AGASTI 17-23, 2026
INGOMA 90 Khuthazanani
Esingakwenza Ukuze Sihlale Singabangani Namanye AmaKristu
“Gqokani uzwela nothando, umusa, ukuthobeka, ubumnene nokubekezela.”—KOL. 3:12.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi singabhekana kanjani nezinselele ezingenza kube nzima ukuhlale singabangani namanye amaKristu.
1. Singabatholaphi abangani beqiniso?
“UM’ UNGENAMNGANE. S’ding’ usizo lwabangane. UJehova uyazi batholakalaphi abangane bangempela.” Ingabe uyavumelana nalawo mazwi asekuqaleni engoma eqanjiwe ethi “Abangane Beqiniso”? Kuyisibusiso ngempela ukuthola abangani beqiniso kubantu bakaJehova! (IHu. 119:63) Singamalungu omndeni wabakhulekeli bakaJehova abahlanganiswe uthando.
2. Sifuna ukuba nobungani obunjani namanye amaKristu?
2 Asifuni ubungani bethu nabafowethu nodadewethu bube obokugcina icala. Kunalokho, sifuna ukuba abangani babo abaseduze nabaqotho. Singamalungu omndeni wabakhulekeli bakaJehova abathanda uJehova noJesu futhi lolo thando lusenza sibe nobunye. (Joh. 13:35) Kodwa ukuba abangani namanye amaKristu akuzenzakaleli. Kudingeka sisebenze kanzima. Njenganoma yibaphi abangani abanesono, ubungani bethu nawo bungaba nezinselele.
3. Kungani kungase kube yinselele ukuhlale singabangani namanye amaKristu?
3 Yiqiniso ukuthi singase sisondelane kakhulu nabanye kunabanye. Kungani? Kungenzeka sithanda izinto ezifanayo noma sinobuntu obufanayo. Kodwa singase sithole ukuthi ukuhlale singabangani nabanye abafowethu nodadewethu kungaba yinselele. Ngezinye izikhathi singase singavumelani nabo ngezinto ezithile futhi lokho kungenza kube nzima ukusondelana nabo. Mhlawumbe ngenxa yobuntu obungafani, singase sibe nomuzwa wokuthi kuncane kakhulu esifana ngakho ukuba singaze sibe abangani. Ngezinye izikhathi ubuhlobo bethu nesikholwa nabo bungaba nezinselele lapho begula kakhulu noma becindezeleke kakhulu ngokomzwelo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi isibonelo sikaJesu singasisiza kanjani sihlale singabangani nabo lapho sibhekene nezinselele. Kodwa, ake siqale sibone ukuthi ukuba nezimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu kungasisiza kanjani sihlale singabangani namanye amaKristu.
IZIMFANELO EZIJABULISA UNKULUNKULU ZISISIZA SIHLALE SINGABANGANI
4. Singabuqinisa kanjani ubungani bethu?
4 Ukuze siqinise ubungani bethu namanye amaKristu, kufanele sibheke okuhle kwabanye. Ukuchitha isikhathi nabafowethu nodadewethu kungasikhumbuza izimfanelo zabo ezinhle. Umphostoli uPawulu wayenesifiso esikhulu sokuhlangana nabafowabo nodadewabo. Wabhalela abaseThesalonika: “Senza yonke imizamo yokunibona ubuso nobuso.” (1 Thes. 2:17) Abaningi bathole ukuthi ukuxoxa ubuso nobuso kuyindlela engcono kakhulu yokuqinisa ubungani babo nabanye. Sinamathuba amaningi okwenza lokho njengoba sichitha nabo isikhathi enkonzweni yasensimini, emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emincane nemikhulu. Kodwa singase sithole ukuthi ukumane sichithe isikhathi ndawonye akuvimbi izinkinga ezingase zenze kube nzima ukuhlale sisondelene nabangani bethu.
5. Yini engasisiza silondoloze ubungani obusengcupheni yokuphela? Nikeza isibonelo. (Kolose 3:12)
5 Izimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu zingasisiza silondoloze ubungani obusengcupheni yokuphela. (Funda eyabaseKolose 3:12.) Lapho sizama ukuba abantu abathobekile, abanesineke, abanomusa nabanozwela, singakwazi ukunqoba izinselele ezizama ukuqeda ubungani bethu nabanye. Ngokwesibonelo, njengoba nje amafutha emoto enza injini yemoto ihlale isebenza kahle, izimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu ziyonciphisa izinto ezibangela izinkinga ebuhlotsheni bethu nabanye. Manje ake sixoxe ngezinselele ezintathu ezenza kube nzima ukuhlale singabangani nesikholwa nabo. Njengoba senza kanjalo, sizoxoxa ngokuthi ukulingisa ukuthobeka kukaJesu, ukubekezela kwakhe nomusa wakhe nozwela kungasenza kanjani siqhubeke singabangani beqiniso nabanye.
LAPHO NINGAVUMELANI NGOKUTHILE
6. Ukungavumelani ngento ethile kungabubeka kanjani engcupheni ubungani bethu nabanye?
6 Kungani kuyinselele? Lapho abantu bengavumelani ngokuthile, ngamunye wabo angase aqiniseke ngokuthi umbono wakhe yiwona olungile. Ngokwesibonelo, ake sithi abazalwane ababili abavumelani ngokuthi iyiphi indlela engcono okufanele lishumayele ngayo iqembu labo lenkonzo yasensimini. Ngamunye wabo uyaqiniseka ukuthi indlela yakhe iyona engcono. Uyawabona yini amathuba okuba lokho abangavumelani ngakho kugcine sekudale inkinga enkulu futhi kuphazamise ubuhlobo babo obuhle? Bangase bavumele ukulawulwa ukuqhosha. Uma le ndaba bengayixoxi bayilungise bangase baqale ukubamba amagqubu. Njengoba isikhathi sihamba, bangase bazibeke engozini yokuqhelelana, ekugcineni bazibeke engozini yokungabe besaba abangani—ngenxa nje yento encane.
7. UJesu wabafundisa kanjani abafundi bakhe ukuthi ukuze bakwazi ukulungisa ukungavumelani kwakubalulekile ukuba bathobeke?
7 Funda ekuthobekeni kukaJesu. Wafundisa abafundi bakhe ukuthi yini eyayidingeka ukuze balungise ukungavumelani—ukuthobeka. Kwase kuyisikhathi eside abafundi bakhe bephikisana ngokuthi ubani owayemkhulu phakathi kwabo. Ukuze abasize bashintshe isimo sabo sengqondo ngale ndaba nokwakuyindaba eyayibaluleke kakhulu kubo, uJesu wabachazela ukuthi kwakudingeka babheke abanye njengabakhulu kunabo. (Math. 20:25-28) Ngempela, wayebafundisa ukuthi bangaba kanjani abantu abathobekile. Ngisho nangobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu ‘wababekela isibonelo’ ngokuthi azithobe enze umsebenzi owawenziwa inceku—ukugeza izinyawo zabo. (Joh. 13:3-5, 12-16) Ngokwenza kanjalo, wababonisa lokho ababengakwenza ukuze balondoloze ubungani babo nabanye. Uma babebheka abanye njengabakhulu kunabo, cishe kwakuyoba lula ngabo ukuhoxa lapho bengavumelani ngokuthile. Kwakuyoba lula ukuba bahlale besondelene nabangani babo ngisho noma benemibono engafani.
8. Ukuthobeka kungakusiza kanjani ulondoloze ubungani bakho namanye amaKristu lapho kukhona eningavumelani ngakho? (Kolose 3:13) (Bheka nezithombe.)
8 Ungabulondoloza kanjani ubungani bakho nabanye? Ukuthobeka kuyokusiza ungakunaki ukungavumelani okuncane, uthethelele ngokukhululekile. (Funda eyabaseKolose 3:13.) Uma uthobekile, maningi amathuba okuba ulondoloze ubuhlobo obuhle nabanye ngokukhetha ukungasabeli kabi lapho ningavumelani ngokuthile. (IHu. 4:4) Ngisho noma othile eye washo into engabonisi umusa kuwe, khumbula ukuthi sonke siyazisho izinto esizisolayo ngazo kamuva. (UmSh. 7:21, 22) Zibuze, ‘Ingabe ukuphikelela ngokuthi yimi owoniwe kubaluleke ukwedlula ubungani bethu?’ Ongakwenza ukumane ukhethe ukwamukela umbono walowo muntu. Vuma ukudlulisa lokho okwenzekile ngokungagxili kunoma yini le eningavumelananga ngayo nangokungalokhu ukhuluma ngayo.
Ukuthobeka kungakusiza ungakunaki ukungavumelani okuncane, uthethelele abanye ngokukhululekile (Bheka isigaba 8)a
9. Ukuthobeka kuyokusiza kanjani uma kuthatha isikhathi eside ukuxazulula lokho eniphikisana ngakho? (IzAga 17:9)
9 Ukuthobeka kungakusiza nalapho kuthatha isikhathi eside ukuxazulula lokho eniphikisana ngakho. Ungaphikisani nalowo muntu ngoba nje ufuna ukuveza ukuthi umbono wakho yiwona olungile. (Funda izAga 17:9; 1 Kor. 6:7) Wenza kahle ngokuzibekela umgomo wokulondoloza ubungani benu. Abaningi kubasizile ukuya kulowo muntu bakhulume naye ngendlela enomusa ukuze balungise inkinga. (IHu. 34:14) Ungase uthi: ‘Sesibe abangani isikhathi eside. Singakhuluma?’ Kulungele ukuvuma ukuthi nawe kukhona la obe nephutha khona, uvume nokuthi uyaqonda ukuthi lokho okwenzekile kumzwise ubuhlungu bese uyaxolisa. Uma umfowenu noma udadewenu exolisa, thobeka umxolele. (Luka 17:3, 4) Khumbula ukuthi umgomo wakho akukhona ukuveza ukuthi ubani obenephutha nobengenalo, kodwa uwukudlulisa lokho okwenzekile nokuba nihlale ningabangani.—IzAga 18:24.
LAPHO NINOBUNTU OBUNGAFANI
10. Yini engenza kube nzima ukuba sihlale singabangani?
10 Kungani kuyinselele? Singase sikuthole kunzima ukuhlale singabangani abaseduze nabafowethu nodadewethu abanobuntu obungafani nobethu. Abanye kungenzeka banemikhutshana esicasulayo. Kungenzeka abanye bakuthola kunzima ukuba phakathi kwabantu ngenxa yendlela abaye baphathwa ngayo esikhathini esidlule noma ngenxa yokuthi bakhulele endaweni enabantu abangakhulumi kakhulu, noma endaweni enabantu abakuthandayo ukukhuluma. Noma kungenzeka kumane nje indlela esiziphatha ngayo lapho siphakathi kwabantu ayifani—kungenzeka abanye bethu bayakuthanda ukuba nabantu kuyilapho abanye kungenzeka banamahloni.
11. UJesu wakwazi kanjani ukuqhubeka engumngani nalabo ababenobuntu obungafani nobakhe?
11 Funda esibonelweni sikaJesu sokubekezela. Waqhubeka engumngani nalabo ababenobuntu obungafani nobakhe. Ngokwesibonelo, umphostoli uJakobe noJohane babonisa umoya wokufuna ukuvelela lapho becela uJesu abanike izikhundla eziphezulu eMbusweni. (Marku 10:35-37) Ngokungafani nabo, uJesu wazithoba washiya isikhundla esiphezulu ezulwini namalungelo akhe ukuze eze emhlabeni. (Fil. 2:5-8) Cabanga indlela isimo sabo sengqondo esasihluke ngayo ngokuphelele. Noma kunjalo, uJesu wababekezelela oJakobe noJohane nabanye.
12. Yini eyasiza uJesu wakwazi ukubekezelela abangani bakhe?
12 UJesu wayekulindele ukuthi ngezinye izikhathi abangani bakhe babeyowenza amaphutha. Wayazi ukuthi isicelo sikaJakobe noJohane sokuthola izikhundla eziphezulu sasiveza umoya wokuncintisana abafundi abaningi ababenawo. (Marku 9:34) UJesu naye wayekhulele endaweni efanayo enabaholi benkolo abathanda ukuvelela. Kuleyo ndawo, zazibaluleke kakhulu izikhundla nokuvelela, ngakho wayeyiqonda indlela ababecabanga ngayo. Noma kunjalo, wababekezelela, ebanika isikhathi esanele sokuba bayeke ukuqhosha nomoya wokuvelela, okuyizinto okwase kuyiminyaka eminingi benazo.—Marku 10:42-45.
13. Ukubekezela kuyosisiza kanjani ukuba sihlale singabangani nabanye? (Efesu 4:2)
13 Yini ongayenza ukuze nihlale ningabangani? Qhubeka uzama ukuba nesineke ngokwenza konke okusemandleni akho ukuba ubekezelele imikhutshana yabanye ekucasulayo. (IzAga 14:29) Sonke sinayo imikhutshana ethile esiyenzayo, eminingi yayo engemibi kodwa eyingxenye yobuntu bethu. Ngakho, siyajabula ngempela lapho abanye besibekezelela. (Funda eyabase-Efesu 4:2.) Kubalulekile ukuba nathi sikulindele ukuthi abanye ngeke bahlale benza izinto ezithandwa yithi. Ngakolunye uhlangothi, cabanga ngokuthi kunzima kangakanani ngomuntu ozithulelayo nonamahloni ukuba abe nabanye abantu futhi axoxe nabo. Ngakolunye uhlangothi, zama ukumbekezelela umuntu ohlale efuna ukuba nabanye abantu nokhuluma kakhulu. Ngeke silindele ukuba bonke abantu babe abangani bethu abaseduze. Kodwa kudingeka sikhumbule ukuthi ngisho namaKristu anobuntu obungafani nhlobo angakwazi ukusebenzisana kahle.
14. Uma singabantu ababekezelayo, yini esiyogxila kuyo?
14 Ukubekezela kuyosisiza sigxile ezimfanelweni ezinhle zabafowethu nodadewethu. Uma senza kanjalo, cishe ayoba mancane amathuba okubheka ubuntu bethu obungafani njengento esivimba ukuba sibe abangani. Ngokwesibonelo, ngobugovu, uJakobe noJohane babenesifiso sokuvelela; kodwa isimo sabo sengqondo sabonisa ukuthi uMbuso wawungokoqobo kubo. UJesu wakuqaphela lokho futhi wayelwazisa ukholo lwabo. Lapho sibheka okuhle kubangani bethu, silingisa uJesu noBaba wakhe, uJehova.
15. Ubani ongasisiza sihlale singabangani nalabo abanobuntu obungafani nobethu?
15 Okubaluleke nakakhulu, singathandaza kuJehova simcele asisize sihlale singabangani nalabo abanobuntu obungafani nobethu. Cabanga ngezimo ezingakwenza umcasukele umuntu onobuntu obungafani nobakho, uthandaze kusengaphambili ukuze uhlale uzolile. Khumbula ukuthi uJehova njengoMdali wethu uyaqonda ukuthi asifani. Ngakho, lapho uthandaza, qiniseka ukuthi uJehova uyazi ukuthi yini oyidingayo ukuze uqhubeke ukhuthazela. Lapho uba nomuzwa wokuthi sekunzima ukubekezela, cela uJehova akuphe umoya wakhe ongcwele ukuze ukusize ulawule indlela osabela ngayo.—Luka 11:13; Gal. 5:22, 23.
LAPHO ABAFOWETHU NODADEWETHU BEZWA UBUHLUNGU
16. Yiziphi izinselele esingase sibhekane nazo lapho abafowethu nodadewethu bezwa ubuhlungu ngandlela-thile?
16 Kungani kuyinselele? Lapho abafowethu nodadewethu bezwa ubuhlungu emzimbeni noma becindezelekile ngokomzwelo, bangase basho noma benze izinto okunzima ukuzibekezelela. Ngokwesibonelo, bangase bafune ukuba bodwa, basheshe ukucasuka noma benze izinto esingazilindele. Mhlawumbe bayosho noma benze izinto ezisizwisa ubuhlungu. (Jobe 6:2, 3) Ngenxa yokuthi singase singazazi izinselele esikholwa nabo ababhekene nazo, singase silindele ukuba benze izinto ezingaphezu kwamandla abo.
17. Ufundani endleleni uJesu aphatha ngayo uBartimewu indoda eyimpumputhe?
17 Funda esibonelweni sikaJesu sokuba nomusa nozwela. Wayenomusa nozwela kulabo ababecindezelekile, ngisho nalabo ayeqala ukubabona. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela aphatha ngayo uBartimewu indoda eyimpumputhe. Lapho uBartimewu ezwa ukuthi uJesu wayedlula ngalapho ayekhona, waqala ukumemeza ukuze uJesu amnake. Abanye ababesesixukwini batshela uBartimewu ukuba athule. Kodwa wayekufuna ngempela ukuphulukiswa uJesu, ngakho waqhubeka ememeza ngisho nakakhulu. Ingabe abanye ababesesixukwini kwabacasula lokho ayekwenza? Kungenzeka. Kodwa uJesu ‘wamhawukela,’ okusho ukuthi wamzwela kakhulu. (Math. 20:34; Marku 10:46-52) Wakhuluma noBartimewu ngendlela enomusa, wamncoma ngokholo lwakhe. Ngokuyisimangaliso, uJesu wamenza waphinde wabona.
18. Kufanele ubaphathe kanjani abangani bakho abezwa ubuhlungu? (1 Thesalonika 5:14)
18 Yini ongayenza ukuze nihlale ningabangani? Yiba nomusa nozwela. Lezi zimfanelo ezinhle ziyokusiza ukhulume ngendlela ‘eduduzayo’ nabafowenu nodadewenu abezwa ubuhlungu emzimbeni noma ngokomzwelo. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:14.) Khumbula ukuthi umngani weqiniso uhlale ekulungele ukusiza, ikakhulukazi “ngesikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Umngani onjalo akagcini nje ngokuzwelana nalabo abezwa ubuhlungu, kodwa wenza konke angakwenza ukuze abasekele ngokomzwelo, abakhuthaze futhi abasize ngokoqobo.
19. Singawubonisa kanjani umusa nozwela? (Bheka nezithombe.)
19 Yiziphi ezinye izindlela ezingokoqobo esingabonisa ngazo umusa nozwela? Yiqiniso ukuthi ngeke ukwazi ukuqeda ubuhlungu bomngani wakho okholwa naye. Kodwa ungakwazi ukuzwelana naye ngesimo abhekene naso ngokusemandleni akho. (Math. 7:12; 1 Pet. 3:8) Mlalele njengoba ekuchazela ukuthi yini abhekene nayo. Uma kufaneleka, zama ukusho okuthile okuzomduduza. (IzAga 12:25) Zama ukugwema ukufinyelela iziphetho ezingafanele. (IzAga 18:13) Zama ukumbekezelela, ungalindeli ukuba enze okungaphezu kwamandla akhe.—Efe. 4:32.
Abangani beqiniso baduduzana ngokuba nozwela nomusa (Bheka isigaba 19)
20. Ufuna ukuba umngani onjani?
20 Sonke siyakujabulela ukuba abangani babafowethu nodadewethu abangamaKristu. Kodwa senza kahle ngokukhumbula ukuthi ngenxa yokuthi sinesono, ngezinye izikhathi siziphatha ngendlela esingayithandi. Iningi lethu liye labhekana nezinto ezibuhlungu ekuphileni futhi lezo zinto ziye zathonya indlela esenza ngayo. Ngenxa yalokho, sibabonga kakhulu abafowethu nodadewethu abangamaKristu abaqhubeka bengabangani bethu ngokubonisa imfanelo yokuthobeka, ngokusibekezelela, nangokusibonisa umusa nozwela. Kwangathi singenza konke okusemandleni ethu ukuze sibe yilolo hlobo lomngani.
INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo
a INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane osekhulile nomzalwane osemusha banemibono engafani ngokuthi kufanele bayihlele kanjani insimu yebandla. Kamuva bashumayela ndawonye enkonzweni yasensimini, bajabule.