JULAYI 27–AGASTI 2, 2026
INGOMA 56 Yenza Iqiniso Libe Ngelakho
Hlale Usondelene NoJehova Njengoba Uthola Imfundo Eyengeziwe
“Ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile ngalo mzila ofanayo.”—FIL. 3:16.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngezimiso zeBhayibheli ezine ezizokusiza uhlale usondelene noJehova uma unquma ukuthola imfundo eyengeziwe.
1-2. (a) Uma ukhetha ukuthola imfundo eyengeziwe, yini okudingeka uqhubeke uyenza? (b) Kusho ukuthini ‘ukuqhubeka uhamba ngokuhleleka ngalo mzila ofanayo’? (Filipi 3:16)
EZINYE izinceku zikaJehova zinqume ukuthola imfundo eyengeziwe ngemva kokuqeda isikole ngokuvumelana nomthetho kahulumeni. Zingase zibe nomuzwa wokuthi leyo mfundo ingazisiza enkonzweni kaJehova. Uma usunqumile ukuthola imfundo eyengeziwe, ungaqikelela kanjani ukuthi uhlale usondelene noJehova? (Jak. 4:8a) Akungabazeki ukuthi usuke wabhekana nezinto ezivivinya ukholo lwakho ngesikhathi usafunda isikole. Manje kuzodingeka ‘uqhubeke uhamba ngokuhleleka ngalo mzila ofanayo’—okusho ukuqhubeka ukhonza uJehova ngokwethembeka, njengoba ubulokhu wenza.—Funda eyabaseFilipi 3:16.
2 Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “hamba ngokuhlelekile ngalo mzila ofanayo” sasivame ukusetshenziswa lapho kuchazwa amasosha amashayo aya phambili. Uma unquma ukuthola imfundo eyengeziwe, kuzodingeka uqhubeke “umasha uya phambili” enkonzweni kaJehova, ungami ndawonye noma uhlehlele emuva. Kulesi sihloko sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezine ezizokusiza. Uyazazi kakade lezi zimiso. Uzisebenzisile esikhathini esidlule futhi kuzodingeka uqhubeke uzisebenzisa njengoba uthola imfundo eyengeziwe nalapho usuqedile ukufunda.
QHUBEKA WENZA IZINTO EZIKWENZA USONDELANE NOJEHOVA
3. Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, iyiphi inselele ongase ubhekane nayo uma kuziwa ezintweni ozenza usuku nosuku?
3 Inselele. Imfundo eyengeziwe ingakwenza ube matasa, ube nezinto eziningi ozenzayo usuku nosuku. Ngenxa yokuthi ufuna ukuphasa esikoleni, ungase uqale ukubheka inkonzo oyenzela uJehova njengengabalulekile kangako. Ungase uqale nokungayi njalo emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasensimini, ukungasenzi njalo isifundo somuntu siqu nokungathandazi njalo.—IsAm. 2:4.
4. Yini engakusiza ube ‘nokuningi ongakwenza emsebenzini weNkosi’? (1 Korinte 15:58)
4 Funda eyoku-1 Korinte 15:58. Njengoba nje ibhayisikili lingawi lapho lihamba, nawe ngeke uwe ngokomoya uma umatasa ‘unokuningi ongakwenza emsebenzini weNkosi,’ enkonzweni kaJehova. Lokho akusho ukumane uchithe isikhathi esithile emisebenzini kaJehova. Okubalulekile ukuthi yini eza kuqala ekuphileni kwakho. Khumbula ukuthi ukukhonza uJehova yikho okubaluleke kakhulu bese kulandela ukuba umfundi. (Math. 22:37) USamantha udade osemusha uthi, “Ngazitshela ukuthi uma imfundo eyengeziwe iphazamisa inkonzo engiyenzela uJehova ngizosiyeka isikole.”
5. Yini ongayenza ukuze uhlale umatasa enkonzweni kaJehova?
5 Ongakwenza ngaphambi kokuba uqale imfundo eyengeziwe. Hlale ukhumbula ukuthi yini eza kuqala. Ukuze wenze kanjalo zibuze, ‘Yini engihlele ukuyenza ukuze ngiqhubeke ngiya njalo emhlanganweni webandla, enkonzweni yasensimini, ngenze nesifundo somuntu siqu njalo?’ (Josh. 1:8; Math. 28:19, 20; Heb. 10:25) Cabanga nangalokho obulokhu ukwenza: Ngesikhathi usafunda isikole, yini owawuyenza ukuze uzibeke kuqala izinto ezibalulekile? Uma ubona ukuthi wawungenza izinto kangcono, ungathuthukisa kuphi manje? Zimisele ukuhlale umatasa enkonzweni kaJehova njengoba uthola imfundo eyengeziwe. Kubalulekile ukuba wenze kahle esikoleni—kodwa ungayivumeli imfundo idle isikhathi sakho sokukhonza uJehova.a—Math. 6:24.
6. Yini ongacabanga ngayo njengoba uzihlola? (Bheka nesithombe.)
6 Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, hlale uzihlola, mhlawumbe kanye ngenyanga. Zibuze, ‘Ingabe izinto ezibalulekile ziseza kuqala ekuphileni kwami?’ Zinake izimpawu ezibonisa ukuthi kukhona ongasakwenzi kahle—ngokwesibonelo, umkhuba wokungezi njalo emihlanganweni yebandla noma ukufika sekwephuzile, umkhuba wokulokhu ucabanga ngomsebenzi wesikole kube kuqhubeka imihlangano, noma ukuba semihlanganweni yebandla usebenzisa ividiyo kunokuba uye ngokoqobo. Qaphela nalapho ungasathandazi njalo noma ungasalifundi njalo iBhayibheli, noma lapho sewuya enkonzweni yasensimini ngoba ugcina icala—sekuyinto ofuna ukuyenza usheshe uqede. Uma ubona ukuthi sewuqala ukwenza le mikhuba, thatha isinyathelo ngokushesha. Ungayivumeli imfundo yakho ikwenze uyeke ukubeka inkonzo kaJehova kuqala ekuphileni kwakho.
Ungayivumeli imfundo yakho ikwenze uyeke ukubeka inkonzo kaJehova kuqala ekuphileni kwakho (Bheka isigaba 6)
‘QAPHA IKHONO LAKHO LOKUCABANGA’
7. Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, yiziphi izinselele ongase ubhekane nazo endleleni ocabanga ngayo?
7 Inselele. Kuye ngohlobo lwemfundo ozoyikhetha, ukuthola imfundo eyengeziwe kungase kukuchaye ‘kuyifilosofi nenkohliso eyize’ yaleli zwe, okuhlanganisa imfundiso yokuthi akekho uNkulunkulu neyokuziphendukela kwemvelo. (Kol. 2:8) Ingase ikhuthaze nomoya wokuzethemba ngokweqile. Omunye umzalwane osemusha uyakhumbula: “Sasingafundiswa nje kuphela amakhono amasha; sasifundiswa indlela yokucabanga, ngokuvamile eyayingahambisani nendlela kaJehova yokucabanga. Ngokwesibonelo, safundiswa ukuthi ukuphumelela ekuphileni kuncike kithi. Le ndlela yokucabanga yangenza ngacabanga ukuthi angiludingi usizo lukaJehova. Yakwenza kwaba nzima nakakhulu kimi ukuthembela kuye.”
8. Kungani kubalulekile ‘ukuqapha ikhono lakho lokucabanga’? (IzAga 5:1, 2)
8 Funda izAga 5:1, 2. IBhayibheli likuxwayisa ukuba “uqaphe ikhono lakho lokucabanga.” Ukuqapha into ethile kubonisa ukuthi ingase ihlaselwe. Lokho kuyiqiniso ngempela endabeni yekhono lakho lokucabanga. (1 Petru 5:8) Umoya waleli zwe ungakwenza ungabaze izinto ozikholelwayo mayelana nokuziphatha, indlela ukuphila okwaqala ngayo, noma ngisho nokuthi ukhona yini uNkulunkulu. Abanye abantu bangase bazame ukukwenza ucabange ukuthi imibono yabo ngezinto ezinjengalezi ingcono kuneminye imibono. Empeleni, ukucabanga ngaleyo ndlela “kuwubuwula kuNkulunkulu.”—1 Kor. 3:18-20.
9. Yini ongayenza ukuze uqaphe ikhono lakho lokucabanga?
9 Ongakwenza ngaphambi kokuba uqale imfundo eyengeziwe. Ukuze uqaphe ikhono lakho lokucabanga, qikelela ukuthi izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo ziyiqiniso ngaphambi kokuba uqale imfundo eyengeziwe. Zibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Kungani ngikholelwa kuNkulunkulu? Ngazi kanjani ukuthi iBhayibheli liyiZwi lakhe? Yini engenza ngiqiniseke ukuthi imithetho yeBhayibheli yokuziphatha iphakeme kunemithetho yaleli zwe?’ Cabanga nangalokho okwenzeke esikhathini esidlule: Akungabazeki ukuthi wawuchayeke ekucabangeni kwaleli zwe ngesikhathi usafunda isikole. Ingabe ukholo lwakho lwaba buthaka lapho ubona indlela abanye ababeqiniseka ngayo ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo? Ingabe wawulingeka kalula ukuba wenze izinto ezingalungile lapho ubona ofunda nabo beziphatha ngendlela engahlanzekile? Uma unomuzwa wokuthi wawungenza kangcono esikhathini esidlule, yini ongayenza manje ukuze uqiniseke kakhudlwana ngalokho okukholelwayo? Zimisele ukuqapha ikhono lakho lokucabanga njengoba uthola imfundo eyengeziwe.—2 Thim. 2:16-18.b
10. Yini ongayenza ukuze uqhubeke uqapha ikhono lakho lokucabanga?
10 Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, qhubeka uzihlola njalo. Zibuze: ‘Ingabe ngithonywa yindlela yabantu abangizungezile abangaphili ngemithetho kaNkulunkulu? Ngiyakwazi yini ukuwabona amafilosofi aleli zwe ayize? Ingabe ngiqiniseka ngokuphelele ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela ongaxazulula izinkinga zesintu?’ Ukuze uqaphe ikhono lakho lokucabanga, qhubeka ukukhuthalele ukufunda iZwi likaNkulunkulu. Ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngalo kuzokwenza uqiniseke nakakhulu ukuthi uthole iqiniso.—1 Thim. 4:15.
SISEBENZISE NGOKUHLAKANIPHA ISIKHATHI SAKHO
11. Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, iyiphi inselele ongase ubhekane nayo uma kuziwa endabeni yokusebenzisa isikhathi sakho?
11 Inselele. Imfundo eyengeziwe ingase idinge isikhathi sakho esiningi, ikakhulukazi lapho utadishela izivivinyo noma lapho unikwe umsebenzi wesikole okumele uwuqede ngesikhathi esithile. Uma ungasisebenzisi ngokuhlakanipha isikhathi sakho, ungase uzithole usucindezelekile ngokungenasidingo futhi utubekile. Yingakho kubaluleke kakhulu ukuba unakekele umzimba wakho futhi uzinakekele ngokomzwelo.
12. Yiziphi izinto okuzodingeka uzenze njengoba ‘usisebenzisa kahle isikhathi sakho’? (Efesu 5:15, 16)
12 Funda eyabase-Efesu 5:15, 16. Kungase kube nzima ‘ukusisebenzisa kahle isikhathi sakho.’ Kudingeka ulinganisele. Ngokwesibonelo, ngisho noma usidinga isikhathi somsebenzi wesikole, usidinga nakakhulu isikhathi sokuzijabulisa nokholwa nabo namalungu omndeni wakho. (IHu. 133:1; IzAga 18:1) Ukwenza izinto ezikwenza uhlale usondelene noJehova yikona okubaluleke kakhulu. (Math. 6:33) Kungenzeka kunanemisebenzi okudingeka uyenze ekhaya nomsebenzi wokuziphilisa. Ngaphezu kwalokho, kudingeka unakekele impilo yakho ngokuphumula ngokwanele nangokuzivocavoca. (UmSh. 4:6; 1 Thim. 4:8) Zonke lezi zinto zidinga usihlele kahle isikhathi sakho.
13. Yini ongayenza ukuze usisebenzise kahle isikhathi sakho?
13 Ongakwenza ngaphambi kokuba uqale imfundo eyengeziwe. IBhayibheli lithi ukuhlela kusengaphambili kuyosenza siphumelele. (IzAga 21:5) Unalokho engqondweni, zihlele kahle izinto zakho ngaphambi kokuba uqale imfundo eyengeziwe. Ukuze ukwazi ukwenza kanjalo, cabanga ngalokho okwenzeke esikhathini esidlule: Wawukwazi yini ukusihlela kahle isikhathi sakho ngesikhathi usasesikoleni eminyakeni edlule? Uma unomuzwa wokuthi wawungenza kangcono esikhathini esidlule, yini ongayenza ngokuhlukile manje? Qikelela ukuthi kube nguwe olawula isikhathi sakho kunokuba sona silawule wena.c
14. Yimiphi imibuzo engakusiza uzihlole?
14 Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, zihlole njalo. Zibuze: ‘Ingabe indlela engihlele ngayo isikhathi sami ingenza ngikwazi ukuphumula ngokwanele nokuzivocavoca? Ngisenaso yini isikhathi sokuzijabulisa nengikholwa nabo? Ngingakwazi yini ukuqeda umsebenzi wami wesikole wasekhaya ngesikhathi? Uma kungenjalo, ingabe lokho kwenzeka ngoba nginokuningi kakhulu okumele ngikwenze noma ingabe ngenza izinto ngomzuzu wokugcina? Ingabe abanye, kuhlanganise nabasekhaya, bayavumelana nalokho engikushoyo ngemva kokuzihlola?’ Kungakhathaliseki ukuthi kudingeka wenze ushintsho endleleni ohlele ngayo isikhathi sakho noma umane nje udinga ukuzithiba ezintweni ezithile, kwenze ngokushesha lokho. Ungase ukhulume nanabanye abakwaziyo ukusihlela kahle isikhathi sabo.—IzAga 11:14.
QHUBEKA ‘UHAMBA NABAHLAKANIPHILE’
15. Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, iyiphi inselele ongase ubhekane nayo?
15 Inselele. Njengoba uthola imfundo eyengeziwe, labo ofunda nabo bangase bazame ukuchitha nawe isikhathi ngemva kwesikole. Ungase ulingeke ukuba uchithe nabo isikhathi. Phela ziningi izinto enifana ngazo, ikakhulukazi uma uchitha nabo isikhathi esiningi ekilasini. Ungase ube nanomuzwa wokuthi ziningi izinto enifana ngazo nofunda nabo kunabanye okholwa nabo. Kodwa kudingeka uqaphe. Nakuba nifunda ndawonye, aniphili ngemithetho yokuziphatha efanayo. Njengoba uqhubeka uchitha isikhathi nabo, indlela yabo yokucabanga izokuthonya nakakhulu. (1 Kor. 15:33) UMichael owafundela ukusebenza ngogesi iminyaka emine, wakubona ukuba yiqiniso kwalokho. Uthi, “Ngangichitha amahora angaphezu kwangu-40 ngeviki nabantu engangisebenza nabo ababengabahloniphi abesifazane, belalela umculo ongawafanele amaKristu, bekhuluma nolimi olungcolile futhi indlela ababenza ngayo yaqala ukuthonya indlela engangicabanga ngayo.”
16. Kusho ukuthini ‘ukuhamba nabahlakaniphile’? (IzAga 13:20)
16 Funda izAga 13:20. IBhayibheli lisixwayisa ngezingozi zokuzihlanganisa nabantu ababi. Ngakolunye uhlangothi, “ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.” Isifundo sicacile: Sithonywa yilabo esikhetha ukuchitha nabo isikhathi, kungaba ukuthi bayithonya elihle noma ithonya elibi. Hlale uwumngani nalabo abakufunela okuhle—labo abakhonza uJehova ngenhliziyo yonke njengawe.—IHu. 101:6, 7; 119:63.
17. Yini ongayenza ukuze ugweme ukuzihlanganisa nabantu ababi?
17 Ongakwenza ngaphambi kokuba uqale imfundo eyengeziwe. Nquma ukuthi singakanani isikhathi ozosichitha nofunda nabo nokuthi uzosondelana kangakanani nabo. UTrenton onguFakazi uthi: “Ngibabonisa umusa engifunda nabo, kodwa angichithi nabo isikhathi ngemva kwesikole. Ngibabheka njengabantu engifunda nabo, hhayi njengabangani bami abaseduze.” Yimiphi imingcele ozozibekela yona endabeni yokuchitha isikhathi nofunda nabo? Ukuze ukwazi ukuphendula lowo mbuzo, zibuze: Yimiphi imingcele owawuzibekela yona eminyakeni edlule ngesikhathi usafunda isikole? Uma unomuzwa wokuthi wawungenza kangcono esikhathini esidlule, yiluphi ushintsho ongalwenza manje? Zimisele ukuqhubeka ‘uhamba nabahlakaniphile’ nokugwema ukuchitha isikhathi esiningi nalabo abangamthandi uJehova.d
18. Yimiphi imibuzo yokuzihlola engakusiza? (Bheka nesithombe.)
18 Njalo ngezikhathi ezithile zihlole. Zibuze: ‘Ingabe sengisondelene kakhulu nengifunda nabo? Ingabe imikhuba yabo, izinto abazishoyo nesimo sabo sengqondo sekuqala ukuthonya indlela engikhuluma ngayo nengicabanga ngayo? Ingabe ziyomjabulisa yini uJehova izimpendulo zemibuzo yami?’ (IHu. 1:1) Uma ubona ukuthi kukhona okungasahambi kahle, yenza izinguquko ngokushesha. Qikelela ukuthi abangani bakho abaseduze yilabo abathanda uJehova njengawe. Unganqikazi nokushumayeza ofunda nabo. Unethuba elikahle kakhulu lokubasiza bafunde iqiniso.
Unganqikazi ukushumayeza ofunda nabo (Bheka isigaba 18)e
ZILUNGISELELE
19. Ungazilungiselela kanjani ukubhekana nezinselele ezingase zikuphazamise ekukhonzeni uJehova njengoba uthola imfundo eyengeziwe? Fanekisa.
19 Umqwali wezintaba ohlakaniphile uyazilungiselela ngaphambi kokuba aqwale intaba. Nakuba engazazi zonke izinselele azobhekana nazo, uphile kahle emzimbeni, ugqoke izingubo ezikahle unanomgomo afuna ukuwufinyelela—uyazi lapho eya khona. Nawe ungenza ngendlela efanayo njengoba uthola imfundo eyengeziwe. Hlale unobungani obuqinile noJehova, ugqoke “zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu,” uzibekele nomgomo—hhayi ukuze uthole lokho leli zwe elikubheka ‘njengempumelelo,’ kodwa ukuze ukhazimulise uJehova kukho konke okwenzayo.—Efe. 6:11-13; 1 Kor. 9:26, 27; 10:31.
20. ‘Ungaqhubeka kanjani uhlola ukuthi usokholweni yini’?
20 IBhayibheli liyasinxusa: “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini; qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Kor. 13:5) Ungakwazi ukukwenza lokho njengoba uthola imfundo eyengeziwe. Hlale uzihlola ukuthi wenza kahle yini ezintweni esifunde ngazo kulesi sihloko. Ingabe uzenza njalo izinto ezikwenza usondelane noJehova? Ingabe uyayiqapha indlela ocabanga ngayo ukuze ungathonywa ukuhlakanipha mbumbulu kwaleli zwe? Ingabe usisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi sakho? Ingabe wakha ubungani namanye amaKristu kuyilapho ugwema ukuzihlanganisa nabantu ababi? Leyo imibuzo okudingeka uzibuze yona kungakhathaliseki ukuthi usesikoleni, usemsebenzini noma kwenye indawo. Zimisele ukuhlale unokholo oluqinile kunoma yisiphi isimo obhekene naso. Ungaqiniseka ukuthi uJehova uzoyibusisa imizamo yakho yokwenza kanjalo.—IzAga 3:5, 6.
INGOMA 87 Wozani! Niqabuleke
a Ukuze uthole amacebiso okuthi ungahlala kanjani umatasa enkonzweni kaJehova, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Okufanele Ngiyenze Ngemva Kokubhapathizwa?—Ingxenye 1: Hlale Umatasa” ku-jw.org.
b Ukuze uthole amacebiso okuthi ungakuqapha kanjani ukucabanga kwakho, bheka isihloko esithi “Ungakhohliswa ‘Ukuhlakanipha Kwaleli Zwe’” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 2019.
c Ukuze uthole amacebiso okuthi ungasisebenzisa kanjani isikhathi sakho usuku ngalunye, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?” ku-jw.org.
d Ukuze uthole amacebiso okuthi ungazenza kanjani izinqumo ezihlakaniphile nezicatshangwe kahle ngokuphathelene nabantu ozihlanganisa nabo, bheka isifundo 48 esithi “Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane,” encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade!
e INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba efundela ukulungisa izinwele, ngobuhlakani udade ushumayeza afunda naye.