JULAYI 13-19, 2026
INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo
Sebenzisa Izimiso ZeBhayibheli Ukuze Uqeqeshe Unembeza Wakho
“Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.”—GAL. 6:5.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizobona ukuthi izimiso zeBhayibheli zingasisiza kanjani ukuba siqeqeshe unembeza wethu ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile.
1-2. (a) Yisiphi isipho o-Adamu no-Eva ababenikwe sona? (b) Kwakufanele babonise kanjani ukuthi bayabonga ngaleso sipho?
IZILWANE zenza izinto zilawulwa umuzwa wemvelo. Imishini eminingi yenziwe ngendlela yokuba yenze lokho eklanyelwe ukuba ikwenze. Kodwa abantu bona bahlukile. Sidalwe sinesipho esikhethekile, okuyisipho esiyigugu kumaKristu eqiniso. Leso sipho inkululeko yokuzikhethela—okuyikhono lokuzenzela izinqumo nokuzikhethela ekuphileni. IBhayibheli lisitshela ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu, wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Gen. 1:26, 27) Njengezidalwa ezihlakaniphile, u-Adamu nomkakhe u-Eva banikwa ithuba lokuzenzela izinqumo.
2 UJehova akabanikanga uhide lwemithetho o-Adamu no-Eva. Wamane wabatshela ukuba banakekele umhlaba, bawugcwalise ngezingane zabo, bahloniphe negunya lakhe lokunquma ukuthi yini ababevumelekile ukuyenza nababengavumelekile ukuyenza. (Gen. 1:28; 2:16, 17) O-Adamu no-Eva kwakufanele babonise kanjani ukuthi bayambonga Lowo owayebanike isipho esiyinkululeko yokuzikhethela? Ngenxa yazo zonke izinto uJehova ayebanike zona, kwakufanele bafune ukuyilalela le miyalo engenzima ngenxa yothando lwabo ngaye nesifiso sokumjabulisa.—IzAga 23:15.
3. U-Adamu no-Eva basisebenzisa kanjani isipho sabo senkululeko yokuzikhethela?
3 Njengoba iBhayibheli libonisa, u-Adamu no-Eva abazange bayisebenzise ngokuhlakanipha inkululeko yabo yokuzikhethela. Kunalokho, banquma ukungamlaleli uJehova. Isinqumo sabo sathonywa ubugovu, asithonywanga uthando nokubonga ngezinto uJehova ayebenzele zona. (Gen. 3:1-7) Nanamuhla sisezwa ubuhlungu ngenxa yemiphumela yaleso sinqumo.—Roma 5:12.
4. (a) NgokweyabaseGalathiya 6:5, yini sonke okumele siyenze? (b) Yisiphi esinye isipho esizoxoxa ngaso kulesi sihloko?
4 Namuhla ukuphila kwethu kunzima kakhulu. Usuku ngalunye, kudingeka senze izinqumo eziningi. (Funda eyabaseGalathiya 6:5.) Ezinye zilula, kodwa ezinye zinzima kakhulu. Singazenza kanjani izinqumo ezizojabulisa uJehova? Kumele siqale sivume ukuthi siyaludinga usizo lukaJehova. (IzAga 16:3; Jer. 10:23) Ngisho noJesu umuntu ongenasono wasibona isidingo sokusizwa uNkulunkulu. (Heb. 5:7) Njengabantu abanesono, sisidinga nakakhulu isiqondiso sikaNkulunkulu kunoJesu. Manje, ake sixoxe ngesinye isipho esivela kuNkulunkulu, esizosisiza senze izinqumo ezinhle—unembeza wethu.
UYINI UNEMBEZA?
5. (a) Uyini unembeza? (b) Usisiza kanjani unembeza? (Roma 2:14, 15)
5 Unembeza umuzwa esinawo ngaphakathi osisiza sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Ngisho nomuntu ongazi lutho ngemithetho kaNkulunkulu unawo unembeza. (2 Kor. 4:2) Unembeza wethu ufana nejaji elingaphakathi kithi, elingasibeka icala noma lisivune ngalokho esikucabangayo nesikwenzayo. (Funda eyabaseRoma 2:14, 15.) Ungasixwayisa ukuba singayenzi into esaziyo ukuthi ayilungile. (1 Sam. 26:8-11) Noma ungasikhuthaza ukuba senze into esaziyo ukuthi ilungile. Ukuba nesipho senkululeko yokuzikhethela nje kukodwa akusona isiqinisekiso sokuthi zonke izinqumo esizenzayo ziyokwamukeleka kuJehova. Unembeza wethu kufanele usisize siqonde umehluko phakathi kwesinqumo esihle nesibi.
6. Iyiphi inkinga esinayo ngonembeza bethu?
6 Kodwa kunenkinga ekhona ngonembeza bethu. Njengoba sinesono, nonembeza bethu banesono. Indlela esikhule ngayo, isiko lethu nesifiso esinaso sokwenza izinto ezingalungile kungaba yithonya elibi konembeza bethu. IBhayibheli lithi unembeza ungaba “buthakathaka,” ‘ungcole,’ ‘ushe njengokungathi ushiswe ngensimbi yokubeka uphawu,’ noma ube “mubi.” (1 Kor. 8:12; Thithu 1:15; 1 Thim. 4:2; Heb. 10:22) Unembeza onjalo ngeke usakwazi ukusiqondisa kahle. Ufana nesikali esinganembile esidinga ukulungiswa. Ngakho, onembeza bethu kumele sibaqeqeshe kahle ukuze bahlale besesimweni esihle. (1 Pet. 3:16) Singakwenza kanjani lokho?
INDLELA ESINGABAQEQESHA NGAYO ONEMBEZA BETHU
7-8. (a) Yini eyosisiza siqeqeshe onembeza bethu? (b) Izimiso zeBhayibheli zisiza kanjani ekusiqondiseni? Nikeza isibonelo. (Bheka nesithombe.)
7 Singabaqeqesha kanjani onembeza bethu? Kumele silifunde njalo iBhayibheli, sifunde nokuthi yini elungile nengalungile ngokombono kaJehova. Ukutadisha imithetho kaNkulunkulu kuzosisiza siqonde indlela acabanga ngayo. Kodwa njengoba kubonisiwe esihlokweni esidlule, eminye imithetho ingasebenza ezimweni ezithile nangesikhathi esithile. Yingakho kumele sibheke nezimiso, njengoba zisenza siyiqonde kabanzi indlela uJehova acabanga ngayo nazizwa ngayo.—Isaya 55:9.
8 Ukuphila kwethu singakufanisa nokuhamba ehlane. Cabanga ngehlane elingenayo imigwaqo, izindlela ongahamba kuzo noma izimpawu zomgwaqo. Indlela ilanga elimi ngayo nezinkanyezi kungasisiza sibone indlela okufanele sihambe ngayo ukuze sifike lapho esiya khona. Kodwa ibalazwe elibonisa izinto ozozibona njengoba uhamba endleleni, ezinjengezintaba noma imifula lingaba usizo nakakhulu. Ibalazwe elinjalo liyosiqinisekisa ukuthi sihamba endleleni efanele futhi liyosisiza sibone lapho sesiqala ukuchezuka kuleyo ndlela. Umgomo wethu ekuphileni ukujabulisa uJehova. IBhayibheli lifana nebalazwe elisinika iziqondiso ezicacile. Izimiso zeBhayibheli zifana nezinto esizibonayo njengoba sihamba endleleni. Ukuphila ngalezo zimiso kuyoqinisekisa ukuthi siyawufinyelela umgomo wethu.
Izimiso zeBhayibheli zifana nezinto esizibona lapho sihamba endleleni, ezisiqinisekisa ngokuthi sihamba endleleni efanele (Bheka isigaba 8)
9. NgokweyabaseRoma 9:1, yini enye engasisiza siqeqeshe onembeza bethu?
9 Ukuze sibaqeqeshe kahle onembeza bethu sidinga usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu. (Funda eyabaseRoma 9:1.) Umoya ongcwele uzosisiza siqonde indlela uNkulunkulu acabanga ngayo. Ungaphinde usikhuthaze usinike namandla okwenza izinto ngokuvumelana nentando kaJehova. (Fil. 2:13) Kodwa singaluthola kanjani usizo lomoya kaJehova?
10. Singaluthola kanjani usizo lomoya ongcwele? (Luka 11:10, 13)
10 Thandaza kuJehova ucele umoya ongcwele. (Funda uLuka 11:10, 13.) Singaqiniseka ukuthi uJehova unesandla esivulekile uma kuziwa ekusipheni umoya wakhe ongcwele. (Joh. 3:34) Ubapha ngesandla esivulekile labo abenza ngokuvumelana nalokho umoya ongcwele obaqondisa ukuba bakwenze. (IzAga 1:23; Jak. 1:5) Kodwa yini enye ezosisiza siqeqeshe onembeza bethu?
11. (a) Kufanele ube yini umgomo wethu oyinhloko ekuphileni? (b) Kungani kudingeka siqikelele ukuthi onembeza bethu baqeqeshwe kahle futhi basebenza kahle?
11 Hlale uzama ukujabulisa uJehova. (IzAga 8:34, 35) Lowo kufanele kube umgomo wethu oyinhloko ekuphileni. Ukuhlale siwukhumbula lowo mgomo kunoma yisiphi isimo esibhekana naso, kungasiza ekuqeqesheni onembeza bethu. Unembeza oqeqeshwe kahle uhlanganisa ukucabanga ngendlela uJehova acabanga ngayo nokuba nenhliziyo enendaba nokuthi uJehova uzizwa kanjani. Lapho sicabanga ngendlela ukuphila okunzima ngayo namuhla, siyayiqaphela indlela okubaluleke ngayo ukuba nonembeza oqeqeshwe kahle. Sivame ukubhekana nezimo iBhayibheli elingakhulumi ngazo ngokuqondile. Lezo zimo zingahlanganisa ezokuzijabulisa, umsebenzi wethu, imfundo yethu noma ubuhlobo bethu nabanye. Ngakho, singaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uyajabula ngezinqumo esizenzayo ngokuphathelene nalezi zinto?—2 Kor. 1:12.
12. Yini ezosisiza sazi ukuthi onembeza bethu basiholela endleleni efanele yini? (Efesu 5:10)
12 Zindla ngalokho okufunda eZwini likaNkulunkulu. (IHu. 49:3) Lapho ufunda iBhayibheli, bheka izimiso ezizokusiza uqonde indlela uJehova acabanga ngayo. (Funda eyabase-Efesu 5:10.) Njengoba sizama ukubhekana nezinkinga ezinzima ekuphileni, kudingeka siye eBhayibhelini sibheke izimiso ezizosisiza sazi ukuthi onembeza bethu bayasisiza yini ukuba senze izinqumo ezinhle. (IzAga 2:4-9, 11-13) Lezi zimiso zingasisiza silungise futhi siqeqeshe onembeza bethu kuye ngesidingo, ukuze siqikelele ukuthi sihlale senza lokho uJehova afuna sikwenze.—Heb. 5:14.
13. Yini okufanele sigweme ukuyenza? Nikeza isibonelo.
13 Ungenzi isinqumo bese ubheka izimiso ezizosisekela. Asifuni ukulingisa ama-Israyeli aqhubeka ehlala ezweni lakwaJuda ngemva kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E. Athi kuJeremiya: “Kwangathi uJehova uNkulunkulu wakho angasitshela indlela okufanele sihambe ngayo nalokho okufanele sikwenze.” (Jer. 42:3-6) Kodwa ayesenqumile kakade ukuthi yini ayezoyenza. Lapho isiqondiso sikaJehova singawajabulisi, enza lokho ayefuna ukukwenza. Lokho kwaholela enhlekeleleni. (Jer. 42:19-22; 43:1, 2, 4) Ngakho ngaphambi kokwenza isinqumo, kudingeka sibheke izimiso zeBhayibheli eziveza lokho uJehova akucabangayo bese senza ngokuvumelana nakho.
14. Kungani kudingeka sisebenzise izimiso zeBhayibheli lapho senza izinqumo?
14 Yenza izinqumo ezisekelwe ezimisweni zeBhayibheli. (Math. 7:24-29; Jak. 1:23-25) Lapho senza izinqumo ezisekelwe ezimisweni zeBhayibheli, senza ngokuvumelana nomoya ongcwele. Ngenxa yalokho, uJehova uyaqhubeka esinika umoya wakhe. (IzE. 5:32) Kodwa uma singakwenzi lokho umoya ongcwele osiqondisa ukuba sikwenze, singazithola sesiwenza “lusizi,” noma sesenza izinto ezingahambisani nawo. (Efe. 4:30; Isaya 63:10; IzE. 7:51) UJehova angaze asiphuce ngisho nomoya wakhe. (IHu. 51:11; 1 Thes. 5:19) Lokho kuyoba kubi kakhulu ngoba siyawadinga amandla esiwanikwa umoya ongcwele.—Efe. 3:16.
SINGAZITHOLA KANJANI IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZIZOSISIZA?
15-16. (a) Singazithola kanjani izimiso zeBhayibheli ezizosisiza? (b) Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingasiza ofunda naye iBhayibheli athole amandla okuyeka ukubhema?
15 Sebenzisa amathuluzi okutadisha. Ngaphambi kokuba sisebenzise izimiso zeBhayibheli, kudingeka sikwazi ukuzibona emiBhalweni. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma ofunda naye iBhayibheli enqikaza ukuyeka ukubhema? Angase athi: ‘IBhayibheli alisho lutho ngokubhema. Ngakho sazi kanjani ukuthi ukubhema akulungile?’ Ungamsiza kanjani ukuba athole izimiso zeBhayibheli eziphathelene nale ndaba nangacabanga ngazo? Elinye ithuluzi eliwusizo INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. Ungambonisa isihloko esithi “Ugwayi Nokubhema.” Ngaphansi kwaleso sihloko, uzobona isikhombo esithi “Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngokubhema?” (Bheka INqabayokulinda kaJuni 1, 2014.) Njengoba efunda leso sihloko, yimiphi imiBhalo nezimiso azozithola?
16 Cabanga ngezimiso ezinhlanu okukhulunywe ngazo kuleso sihloko. (1) Akufanele sibe yisigqila sento ezosibulala. (Roma 6:16) (2) Kufanele sigweme noma yini ezolimaza imizimba yethu. (2 Kor. 7:1) (3) UJehova ufuna simkhonze ngawo wonke umphefumulo wethu. (Math. 22:37) (4) Akufanele silimaze abanye ngalokho esikwenzayo. (Math. 22:39; 1 Kor. 10:24) (5) UJehova angasinika amandla okwenza okulungile. (Fil. 4:13) Ngakho, ngisho noma iBhayibheli lingakhulumi ngokuqondile ngokubhema, izimiso ezitholakala kulo zingasiza ofunda naye iBhayibheli aqonde indlela uJehova acabanga ngayo.
17. OFakazi abahlela umshado wabo bangazithola kanjani izimiso zeBhayibheli eziwusizo?
17 OFakazi abahlela umshado wabo bangazithola kanjani izimiso zeBhayibheli ezizobasiza benze izinqumo ezinhle? Nalapha futhi, INcwadi Yokucwaninga ingaba wusizo. Ngaphansi kwesihloko esithi “Imishado Namadili Ayo,” kunohlu lwezihloko ezinezimiso zeBhayibheli. Cabanga ngezimiso eziyisithupha labo abahlela umshado wabo abangacabanga ngazo. (1) Zonke izinhlelo zomshado kufanele zidumise uJehova. (1 Kor. 10:31, 32) (2) Izimpahla zethu kufanele zifaneleke, zibe nesizotha futhi zingeqisi. (1 Thim. 2:9; 1 Pet. 3:3, 4) (3) Kufanele sigweme izenzo zokubukisa ezifana nalezo ezenziwa abantu emishadweni yabo kuleli zwe likaSathane. (Joh. 17:14; Jak. 1:27; 1 Joh. 2:15, 16) (4) Lapho nenza amalungiselelo omshado, kufanele nenze izinto ngokuhleleka. (1 Kor. 14:40) (5) Amadili omshado akufanele abe yimicimbi exokozelayo egcwele izidakwa. (Gal. 5:21) (6) Kufanele kube nomuntu ozoba umqondisi wedili.—Joh. 2:8, 9.
18-19. (a) Yiliphi elinye ithuluzi elingasisiza? (b) Yiziphi izimiso ongazithola lapho usebenzisa leli thuluzi ezizokusiza lapho wenza izinqumo eziphathelene nemikhosi? (Bheka Ibhokisi elithi “Ungakwazi Yini Ukuthola Izimiso Kulezi Zihloko Ezilandelayo?”)
18 Elinye ithuluzi abantu abaningi abalithole liwusizo incwadi ethi ImiBhalo Ewusizo Ekuphileni KwamaKristu. Le ncwadi inohlu lwemiBhalo ngaphansi kwezihloko ezihlukahlukene eziwusizo. Lapho ususikhethile isihloko, uzobona uhlu lwemibuzo ehambisana nemiBhalo engakusiza uqonde izimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, umKristu angase azibuze ukuthi kufanele yini aye emkhosini othile. Uma eya esihlokweni esithi “Imikhosi,” uzothola isihlokwana esithi “Imikhosi amaKristu ayigwemayo.”
19 Cabanga ngezinye izinto okukhulunywa ngazo ngaphansi kwengxenye ethi: “Kungani kukubi ukugubha imikhosi ehlobene nenkolo yamanga? (1Ko. 10:21; 2Ko. 6:14-18; Efe 5:10, 11).” Kuleyo ngxenye, sibe sesinikezwa izibonelo zemikhosi enjalo. Ngaphansi kwesihlokwana esithi “Imikhosi yobuzwe,” kunohlu lwezimiso zeBhayibheli umuntu angazisebenzisa lapho ecabanga ngokuthi kufanele yini umKristu agubhe imikhosi yezwe yomlando wezepolitiki, kufanele yini akhumbule futhi ahloniphe izimpi zezwe, noma kufanele yini ahlanganyele emikhosini edumisa abantu abavelele. Sibonga kakhulu ngokuthi inhlangano kaJehova isinika amathuluzi anjengalawa ukuze asisize siqeqeshe onembeza bethu!
BONISA UKUTHI UNONEMBEZA OQEQESHWE KAHLE
20. Singabonisa kanjani ukuthi sibaqeqeshe kahle onembeza bethu?
20 Siyabonga ngesipho senkululeko yokuzikhethela. Kodwa siyaqaphela nokuthi kumele siqeqeshe onembeza bethu ukuze siyisebenzise kahle inkululeko yokuzikhethela. Unembeza oqeqeshwe kahle uyosisiza senze izinqumo eziletha udumo kuJehova nezivumelana nentando yakhe. Ukuze senze lokho, sidinga usizo lomoya ongcwele kaJehova. Ngakho kumele siqhubeke siwucela umoya ongcwele bese senza ngokuvumelana nalokho osiqondisa ukuba sikwenze. Izimiso zeBhayibheli nazo ziyosisiza siqeqeshe onembeza bethu. Kwangathi singazisebenzisa kahle lezi zipho bese sibona amandla eZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu.—2 Thim. 3:16, 17; Heb. 4:12.
INGOMA 135 UJehova Uyanxusa: “Hlakanipha, Ndodana”