AMACEBISO OKUTADISHA
Qonda Imifanekiso EseBhayibhelini
IBhayibheli linamakhulu emifanekiso. Noma kunjalo, abafundi beBhayibheli abaningi bakuthola kunzima ukuyiqonda. (Math. 13:13) Yini engakusiza uyiqonde kahle incazelo yemifanekiso esetshenziswe eBhayibhelini? Mhlawumbe ungazama ukwenza lezi zinto ezilandelayo:
Zama ukuthola isihloko sendaba nokuthi yini esifaniswa nayo. Imifanekiso ifanisa isihloko sendaba nento ethile. Ngokwesibonelo, isAmbulo 3:3 sifanisa ukuza kukaJesu (isihloko) nokufika kwesela (lokho esifaniswa nakho).
Bona ukuthi isihloko nalokho esifaniswa nakho kufana kanjani. Thola ukuthi yiziphi izinto ezisemfanekisweni osetshenzisiwe ezifana nezinto okukhulunywa ngazo kuleso sihloko nokuthi kungani kusetshenziswe lowo mfanekiso.
Finyelela iziphetho ezifanele. Ngezinye izikhathi umuntu angase afinyelele iziphetho ezingafanele lapho eqhathanisa isihloko nomfanekiso. Esibonelweni esingenhla, uJesu akazile ukuzontshontsha. Kunalokho, umongo ubonisa ukuthi ukuza kwakhe kuyofana nokufika kwesela ngomqondo wokuthi kuyobe kungalindelekile futhi ngeke kumenyezelwe.