AGASTI 24-30, 2026
INGOMA 65 Qhubekela Phambili!
Zuza Elungiselelweni Leqembu Lenkonzo Yasensimini
“Ngizomdumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami eqenjini elihlangene labaqotho.”—IHU. 111:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi sizuza kanjani elungiselelweni leqembu lenkonzo yasensimini.
1-2. Abantu abaningi bazizwa kanjani ngelungiselelo leqembu lenkonzo yasensimini?
UYALUKHUMBULA yini usuku owaba ngalo ummemezeli wezindaba ezinhle? Ngalolo suku olumnandi waba yingxenye yeqembu labakhulekeli bakaJehova abadumisa igama lakhe. (IHu. 148:1, 2, 12, 13) Kodwa, kungenzeka ngalolo suku waba nayingxenye yeqembu elincane, okungenzeka lalinabakhulekeli bakaJehova abambalwa—iqembu lenkonzo yasensimini. Amaqembu enkonzo yasensimini adlala indima ebalulekile ekusisizeni sifeze umyalo wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso “emhlabeni wonke.”—Math. 24:14.
2 Uzizwa kanjani ngelungiselelo leqembu lenkonzo yasensimini? Udade okuthiwa uWendya uthi: “Ilungiselelo leqembu lenkonzo yasensimini lingisize ngezindlela eziningi. Ngifunde izindlela ezintsha zokushumayela namakhono okufundisa kwabanye, bangisize ukuba ngizibekele imigomo engokomoya futhi ngiyifinyelele, ngathola nabangani beqiniso—konke lokhu kwenzeke ngenxa yaleli lungiselelo lothando.” Umzalwane okuthiwa uRich uyenezela: “Ukukhonza njengombonisi weqembu ngikubheka njengelungelo elimangalisayo. Njengoba abanye abamemezeli besiza umuntu athuthuke aze abhapathizwe, umbonisi weqembu yena unamathuba abanye abamemezeli abangenawo okusiza lowo muntu athuthuke ngokomoya ngisho nangemva kweminyaka eminingi ebhapathiziwe.” Udade okuthiwa uDinah uthi: “Ilungiselelo leqembu lenkonzo yasensimini limangalisa ngempela! Ngibheka abantu enginabo eqenjini njengomndeni wami.”
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Kulesi sihloko, sizoqale sixoxe ngendima yombonisi weqembu nomsizi wakhe, sibone ukuthi bangabasiza kanjani labo abaseqenjini labo. Sizobe sesixoxa ngokuthi yini thina esingayenza ukuze izinto zihambe kahle eqenjini lethu lasensimini. Ekugcineni, sizobona ukuthi sizozuza kanjani kuleli lungiselelo elihle.
UMBONISI WEQEMBU NOMSIZI WAKHE
4. (a) Uyini umsebenzi oyinhloko wombonisi weqembu lasensimini? (b) Umbonisi weqembu ubasiza kanjani labo abaseqenjini lakhe? (Bheka ibhokisi elithi “Amacebiso Ombonisi Weqembu.”)
4 Umbonisi weqembu lenkonzo yasensimini umdalab owabelwe indikimba yabadala ukuba asize iqembu labamemezeli ukuba lithuthuke ngokomoya. Ukwenza kanjani lokho? Okokuqala, ukhathalela umuntu ngamunye oseqenjini lakhe. (IzAga 27:23) Njengoba engumalusi ozinakayo izimvu nokhathalelayo, uxhumana njalo nalabo abaseqenjini lakhe ukuze azi ukuthi baqhuba kanjani. Ukwenza kanjalo, kumsiza ukuba abasize bahlale besondelene noJehova, abasize nangokomzwelo nangezindlela ezingokoqobo. (IzAga 12:25; Isaya 32:2; Jak. 2:15-17) Okwesibili, usiza ummemezeli ngamunye ukuba ahlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini. Wenza konke angakwenza ukuze ahole emsebenzini wokushumayela ikakhulukazi ngezimpela-sonto. Uyaqikelela nokuthi ushumayela njalo nommemezeli ngamunye oseqenjini lakhe ukuze abakhuthaze futhi abaqeqeshe. Uma kwenzeka engeke abe khona enkonzweni yasensimini nokuyinto engavamile, uyaqikelela ukuthi kube nomsizi wakhe noma omunye ummemezeli ofanelekayo ozosiza iqembu. Okwesithathu, usiza abazalwane ababhapathiziwe ukuba bafanelekele ukwenza imisebenzi eyengeziwe ebandleni. (1 Thim. 3:1) Ubancoma ngokusuka enhliziyweni, abanike iseluleko esingokomBhalo futhi ubaqeqesha njalo ukuze abasize bafanelekele ukuba yizinceku ezikhonzayo nabadala. Ngenxa yokubaluleka kwendima yombonisi weqembu, indikimba yabadala ikhetha abadala abakufanelekela ngempela ukufeza lesi sabelo.
5. Yiziphi izinselele ababonisi bamaqembu ababhekene nazo?
5 Umbonisi weqembu angase abhekane nezinselele njengoba enakekela labo abaseqenjini lakhe. Cabanga ngoJörg umbonisi weqembu waseGermany, okumele enze izabelo eziningi ebandleni njengabo bonke abadala. Uthi: “Ukwenza izabelo eziningi ngesikhathi esisodwa akulula. Ngenxa yalokho, ngikuthola kuyinselele ukufeza umgomo engizibekele wona wokuxhumana nawo wonke umuntu oseqenjini lami.” U-Abel, umdala wase-Uganda, oneminyaka engu-70, uthi: “Ebandleni lethu sinabadala abambalwa nezinceku ezikhonzayo ezimbalwa. Ngakho, makhulu amaqembu asensimini. Ngenxa yalokho, ngikuthola kunzima ukwalusa ummemezeli ngamunye ngendlela engifisa ngayo.” U-Obed, umdala waseSuriname, uyavuma: “Ngiyakuthanda ukuqeqesha abanye. Kodwa ukuqeqesha umuntu kudinga isikhathi namandla futhi imiphumela yalokho kuqeqesha ayibonakali ngokushesha ngaso sonke isikhathi. Ngenxa yalokho, ngigcina ngingasabaqeqeshi abanye ngenxa yokuthi ngimatasa ngezinye izinto.” Yini engasiza abadala ababhekene nalezi zinselele nezinye ezifana nazo?
6. Ukugcina amaqembu enkonzo yasensimini emancane, kubasiza kanjani ababonisi bamaqembu ukuba basize labo abasemaqenjini abo?
6 Uma kungenzeka, amaqembu enkonzo yasensimini kufanele agcinwe emancane, ukuze ababonisi bamaqembu bakwazi ukubajwayela bonke abaseqenjini labo futhi babasize bahlale besondelene noJehova. Kuthiwani uma abadala bembalwa ebandleni? Kunokuba benze amaqembu amakhulu kangangokuba kube nzima ngombonisi weqembu ukwenza yonke imisebenzi okufanele ayenze, indikimba yabadala ingabela inceku ekhonzayo ukuba isize iqembu okwesikhashana. Lapho amaqembu emancane, kuba lula nakakhulu ngababonisi bamaqembu ukuba bafeze ingxenye ebaluleke kakhulu yesabelo sabo—ukusiza abafowabo nodadewabo.
7. Emabandleni anabadala abambalwa, yini ababonisi bamaqembu abangayenza ukuze baqikelele ukuthi bonke abasemaqenjini abo banakekelwa kahle? (1 Petru 5:2) (Bheka nesithombe.)
7 Uma ukhonza njengombonisi weqembu ebandleni elinabadala abambalwa, gxila ekuqeqesheni umsizi wakho ukuba akusize unakekele umhlambi kaNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Petru 5:2.) Yabela umsizi wakho imisebenzi ethile. Ngokwesibonelo, ngezikhathi ezithile mabele ukuba ahole enkonzweni yasensimini. Thandaza naye bese nixoxa ngokuthi baqhuba kanjani abamemezeli abaseqenjini. Ngezikhathi ezithile hamba nomsizi wakho lapho uyokwenza ukuhambela kokwelusa; njalo lapho uhamba naye mnike amacebiso ngalokho okulindeleke ukuba nikwenze, lapho seniqedile mncome la enze kahle khona bese umtshela la engathuthukisa khona. Ngokuhamba kwesikhathi, umsizi wakho angase afanelekele ukukhonza njengombonisi weqembu. (2 Thim. 2:2) Ungacela namanye amaKristu avuthiwe asize ekuqeqesheni abamemezeli enkonzweni yasensimini. Amaphayona nabamemezeli abanesipiliyoni bangasebenza nalabo abasanda kuba abamemezeli nalabo abangenaso isipiliyoni. AmaKristu avuthiwe ngokomoya angasiza labo abadinga ukusizwa ngokuqala izingxoxo enkonzweni yasensimini, ngokwenza izimpindelo, noma ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Manje, ake sixoxe ngezindlela ezintathu esingasiza ngazo ekwenzeni izinto zihambe kahle eqenjini lethu lenkonzo yasensimini.
Umdala angase aqeqeshe inceku ekhonzayo eseqenjini lakhe, ngokwesibonelo angase ayicele ukuba iqhube umhlangano wenkonzo wasensimini (Bheka isigaba 7)
SEKELA IQEMBU LENKONZO YASENSIMINI OKULO
8. Singalisekela kanjani iqembu esikulo? (Roma 1:12)
8 Shumayela neqembu okulo. Lapho ushumayela nabanye enkonzweni yasensimini uba nesandla ‘ekukhuthazeni’ abanye. (Funda eyabaseRoma 1:12.) Ukushumayela ndawonye kungenza nokuba labo abaseqenjini bazizwe bephephile ngezinga elithile futhi bazethembe kakhudlwana. Uma umsebenzi wokuziphilisa wenza kube nzima ukuba usekele amalungiselelo okushumayela neqembu, ungamcela yini umqashi wakho akushintshele isikhathi ozosebenza ngaso? Angase akumangaze azishintshe izikhathi ozosebenza ngazo. (Neh. 2:4-6) Uma ukugula noma ukukhula ngeminyaka kwenza kube nzima ukuba uhlangane neqembu ngokoqobo, kunganjani ukhulume nombonisi weqembu ngalokho? Angase enze izinhlelo zokuba nihlangane neqembu ngevidiyo, nibhale izincwadi, noma nishumayele ngocingo. Ingabe usemusha futhi uwumqemane kodwa usakuthola kunzima ukuya enkonzweni yasensimini njalo? Uma kunjalo, kunganjani uhlele ukushumayela nothile oseqenjini lakho iviki ngalinye? Kungase kudingeke uphinde uhlole ukuthi yiziphi izinto eziza kuqala ekuphileni kwakho noma ushintshe indlela osebenzisa ngayo isikhathi sakho. (Roma 12:11; Kol. 4:5) Kuyokuzuzisa kakhulu ukwenza kanjalo. Thandaza kuJehova. Angakunika “isifiso sokwenza namandla okwenza.”—Fil. 2:13.
9. Yini esingayenza ukuze kube nomoya wothando nemfudumalo eqenjini lenkonzo yasensimini esikulo? (Roma 12:13)
9 Yamukela abanye ngomusa. Siba nesandla ekwenzeni iqembu lenkonzo yasensimini esikulo libe nothando nemfudumalo ‘ngokwamukela abanye ngomusa.’ (Funda eyabaseRoma 12:13.) Singakwazi yini ukuvula amakhaya ethu ukuze iqembu lethu lenzele kuwo umhlangano wenkonzo yasensimini? Kwamanye amabandla, amaqembu ayashintshana ngokumema isikhulumi esivakashile ukuba sizodla nawo. Ngisho noma isikhulumi singeke sikwazi ukudla neqembu ngeviki elisuke labelwe ngalo, abanye eqenjini bangase baqhubeke nokuhlangana ndawonye futhi bakhuthazane. USarah oyiphayona elikhethekile uthi: “Kuyangithusa ukumemela abantu kwami, ngakho ngenza isidlo esilula. Ngizama ukugxila ekwazini abanye kangcono kunokukhathazeka kakhulu ngokudla engikulungiselelayo.” Lapho senza izinto ezenza kube nomoya wothando futhi sizizwe njengamalungu omndeni eqenjini lethu lenkonzo yasensimini, sisondela nakakhulu kuJehova nakomunye nomunye.—Neh. 8:10; IzE. 20:35.
10. Yini esingayenza uma kukhona la esifuna ukuthuthukisa khona endabeni yokushumayela? (IzAga 1:5; 27:17) (Bheka nesithombe.)
10 Thatha isinyathelo. Uma sithuthukisa ikhono lokufundisa nelokushumayela, siyokujabulela nakakhulu ukushumayela neqembu lethu. Kukhona yini la ongathanda ukuthuthukisa khona endabeni yokushumayela? Kunganjani uthathe isinyathelo ucele othile akusize—mhlawumbe iphayona noma ummemezeli ongumakad’ ebona oseqenjini lakho? (Funda izAga 1:5; 27:17.) Tshela umbonisi weqembu ngomgomo wakho. Angakwazi ukukusiza uwufinyelele. Ungacela nabanye ukuba bakusize. Yilokho okwenziwa udade okuthiwa uHeather. Nakuba enamahloni, uthi: “Ngacela iphayona ukuba lingisize ngenze izimpindelo. Lalinothando nomusa futhi lenza izinhlelo zokushumayela nami njalo. Langisiza nokuba ngiqalise isifundo seBhayibheli nomunye owayeyimpindelo yami. Ngijabula kakhulu ngokuthi ngacela usizo ngoba manje sengiyakujabulela ukushumayela futhi.” Kusobala ukuthi ziningi izindlela esingaba nesandla ngazo ekwenzeni izinto zihambe kahle eqenjini lethu lenkonzo yasensimini.
Iqembu lenkonzo yasensimini elincane lenza sikwazi ukubazi kangcono abanye futhi sishumayele nabo (Bheka isigaba 10)
INDLELA ONGAZUZA NGAYO EQENJINI LENKOZO YASENSIMINI OKULO
11-12. Yiziphi izinzuzo ezingokomoya ongazithola elungiselelweni leqembu lenkonzo yasensimini? Nikeza isibonelo.
11 Izinzuzo ezingokomoya. Ngamunye wethu angazuza ngokomoya elungiselelweni leqembu lenkonzo yasensimini. Ngokwesibonelo, labo uJehova abathanda ngokukhethekile—abafelokazi, izintandane, nasebekhulile ngeminyaka—bathola ukuhambela kokwalusa okukhuthazayo nokwenziwa ngesikhathi esifanele. (1 Thes. 2:8; Jak. 1:27) Siqeqeshwa nokuthi singashumayela kanjani ngoMbuso ngezindlela ezihlukahlukene futhi sibe abafundisi abangcono. Abazalwane ababhapathiziwe abayizibonelo ezinhle bayaqeqeshwa ukuze bafanelekele ukwenza imisebenzi eyengeziwe ebandleni.—1 Thim. 3:10.
12 Cabanga ngendlela uWendy okukhulunywe ngaye ekuqaleni azuze ngayo elungiselelweni leqembu lenkonzo yasensimini. Uthi, “Ngenxa yokuthi ubaba wayemelene nokukhonza kwethu uJehova, ngokuvamile kwakuba nzima ngomama ukuba aye enkonzweni yasensimini neqembu lakhe ngezimpela-sonto. Kodwa mina babengivumela ukuba ngiye, ngakho ngangiya enkonzweni yasensimini. Omunye udade osekhulile oyiphayona wanginaka ngokukhethekile, wangisiza nokuba ngibe namakhono angisizile enkonzweni yasensimini nasebandleni. Ziningi izikhathi engizikhumbulayo umbonisi weqembu lami anginika ngazo iseluleko esinothando esisekelwe eBhayibhelini esingisizile kuze kube namuhla.”
13. Yiziphi ezinye izinzuzo esingazithola lapho sisekela iqembu lenkonzo yasensimini esikulo? (Bheka nesithombe esisekhasini 1.)
13 Sithola abangani abasithandayo nabasisekelayo. Siba abangani abaseduze nalabo abaseqenjini lethu njengoba sishumayela “ndawonye” enkonzweni yasensimini. (Fil. 1:27) Iqembu elincane lenkonzo yasensimini lenza kube lula nokuba bazenzele abangani abaseduze labo abanamahloni nabasabayo ukuba phakathi kwabantu abaningi. (2 Kor. 6:13) Singathembela kulabo bangani ukuba basisekele lapho sibhekene nezikhathi ezinzima, njengalapho sigula, sicindezelekile noma, sinosizi ngenxa yokushonelwa umuntu esimthandayo. (1 Thes. 5:14) Akungabazeki ukuthi siyobadinga nakakhulu abangani abahle esikhathini esizayo. (Math. 24:21) Izinkinga zethu zingase zingapheli, kodwa singabhekana nazo kangcono lapho sazi ukuthi singathembela kubafowethu nodadewethu abasithandayo nabasisekelayo.—IzAga 17:17.
Odade ababili abaseqenjini lenkonzo yasensimini elifanayo bashumayela ndawonye (Bheka isigaba 13)
14. Kusizuzisa kanjani ukuba seqenjini lenkonzo yasensimini lapho kunezinhlekelele noma izimo eziphuthumayo?
14 Izinzuzo ezingokoqobo. Sithola nosizo olufike ngesikhathi eqenjini lethu lenkonzo yasensimini lapho kuqubuka izifo, kunezinhlekelele zemvelo, kudingeka siphuthunyiswe esibhedlela, nalapho sibhekene noshushiso nezinkinga zezimali. Ngokwesibonelo, ebandleni ngalinye, iKomiti Yenkonzo Yebandla kanye nababonisi bamaqembu benza izinhlelo zokusiza labo abanezidingo ezikhethekile. Ababonisi bamaqembu bayahola ekutholeni umndeni ngamunye oseqenjini labo lenkonzo yasensimini nasekutholeni ukuthi yiluphi usizo oludingeka ngokushesha, oluhlanganisa ukwelashwa, ukudla, amanzi, indawo yokuhlala nezingubo zokugqoka, ukuze ilunikwe ngokushesha lolo sizo. Ngempela sithola usizo olungokoqobo nothando emaqenjini enkonzo asensimini esikuwo!
15. Yini esenza sonke sibe munye enhlanganweni kaJehova?
15 Njengoba kushiwo ekuqaleni, inhlangano kaJehova inkulu kakhulu. Ingxenye yayo yasezulwini nje iyodwa inamakhulu ezigidi—mhlawumbe amabhiliyoni—ezidalwa zomoya ezithembekile. Ingxenye esemhlabeni yona inabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-9 abakhonza uJehova futhi bayaqhubeka banda. (Zak. 8:23; IsAm. 5:11) Bonke abakhulekeli bakaJehova basebenza ngobunye njengoba bezikhandla ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu! (IsAm. 14:6, 7) Kwangathi singazuza ngokugcwele elungiselelweni leqembu lenkonzo yasensimini—okuyilungiselelo elisisiza sidumise uJehova ngenhliziyo yethu yonke.—IHu. 111:1.
INGOMA 61 Phambili, Nina BoFakazi!
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Uma kunesidingo, inceku ekhonzayo efanelekayo ingawenza lowo msebenzi kuze kube yilapho kutholakala umdala ozowenza. Inceku ekhonzayo eyenza lo msebenzi ibizwa ngokuthi inceku yeqembu njengoba ingeyena umdala ebandleni. Kunalokho, iqondiswa abadala njengoba yenza lesi sabelo.