JUNI 1-7, 2026
INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula
Kungani Ungajabula Lapho Uzondwa?
“Niyajabula noma nini lapho abantu benizonda.”—LUKA 6:22.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi kungani singajabula lapho abantu besizonda ngenxa yokuthi sikhonza uJehova.
1. Yini emangazayo uJesu ayisho ngokuzondwa?
ENTSHUMAYELWENI yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Niyajabula noma nini lapho abantu benizonda.” (Luka 6:22) Kumele ukuba lawo mazwi abamangaza labo ababemlalele. Phela akekho umuntu othanda ukuzondwa. Kungani uJesu asho lawo mazwi? Lowo umbuzo omuhle ukuba sicabange ngawo ngoba namuhla abalandeli bakaJesu bazondwa abantu abaningi. Sizoxoxa ngokuthi kungani sizondwa nangokuthi kungani singajabula lapho sizondwa.
KUNGANI SIZONDWA?
2-3. Yisiphi esinye isizathu esenza amaKristu eqiniso ashushiswe, futhi singasenza sibabheke kanjani labo abasiphikisayo? (Johane 16:2, 3)
2 Sizondwa ngoba sikhonza uJehova. Ngokuphathelene nalabo ababeyoshushisa baze babulale abanye babalandeli bakhe, uJesu wathi: “Abangazi mina noma uBaba.” (Funda uJohane 16:2, 3.) Ubani ngempela oyimbangela yokuzondwa kwabantu bakaNkulunkulu? USathane. ‘Ungunkulunkulu waleli zwe.’ (2 Kor. 4:3, 4) Uphuphuthekisa abantu ukuze bangalazi iqiniso ngoJehova, abathonye nokuba baphikise labo abazi uNkulunkulu nabamthandayo. (Joh. 8:42-44) Ukwazi lokho kungasenza sibabheke kanjani labo abasiphikisayo? Ukuqonda ukuthi bakhohlisiwe kuyosisiza sigweme ukubazonda.
3 Cabanga ngesibonelo sikaPavel,a ohlala ezweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona. Ngenxa yokuthi waqhubeka ekhonza uJehova ngokwethembeka, waboshwa, washaywa kabuhlungu, wavalelwa yedwa esitokisini izinyanga. Manje uPavel uthi: “Kusobala kimi ukuthi sishushiswa ngoba uSathane namademoni bazama ukusiyekisa ukukhonza uJehova ngendlela emsulwa. Kubonakala sengathi abantu abaningi abasebenza emajele abasizondi. Bamane nje benza umsebenzi wabo.” Umzalwane waseCroatia owakhuthazelela ukushushiswa kanzima abazali bakhe abangakholwa uthi: “Manje sengiyaqonda ukuthi isitha sami sangempela uSathane, hhayi abazali bami.”—Efe. 6:12.
4. Yini esingayifunda esibonelweni sikaJesu nesomfundi uStefanu? (Bheka nesithombe.)
4 Asibazondi labo abasiphikisayo. Empeleni, singase sifise ukubathandazela. (Math. 5:44) Ngenxa yalokho, singafunda kuJesu nakumfundi uStefanu. Ngesikhathi amasosha angamaRoma ebethele uJesu esigxotsheni sokuhlushwa, wathandaza wathi: “Baba, bathethelele.” (Luka 23:34) UJesu wayecela uJehova athethelele la masosha ayeyalwe ukuba ambulale. Kungenzeka wayecabanga nangalabo ababesesixukwini, ababememeza bethi makabulawe, begqugquzelwa yizitha zakhe ezingamalungu enkolo. UJesu wayeqonda ukuthi labo bantu babengakwazi ngempela lokho ababekwenza. Ngokufanayo, umfundi uStefanu wacela uNkulunkulu ukuba athethelele labo ababezombulala. (IzE. 7:58-60) Ingabe uJehova wawuphendula umthandazo kaJesu nokaStefanu? Yebo. Iningi lalabo ababenesandla ekubekeni uJesu icala nasekubulaweni kwakhe, kamuva laphenduka, labonisa ukholo kuJesu, labhapathizwa. (IzE. 2:36-41) Okungenani oyedwa walabo ababesekela ukubulawa kukaStefanu—uSawulu waseTarsu—waba umKristu futhi wazisola kakhulu ngezinto ezimbi ayezenzile ngenxa yokungazi.—1 Thim. 1:13.
Njengoba nje uJesu nomfundi uStefanu babathandazela labo ababebashushisa, nathi singabathandazela labo abasishushisayo (Bheka isigaba 4)
5. Yini esiyifundayo endabeni kaCésar?
5 Nanamuhla uJehova uyaqhubeka ephendula imithandazo esiyenzela labo abasiphikisayo. Cabanga ngendaba kaCésar, ohlala eVenezuela. Ubaba wakhe wayemphikisa ngonya ngenxa yokuba uFakazi KaJehova. UCésar uthi: “Umama wayeyinkosikazi ekahle nomama okahle kakhulu. Nakuba ayehlale ebeka uMbuso kuqala, akakaze angamnaki ubaba. Wafundisa mina nezingane zakithi ukuba simhloniphe ubaba. Wasifundisa nokuba simlalele, ngaphandle uma ethi masenze into engahambisani nentando kaNkulunkulu.” Njengoba iminyaka yayiqhubeka, isimo sengqondo sikababa wakhe sashintsha. UCésar uthi: “Ngolunye usuku, ngemva kokuthandaza ngokusuka enhliziyweni, ngabuza ubaba ukuthi ngingalitadisha yini naye iBhayibheli. Kunzima ukuchaza indlela engangijabule ngayo lapho ethi yebo singalitadisha.” Ngokuhamba kwesikhathi, ubaba kaCésar wabhapathizwa. Akubona bonke abasiphikisayo abenza izinguquko ezinjalo, kodwa abanye bayayishintsha indlela abasibheka ngayo lapho bebona indlela esikhuluma ngayo ngenhlonipho nokuziphatha kwethu okuhle. Sijabula kakhulu lapho benza kanjalo! Silangazelela ukubona indlela uJehova, “umaHluleli womhlaba wonke” onesihe angase abadonsele ngayo kuye abantu abanjalo.—Gen. 18:25.
6. NgokukaMarku 13:13, yisiphi esinye isizathu esenza abantu basizonde?
6 Sizondwa ngoba sihlonipha uJesu. UJesu wathi amaKristu eqiniso ayeyozondwa abantu bonke “ngenxa yegama [lakhe].” (Funda uMarku 13:13.) Limelelani ‘igama’ likaJesu? Limelela idumela lakhe negunya lakhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Sizondwa abantu ababeke ithemba labo kubabusi baleli zwe, hhayi kulowo uJehova amkhethile ukuba abuse emhlabeni nasezulwini, uJesu Kristu. UJesu ubelokhu ebusa njengeNkosi yoMbuso kusukela ngo-1914. Maduzane, uzoqeda bonke ohulumeni abamelene naye abalenqabile igunya lakhe.
7-8. Kungani abanye abantu bakaJehova beyizisulu zokwenziwa inhlekisa? (Johane 15:18-20) (Bheka nezithombe.)
7 Sizondwa ngoba siyenqaba ukufana nalabo abasezweni likaSathane. UJesu wachaza ukuthi abalandeli bakhe babeyozondwa ngenxa yokuthi ‘abayona ingxenye yezwe.’ (Funda uJohane 15:18-20.) NjengamaKristu angekhulu lokuqala, siyakwenqaba ukucabanga kwaleli zwe okungahambisani nokukaNkulunkulu, ukuziphatha kwalo nendlela elikhuluma ngayo. Ngenxa yalokho, abafowethu nodadewethu abaningi babe yinhlekisa emsebenzini noma esikoleni. (1 Pet. 4:3, 4) Kodwa siyajabula ngokuthi ekugcineni abanye balabo abasiphikisayo bayishintshile indlela abazizwa ngayo ngathi, baqala ukusihlonipha ngenxa yokuziphatha kwethu.
8 Cabanga ngesibonelo sika-Ignacio waseCentral America. Esikoleni ayefunda kuso, kwase kuphele iminyaka omunye wothisha ehlekisa ngaye ngenxa yokuthi wayephila ngemithetho kaNkulunkulu ephakeme. Kodwa ngaphambi kokuba u-Ignacio aphothule kuleso sikole, lowo thisha wambuza ukuthi ukwaze kanjani ukuphila ngemithetho yeBhayibheli endaweni enabantu abaningi kangaka abangamhloniphi ngenxa yokuthi uphila ngayo. U-Ignacio wamchazela ukuthi ubheka imithetho kaNkulunkulu njengesivikelo. Wabe esememela uthisha emhlanganweni webandla. Kwammangaza u-Ignacio ukuthi uthisha wafika emhlanganweni webandla! Lwamthinta kakhulu uthisha uthando aluboniswa yibandla kangangokuba waqhubeka eba khona emihlanganweni yebandla. Kamuva, nothisha washushiswa ngenxa yokutadisha iBhayibheli. Kodwa ubungani bakhe noJehova baqhubeka bukhula futhi ekugcineni wabhapathizwa.
Kungakhathaliseki ukuthi sineminyaka emingaki, ngesibindi singamelela ukholo lwethu futhi sikwenze ngempumelelo lokho (Bheka isigaba 8)b
9-10. (a) Yisiphi esinye isizathu esenza amaKristu ahluke ezweni likaSathane? (b) Yini esingayifunda esibonelweni sikamphostoli uPawulu?
9 Okunye okusenza sihluke ezweni likaSathane ukuthi asithathi hlangothi ezindabeni zepolitiki nasempini. (Joh. 18:36) Ngokuvumelana neseluleko esikweyabaseRoma 13:1, sizama ukuba yizakhamuzi ezilalela umthetho kahulumeni. Noma kunjalo, njengamaKristu, asithathi hlangothi ezingxabanweni zezepolitiki, ngakho asilungeneli ukhetho ukuze sivotelwe noma sivotele labo abavotelwayo. Kungani? Kungenxa yokuthi siqotho kuJehova naseMbusweni wakhe obuswa uKristu. OFakazi BakaJehova abaningi baye baboshelwa ukholo lwabo. Noma kunjalo, abafowethu nodadewethu ababoshiwe bayaqhubeka beshumayela. Ngaleyo ndlela balingisa umphostoli uPawulu, owachitha iminyaka eminingi eboshelwe endlini nasejele. (IzE. 24:27; 28:16, 30) Waqhubeka eshumayela izindaba ezinhle kubo bonke ababengamlalela, okuhlanganisa onogada basejele, izikhulu zasenkantolo, ababusi, amakhosi, mhlawumbe ngisho nezikhulu zoMbusi waseRoma uNero.—IzE. 9:15.
10 Ngokufanayo, abafowethu nodadewethu ababoshiwe bashumayeza bonke abantu abangase babalalele, okuhlanganisa amajaji, izikhulu zikahulumeni nonogada. Omunye umzalwane owachitha iminyaka engaphezu kweyisithupha ejele ngenxa yokungathathi hlangothi wathi isikhathi asichitha ejele wayengasibheki njengesijeziso, kodwa wayesibheka njengesabelo esivela kuJehova sokuthola abanjengezimvu. Sijabula ngempela uma uJehova esisebenzisa ukuba sishumayele izindaba ezinhle kulabo bantu! (Kol. 4:3) Ake sixoxe ngezinye izizathu esinazo zokujabula ngisho noma sizondwa ngenxa yokuthi sikhonza uJehova.
KUNGANI SINGAJABULA LAPHO SIZONDWA?
11. Ukubhekana noshushiso kungaluqinisa kanjani ukholo lwethu? Nikeza isibonelo.
11 Siyazi ukuthi ukuzondwa yileli zwe kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli. Esiprofethweni sokuqala seBhayibheli uJehova wabikezela ukuthi uSathane nenzalo yakhe engokomfanekiso—labo abangabalandeli bakhe—babeyozonda abantu abathanda nabakhonza uJehova. (Gen. 3:15) Izikhathi eziningi, uJesu wakufakazela ukuba yiqiniso kwalawo mazwi ayisiprofetho, njengoba lokho kwalotshwa yibo bonke ababhali abane bamaVangeli. (Math. 10:22; Marku 13:9-12; Luka 6:22, 23; Joh. 15:20) Nabanye ababhali beBhayibheli babhala ngale ndaba. (2 Thim. 3:12; Jak. 1:2; 1 Pet. 4:12-14; Jude 3, 17-19) Ngakho lapho sishushiswa, asethuki. Kunalokho, siyajabula ngokuthi kugcwaliseka isiprofetho seBhayibheli. Lokho kusiqinisekisa ngokuthi sikhonza uNkulunkulu weqiniso. Udade ohlala ezweni lapho umsebenzi wethu ubekelwe khona imingcele, uthi: “Ngesikhathi ngizinikezela kuJehova, ngangazi ukuthi nakanjani ngiyobhekana noshushiso. Ngakho uvivinyo alungethusi noma lungimangaze.” Umyeni wakhe wayengomunye wabantu abaningi ababemphikisa. Wayemhlukumeza, waze washisa neBhayibheli lakhe nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Kodwa kunokuba ahlehlele emuva ngenxa yokwesaba, ukholo lukadadewethu lwaqina nakakhulu. (Heb. 10:39) Uthi: “Ushushiso lwabikezelwa, ngakho ngangazi ukuthi kufanele lwenzeke. Ukubhekana nalo kwangiqinisekisa ukuthi lena inkolo yeqiniso.”
12. Yini eyasiza omunye umzalwane ukuba akhuthazelele ushushiso?
12 Nakuba sikulindele ukuthi siyobhekana noshushiso, singase sikuthole kuyinselele ukulukhuthazelela. Ekhuluma ngesikhathi asichitha ejele, omunye umzalwane wathi: “Ngezinye izikhathi ngangicindezeleka noma ngikhathazeke futhi ngangivele ngikhale.” Yini eyamsiza? Wathi, “Ngangihlale ngithandaza. Usuku ngalunye ngangiluqalisa ngomthandazo. Phakathi nosuku, ngangithandaza noma nini lapho ngibhekana nesimo esinzima. Lapho ukuphathwa ngendlela engenabulungisa kungithukuthelisa, ngangizikhiyela endlini yangasese ngithandaze.” Umfowethu wayezindla nangezibonelo zabantu basendulo nabangosuku lwanamuhla abahlale beqotho lapho beshushiswa. Lokho kwamsiza wakhuthazelela ushushiso futhi waba nokuthula uJesu akuthembisa abalandeli bakhe.—Joh. 14:27; 16:33.
13. Yini engasisiza sikhuthazelele inzondo?
13 Uthando esinalo lunamandla kunenzondo. UJesu wamthanda ngenhliziyo yakhe yonke uYise kwaze kwaba sekufeni kwakhe. Wayebathanda nabangani bakhe. (Joh. 13:1; 15:13) Lapho simthanda ngaleyo ndlela uJehova nabafowethu nodadewethu, nathi siyokwazi ukukhuthazelela inzondo. Kanjani? Ukuze siphendule lowo mbuzo, cabanga ngesibonelo sikamphostoli uPawulu.
14. Yini eyasiza uPawulu ukuba ahlale eqotho kuJehova ngisho nalapho ayezobulawa?
14 Ngaphambi nje kokuba abulawe, uPawulu wabhalela umngani wakhe othandekayo uThimothewu, wathi: “UNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, kodwa owamandla nowothando.” (2 Thim. 1:7) Wayesho ukuthini? Wayethi uthando olunamandla ngoJehova lungenza umKristu azimisele ukubhekana novivinyo olunzima. (2 Thim. 1:8) Akungabazeki ukuthi uthando uPawulu ayenalo ngoJehova lwamsiza wabhekana nokufa ngesibindi ngaphandle kokuyeka ukukhonza uJehova ngeqiniso.—IzE. 20:22-24.
15. Esikhathini sethu, abafowethu nodadewethu babonisane kanjani uthando olungenabugovu? (Bheka nesithombe.)
15 Ngokuqinisekile siyabathanda esikholwa nabo abahlale beqotho kuJehova lapho beshushiswa. Abanye namuhla ngokuzithandela babeka ukuphila kwabo engozini ngenxa yabafowabo nodadewabo, njengoba kwenza u-Akhwila noPriska ngesikhathi bebeka ukuphila kwabo engozini ngenxa kaPawulu. (Roma 16:3, 4). Ngokwesibonelo, eRussia, abaningi baye ezinkantolo ukuze bakhuthaze labo ababoshiwe. Ngesikhathi omunye udade owayeboshiwe ebona iqembu elikhulu labafowethu nodadewethu enkantolo, wathinteka kakhulu waze wahluleka ngisho nokukhuluma okwesikhathi esithile. Uthando olungenabugovu lwalabo akholwa nabo lwamqinisa ngesikhathi ayekudinga ngaso kakhulu ukuqiniswa. Singajabula ngempela ngokuthi uthando esinalo lunamandla kunenzondo!
Ngisho nasezindaweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona noma ubekelwe imingcele, abafowethu nodadewethu bababonise uthando olungenabugovu labo abakholwa nabo (Bheka isigaba 15)c
16. Kungani umphostoli uPetru athi labo abaphathwa kabi ngenxa yokukhonza uNkulunkulu banesizathu sokujabula? (1 Petru 4:14)
16 Siyazi ukuthi lapho sikhuthazelela inzondo sijabulisa uNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Petru 4:14.) Umphostoli uPetru wathi labo abakhuthazelela ukuphathwa kabi ngenxa yokukhonza uNkulunkulu banesizathu sokujabula. Kanjani? Ukuphathwa ngaleyo ndlela kuwubufakazi bokuthi umoya kaNkulunkulu “uhlezi phezu [kwethu].” UPetru wayazi ukuthi kunjani ukujabulisa uNkulunkulu nokukhuthazelela ushushiso. Ngemva nje kwePhentekoste lika-33 C.E., kwathunyelwa onogada bethempeli lamaJuda ukuba bayobopha uPetru nabanye abaphostoli ngenxa yokuthi babeshumayela. Kodwa uPetru wamelela ukholo lwakhe ngesibindi. (IzE. 5:24-29) Ngisho nangemva kokubhambabulwa, yena nabaphostoli ayekanye nabo abayekanga ukushumayela. Kunalokho, bajabula ngoba baba ‘nelungelo lokuhlupheka ngenxa yegama likaJesu.’ Nathi singajabula lapho sikhuthazelela uvivinyo.—IzE. 5:40-42.
17. Yini uJesu ayitshela abafundi bakhe ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe?
17 Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Noma ubani ongithandayo uyothandwa nguBaba, nami ngiyomthanda.” (Joh. 14:21) Sisilangazelela ngempela isikhathi lapho abantu bengeke besasizonda khona, kodwa beyosithanda ngokuthi sikhonza uJehova! (2 Thes. 1:6-8) Okwamanje, kwangathi zingasiduduza futhi zisinike amandla izizathu eziningi esinazo zokujabula lapho sizondwa.
INGOMA 149 Ingoma Yokunqoba
a Amanye amagama ashintshiwe.
b INCAZELO YEZITHOMBE: Isithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo ngesikhathi u-Ignacio eshumayeza uthisha.
c INCAZELO YESITHOMBE: Isithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo ngesikhathi abafowethu nodadewethu besekela umKristu abakholwa naye oyoboshwa ngenxa yokholo lwakhe.