulabo ababeka izinkulumo zomphakathi, angasiza noma ubani onesabelo emihlanganweni.—2 Thim. 4:2; Thithu 1:9.

9. Kungani kubalulekile ukuba wenze inkulumo yakho ngendlela ezokwenza kube lula ngezilaleli ukuhambisana nayo?

9 Lapho ulungiselela, wabeke ngendlela ecacile amaphuzu akho. Njengesikhulumi, ufuna ukubeka inkulumo ezizoyiqonda kalula izilaleli zakho, zikwazi ukuhambisana nayo. Izilaleli zingase ziphazamiseke uma inkulumo yakho inamaphuzu amaningi kakhulu. Yini ongayenza ukuze ubeke inkulumo elungiselelwe kahle? Nakhu okunye ongakwenza: (1) Zama ukwenza kucace zisuka nje ukuthi yimaphi amaphuzu ayinhloko. (2) Xoxa ngephuzu elilodwa ngesikhathi, uthi ukuma kancane ngaphambi kokudlulela ephuzwini eliyinhloko elilandelayo futhi ulethule ngokucacile iphuzu elilandelayo. (3) Buyekeza amaphuzu ayinhloko lapho sewuphetha inkulumo yakho.

10. Kungani kubalulekile ukuyithanda indaba ozoxoxa ngayo?

10 Yithande indaba ozoxoxa ngayo. Uyokhuluma ngentshiseko uma uxoxa ngamaphuzu owathandayo. (IzAga 2:​4, 5; IzE. 4:20) Ukuzindla ngemiBhalo nangendaba owabelwe ukuba uxoxe ngayo kuyokusiza uthole lawo maphuzu. Umzalwane wase-United States owevile eminyakeni engu-70, usayikhumbula inkulumo ayizwa ngesikhathi esemusha. Wathi: “Ngisayikhumbula indlela isikhulumi esasikhuthaza ngayo ukuba sizinike isikhathi sokuzindla ngemiBhalo lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu. Sasikhuluma ngokuqiniseka futhi sasichazela ngokucacile ukuthi singakwenza kanjani lokho. Leyo nkulumo yashintsha ukuphila kwami, yayithinta indlela engifunda ngayo iBhayibheli nobuhlobo bami noJehova.”

11. Kungani kuwusizo ukunika izilaleli zakho amacebiso azozisiza naqondene nazo lapho wenza izinkulumo? (1 Thimothewu 4:​13-16)

11 Cabanga ngalokho okudingwa yizilaleli zakho, uzinike namacebiso azozisiza. Kunokumane wethule amaphuzu, sebenzisa iBhayibheli ukuze ukhuthaze izilaleli zakho futhi uzisize zibone ukuthi zingakusebenzisa kanjani lokho okushiwo yiBhayibheli ekuphileni kwazo. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wanika uThimothewu amacebiso amaningana ayezomsiza ukuze amsize ahlale eqinile ngokomoya njengoba ayenza isabelo sakhe e-Efesu. (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:​13-16.) Cabanga ngalokho okudingwa yizilaleli zakho bese uyazisiza zibone izindlela ezingakusebenzisa ngazo lokho ezikufundayo ekuphileni kwazo.

12. Kungani kungcono ukukhuluma ngendlela engokwemvelo lapho ubeka inkulumo?

12 Prakthiza inkulumo yakho ngokuzwakalayo ukuze ukwazi ukuyibeka ngendlela esangxoxo. Kuyoba lula ngezilaleli zakho ukukulalela nokuqonda lokho okushoyo lapho ukhuluma ngendlela engokwemvelo kunokuba ubhale phansi inkulumo yakho igama negama bese ukufunda njengoba kunjalo lokho okubhalile. Incwajana ethi Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni ithi: “Khuluma ngendlela engokwemvelo eveza ukuthi uzizwa kanjani ngezilaleli zakho nangendaba oxoxa ngayo.” Uma ukhuluma ngokusuka enhliziyweni, inkulumo yakho iyophila ithakazelise futhi izikhuthaze izilaleli zakho.

13. Kungani labo abanezinkulumo ebandleni kufanele bacele usizo ezikhulumini ezinesipiliyoni? (Bheka nesithombe.)

13 Cela usizo esikhulumini esinesipiliyoni. Ungakwenza kanjani lokho? Ungase usibonise inkulumo yakho ngaphambi kokuba uyibeke bese usebenzisa amacebiso esikunike wona lapho usuyibeka. Ngaphezu kwalokho, ungacela sikulalele njengoba wenza inkulumo yakho bese sikutshela lapho ungathuthukisa khona. (IzAga 1:5) Sonke singase singakwazi ukubona la “okudingeka sithuthukise” khona ngezinye izikhathi futhi singase sihluleke ukubona ukuthi amaphuzu ethu siwabeka ngendlela ecacile newusizo yini. Sifuna ukuba yizikhulumi ezingcono nothisha abangcono ukuze sikwazi ukusiza izilaleli zethu zizuze lapho zifunda amagugu aseZwini likaNkulunkulu.a

Umzalwane uprakthiza inkulumo yakhe eHholo LoMbuso phambi komzalwane onesipiliyoni okubhala phansi lokho akwenzayo.

Cela isikhulumi esinesipiliyoni sikusize uthuthukise indlela ofundisa ngayo (Bheka isigaba 13)


ONGAKWENZA UKUZE UBE YISILALELI ESIHLE

14. Kungani kufanele silwele ukuba nesimo sengqondo umbhali weHubo 119 ayenaso? (IHubo 119:​24, 111, 167)

14 Siyoba yizilaleli ezinhle uma sikhumbula ukuthi izikhumbuzo zikaJehova zibaluleke kakhulu. Siyazidinga izikhumbuzo zikaNkulunkulu ukuze sikwazi ukubhekana nezinkinga esinazo kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thim. 3:1) Uma ngezinye izikhathi siba nomuzwa wokuthi silokhu sifundiswa into efanayo esesiyizwe izikhathi eziningi, kuyosisiza ukuzindla ngesimo sengqondo umbhali weHubo 119 ayenaso ngezikhumbuzo zikaNkulunkulu.—Funda iHubo 119:​24, 111, 167.

15. Yini engasisiza sihlale sibonga ngokudla okungokomoya esikuthola emihlanganweni yethu?

15 Kudingeka sihlale sinombono omuhle ngokudla okungokomoya esikutholayo, njengoba nje nama-Israyeli kwakufanele ahlale enombono omuhle ngelungiselelo likaJehova lemana ngesikhathi esehlane. (Eks. 16:​15, 31) Akungabazeki ukuthi ekuqaleni ama-Israyeli ayelijabulela imana. Lalivela kuJehova, lalimnandi futhi laliwagcina ephila. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, amanye awo akhathala ukudla imana nsuku zonke. (Num. 21:5) Yini esiyifundayo? Akumele nanini sibheke ukudla okungokomoya esikutholayo njengento nje evamile noma ephindaphindwa ngokungenasidingo. Kunalokho, kudingeka siqaphele ukuthi nguJehova uMthombo wako. Kumele sikhumbule ukuthi inhlangano kaJehova ikulungiselele ngokucophelela. Kufanele sicabange nangeqiniso lokuthi ukuhlakanipha esikuthola kukho kungasindisa ukuphila kwethu.—IzAga 3:​13, 16-18; Joh. 17:3.

16. Yini esize ezinye izinceku zikaJehova esezimkhonze isikhathi eside ukuba ziqhubeke zilalelisisa lapho zisemihlanganweni? (Bheka nebhokisi elithi “Amacebiso Okulalelisisa.“)

16 Singaba yizilaleli ezinhle ngokusebenzisa la macebiso awusizo alandelayo. Phawula ukuthi yini esize ezinye izinceku zikaJehova esezimkhonze isikhathi eside ukuba zilalelisise emihlanganweni. U-Ashley, osekhonze uJehova iminyaka engaphezu kwengu-30 uthi: “Ukulungiselela yikho okungisiza ngilalelisise. Uma ngingalungiselele, ngikuthola kunzima ukuphendula futhi ingqondo yami iyazulazula lapho ngisemihlanganweni yebandla.” UJózsef osekhonze uJehova iminyaka engu-52, uthi: “Ngiyakujabulela ukulalela isihloko esifanayo ngoba ukuzwa abanye bechaza amaphuzu ngezindlela ezingafani, kungenza ngikuqonde nakhulu lokho okusuke kukhulunywa ngakho.” Uyenezela: “Uma umzalwane engesona isikhulumi esihle, ngigxila kulokho akufundisayo okuvela eZwini likaNkulunkulu kunokugxila endleleni afundisa ngayo.”

Amacebiso Okulalelisisa

Lapho zibuzwa ukuthi “Yini ekusiza ukuba ulalelisise emihlanganweni?,” izinceku zikaJehova esezimkhonze isikhathi eside zasho la macebiso alandelayo:

  • USuefawn, owabhapathizwa ngo-1986, uthi, “Hlala phambili eHholo LoMbuso ukuze ugxile kulokho okushiwo yisikhulumi nakuvidiyo.”

  • UDavid, owabhapathizwa ngo-1983, uthi, “Ngithandaza izikhathi eziningi kuJehova ngimcela ukuba angisize ngilalelisise futhi ngizikhumbuza ukuthi ukuba khona emihlanganweni yebandla, ukulalelisisa nokuba nengxenye, konke kuyindlela engikhonza ngayo uJehova.”

  • UNicolas, owabhapathizwa ngo-1982, uthi, “Zibekele umgomo wokubonga umuntu ngamunye obe nengxenye emhlanganweni webandla, umtshele izinto ozithandile, kungaba yisibonelo asenzile, icebiso akunike lona, noma umfanekiso owujabulele enkulumweni yakhe.”

  • U-Augustin, owabhapathizwa ngo-1988, uthi, “Ngihlale ngizikhumbuza ukuthi uma inceku ethembekile ihlela ukuphinde ixoxe ngesihloko esithile, lokho ukudla okungokomoya okufike ngesikhathi.”

17. Yini ongayenza ukuze ulalelisise emihlanganweni? (Bheka nesithombe.)

17 Ukusebenzisa icebiso elilodwa noma engeziwe kwalandelayo, kungakusiza yini ulalelisise emihlanganweni? (1) Uma udla ngaphambi kokuya emihlanganweni, qikelela ukuthi udla ukudla okulula ukuze uhlale uphapheme. (2) Sheshe ufike futhi uthole indawo yokuhlala ngaphambi kokuba umhlangano uqale. (3) Cupha ifoni yakho ngendlela yokuba ingaphazamisi phakathi nemihlangano. (4) Cabanga ngamaphuzu okungase kuxoxwe ngawo. (5) Zama ukubheka isikhulumi, hhayi izinto ezenzeka eceleni kwakho. (6) Bhala amaphuzu amafushane, noma udwebe izithombe zamaphuzu abalulekile. (7) Zama ukucabanga ngemiBhalo eyinhloko nangendlela ehlobana ngayo. (8) Zibuze, ‘Ngingawasebenzisa kanjani la maphuzu ukuze ngisize othile ebandleni noma ensimini?’ (9) Emihlanganweni yesigodi neyesifunda, buyekeza isihloko sosuku, izihloko okuzoxoxwa ngazo kanye nemiBhalo eyinhloko enkulumweni ngayinye. (10) Lungisa inhliziyo yakho ngokuhlala phansi, ulalelisise umculo ubukele namavidiyo adlalwa ngaphambi kokuba kuqale umhlangano.

Umzalwane uthumelela umngani wakhe imeseji njengoba kuqhubeka iSifundo “seNqabayokulinda.”

Qhubeka ulalela izikhumbuzo zikaNkulunkulu, ungavumeli ukuphazanyiswa ifoni noma ithebhulethi (Bheka isigaba 17)


QHUBEKA ULALELA UJEHOVA

18. Kungani kufanele siqhubeke silalela emihlanganweni?

18 Kufanele siqhubeke silalela emihlanganweni ngoba ngokwenza kanjalo sivumela uJehova asihole “ezindleleni zokulunga.” (IHu. 23:3; 31:3) Sidinga iseluleko esiwusizo ukuze singachezuki endleleni efanele njengesikebhe esipheshulwa umoya. Ngakho-ke, ‘naka indlela olalela ngayo’ futhi usebenzise isiqondiso osithola emihlanganweni yebandla. (Luka 8:18) Labo abalalela uJehova bazojabula manje futhi bathole ukuphila okuphakade esikhathini esizayo.—IHu. 119:​2, 14.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Kungani kufanele silalele emihlanganweni?

  • Abazalwane abafundisa emihlanganweni bangabasiza kanjani abanye ukuba balalele?

  • Ungaba kanjani yisilaleli esihle?

INGOMA 87 Wozani! Niqabuleke

a Ukuze uthole amacebiso engeziwe ngokuthi ungaba kanjani yisikhulumi nomfundisi ongcono, bheka incwajana ethi Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni nencwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela