JUNI 29–JULAYI 5, 2026
INGOMA 131 “Lokho UNkulunkulu Akuhlanganisile”
Qhubeka Uqinisa Ubungani Nomuntu Oshade Naye
“Kukhona umngani onamathela ngaphezu komfowenu.”—IZAGA 18:24.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Umshado ojabulisayo wakhiwa ubungani obuseduze phakathi kwendoda nomkayo nothando bobabili abanalo ngoJehova.
1. Kungani abangani abahle beyisipho esivela kuJehova?
ABANGANI abahle bayisipho esivela kuJehova. (Jak. 1:17) Bayamthanda uNkulunkulu futhi bayasithanda nathi. Bajabula nathi lapho sijabule, basiduduze lapho sidabukile futhi basitshela iqiniso lapho kudingeka baseluleke. Baqotho futhi singabethemba. Ngempela, abangani abanjalo ‘benza inhliziyo ijabule’!—IzAga 27:9.
2. Kungani kubalulekile ukuba abantu abashadile baqhubeke beqinisa ubungani babo? (Mathewu 19:6)
2 Kubalulekile ukuba indoda nomkayo babe abangani abakhulu. Abakwazi ukubuthatha kancane ubungani babo—kudingeka baqhubeke benza izinto ezibuqinisayo. Uma bengabunaki, bangase baqale ukuzizwa benesizungu, bengajabule baze bathukuthele. Kodwa uma beqhubeka benza izinto eziqinisa ubungani babo, bangaba abangani abakhulu nabasondelene kakhulu. (Funda uMathewu 19:6.) Kulesi sihloko, sizobona indlela abantu abashadile abangaqhubeka ngayo beqinisa ubungani babo. Kodwa, ake siqale sixoxe ngokuthi umKristu ongashadile angamkhetha kanjani umuntu azoshada naye ozoba umngani wakhe omkhulu ukuphila kwakhe konke.
UMKHETHA KANJANI UMUNTU OZOBA UMNGANI WAKHO UKUPHILA KWAKHO KONKE?
3-4. Yini eyosiza umuntu ukuba athole umuntu okahle azoshada naye? (IzAga 18:22)
3 Ngaphambi kokuba senze noma yisiphi isinqumo esikhulu, kudingeka sicabange ngezinto ezimbi ezingase zenzeke, ngezinzuzo nangemiphumela yaleso sinqumo. Izinqumo ezinkulu zingathinta ukuphila kwethu isikhathi eside, ngakho kubalulekile ukucabangisisa ngazo.
4 Lapho sikhetha umuntu ozoba umngani wethu ukuphila kwethu konke—umuntu esizoshada naye—sisuke senza esinye sezinqumo ezibaluleke kakhulu kwesiyoke sizenze ekuphileni. Njengoba kunguJehova owenza ilungiselelo lomshado, kunengqondo ukusifuna kuye isiqondiso lapho sikhetha umuntu esizoshada naye. Ufuna indoda ithole unkosikazi okahle nowesifazane athole umyeni okahle. UJehova uhlale azi ukuthi yini esilungele. (Funda izAga 18:22; Isaya 48:17, 18) Izimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu zingasiza umKristu ukuba athole umuntu okahle azoshada naye.
5. Kungani kuwukuhlakanipha ukukhetha ukushada nomuntu obhapathiziwe?
5 Lapho sibhapathizwa siba abangani bakaNkulunkulu. (IHu. 25:14) Uma ungathanda ukushada, kufanele umkhethe kubangani bakaJehova umuntu ocabangela ukushada naye. (1 Kor. 7:39) Ngokwenza kanjalo, ubonisa ukuthi uyayihlonipha imithetho kaJehova futhi uyobheka umuntu oshade naye njengesibusiso esivela kuJehova. (IzAga 19:14) Uyogwema nezinkinga ezibangelwa ‘ukuboshelwa ejokeni’ nomuntu ongakholwa. (2 Kor. 6:14) Ngeke ngempela kube ukuhlakanipha ukuthandana nomuntu ongakholwa, mhlawumbe uzitshela ukuthi awamaningi amaKristu afanelekayo ongakhetha kuwo. Ngeke kube ukuhlakanipha nokuzithethelela ngokuthi uma uthandana nomuntu ongakholwa kungenzeka abe uFakazi ngelinye ilanga.
6-7. Yimiphi imibuzo okufanele uzibuze yona ngesikhathi nisathandana?
6 Yiqiniso ukuthi akuyena wonke umuntu obhapathiziwe ongaba umngani womshado ofanelekayo. Mbhekisise umuntu ocabangela ukushada naye.a Zibuze: ‘Uwuphatha kanjani umndeni wakubo? Ingabe uyacabangela futhi unenhlonipho? Obani abangani bakhe? Wenzenjani lapho kunokungaboni ngaso linye? Ingabe uyaphikelela ekwenzeni izinto ngendlela yakhe noma uzimisele ukuhoxa lapho singekho isimiso esingokomBhalo esephulwayo? Uyibheka kanjani imali?’
7 Nayi eminye imibuzo ongazibuza yona: ‘Ingabe umngani wami uyabonisa ukuthi umthanda ngokujulile uJehova? Ingabe ugqoka “ubuntu obusha”? Uyongisiza yini ukuba ngiqhubeke ngikhonza uJehova ngokugcwele? Ingabe sinemigomo engokomoya efanayo? Ngiyazibona yini mina naye sesingasebona nje abangani abakahle kodwa sesingabangani abasondelene kakhulu?’ (Kol. 3:9, 10) Uma ungudade, ingabe umzalwane othandana naye uyoba umngani okahle nenhloko yomndeni ekahle? (1 Kor. 11:3) Uma ungumzalwane, ingabe udade othandana naye uyolamukela yini igunya lakho njengenhloko naphezu kwamaphutha akho? Kuthatha isikhathi ukuphendula imibuzo enjalo. Ngakho, sebenzisa isikhathi enithandana ngaso ukuze umazi kahle umuntu ocabangela ukushada naye.
8-9. Yini engasiza umuntu othandana nothile ukuba enze isinqumo esihlakaniphile? (Bheka nesithombe.)
8 Njengoba nisathandana futhi nizama ukwazana kangcono, cishe uyokwenza isinqumo esihlakaniphile uma uzama ukuthola ukuthi unjani ngempela umuntu othandana naye. Zama ukuthola ukuthi abanye bambheka njengomuntu onjani. Ungase ubuze ngedumela lakhe nangezimfanelo zakhe. Ngokwesibonelo, ingabe waziwa njengomuntu othobekile, onomusa nocabangelayo? USarah, udade waseFrench Guiana owashada nomzalwane okuthiwa uDaniel, uthi: “Ngabuza ngoDaniel kumzalwane owayehlala naye efulethini nowayephayona naye, ngabuza kumdala owayesebandleni likaDaniel, kubangani bethu nakodade basebandleni ayekulo.” Ngomusa ungase ubuze umuntu othandana naye ukuthi ikhona yini into eyenzeka kuye esikhathini esidlule noma manje okudingeka uyazi, njengoba ezinye izinto noma eminye imikhuba kungase kudale izinkinga ezibucayi kamuva emshadweni wenu.
9 Ungayishalazeleli imicabango elokhu ibuye njalo ekwenza unqikaze ukuqhubeka uthandana nalowo muntu, noma izinto ezingamaqiniso ezishiwo abangani abavuthiwe ngalowo muntu. Uma wenza kanjalo, uyokwazi ukunquma ukuthi kuwukuhlakanipha yini ukuqhubeka uthandana nalowo muntu noma cha.b Manje, kulezi zigaba ezilandelayo, ake sixoxe ngalabo asebeshadile kakade.
Njengoba nisathandana ukuze nazane kangcono, zama ukuqonda ukuthi unjani ngempela umuntu ocabangela ukushada naye (Bheka izigaba 8-9)
CHITHANI ISIKHATHI NDAWONYE NIQINISA UBUNGANI BENU
10. Kungani kukuhle ukuba indoda nomkayo bachithe isikhathi ndawonye?
10 Indoda nomkayo bangagcina ubungani babo nomshado wabo kuqinile ngokuchitha isikhathi ndawonye noma ngabe bamatasa kangakanani. Lokho kubanika ithuba lokuxoxa ngezinto ezenzeke osukwini, lokuthululelana izifuba basho lokho abakucabangayo nendlela abazizwa ngayo, lokubonisana uthando nelokwenza izinto ezijabulisayo ndawonye.
11. Yini engalimaza ubungani bendoda nomkayo?
11 Indoda nomkayo abangabangani abakhulu bancamela ukuba ndawonye kunokuba bangahlali ndawonye. Yiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi bangase bangahlali ndawonye okwesikhashana. Kodwa ukuhlala kanjalo isikhathi eside kungaba yingozi. Ngokwesibonelo, abanye bavuma ukwamukela umsebenzi okwelinye izwe, okubenza bahlale kude nemindeni yabo isikhathi eside. Nakuba kungenzeka ukuthi lokho kuyazuzisa ngokwezimali, ukuhlala kude nomndeni wakho isikhathi eside kungadala izinkinga ezinkulu emshadweni.
12-13. (a) Yini amanye amaKristu ayenzile ukuze achithe isikhathi nabantu ashade nabo? (Bheka nesithombe.) (b) Kufanele sibubeke kuphi ubuhlobo bethu nomuntu esishade naye? (Bheka ibhokisi elithi “Indawo Yomuntu Oshade Naye Ekuphileni Kwakho.”)
12 Phawula lokho abanye abashadile abakwenzile ukuze baqikelele ukuthi bahlale bechitha isikhathi ndawonye. ULeah waseGuam, uthi: “Mina nomyeni wami sijabulela ukwenza izinto ezihlukahlukene ndawonye. Asivamile ukuhamba ngokwehlukana emicimbini yokuzijabulisa noma lapho sizikhipha.” URoxanne wase-United States, uthi: “Njengoba ziziningi izinto okudingeka sizenze, sibonile ukuthi kudingeka sisihlele isikhathi esizosichitha ndawonye njengoba siye senze nangezinye izinto ezibalulekile.” (Qhathanisa no-Amose 3:3.) UDamien waseFrance, uyachaza: “Sifunde ukuba nendaba nento ethandwa omunye ngisho nokuyithanda leyo nto.” (Math. 7:12) Kanti uKatie, naye ohlala e-United States, uthi: “Ngezinye izikhathi siwabeka kude amafoni ethu ukuze angasiphazamisi.”
13 Okubaluleke nakakhulu, chithani isikhathi ndawonye nenza izinto ezinenza nisondelane noJehova. UMyriam waseFrance, uthi: “Siqalisa usuku lwethu ngokufunda iBhayibheli bese sixoxa ngokuthi yini esiyithandile nangokuthi yini esingayisebenzisa ekuphileni kwethu. Ziyigugu kakhulu kimi lezo zikhathi.” Uyenezela: “Ngijabula kakhulu nalapho sithandaza ndawonye futhi ngizwe indlela umyeni wami amthanda ngayo ngokujulile uJehova.” UKatie, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Isikhathi esisithanda kakhulu esokushumayela ndawonye enkonzweni yasensimini. Kuyaqabula ukuzwa ngamunye wethu ekhuluma ngokholo lwakhe futhi sihlale sifunda izinto ezintsha komunye nomunye.”—IzAga 27:17.
Qinisani umshado wenu ngokuhlale nichitha isikhathi ndawonye njengabangani (Bheka izigaba 12-13)
BAMBISANANI LAPHO KUPHAKAMA IZINKINGA
14-15. Kungani abashadile kufanele benze konke abangakwenza ukuze banqobe izinkinga ezingase ziphakame emshadweni wabo? Nikeza isibonelo.
14 Njengabantu abanesono, abantu abashadile bayobhekana nezinkinga emshadweni wabo. IBhayibheli liyavuma ukuthi abantu abashadile “bayoba nosizi enyameni yabo.” (1 Kor. 7:28) Leyo nkulumo ibhekisela ezinkingeni ezivamile kubantu abashadile. Lapho kuphakama izinkinga ezinjengalezo, kungani abashadile kufanele benze konke abangakwenza ukuze babambisane futhi banqobe lezo zinkinga?
15 Cabanga ngalesi sibonelo. Uma ibhilidi elidumile noma into ethile eyenziwe ngobuciko kumosheka, cishe abanikazi balezo zinto bayonquma ukuzilungisa. Bangase basebenzise imali eningi nesikhathi esiningi ukuze balungise umonakalo owenzekile, okungase kuthathe iminyaka eminingi ukuwulungisa. Kungani? Kungenxa yokuthi lelo bhilidi noma leyo nto eyenziwe ngobuciko kuyigugu kubo. Ngokufanayo, yonke imishado iyigugu. Ngisho nasemishadweni emihle kakhulu ziyoba khona izingxabano. Kodwa, njengoba nje ngokuvamile ibhilidi elimoshekile noma into eyenziwe ngobuciko kungalungiswa, umshado onezinkinga nawo ungalungiseka. Cishe kuyothatha isikhathi ukuwulungisa futhi labo abashadile kuyodingeka basebenze kanzima. Noma kunjalo, uJehova uyojabula uma labo abashadile besebenza kanzima ukuze baqinise umshado wabo futhi bahlale ndawonye. (Mal. 2:16) Ngokwenza kanjalo, abagcini nje ngokubonisana uthando nenhlonipho, kodwa babonisa nokuthi bayamthanda futhi bayamhlonipha uJehova, uMsunguli womshado.
16. Ngokweyoku-1 Korinte 13:4-8a, yini engasiza abashadile ababhekene nezinkinga ezinkulu emshadweni wabo? (Bheka nesithombe nebhokisi elithi “Okunganisiza Niqinise Ubungani Benu.”)
16 Uma kuphakama izinkinga emshadweni wakho, ungajahi ukuhlala ngokwehlukana nomuntu oshade naye. (1 Kor. 7:10, 11) Kunalokho zibuze, ‘Ngingakwazi yini ukwenza okwengeziwe ukuze ngiqinise ubungani bethu?’ Phinde uhlole lokho iBhayibheli elikushoyo ngokubonisa uthando, uzibuze ukuthi ungakwazi yini ukulubonisa kakhudlwana ngezindlela okukhulunywe ngazo kweyoku-1 Korinte 13:4-8a. (Yifunde.) Kunokuba ubheke izindlela ongaphuma ngazo emshadweni wakho, yenza konke ongakwenza ukuze niphinde nisondelane nomuntu oshade naye. Gxila kulokho wena ongakwenza ukuze niphinde nibe nobuhlobo obuhle. Thandaza kuJehova ucele isiqondiso sakhe. Thola usizo oludingayo ezincwadini zethu, kumavidiyo nakubadala namanye amaKristu avuthiwe. Ngokuthembela kuJehova, umucu wesithathu noqine kunayo yonke ‘entanjeni enemicu emithathu,’ umshado wakho ngeke ‘ugqashuke ngokushesha.’—UmSh. 4:12.
Bambisanani lapho kuphakama izinkinga emshadweni wenu (Bheka isigaba 16)
17. Labo abacabangela ukushada nalabo asebeshadile kakade bangayithola kanjani injabulo?
17 UJehova ufuna zonke izinceku zakhe zijabule, okuhlanganisa lezo ezicabangela ukushada nalezo esezishadile kakade. Ngakho, uma ungashadile futhi ungathanda ukushada, mkhethe kahle umuntu ozoba umngani wakho ukuphila kwakho konke. Uma ushadile, qhubeka uqinisa ubungani bakho nomuntu oshade naye. Yenza konke ongakwenza ukuze uxazulule izinkinga ezisemshadweni wakho, ngosizo lukaJehova. Ngokwenza lezi zinto, ‘uyokujabulela ukuphila’ nesithandwa sakho oshade naso!—UmSh. 9:9.
INGOMA 132 Sesimunye
a Imibuzo elandelayo isebenza ngendlela efanayo kwabesilisa nabesifazane.
b Ukuze uthole amacebiso engeziwe ngokuthi ningazana kanjani kangcono, bheka isihloko esithi “Ongakwenza Ukuze Ukuthandana Kwenu Kube Yimpumelelo,” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 2024, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Zinikeni Isikhathi Sokwazana Kahle.”