Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Meyi kk. 2-7
  • Kungani Zibalulekile Izimiso ZeBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Zibalulekile Izimiso ZeBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ZIYINI IZIMISO ZEBHAYIBHELI?
  • KUNGANI ZIBALULEKILE IZIMISO ZEBHAYIBHELI?
  • SINGAZITHOLA KANJANI IZIMISO ZEBHAYIBHELI?
  • ZIMISELE UKUPHILA NGEZIMISO ZEBHAYIBHELI
  • Sebenzisa Izimiso ZeBhayibheli Ukuze Uqeqeshe Unembeza Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Qondisa Izinyathelo Zakho Ngezimiso ZikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Izinqumo Ezibonisa Ukuthi Sithembela KuJehova
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Zisizuzisa Kanjani Izimiso ZeBhayibheli?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Meyi kk. 2-7

JULAYI 6-12, 2026

INGOMA 98 ImiBhalo—Iphefumulelwe UNkulunkulu

Kungani Zibalulekile Izimiso ZeBhayibheli?

“Ninikele imizimba yenu ibe . . . inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.”—ROMA 12:1.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Lesi sihloko sizochaza ukuthi ziyini izimiso nokuthi singazithola kanjani lapho sifunda iBhayibheli.

1-2. (a) Kungani singabiza iBhayibheli ngokuthi incwadi yasendulo? (b) Kungani iBhayibheli lisewusizo nanamuhla?

IBHAYIBHELI liyincwadi yasendulo. Laqala ukubhalwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, laqedwa eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. Noma kunjalo, umyalezo ‘weZwi likaNkulunkulu’ usewusizo nanamuhla futhi unamandla. (Heb. 4:12; 2 Thim. 3:​16, 17) Izigidi zabantu ziyavuma ukuthi iBhayibheli lizisizile ekuphileni kwazo kulesi sikhathi esiphila kuso.

2 Kodwa kungenzeka kanjani ukuthi incwadi endala kangaka ibe wusizo nanamuhla? Zimbili izizathu eziyinhloko zalokho. Esokuqala, umyalezo weBhayibheli uvela “kuNkulunkulu ophilayo,” uMdali onakho konke ukuhlakanipha. (1 Thim. 4:10; Roma 16:​26, 27) Esesibili, iBhayibheli libhalwe ngendlela eyenza izimiso ezitholakala kulo zingaphelelwa yisikhathi. Lezi zimiso zihlale ziwusizo kungakhathaliseki ukuthi umuntu uphila ngayiphi inkathi, noma ukuthi yiziphi izinselele abhekene nazo.

3. Yimiphi imibuzo ezophendulwa kulesi sihloko?

3 Ziyini izimiso zeBhayibheli? Kungani zibaluleke kangaka kithi namuhla? Singazithola kanjani izimiso lapho sifunda iBhayibheli? Lesi sihloko sizophendula le mibuzo. Sizobona nokuthi izimfundiso zikaJesu zikugcizelela kanjani ukubaluleka kwezimiso.

ZIYINI IZIMISO ZEBHAYIBHELI?

4. Ziyini izimiso zeBhayibheli?

4 Izimiso zeBhayibheli zingamaqiniso ayisisekelo okusekelwe kuwo imithetho kaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi, isimiso singabonakala ngokucacile emthethweni. (Math. 22:37) Nokho, izimiso ziphakeme kunemithetho ethile. Eminye imithetho ingasebenza entweni ethile noma ngesikhathi esithile kuphela. Ingase ikhishwe ngesikhathi esithile noma lapho kunesimo esithile. Kodwa, izimiso zeBhayibheli ziyiveza ngomqondo obanzi indlela uJehova acabanga ngayo. Izimiso zingachazwa njengezizathu ezenza kubekwe umthetho othile. Kunezizathu ezizwakalayo zokuthi kungani uJehova ebeke yonke le mithetho ayibekile. Kodwa izimiso ezisekelwe kuyo zingasetshenziswa ezimweni ezihlukahlukene futhi aziphelelwa yisikhathi. (IHu. 119:111) Imithetho kungase kudingeke ishintshwe, kodwa izimiso aziphelelwa yisikhathi.—Isaya 40:8.

5. Singawufanisa kanjani umehluko phakathi kwemithetho nezimiso? (Bheka nezithombe.)

5 Ukuze siwuqonde kangcono umehluko phakathi kwemithetho nezimiso, cabanga ngalesi sibonelo. Umama angase athi enganeni yakhe esencane, ‘Ungasithinti isitofu.’ Lowo umyalo noma umthetho. Kodwa isimiso noma isizathu salowo mthetho ukuthi: Ungayithinti into eshisayo ngoba uzolimala. Leso simiso asisebenzi esitofini kuphela. Singasebenza nakuyi-ayina yezimpahla, i-heater, nanoma yini enye eshisayo engalimaza umuntu. Leso simiso asisebenzi ekhaya kuphela, kodwa siyasebenza nakwezinye izindawo. Yiqiniso ukuthi njengoba ingane ikhula, cishe iyosisebenzisa isitofu. Kodwa, kusayodingeka iqaphe ukuba ingasithinti ngendlela ezoyilimaza. Ngakho umthetho ungashintsha, kodwa isimiso osekelwe kuso asishintshi.

Esikubona ezithombeni: Umama nendodana yakhe basekhishini bayapheka. 1. Umama uxwayisa indodana yakhe ukuba ingasithinti isitofu esishisayo njengoba epheka. 2. Kamuva ngemva kweminyaka ethile, umama ulungisela indodana yakhe ukudla ezokupheka njengoba indodana isesitofini ipheka.

Umthetho ungashintsha, kodwa isimiso osekelwe kuso asishintshi (Bheka isigaba 5)


KUNGANI ZIBALULEKILE IZIMISO ZEBHAYIBHELI?

6. (a) Yini uJehova asinika yona eZwini lakhe? (b) UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyasihlonipha?

6 Ngenxa yokuthi uyasithanda, uJehova usinika imithetho esizoyilandela ukuze sigweme izingozi. (Jak. 2:11) Ngaphezu kwalokho, usisiza siqonde izimiso noma izizathu ezimenza abeke leyo mithetho. Esebenzisa iZwi lakhe, usinika iziqondiso esingazisebenzisa ekuphileni kwethu okungenzeka azilawulwa imithetho ethile. Izimiso zeBhayibheli zisisiza senze izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni futhi senze okulungile. Ngokusinika lezi zimiso, uJehova ubonisa ukuthi uyasihlonipha futhi usinika inkululeko yokwenza izinqumo ezibonisa ukuthi siyamthanda futhi siyayithanda nemithetho yakhe.—Gal. 5:13.

7. Singakufanekisa kanjani ukubaluleka kwezimiso zeBhayibheli? (Bheka nesithombe.)

7 Ukuze sifanekise indlela izimiso zeBhayibheli ezingasisiza ngayo, cabanga ngezimpawu zomgwaqo abashayeli abazibonayo lapho beshayela emigwaqweni emikhulu kwamanye amazwe. Eziningi zalezi zimpawu zisitshela ngemithetho okungathi labo abangayilaleli bathole isijeziso. Lezi zimpawu zingase zisibonise ijubane okungafanele sileqe lapho sishayela, noma zisibonise ukuthi kunini lapho umshayeli kumele ame khona. Kodwa ezinye izimpawu zomgwaqo eziningi zixwayisa abashayeli ngezingozi ezingase zibe khona. Ngokwesibonelo, lezi zimpawu zingase zixwayise abashayeli ngokuthi umgwaqo ungase ushelele noma ngokuthi izilwane zingase ziwele umgwaqo. Umshayeli onesipiliyoni wenza izinqumo ezihlakaniphile, ashayele ngokucophelela lapho ebona izimpawu ezimxwayisa ngezingozi. Ngokwesibonelo, uma lina noma likhithika, umshayeli uyoshintsha indlela ashayela ngayo ngaphansi kwalezi zimo eziyingozi. Ngendlela efanayo, njengoba amaKristu ekugwema ngokuphelele noma yikuphi ukuziphatha okulahlwa yiZwi likaNkulunkulu ngokuqondile, ayayigwema nanoma yimiphi imicabango noma izenzo ezingawenza ephule imithetho kaNkulunkulu. Lokho kudinga enze izinqumo ezihlakaniphile.

Kusebusuku, imoto ihamba emgwaqweni ogudla izintaba onamajika. Amalambu ayo akhanyisa izimpawu zomgwaqo eziyisixwayiso.

Izimpawu zomgwaqo eziningi zixwayisa abashayeli ngezingozi ezingase zibe khona. Izimiso zeBhayibheli nazo zingasisiza ngendlela efanayo (Bheka isigaba 7)


8. Njengoba kuboniswe kweyabaseRoma 12:​1, 2, ukufuna kwethu izimiso zeBhayibheli kungasiqeqesha ukuba senzeni?

8 Nokho, zikhona ezinye izinto ezibalulekile esingazithola ngokufuna izimiso zeBhayibheli futhi siphile ngazo. Ngokwesibonelo, siqeqeshwa ukuba siqonde indlela uJehova acabanga ngayo. Lapho sifunda izindaba eziseBhayibhelini, sifunda ukubheka ukuthi yiziphi izifundo eziwusizo esizithola kuzo. Siyazibuza ukuthi kungani uJehova enze kwaba nalezo zifundo eZwini lakhe nokuthi singazuza kanjani kuzo. Ngaleyo ndlela, sifunda ukuthi singawasebenzisa kanjani ‘amandla ethu okucabanga’ ukuze sikhonze uJehova. Sizitholela ngokwethu lokho “okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.”—Funda eyabaseRoma 12:​1, 2.a

9. Yini enye esiyizuzayo ngokuphila ngezimiso zeBhayibheli? (Hebheru 5:​13, 14)

9 Ukufunda ukuphila ngezimiso zeBhayibheli kusisiza sibe amaKristu avuthiwe. Lapho siphila ngezimiso zeBhayibheli, ubuhlobo bethu noJehova buyaqina. (Funda eyamaHebheru 5:​13, 14.) Izingane ezisencane zingase zidinge imithetho eminingi ukuze zazi lokho okumele zikwenze ezimweni ezihlukahlukene. Zingase zilalele le mithetho ngenxa nje yokuthi zesaba isijeziso. Kodwa, uJehova akasiphathi njengezingane ezincane, usiphatha njengabantu abadala abavuthiwe. Uyasethemba ukuthi sizokwenza izinqumo ezivumelana nentando yakhe futhi lapho senza kanjalo senza inhliziyo yakhe ijabule.—IHu. 147:11; IzAga 23:​15, 26; 27:11.

SINGAZITHOLA KANJANI IZIMISO ZEBHAYIBHELI?

10. Singazithola kanjani izimiso zeBhayibheli?

10 Lapho sibheka izifundo esizithola eBhayibhelini, sithola izimiso ezisisiza siqonde indlela uJehova acabanga ngayo nazizwa ngayo. Singathola nezimiso lapho sibheka izizathu ezimenze wabeka imithetho ethile. Njengoba siziqonda kangcono izizathu ezimenze wabeka leyo mithetho, siyomqonda nakangcono uJehova. Kodwa, ukuze siqonde indlela uNkulunkulu acabanga ngayo, kumele sithandaze kuye simcele asisize, sifunde nokuba nekhono lokucabanga. (IzAga 2:​10-12) Singazibuza imibuzo enjengokuthi: ‘Kungani uNkulunkulu asinika lo mthetho? Uma uJehova engaluthandi lolu hlobo lokuziphatha, uyozizwa kanjani ngokuziphatha okufana nakho? Yisiphi isifundo engisitholayo kule ndaba eseBhayibhelini futhi ngingasisebenzisa kanjani ekuphileni kwami.’ Uma sesiziqonda izizathu ezenze uJehova wabeka imithetho nezifundo esizithola ezindabeni eziseBhayibhelini, siyokwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile—izinqumo ezivumelana nentando kaJehova.

11. UJesu wasibonisa ngayiphi indlela ukuthi singazithola kanjani izimiso zeBhayibheli eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni? (Bheka nezithombe.)

11 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wasibonisa ukuthi singazithola kanjani izimiso zeBhayibheli. Ake sixoxe ngezibonelo ezintathu. Esibonelweni ngasinye, uJesu waqale washo umthetho. Ngemva kwalokho waveza izizathu noma isimiso salowo mthetho. Njengoba sizindla ngezizathu uJesu aziveza, sizobona ukuthi singazisebenzisa kanjani lezi zimiso esikhathini sethu. Ngesikhathi esifanayo, sizoqonda ukuthi zingasizuzisa kanjani lezi zifundo ekuphileni kwethu.

UJesu uhleli ngaphansi kwesihlahla, ufundisa iqembu labafundi bakhe.

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wasibonisa ukuthi singazithola kanjani izimiso zeBhayibheli okusekelwe kuzo imithetho kaNkulunkulu (Bheka isigaba 11)


12. Umthetho okuMathewu 5:​21, 22 usekelwe kusiphi isimiso? (Bheka nesithombe.)

12 Funda uMathewu 5:​21, 22. “Ungabulali.” Yisiphi isimiso esikulo mthetho? UJehova akafuni sizondane—ngezenzo, ngesikushoyo noma ngisho nangalokho esikucabangayo. UJesu wabonisa ukuthi ngisho noma umuntu engase angasenzi isenzo sokubulala, usengabonisa ukuthi akasihloniphi isizathu salowo mthetho uma ezonda umfowabo. Uma umuntu ‘eqhubeka ethukuthelele umfowabo’ noma emhlukumeza ngamazwi, lowo muntu othukuthele usengatholakala enecala. Empeleni imicabango nezenzo ezinjalo yizo ezenza abantu babulale abanye.—1 Joh. 3:15.

13. Singasisebenzisa kanjani isimiso esikuMathewu 5:​21, 22 ekuphileni kwethu? (Bheka nezithombe.)

13 Singasisebenzisa kanjani isimiso esikuMathewu 5:​21, 22 namuhla? Kufanele sigweme ukuthukuthela noma ukubamba igqubu. (Lev. 19:18; Jobe 36:13) Kungani? Kungenxa yokuthi le mizwa ingasenza sibe nenzondo ezinhliziyweni zethu, okungasenza sisho noma senze izinto ezibuhlungu komunye umuntu. (IzAga 10:12) Lokho kuhlanganisa inhlebo nokunyundela, okungalimaza noma konakalise idumela labanye. (IzAga 20:19; 25:23) Ngisho nangaphambi kokuba kube nezinto ezinjengezinkundla zokuxhumana, ama-blog, i-inthanethi noma ama-app okuthumelelana amameseji, uJesu wakhuluma ngesimiso esasiyoxwayisa amaKristu avuthiwe ngezingozi ezingase zibe khona lapho esebenzisa la mathuluzi ezobuchwepheshe esimanje. Kodwa kuzo zonke izimo kufanele sigweme ukusho izinto ezibonisa inzondo, ezingalonakalisa ngokuphelele idumela lomunye umuntu.

Esikubona ezithombeni: 1. Ishadi lezithombe elibhalwe umthetho weBhayibheli othi: “Ungabulali.” 2. Odade ababili bayahleba kuyilapho omunye udade engakhululekile njengoba elalele lokho abakushoyo.

(Bheka izigaba 12-13)


14. Umthetho okuMathewu 5:​27, 28 usekelwe kusiphi isimiso? (Bheka nesithombe.)

14 Funda uMathewu 5:​27, 28. “Ungaphingi.” Yisiphi isimiso okusekelwe kuso lo mthetho? UJehova akazondi nje kuphela ukuziphatha kabi ngokocansi, kodwa uzonda nemicabango engaholela ekuziphatheni kabi ngokocansi. UJesu wachaza ukuthi uma indoda eshadile iqhubeka ibuka owesifazane (ongeyena umkayo) ngendlela eyenza imkhanuke, seyonile kakade. Ngakho kufanele siyigweme ngokuphelele imicabango yokuziphatha kabi, ngisho noma lokho kudinga silwe kanzima. (Math. 5:​29, 30) Lesi simiso siyasebenza nakumaKristu angashadile.

15. Singasisebenzisa kanjani isimiso esikuMathewu 5:​27, 28 namuhla? (Bheka nezithombe.)

15 Singasisebenzisa kanjani isimiso esikuMathewu 5:​27, 28 namuhla? Kufanele sigweme ukugxila ezifisweni ezingafanele. (2 Sam. 11:​2-4; Jobe 31:​1-3) Kusobala-ke, ukuthi umKristu ovuthiwe uzigwema zonke izinhlobo zezithombe zocansi ezingcolile. Akasho ukuthi umane nje ubuka izithombe zokuziphatha okubi, ngakho ayikho into embi ayenzayo. Akazami ukuthethelela lokho akwenzayo ngokuthi umane nje ubuka izithombe zocansi “ezingezimbi kangako,” abanye abazibheka njengezingcono kunezithombe zocansi eziveza ubulili ingcaca. Ngesikhathi sikaJesu, zazingekho izinto zobuchwepheshe, amamuvi noma izithombe. Noma kunjalo, uJesu wasitshela ngesimiso esisifundisa ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngezinto ezingase zifakwe ezintweni zobuchwepheshe zesimanje. Lokhu kusisiza siqonde ukuthi uJehova uyodumala kakhulu uma sisebenzisa lezi zinto zobuchwepheshe ukuze sithumelelane izithombe noma amavidiyo ocansi angcolile. Ukulalela lesi simiso kusiza umuntu oshadile agweme ukukhohlisa umuntu ashade naye. (Mal. 2:15) Kusiza nawo wonke amaKristu—ashadile nangashadile—ukuba agweme noma yini engaholela ekuziphatheni kabi ngokocansi—IzAga 5:​3-14.

Esikubona ezithombeni: 1. Ishadi lezithombe elibhalwe umthetho weBhayibheli othi: “Ungaphingi.” 2. Umzalwane udilitha i-app yenkundla yezokuxhumana.

(Bheka izigaba 14-15)


16. Umthetho okuMathewu 5:​43, 44 usekelwe kusiphi isimiso? (Bheka nesithombe.)

16 Funda uMathewu 5:​43, 44. “Kumele uthande umakhelwane wakho.” Yisiphi isimiso okusekelwe kuso lo mthetho? UJehova ufuna sibheke bonke abantu njengomakhelwane bethu futhi sibabonise uthando. Ngokudabukisayo, amaJuda angosuku lukaJesu ayewusebenzisa kabi lo myalo, ekholelwa ukuthi wawusho ukuthi ayengazizonda izitha zawo. Kodwa, uJesu wayazi ukuthi lo mthetho wawungahlosile lokho. Wayazi ukuthi uBaba wakhe osezulwini onothando ulindele ukuba sibheke wonke umuntu njengomakhelwane wethu, kungakhathaliseki ukuthi ungowaluphi uhlanga noma ubuzwe.—Math. 5:​45-48.

17. Kusizuzisa ngani ukusebenzisa isimiso esikuMathewu 5:​43, 44 ekuphileni kwethu? (Bheka nezithombe.)

17 Singasisebenzisa kanjani isimiso esikuMathewu 5:​43, 44 namuhla? Uthando ngomakhelwane luyosenza senqabe ukuhileleka ezimpini nasezingxabanweni zaleli zwe. (Isaya 2:4; Mika 4:3) Luyosisiza nokuba sibabonise umusa labo abanohlanga, ubuzwe noma inkolo ehlukile kweyethu. (IzE. 10:​34, 35) Luyosisiza nokuba sithethelele labo abasizwise ubuhlungu noma abazwise ubuhlungu labo esibathandayo.—Math. 18:​21, 22; Marku 11:25; Luka 17:​3, 4.

Esikubona ezithombeni: 1. Ishadi lezithombe elibhalwe umthetho weBhayibheli othi: “Kumele uthande umakhelwane wakho.” 2. Indoda nomkayo bayashumayela emakethe, babonisa indoda yolunye uhlanga incwajana ethi “Phila Kuze Kube Phakade!”

(Bheka izigaba 16-17)


ZIMISELE UKUPHILA NGEZIMISO ZEBHAYIBHELI

18. (a) Yini okufanele sizimisele ukuyenza? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

18 Sibonga kakhulu ngokuthi uJehova uyakujabulela ukusiphatha njengabantu abadala, hhayi njengezingane ezincane! Ufuna sisebenzise izimiso zeBhayibheli ezizosisiza ezinqumweni esizenza njalo. (1 Kor. 14:20) Njengoba senza lezo zinqumo, masizimisele ‘ukuqhubeka siqonda ukuthi iyini intando kaJehova.’ (Efe. 5:17) Uthando esinalo ngoJehova, hhayi ukwesaba ukuthi uzosijezisa, luyosisiza senze izinqumo ezivumelana nentando yakhe. Kodwa, kunesinye isipho esizosisiza njengoba senza kanjalo. Onembeza bethu. Yilokho esizoxoxa ngakho esihlokweni esilandelayo.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Siyini isimiso seBhayibheli?

  • Izimiso zehluke kanjani emithethweni?

  • Yiziphi ezinye izimiso uJesu azifundisa abantu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni?

INGOMA 95 Ukukhanya Kuba Kukhulu

a AmaKristu avame ukucelwa ukuba azihlole ngokucophelela izimiso zeBhayibheli. Kudingeka siqonde ukuthi izimiso zeBhayibheli zihlobana kanjani nezinye nokuthi zihlobana kanjani nezinqumo okungase kudingeke sizenze. Singasebenzisa amandla ethu okucabanga esiwanikwe uNkulunkulu, noma ikhono lokucabanga, ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile eziyojabulisa uJehova neziyomenza asibusise. Ngekhulu lokuqala, le ndlela yokukhulekela yayiyintsha kumaJuda amaningi ayebe amaKristu. Ngaphambilini ayephila ngemithetho eminingi yesiko lawo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela