UMLINGISWA OSEBHAYIBHELINI
Yiba Nesibindi Futhi Ube Qotho NjengoBhenaya
UBhenaya wayeyiqhawe elinesibindi elalisebuthweni elalilwela iNkosi uDavide neNkosi uSolomoni. Nakuba uBhenaya ayeyindodana yompristi futhi ngokuvamile abapristi namaLevi babengayi ezimpini futhi bengazisebenzisi izikhali, uBhenaya walwa izimpi zikaJehova ngentshiseko. Wabonisa isibindi esikhulu. Ngokwesibonelo, wabulala ibhubesi emgodini wamanzi, wanqoba nomdondoshiya owawuhlomile. UDavide wayemethemba kakhulu uBhenaya kangangokuba wammisa ukuba aphathe onogada bakhe.—2 Sam. 23:20-23.
UBhenaya wahlala eqotho kuDavide ngesikhathi u-Absalomu no-Adoniya bevukela uDavide. (2 Sam. 8:18; 15:18; 1 AmaKh. 1:8) Lapho uDavide esekhulile, uBhenaya wasekela nokugcotshwa kukaSolomoni ukuba abe yinkosi. (1 AmaKh. 1:32-40) Ngempela, uBhenaya wayeqotho kuJehova nakulabo ayebakhethe ukuba babe amakhosi, ngisho nalapho abanye bengabanga qotho.
Nathi kudingeka sibe nesibindi ukuze silwe nesitha sethu esinamandla, uSathane, nalabo abamsekelayo. Kufanele sizimisele nokuqhubeka siphila ngemithetho kaJehova. (Efe. 6:11; 1 Pet. 5:8, 9) Ngisho noma abanye bekhetha ukumshiya uJehova, sihlale siqotho kuye, siqiniseka ukuthi uyosivuza.—2 Sam. 22:26.