JULAYI 20-26, 2026
INGOMA 133 Khonza UJehova Usemusha
Yenza Izinqumo Ezihlakaniphile Mayelana Nemfundo Eyengeziwe
“Okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IZAGA 14:15.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli nezinto okudingeka sicabange ngazo lapho sinquma ukuthi kufanele yini sithole imfundo eyengeziwe.
1-2. (a) Yiziphi izinqumo okumele zenziwe abantu abasebasha? (b) Isho ukuthini inkulumo ethi “imfundo eyengeziwe”? (Bheka “Incazelo Yegama.”)
“YIMUPHI umsebenzi ongathanda ukuwenza lapho usumdala?” Uma usemusha, cishe uye wabuzwa lo mbuzo izikhathi eziningi. Umsebenzi ongcono kakhulu ongawukhetha inkonzo yesikhathi esigcwele. Kodwa, kuzodingeka uzisekele nangokwezimali. (2 Thes. 3:10) Akungabazeki ukuthi uke wacabanga ngokuthi yimuphi umsebenzi wokuziphilisa ongawenza esikhathini esizayo.
2 Ukuze bathole umsebenzi, abanye abasebasha ngokuvamile besizwa abazali, bakhetha ukuthola imfundo eyengeziwe ngemva kokuqeda isikole lapho behlala khona.a Mhlawumbe uke wazibuza ukuthi kufanele yini uthole imfundo eyengeziwe. Uma kunjalo, yiluphi uhlobo lwemfundo eyengeziwe okufanele uluthole? Lesi sihloko sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezingakusiza ucabangisise kahle ngemfundo yakho. Ukucabangisisa kahle kwenza senze izinqumo ezihlakaniphile. Nakuba ngokuyinhloko lesi sihloko sikhuluma nabantu abasebasha, singasiza noma yimuphi umKristu ocabangela ukuthola imfundo eyengeziwe. Lezi zimiso zingasiza nabazali ukuba basize izingane zabo.
INGABE KUFANELE UTHOLE IMFUNDO EYENGEZIWE?
3. Kungani amanye amaKristu engase acabangele ukuthola imfundo eyengeziwe?
3 Kwezinye izindawo, umuntu angakwazi ukuthola umsebenzi oholela kahle ngaphandle kokuthola imfundo eyengeziwe. Kwezinye izindawo, imfundo eyengeziwe ingasiza umuntu athole umsebenzi oholela kangcono noma omenza angasebenzi amahora amaningi. Lokho kungenza umKristub achithe isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela noma kweminye imisebenzi esiyenzela uJehova. Noma kunjalo, imfundo eyengeziwe idinga ukuzidela futhi ingenza umKristu abhekane nezinselele ezithile.
4. Ubani okufanele anqume ukuthi umKristu uzoyithola yini imfundo eyengeziwe? (Bheka nombhalo waphansi.)
4 IBhayibheli lithi umuntu ngamunye kumele ‘athwale owakhe umthwalo.’ (Gal. 6:5) Ngakho, umKristu ngamunye oseqedile esikoleni kumele azenzele isinqumo ngokuphathelene nokuthi uzoyithola yini imfundo eyengeziwe.c Abazali nabo banomthwalo wokwenza izinqumo ngokuphathelene nemfundo yengane yabo esencane. (Efe. 6:1) Usizo abalunika ingane yabo lungayenza ilungele ukwenza izinqumo ezihlakaniphile ngokuphathelene nemfundo lapho isindala.—IzAga 22:6.
5. Umuntu kufanele aqale nini ukucabanga ngemfundo eyengeziwe, futhi kungani? (Bheka nesithombe esisekhasini 1.)
5 Ngokuvamile abantu abasebasha kudingeka banqume ukuthi bazoyithola yini imfundo eyengeziwe ngaphambi kokuba baqede esikoleni. Yiqiniso ukuthi kuwukuhlakanipha ukuba umuntu osemusha axoxe nabazali bakhe ngale ndaba kusenesikhathi ngaphambi kokuba enze isinqumo. Lokho kuyobanika ithuba lokuba basebenzisane ukuze bacwaninge ngezinto angakhetha kuzo. Bangakwazi ukusiza lowo osemusha ukuba njengoba esasesikoleni akhethe izifundo eziyomenza alungele ukufundela lokho akhethe ukukufundela noma umsebenzi afisa ukuwenza esikhathini esizayo. Ingabe kudingeka benze isinqumo ngaphambi kokuba lowo muntu osemusha aqede esikoleni? Akunjalo ngempela. (IzAga 21:5) Abanye abasebasha bakhethe ukuba baqede isikole, bathole umsebenzi futhi baqale ukuphayona njengoba besanquma ukuthi bayithole yini imfundo eyengeziwe. Ngisho noma umuntu esemdala, usengakucabangela ukwenza ngaleyo ndlela.
Abazali abangamaKristu basiza ingane yabo ukuba yenze izinqumo ezihlakaniphile mayelana nemfundo eyengeziwe (Bheka isigaba 5)
6. Yini engasiza umuntu enze isinqumo esihlakaniphile ngokuphathelene nemfundo eyengeziwe?
6 Yini engakusiza wenze isinqumo esihlakaniphile ngokuphathelene nemfundo eyengeziwe? Qikelela ukuthi uyathandaza ngale ndaba. (Jak. 1:5) Ngaphezu kwalokho, cabanga ngokwenza lezi zinto ezilandelayo. Eyokuqala, zihlole ngokwethembeka izisusa zakho. (IHu. 26:2) Eyesibili, cabangisisa ngalokho ocabangela ukukufundela. (IzAga 14:15) Ake sixoxe ngalezi zinto, sixoxe ngeyodwa ngesikhathi.
HLOLA IZISUSA ZAKHO
7. Yini amaKristu okufanele acabange ngayo lapho ecabangela ukuthola imfundo eyengeziwe?
7 Uma ucabangela ukuthola imfundo eyengeziwe, umbuzo oyinhloko okufanele uzibuze wona othi, ‘Kungani ngifuna ukuthola lolu hlobo lwemfundo?’ Abantu abaningi bathola imfundo eyengeziwe ukuze bakwazi ukuthola umsebenzi abazokujabulela ukuwenza noma oholela kahle. Kubi yini lokho? Cha akukubi. (1 Thim. 5:8) Kodwa iBhayibheli lisixwayisa ngezingozi zokuthanda izinto zaleli zwe nokuzama ukuthola ukulondeka kuleli zwe. (IzAga 23:4, 5; 1 Thim. 6:8-10; 1 Joh. 2:17) Uma umgomo wakho kuwukuceba noma ukuzenzela igama emphakathini, ngeke ugcine ngokungajabuli nje kuphela, kodwa ungase uqhele ngisho nakuJehova.
8-9. (a) AmaKristu kufanele ayibheke kanjani imfundo? (Mathewu 6:33) (b) Ufundani kulokho okushiwo uJosefina, uMorine no-Iris?
8 Kufanele uyibheke kanjani-ke imfundo? Ayikho into okufanele ibaluleke ukwedlula ukukhonza uJehova kithi. (Math. 22:37, 38; Fil. 3:8) Ngakho bheka imfundo njengento ezokusiza ukwazi ukuzisekela njengoba ugxile ekukhonzeni uJehova ngenhliziyo yonke.—Funda uMathewu 6:33.
9 Phawula ukuthi yini esize amanye amaKristu ukuba ahlale enombono ofanele ngemfundo eyengeziwe. UJosefina waseChile, uthi: “Imfundo eyengeziwe ingisize ngakwazi ukuba nesikhathi esiningi ekukhonzeni uJehova. Kwakufanele ngiqikelele ukuthi into engizoyifundela ayiphazamisi imigomo yami engokomoya, hhayi ukuthi ngishintshe imigomo yami engokomoya ukuze ihambisane nento engizoyifundela.” Udade okuthiwa uMorine wakhetha ukufundela ukulungisa izinwele, okwakuzothatha isikhathi esingangonyaka. Kungani enza kanjalo? Uthi: “Umgomo wami kwakuwukukhonza lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli. Ngakho ngabheka into engangizoyifundela eyayizongisiza ngifinyelele lowo mgomo. Ngemva kokuyifundela, ngasebenzisa lokho engangikufundele ukuze ngenze umsebenzi wokulungisa izinwele bese ngiqongelela imali engangizoyisebenzisa lapho ngithutha. Ngesikhathi sengithuthele lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli, lokho engakufundela kwangisiza ngakwazi ukuthola umsebenzi.” U-Iris owafunda isikhathi eside emkhakheni wamazinyo, uthi: “Ukuba nemfundo eyengeziwe kungaba wusizo ezintweni ezithile, kodwa akusoze kwakunika injabulo nokwaneliseka kwangempela. Nakhu esikudingayo nje ukuze sijabule: Uma sibeka uJehova kuqala ekuphileni kwethu, nakanjani siyojabula futhi saneliseke.” Ngempela, uma ubungani bethu noJehova buza kuqala ekuphileni kwethu, siyokwenza izinqumo eziyosenza sijabule phakade.
CABANGISISA NGOBUHLE NOBUBI BEMFUNDO
10. Ungasisebenzisa kanjani isimiso esikuDuteronomi 32:29 lapho unquma ukuthi uyithole yini imfundo eyengeziwe?
10 Kungenzeka kunento ethile ocabanga ukuyifundela noma umsebenzi othile ocabanga ukuwenza. Kodwa kuwusizo nokucabanga ngezinye izinto ongazenza—kungaba semkhakheni ofanayo noma kweminye imikhakha. (Qhathanisa nezAga 18:17.) Namuhla, kunezindlela zokufunda ezazingekho esikhathini esidlule, njengokufundela ekhaya usebenzisa ikhompyutha. Ungakhohlwa nokucabanga nangokuthi ungakwazi yini ukuzisekela ngokwezimali ngaphandle kokuba uze uthole imfundo eyengeziwe. Ngokwesibonelo, uJohanna waseFinland akayitholanga imfundo eyengeziwe. Uthi: “Lapho sengiqedile esikoleni, ngaqala ukusebenza izinsuku ezithile nokuphayona. Ngenze imisebenzi ehlukahlukene futhi ngiyibonile indlela uJehova ahlale esigcwalisa ngayo isithembiso sakhe sokusinika lokho esikudingayo.” Khumbula ukuthi zonke izinqumo eziphathelene nemfundo eyengeziwe zinobuhle nobubi—kungaba sendabeni yokuthi uzoyithola yini imfundo eyengeziwe nokuthi uzofundela ini. Ngakho zibuze: ‘Ingabe izinto ezinhle ngayo ziningi kunezinto ezimbi?’ (Funda uDuteronomi 32:29; 1 Kor. 10:23) Ake sicabange ngamanye amaphuzu abalulekile azokusiza uphendule lowo mbuzo.
11. Kungani kubalulekile ukucabanga ngokuthi uzochitha isikhathi esingakanani ufunda noma uqeqeshwa? (Bheka nezithombe.)
11 Isikhathi esizodingeka. Cabanga ngokuthi maningi kangakanani amahora ozowachitha isonto ngalinye uya emakilasini, uqeqeshwa futhi wenza umsebenzi wesikole wasekhaya. Usazoba naso yini isikhathi sokwenza izinto eziqinisa ubungani bakho noJehova nesokwenza imisebenzi yasekhaya? (Fil. 1:10) Ingabe into oyifundelayo izoshiya ingqondo yakho ikhathele kakhulu kuze kube nzima nokulungiselela imihlangano yebandla noma isifundo somuntu siqu? Yilokho okwenzeka kuJeroz waseNdiya. Uthi: “Kwakuba nzima kakhulu kimi ukuthola isikhathi sokushumayela nokugxilisa ingqondo yami lapho ngisemihlanganweni yebandla. Ngezinye izikhathi, ngangingayi emihlanganweni yebandla. Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi ngamosha isikhathi sami namandla ami ngento engangiyifundela.” Kodwa zikhona ezinye izinto umuntu angazifundela ezingadli isikhathi esiningi; ezinye ungazifundela izinsuku ezithile, ezinye azinawo umsebenzi wesikole wasekhaya omningi. Ngokwesibonelo, uRabeca waseMozambique uyajabula ngento akhetha ukuyifundela. Uthi: “Ngangifunda amahora amabili kuphela ngosuku. Ngakwazi ukuqhubeka ngiyiphayona elivamile.”
Uma ucabangela ukuthola imfundo eyengeziwe, qikelela ukuthi uyoba naso isikhathi sokwenza izinto ezibalulekile (Bheka isigaba 11)
12. Umuntu angasisebenzisa kanjani kahle isikhathi sakhe ngokuphathelene nemfundo? (UmShumayeli 12:1)
12 Kuzothatha isikhathi eside kangakanani lokho ozokufundela? Cabanga ngokuthi kuzothatha izinyanga ezingaki noma iminyaka emingaki ukuqeda lokho ozokufundela. Ingabe uyobe usisebenzisa kahle isikhathi sakho ngokufundela leyo nto? (Efe. 5:15-17) Uma usemusha, ingabe lokho ozokufundela kuzokwenza ukwazi ukunika uJehova okungcono kakhulu ngezinsuku zobusha bakho, mhlawumbe enkonzweni yesikhathi esigcwele? (Funda umShumayeli 12:1.) Zikhona yini izinto ongazifundela ezingeke zithathe isikhathi eside emkhakheni ofanayo? Ngokwesibonelo, kwezinye izinkampani nakwezinye izikole ungase uthole ukuqeqeshwa okudingayo ngemali encane nangesikhathi esifushane kunaleso obungasichitha eyunivesithi. UMario waseChile, uthi: “Ngakhetha ukufundela into eyayizothatha iminyaka emibili esikoleni esifundisa amakhono neyayishibhile kunaseyunivesithi. Ngangifunda izinsuku ezine kuphela ngeviki, okwangenza ngakwazi ukuphayona.”
13. Indawo umuntu ahlala kuyo njengoba ethola imfundo eyengeziwe ingaba naliphi ithonya kuye?
13 Uzohlala kuphi? Ungakwazi ukuthola indawo ongafunda kuyo eseduze nasekhaya. Kodwa kuthiwani uma uyithola kwelinye idolobha? Noma kuthiwani uma into oyifundelayo idinga uhlale esikoleni? Qaphela ukuthi ukuhlala kude nomndeni wakho kungabubeka engozini enkulu ubungani bakho noJehova, ikakhulukazi uma uzohlala nabantu abangamkhonzi uJehova. (IzAga 22:3; 1 Kor. 15:33) UMatias waseMozambique wanquma ukufundela into eyayizothatha unyaka. Noma kunjalo, uyazisola ngesinqumo sakhe. Kungani? Uthi: “Kwadingeka ngihlale esikoleni sonke leso sikhathi. Nsuku zonke ngangilingeka ukuba ngenze izinto ezingalungile. Engingakusho ukuthi lapho ukhetha into ozoyifundela, ungakhethi into ezokwenza uhlale kude nomndeni wakini.” Udade waseRussia, uthi: “Ukuhlala nabazali bami kunokuba ngihlale esikoleni noma ezindaweni zokuhlala zabafundi ezingaphandle kwangenza ngagwema izingozi nezilingo engangingase ngibhekane nazo.” Ungakwazi nokuthola into ongayifundela usekhaya.
14. Isimiso esikuLuka 14:28 singakusiza kanjani lapho ucabangela ukuthola imfundo eyengeziwe?
14 Izobiza malini into ozoyifundela? Ezinye izinto ezifundelwayo azibizi kakhulu, noma zingase zikhokhelwe uhulumeni. Ezimweni ezinjalo, ukuthola imfundo eyengeziwe kungaba yindlela engabizi yokuthola ulwazi namakhono azokusiza uthole umsebenzi. Kodwa kwezinye izimo, imfundo eyengeziwe iyabiza. Kungase kube nezinye izindleko eziseceleni, njengezindleko zamakilasi aseceleni noma zikathisha ozokufundisa ukuze ukwazi ukufundela le nto ofuna ukuyifundela. Ezinye izinto ezifundelwayo zishiya abafundi benesikweletu esikhulu okudingeka basikhokhe iminyaka eminingi. U-Adilson waseMozambique uyazisola ngento akhetha ukuyifundela. Uthi: “Umndeni wakithi wadela imali okwakufanele uthenge ngayo ukudla nezinye izinto eziyisidingo ukuze ukhokhele izifundo zami ezathatha iminyaka emine.” Njengoba wenza ucwaningo ngento ofuna ukuyifundela noma ikhono ofuna ukuqeqeshwa kulo, zibuze: ‘Kuzobiza malini? Mina noma abasekhaya singakwazi yini ukukhokha imali edingekayo? Ikhona yini indawo engabizi kakhulu engingafundela kuyo into efanayo?’ (Funda uLuka 14:28.) ‘Uma ngingena ezikweletini, kuzongithatha isikhathi esingakanani ukuzikhokhela? Ingabe umsebenzi engizowenza esikhathini esizayo uzongiholela imali eyanele ukuba ngikwazi ukuziphilisa futhi ngikhokhele isikweletu sami?’—IzAga 22:7.
15. Kungani kufanele ucabange ngokuthi angakanani amathuba omsebenzi ento ofuna ukuyifundela ngaphambi kokuba unqume ukuyifundela?
15 Angakanani amathuba omsebenzi wale nto ofuna ukuyifundela? Cabanga ngokuthi yiluphi uhlobo lomsebenzi olukhona lapho uhlala khona noma lapho ofuna ukuhlala khona. Lokho ofuna ukukufundela kuzokusiza ngempela yini uthole umsebenzi? Kwezinye izinto ezifundelwayo, aba mancane amathuba onikwa wona okukwenza ngokoqobo lokho okufundelayo. Kunalokho, zigxila kakhulu ekuchazeni izinto nasekutholeni ulwazi kunokuba zikufundise amakhono azokusiza lapho sewusebenza. (Kol. 2:8) Udade waseNdiya, uthi: “Lokho engakufundela akungisizanga ukuba ngikwazi ukukwenza ngokoqobo lokho okwakudingwa abaqashi bami. Ngenxa yalokho, angikwazanga ukwenza umsebenzi wento engayifundela.” Kwezinye izimo, ungase ukwazi ukwenza umsebenzi owufundele, kodwa abe mancane amathuba okuthola lowo msebenzi. USublime waseCentral African Republic, wafundela ukulungisa ama-air conditioner. Kodwa, uthi: “La engihlala khona, abantu abaningi bayazilungisela izinto ezidinga ukulungiswa, ngakho kungaba nzima ukuthola umsebenzi.”
16. Kungani kuwusizo ukucabanga ngohlobo lomsebenzi ongase uwuthole ngenxa yalokho okufundelayo?
16 Cabanga nangohlobo lomsebenzi onamathuba okuwuthola. Uyokujabulela yini ukuwenza? (UmSh. 3:12, 13) Uyosebenzela endaweni enjani? Ingabe indawo ozosebenzela kuyo yaziwa ngokuba yindawo engaphephile, enabantu abancintisanayo noma ebangelana ukucindezeleka? Uyohola malini? Uzokwazi yini ukuziphilisa ngemali ozoyihola? Ingabe kuzodingeka uqhubeke ufunda ukuze ulondoloze umsebenzi wakho? Okubaluleke nakakhulu, uzokwazi yini ukubeka uJehova kuqala ekuphileni kwakho? (UmSh. 12:13) Yiqiniso ukuthi lapho umsebenzi uyivelakancane, singase singakwazi ukukhetha ukwenza umsebenzi esiwuthandayo. Kodwa lokho okhetha ukukwenza ngokuphathelene nemfundo kungase kube nomthelela ekutheni angakanani amathuba okuba uthole umsebenzi esikhathini esizayo. UTabitha waseNdiya wakhetha ukufundela ukuthunga, okwathatha izinyanga eziyisithupha. Uthi: “Ngazitshela ukuthi ukuba umthungi kwakuzongisiza ngiphayone. Ukuthunga umsebenzi oyohlale udingeka, ngingakwazi ukuzikhethela ukuthi ngizosebenza nini futhi ngeke kudinge imali eningi ukuqala ukwenza lo msebenzi.” Ukufundela ukuthunga kwasiza uTabitha ukuba athole umsebenzi azozisekela ngawo njengoba ephayona.
17. (a) UmKristu angakuthola kanjani ukwaziswa akudingayo ukuze enze isinqumo esihlakaniphile ngokuphathelene nemfundo? (b) Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza wenze isinqumo esihlakaniphile? (Bheka ibhokisi elithi “Izimiso ZeBhayibheli Ongacabanga Ngazo.”)
17 Sixoxe ngamaphuzu amaningana ongacabanga ngawo ngokuphathelene nemfundo eyengeziwe. Ungakutholaphi ukwaziswa okudingayo ukuze wenze isinqumo esihlakaniphile? Cwaninga ngezinto ongazifundela ngokuvakashela isikole ocabangela ukufunda kuso noma ngokubheka iwebusayithi yaso. Bheka ukuthi angakanani amathuba omsebenzi kulowo mkhakha. Ungaxoxa ngisho nalabo abafundele umkhakha ofanayo noma abasebenza kuwo. (IzAga 13:10) Babuze ukuthi, “Yini enhle nembi ngento abayifundele noma ngomsebenzi abawenzayo?” Khuluma nabanye abakhonza uJehova ngenjabulo. (IzAga 15:22) Yiluphi uhlobo lwemfundo nomsebenzi abawusikiselayo? Bangaze basikisele ngisho nohlobo lomsebenzi ongakaze uwucabange.
18. Yini okufanele siyikhumbule?
18 Njengoba sibonile, imfundo eyengeziwe inobuhle nobubi. Ngakho, thandaza kuJehova, ucabange nangalokho ozokhetha ukukwenza. Khumbula ukuthi imfundo eyengeziwe ingakwenza uphile kahle ngezinga elithile, kodwa ukuphela kwendlela ongajabula ngayo ngempela ukuba ube nobungani obuseduze noJehova. (IHu. 16:9, 11) UJehova uyohlale ebanakekela abantu bakhe, kungakhathaliseki ukuthi bafunde kangakanani. (Heb. 13:5) Kodwa, kuthiwani uma unqume ukuthola imfundo eyengeziwe? Yini engakusiza uhlale usondelene noJehova njengoba ufunda? Yilokho esizoxoxa ngakho esihlokweni esilandelayo.
INGOMA 45 Ukuzindla Kwenhliziyo Yami
a INCAZELO YEGAMA: Kulesi sihloko nakwesilandelayo, “imfundo eyengeziwe” ibhekisela kunoma iyiphi imfundo noma ukuqeqeshwa umuntu akwenzayo lapho eseqedile esikoleni ukuze afundele ukuthola umsebenzi, okuhlanganisa ukufunda eyunivesithi, ekolishi, ukufunda esikoleni noma enkampanini ekufundisa ikhono noma ukwenza umsebenzi.
b Lokhu kwaziswa kuyasebenza nakodade.
c Esikhathini esidlule, izincwadi zethu bezingakukhuthazi ukuba amaKristu athole izinhlobo ezithile zemfundo eyengeziwe. Ngokwesibonelo, isihloko esithi “Bazali—Nizifunela Ikusasa Elinjani Izingane Zenu?” esikuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 1, 2005, sakhuluma ngezingozi zemfundo ephakeme. Nakuba lezo zingozi zisekhona nanamuhla, kushiyelwa kumuntu ukuba azinqumele ukuthi uzoyithola yini imfundo eyengeziwe. UmKristu ngamunye—endabeni yengane, inhloko yomndeni ngayinye—kufanele athandaze, acabange ngezimiso zeBhayibheli nangalokho okuhilelekile ngalokho azokufundela ngaphambi kokuba enze isinqumo. Akekho umKristu—kuhlanganise nabadala—okufanele ahlulele omunye umKristu ngalokho akunqumayo mayelana nale ndaba.—Jak. 4:12.