Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Ephreli kk. 2-7
  • UJehova Ungiqeqeshile Kusukela Ebusheni Bami

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Ungiqeqeshile Kusukela Ebusheni Bami
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUQEQESHWA KUYAQHUBEKA
  • UKUPHAYONA KUYAJABULISA
  • ISABELO SOKUYOKHONZA ESENEGAL
  • UKUPHAYONA ENEW BRUNSWICK NASEQUEBEC
  • UKUKHUMBULA LABO ABATHEMBEKA KUJEHOVA
  • IZIFUNDO ENGAZIFUNDA KUBAFOWETHU ABATHEMBEKILE
  • NGESIKHATHI SITHUTHELA E-UNITED STATES
  • Ukufunda Ezibonelweni Ezinhle Kwangiholela Ezibusisweni Ezicebile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Saphendukela Emthonjeni Wokulunga Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ukubonisa Abanye Ukuthi Uyabakhathalela Kuletha Izibusiso Ezihlala Njalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ukuqeqesha Izikhonzi ZoMbuso
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Ephreli kk. 2-7
UMfoweth’ uDavid Splane usedeskini lakhe uyasebenza.

INDABA YOKUPHILA

UJehova Ungiqeqeshile Kusukela Ebusheni Bami

ILANDISWA UDAVID SPLANE

NGAGQOLOZELA iphepha umzalwane ayeqeda kunginika lona. Kulo kwakubhalwe ukuthi, “David Splane, Ephreli 8, 1953: ‘Ukumemezela Ukubhujiswa Kwaleli Zwe.’” Ngambuza, “Yini le?” Umzalwane wangiphendula wathi, “Yisabelo sakho senkulumo ozoyenza eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.”a Ngathi, “Angikaze ngithi ngifuna ukubeka izinkulumo esikoleni!”

Ngaphambi kokuba ngiqhubeke, ngizoyiqala ekuqaleni indaba yami. Ngazalwa ngesikhathi kuneMpi Yezwe Yesibili eCalgary, eCanada. Ngasekupheleni kwawo-1940, iphayona eliselisha okuthiwa uDonald Fraser langqongqoza ekhaya futhi umama wasamukela isifundo seBhayibheli. Wayewathanda ngempela amaqiniso ayewafunda eBhayibhelini, kodwa izinkinga zempilo ezibucayi zazimenza angakwazi ukwenza izinto eziningi nebandla. Noma kunjalo, wathuthuka waze wabhapathizwa ngo-1950. Ngokudabukisayo, washona ingakapheli iminyaka emibili ebhapathiziwe. Ubaba wayengeyena uFakazi KaJehova ngaleso sikhathi, kodwa wavuma ukuba inkonzo yomngcwabo yenziwe oFakazi.

Ezinsukwini ezimbalwa ngemva komngcwabo, u-Alice udade osekhulile ogcotshiwe wangimemela emhlanganweni webandla. Wayengazi ngoba ngangikade ngiya emihlanganweni yangempelasonto nomama uma engaguli kakhulu. Ngabuza ubaba ukuthi ngingaya yini kuleyo mihlangano. Wangivumela ukuba ngiye kuyo, kodwa wanquma ukuhamba nami “kanye nje” ukuze ayobonga umzalwane owayenze inkulumo yomngcwabo kamama. Ngalobo busuku, kwakuneSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo. Lolo kwakuwusuku olukahle kakhulu lokuba ubaba aye emhlanganweni wakhe wokuqala. Wayesanda kufundela ukuba isikhulumi sasobala futhi yammangaza indlela izinkulumo ezazibekwa kahle ngayo emhlanganweni. Ubaba wanquma ukuya kulowo mhlangano maviki onke. Kancane kancane, waqala ukuya nakweminye imihlangano.

Ngalezo zinsuku, umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini wayeqalisa umhlangano ngokubiza amagama alabo ababebhalisele ukubeka izinkulumo bese ngamunye wabo ephendula athi, “Ngikhona.” Ngobunye ubusuku, ngacela ukuba igama lami libizwe emhlanganweni olandelayo. Umzalwane wangincoma ejabule, kodwa akangibuzanga ukuthi ngangiqonda yini ukuthi yini eyayihilelekile.

Ngangingazi ukuthi ngangivolontiyela ukwenza izinkulumo esikoleni—ngangimane ngifuna ukuba igama lami libizwe! Ngeviki elilandelayo igama lami labizwa futhi ngaphendula ngeqholo ngathi, “Ngikhona.” Ngemva komhlangano, abafowethu nodadewethu bangincoma. Emavikini ambalwa alandela, nganikwa iphepha lesabelo engikhulume ngalo ekuqaleni kwalesi sihloko.

Ngangithukile! Ngaleso sikhathi, labo abenza izinkulumo kwakulindeleke ukuba balungiselele izinkulumo eziyimizuzu eyisithupha kuya kwengu-8. Sasingekho isabelo sokumane ufunde iBhayibheli. Ubaba wangisiza ukuba ngilungiselele leyo nkulumo, wangiprakthizisa yona izikhathi ezingu-20 ngaphambi kokuba ngiyenze. Ngemva kokuyenza, ngathola iseluleko esiwusizo. Kule minyaka edlule, uJehova ubengiqeqesha esebenzisa ubaba, abafowethu nodadewethu abanekhono nenhlangano yaKhe.

UKUQEQESHWA KUYAQHUBEKA

U-Alice, engikhulume ngaye ekuqaleni wangiqeqesha lapho ngiqala ukushumayela. Ngalezo zikhathi, sasikhuthazwa ukuba sifundele umninikhaya imiBhalo emithathu bese simnika incwadi. Lapho sekuyithuba lami lokushumayela, u-Alice wayezethula, aqalise ingxoxo bese engicela ukuba ngifunde umBhalo wokuqala. Ngemva kwalokho, ngangiqhubeka nengxoxo, ngifunde umBhalo wesibili nowesithathu bese nginika umninikhaya incwadi. Kamuva, ngafunda ukuzethula bese ngiqalisa ingxoxo. Ngemva kokuba ubaba esebhapathiziwe ngasekupheleni kuka-1954, waqhubeka nokungiqeqesha enkonzweni yasensimini. Njengoba ayengikhulisa yedwa, wenza konke angakwenza ukuze angisize ngithande uJehova. Imisebenzi ehlobene nokukhonza uJehova yayibaluleke kakhulu kuye. Ngangihlale ngazi ukuthi sasizobe senzani ngezinsuku zemihlangano kusihlwa nangeMigqibelo nangamaSonto ekuseni.

Esikoleni ngangiwumfundi ovamile nje; kodwa okunye ukuqeqeshwa engakuthola phakathi neminyaka engu-12 ngisesikoleni kungizuzise ukuphila kwami konke. Ngokwesibonelo, ngafunda okuningi ngokwenza izibalo ezinzima nangemithetho yolimi lwesiNgisi. Amakilasi esiNgisi nawokubhala izindaba engawenza abe wusizo esabelweni engisenza njengamanje njengoba ngisebenza eMnyangweni Wokubhala.

Abantu bavame ukungibuza ukuthi kungani ngiwuthanda umculo. Bobabili abazali bami babewuthanda umculo. Ngesikhathi ngineminyaka eyisikhombisa, ngenza amakilasi okufundela ukudlala i-piano okwesikhathi esithile, kodwa uthisha wami ayimgculisanga indlela engangiqhuba ngayo ekilasini. Wakhuluma nobaba, wasikisela ukuba ngiwayeke amakilasi. Ngiyaqonda ukuthi kungani asho kanjalo—ngaleso sikhathi ngangingakuthandi kangako ukwenza lawo makilasi.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ubaba wangitholela omunye uthisha. Kulokhu, ngafundela ukudlala i-piano nokucula kahle futhi ngangenza kahle kakhulu. Njengoba ngangiwumfana ocula i-soprano, nganginephimbo elimnandi futhi kunemincintiswano engayiwina. Umgomo wami wokufundela umculo kwakuwukuba ngithole iziqu ezizongenza ngikwazi ukufundisa abanye umculo nokuzisekela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Njengoba sase sisondele isikhathi sokuthola iziqu, ngaqaphela ukuthi kwakuzodingeka ngichithe isikhathi esiningi ngitadisha izivivinyo zokwenza izindlela ezingafani zomculo zihambisane, ezomlando womculo nezokuqamba izingoma. Ngakho ngayeka ukufunda ngaba yiphayona elivamile. Kwakungu-1963 ngalowo nyaka.

UKUPHAYONA KUYAJABULISA

Ngemva kokuphayona isikhathi esingangonyaka, ngathola isabelo sokuba yiphayona elikhethekile eKapuskasing, e-Ontario. UDaniel Skinner engangiphayona naye wayemdala kakhulu kunami. Wangifundisa izinto eziningi ngendlela ibandla elisebenza ngayo. Lapho ngineminyaka engu-20, ngathola isabelo sokukhonza eKomitini Yenkonzo Yebandla, ngakho kuningi okwakudingeka ngikufunde. Ngijabula kakhulu ngokuthi namanje inhlangano isagcizelela ukubaluleka kokuqeqesha abazalwane abasebasha. Uma laba bazalwane besebenza ngokuzikhandla, uJehova angabasebenzisa ngisho noma besebasha!

Ukuphila eKapuskasing kwakungelula ngaso sonke isikhathi. Ebusika, kwakubanda kakhulu. Mina noDan sasivame ukuhamba ngezinyawo. Nokho, enye yezinto ezangijabulisa kakhulu esabelweni sami ukuhlangana nodade okuthiwa uLinda Cole, kamuva owaba uLinda Splane.

ULinda wayengummemezeli oshisekayo owayenezimpindelo eziningi ezinhle. Wayephana, enomusa, ekuthanda nokuchitha isikhathi nabantu. Umama wakhe, uGoldie, wayengudade othembekile. Ekuqaleni, ubaba wakhe u-Allen, wayephikisa engabathandi oFakazi BakaJehova. Nakuba u-Allen ayephikisa, uGoldie wayevame ukuhamba noLinda nabafowabo, uJohn noGordon, ukuya eHholo LoMbuso futhi wayebaqeqesha enkonzweni yasensimini. Ngesinye isikhathi, uGoldie, uLinda, uJohn noGordon, bonke babephayona. Ngemva kweminyaka eminingi, u-Allen waba uFakazi KaJehova futhi wasebenza ngokuzikhandla ebandleni.

Ngo-1965, ngamenyelwa eSikoleni Senkonzo SoMbuso esathatha inyanga eBethel yaseCanada ukuze ngithole ukuqeqeshwa okwengeziwe. Kuleso sikole, ngacelwa ukuba ngifake isicelo sokuya eGileyadi. Ngangingakaze ngicabange ngokuba yisithunywa sevangeli―ngangingacabangi ukuthi ngiyakufanelekela―kodwa ngasifaka isicelo. Ngamenyelwa ekilasini lika-42. EGileyadi, othisha bethu babevame ukusibhalela umbiko wokuthi siqhuba kanjani ekilasini. Umbiko wokuqala engawuthola wangikhuthaza ukuba ngifunde konke engingakufunda ngenhlangano njengoba ngangisasesikoleni. Leso kwakuyiseluleko esihle ngempela kumuntu oneminyaka engu-21.

Enye yezinto esazifunda eGileyadi ukuthi singasebenzelana kanjani nabezindaba: iziteshi zomsakazo neze-TV, nabamaphephandaba. Ngangikujabulela kakhulu ukufunda ngalokho. Ngangingazi ukuthi ukufunda ngakho kwakuzongisiza kangakanani esikhathini esizayo, njengoba ngizochaza kamuva.

ISABELO SOKUYOKHONZA ESENEGAL

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa sethweswe iziqu, mina noMichael Höhle esasiyizithunywa zevangeli kanye naye, sasisendleleni eya esabelweni sethu esikwelinye izwe eSenegal, e-Afrika. Ngaleso sikhathi, kwakunabamemezeli abangaba ngu-100 kulelo zwe.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa ngisesabelweni sami, ngacelwa ukuba ngiyosebenza ehhovisi legatsha usuku olulodwa evikini. “Ihhovisi legatsha” laliyigumbi elilodwa nje kuphela ekhaya lezithunywa zevangeli. Njengoba ihhovisi legatsha lalingesona isakhiwo esikhulu okwenziwa kuso imisebenzi eyinkimbinkimbi, u-Emmanuel Paterakis umzalwane owayehola egatsheni, wayehlale engikhumbuza ukuthi igatsha lalimelela inhlangano kaJehova kulelo zwe. Ngesinye isikhathi, uMfoweth’ uPaterakis wathi masibhale incwadi ekhuthazayo siyithumele kuzo zonke izithunywa zevangeli. Ngalezo zikhathi, yayingekho indlela elula noma eshibhile yokwenza amakhophi ezincwadi, ngakho kwabhalwa incwadi ngayinye ngomshini wokubhala. Lowo kwakuwumsebenzi onzima ngoba kwakungafanele senze ngisho nephutha elilodwa!

Njengoba ngangilungela ukubuyela ekhaya lezithunywa zevangeli engangihlala kulo kusihlwa ngalelo langa, uMfoweth’ uPaterakis wanginika imvilophu. Wathi, “David, iNhlangano ikubhalele.” Lapho kamuva ngivula leyo mvilophu, ngathola enye yezincwadi engangizibhalile! Leso senzakalo sangifundisa ukuba ngiyihloniphe inhlangano kungakhathaliseki ukuthi inkulu kangakanani noma incane kangakanani kuleyo ndawo ekuyo.

UMfoweth’ uSplane neqembu labafowethu nodadewethu abajabule bayamamatheka njengoba beshutha isithombe.

Ngesikhathi nginezinye izithunywa zevangeli eSenegal, ngo-1967

Ngaba umngani nabamemezeli abaningi ebandleni futhi ngangivame ukuchitha isikhathi nabo ngeMigqibelo kusihlwa. Lezo kwakuyizikhathi ezimnandi kakhulu! Sisaxhumana nabo. Ngikwazile nokusebenzisa ulimi lwesiFulentshi lapho ngivakashela amagatsha ahlukahlukene emhlabeni.

Ngo-1968, mina noLinda sathembisana umshado. Ngemva kwalokho, kwaphela izinyanga eziningana ngizama ukuthola umsebenzi engangizowenza izinsuku ezithile ukuze mina noLinda sikwazi ukuphayona ndawonye eSenegal, kodwa abaqashi bakuleyo ndawo kwakulindeleke ukuba baqashe abantu bendawo kunokuba baqashe abantu bokufika. Ekugcineni, ngemva kokuba sengibuyele eCanada, sashada sabe sesithola isabelo sokuba amaphayona akhethekile e-Edmundston, eNew Brunswick, idolobha elincane elisemngceleni waseQuebec.

UDavid noLinda Splane bayamamatheka njengoba bemi endaweni egcwele izimbali.

Ngosuku lwethu lomshado, ngo-1969

UKUPHAYONA ENEW BRUNSWICK NASEQUEBEC

Babengekho abamemezeli kulelo dolobha, kwakunezifundo zeBhayibheli ezimbalwa. Inkolo yamaKatolika yayilawula cishe zonke izingxenye zokuphila kwabantu. Cishe wonke umuzi wawunophawu oluthi Asibafuni OFakazi BakaJehova. Ngaleso sikhathi, indaba yokuhlonipha uphawu olunjalo yayinganakwa ngendlela enakwa ngayo manje, ngakho sasingena kuwo wonke umuzi, onophawu nongenalo. Iviki ngalinye, inhlangano yamaKatolika yayifaka isaziso ephephandabeni lendawo, esithi: “Asihambeni siyofuna oFakazi BakaJehova siqede ngabo.” Kulelo dolobha kwakunoFakazi BakaJehova abane kuphela—uVictor noVelda Norberg, noLinda kanye nami—ngakho sasazi kahle ukuthi kwakukhulunywa ngathi!

Angisoze ngakukhohlwa ukuhambela kokuqala kombonisi wesigodi. Ngemva kokuchitha iviki nathi wathi, “Mhlawumbe into eningayenza njengoba niselapha ukulungisa imibono eyiphutha abantu abanayo ngoFakazi BakaJehova.” Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, ukwenza lokho kwaba umgomo wethu futhi kwasebenza! Kancane kancane, abantu baqala ukubona umehluko phakathi koFakazi BakaJehova abathobekile nabaholi besonto lamaKatolika abaqhoshayo. Manje sekunebandla elincane kulelo dolobha.

Ngemva kokuchitha isikhathi esingangonyaka kuleso sabelo esisendaweni ecezile, sacelwa ukuba siyosiza ibandla elikhulu eDolobheni laseQuebec. Sachitha izinyanga eziyisithupha ezimnandi nabafowethu nodadewethu abanomoya wokungenisa izihambi kuleyo ndawo ngaphambi kokuba sicelwe ukuba senze umsebenzi wokujikeleza.

Iminyaka engu-14 eyalandela, sayichitha sikhonza izigodi esifundeni saseQuebec. Lezo kwakuyizikhathi ezimnandi ngempela! Abantu babezijabulela kakhulu izindaba ezinhle eQuebec futhi kwakuyinto evamile ukubona amalungu omndeni amaningana asebandleni elilodwa ethuthukela ukufanelekela ukubhapathizwa!

UKUKHUMBULA LABO ABATHEMBEKA KUJEHOVA

Kulula ukuthanda abafowethu nodadewethu baseCanada abakhuluma isiFulentshi. Abagudli iguma uma bekhuluma nawe, bangabantu abajabule nabanomdlandla. Noma kunjalo, kwakungelula ngaso sonke isikhathi ukwamukela iqiniso futhi ngezinye izikhathi babebhekana noshushiso olunzima oluvela emalungwini omndeni. Abanye abasebasha baye banqunyelwa ugwayi katiki abazali babo abangakholwa, bethi kubo, “Kuphakathi kokuthi uyayeka ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova noma uyahamba ekhaya!” Baqhubekile beqotho kuJehova naphezu kokuphikiswa amalungu omndeni. Kumele ukuba uJehova uyaziqhenya kakhulu ngabo!

Ngiyobe ngenza iphutha uma ngingakhulumi ngeqembu elithembekile lamaphayona avamile nakhethekile elalikhonza eQuebec ngaleyo minyaka. Iningi lalawo maphayona lalivela kwezinye izingxenye zeCanada. Ngaphezu kokufunda ukukhuluma kahle ulimi lwesiFulentshi, kwakudingeka afunde ngesiko lendawo nangendlela abantu bakhona abacabanga ngayo, eyayithonywe kakhulu inkolo yamaKatolika.

Ngokuvamile, amaphayona akhethekile ayabelwa ukuba ayokhonza ezindaweni ezicezile ezingenabo abamemezeli. Ngenxa yokuthi abantu bendawo babengabathandi oFakazi BakaJehova, kwakunzima ukuthola indawo yokuhlala, kunzima nakakhulu ukuthola umsebenzi ongawenza izinsuku ezithile. Ngisho nalabo abasanda kushada babehlala njengeqembu, kungaba iqembu labantu abane, abayisithupha noma abangu-8, ukuze basizane ekukhokheni irenti. Babehluleka ukukhokha irenti uma behlala bodwa. La maphayona azinikele ayesebenza kanzima. Lapho eqalisa isifundo seBhayibheli, ayenza konke angakwenza ukuze asize umuntu afunda naye. Manje njengoba iQuebec isinabamemezeli bendawo abaningi, amaningi alawo maphayona asesiza kwezinye izindawo ezinesidingo esikhulu sabamemezeli.

Ngesikhathi senza umsebenzi wokujikeleza, lapho sivakashele amabandla sasivame ukushumayela nabantu abasebasha ngeMigqibelo ekuseni. Lokho kwakwenza sithole ukuthi yiziphi izinselele ababebhekene nazo. Abanye balabo bantu abasebasha esasishumayela nabo manje sebekhonza kwamanye amazwe njengezithunywa zevangeli noma kwezinye izabelo zenkonzo.

Ngalezo zinsuku, amanye amabandla ayengabi nayo imali angasisiza ngayo sikhokhele izindleko zethu zophethiloli nokudla, ngakho ngezinye izikhathi inyanga yayiphela singasenayo imali. Ngezikhathi ezinjalo, kwakudingeka sithembele kuJehova ngokuphelele, njengoba kwakunguye kuphela owayazi izimo zethu. Akakaze asilahle. Ngandlela-thile, sasihlale sikwazi ukusuka kwelinye ibandla siye kwelinye.

IZIFUNDO ENGAZIFUNDA KUBAFOWETHU ABATHEMBEKILE

Ekuqaleni ngike ngaveza ukuthi langisiza kangakanani ikilasi esalenza eGileyadi elalisifundisa ukuthi singasebenzelana kanjani nabezindaba. Ngalezo zinsuku eQuebec, sasinamathuba amaningi okushumayela eziteshini zomsakazo neze-TV, nakumaphephandaba. Ngangivame ukwabelwa ukuba ngisebenze noLéonce Crépeault, naye owayengumjikelezi nowayekwazi ukukhuluma kahle nabezindaba. Lapho ekhuluma nabantu ababalulekile kwabezindaba, kunokuba azame ukuveza ukuthi wayenolwazi olungakanani, wayethi: “Mnumzane, mina nengihamba naye simane siyizikhonzi. Akukuningi esikwaziyo ngokukhuluma ku-TV nasemsakazweni. Kodwa inhlangano yethu isicele ukuba sitshele abantu ngomhlangano omkhulu oFakazi BakaJehova abazobe benawo. Singalujabulela noma yiluphi usizo ongasinika lona.” Ukuthobeka kwakhe kwasivulela iminyango eminingi eyayingase ihlale ivaliwe ukube wayengathobekile.

Kamuva, igatsha langabela ukuba ngisebenze noMfoweth’ uGlen How, omunye wabameli bethu emacaleni abucayi ayengenza abezindaba bafune ukukhuluma ngawo. Ngazuza ekuqeqeshweni engakuthola eGileyadi nasolwazini engaluthola ngesikhathi ngisebenza noLéonce. Kwakuyilungelo ngempela ukusebenza noMfoweth’ uHow. Wayengesabi nhlobo lapho esebenzelana nabezomthetho. Kodwa okubaluleke nakakhulu ukuthi wayemthanda kakhulu uJehova.

Ngo-1985, sathola isabelo sokwenza umsebenzi wokujikeleza eduze kwalapho ubaba ayehlala khona, entshonalanga yeCanada, okwasenza sakwazi ukumnakekela. Washona ngemva kwezinyanga ezintathu. Saqhubeka nokwenza umsebenzi wokujikeleza entshonalanga yeCanada kwaze kwaba unyaka ka-1989 lapho esathola khona isimemo sokusebenza nomndeni waseBethel yase-United States, nokuyinto esasingayilindele. Lokho kwakusho ukuyeka umsebenzi wokujikeleza esase siwenze iminyaka ecishe ibe ngu-19. Phakathi naleyo minyaka, sahlala emizini engamakhulu, sajabulela nezinkulungwane zokudla okumnandi nabafowethu nodadewethu abanomoya wokungenisa izihambi. Sibonga kakhulu kubo bonke abasivulela imizi yabo basipha nokudla kwabo!

NGESIKHATHI SITHUTHELA E-UNITED STATES

Ngesikhathi sifika eBrooklyn, ngabelwa ukuba ngisebenze eMnyangweni Wenkonzo. Ngiyohlezi ngibonga ngokuqeqeshwa engakuthola lapho. Esinye sezifundo engasifunda ukuthi kumele ngiqiniseke ukuthi into iyiqiniso yini, ngingaqageli. Ngo-1998 ngabe sengithola isabelo sokukhonza eMnyangweni Wokubhala, la engisafunda khona ukubhala namanje. Iminyaka eminingana, ngaba nelungelo lokusiza uMfoweth’ uJohn Barr, owayengumxhumanisi eKomitini Yokubhala. Ngiyohlezi ngikwazisa ukuqeqeshwa engakuthola lapho nesikhathi engasichitha naye. Wayenobuntu obuhle, emlingisa ngempela uJesu Kristu.

UDavid noLinda Splane bashutha isithombe noJohn noMildred Barr.

Ngesikhathi sinoJohn noMildred Barr

Kuyilungelo ngempela ukusebenza nabafowethu nodadewethu abathobekile, abakhonza eMnyangweni Wokubhala. Lapho benza izabelo zabo, bahlezi becela uJehova abasize futhi bazi kahle ukuthi noma yini enhle abayifezayo bayifeza ngenxa yomoya kaJehova, hhayi ngenxa yamakhono abo angokwemvelo.

UMfoweth’ uSplane ubhidisa ikwaya yabafowethu nodadewethu abangabahlabeleli beWatchtower abangu-20 njengoba omunye udade edlala i-⁠piano.

Ngibhidisa ikwaya yabahlabeleli beWatchtower emhlanganweni waminyaka yonke wango-2009

UMfoweth’ uSplane ujabule njengoba enika udade iBhayibheli.

Sinikeza abantu amaBhayibheli emhlanganweni wezizwe wango-2014 eSeoul, eKorea

Kube yilungelo elikhulu kimi nakuLinda ukuvakashela esikholwa nabo abathembekile emazweni angu-110. Sizibonele mathupha uthando lwezithunywa zevangeli, olwamalungu eKomiti Yegatsha, nolwezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele. Kube yisibusiso nokubona intshiseko nokuba qotho kwabamemezeli bendawo, ababeka izindaba eziphathelene noMbuso kuqala ngisho noma kunezimpi, izinkinga zezomnotho nokushushiswa. Kumele ukuba uJehova ubathanda kakhulu!

Kule minyaka edlule, uLinda ubelokhu ewusizo kakhulu kimi njengoba ngizama ukufeza izabelo zami. Ubathanda ngempela abantu futhi uhlale ebheka izindlela angabasiza ngazo abanye. Unanekhono elihle lokuqalisa izingxoxo lapho eshumayela ngokwethukela. Usesize abantu abaningi ukuba bafunde ngoJehova, kuhlanganise nabanye ababekade bepholile. ULinda ubelokhu eyisipho esiyigugu esivela kuJehova! Njengoba sikhula, sibonga kakhulu ngabafowethu nodadewethu abasebasha abasisiza ngokusishayelela uma kudingeka siye endaweni ethile nangezinye izinto esizidingayo.—Marku 10:​29, 30.

Lapho ngibheka emuva ngicabanga ngeminyaka engu-80 edlule, ngibonga kakhulu. Ngivumelana nomhubi owathi: “O Nkulunkulu, ungifundisile kusukela ebusheni bami, kuze kube manje ngimemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.” (IHu. 71:17) Ngizimisele ukuqhubeka ngenza lokho kanye uma nje ngisaphila.

a Namuhla lokhu kuqeqeshwa kuyingxenye yomhlangano wethu waphakathi neviki.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela