Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Febhuwari kk. 26-29
  • Abantwana “Bayifa Elivela KuJehova”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantwana “Bayifa Elivela KuJehova”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZINSELELE
  • YINI UJEHOVA ALINDELE ABAZALI UKUBA BAYENZE?
  • UJEHOVA UFUNA NIPHUMELELE
  • Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ukuze Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Bazali, Yondlani Imikhaya Yenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukwakha Umkhaya Oqinile Ngokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Febhuwari kk. 26-29
Ubaba nomama bajabule njengoba bephethe intombazanyana yabo.

Abantwana “Bayifa Elivela KuJehova”

YINI efika engqondweni yakho lapho uzwa igama elithi “ifa”? Ungase ucabange ngemali, umuzi noma into ethile eyigugu oyishiyelwe yilungu lomndeni olithandayo. Kungakhathaliseki ukuthi yiliphi ifa olitholayo, liyigugu futhi ngokuqinisekile ufuna ukuliphatha kahle.

IBhayibheli lithi abantwana “bayifa elivela kuJehova.” (IHu. 127:3) Ngokuqinisekile, abazali abangamaKristu babheka abantwana babo njengezipho eziyigugu ezivela kuBaba wabo osezulwini futhi bafuna ukwenza konke abangakwenza ukuze babagcine bephephile futhi benakekelwe kahle ngokwenyama, ngokomzwelo nangokomoya.

Nokho, kuyadabukisa ukuthi abanye abazali namuhla abababheki abantwana babo njengefa elivela kuNkulunkulu. (Isaya 49:15; 2 Thim. 3:​1-3) Abanye abazali kungenzeka bayafuna ngempela ukunakekela abantwana babo, kodwa bakuthola kunzima ukwenza kanjalo ngenxa yezinselele ezihlukahlukene. Yiziphi ezinye zalezo zinselele ezenza kube nzima ngabazali ukuba banakekele abantwana babo? Yini uJehova ayilindele kubazali? Abazali abangamaKristu bangabakhulisa kanjani abantwana babo ngendlela ephumelelayo?

IZINSELELE

  • Ukucindezelwa umndeni nomphakathi. Kwamanye amazwe, abazali abanabantwana abaningi bahlonishwa kakhulu emphakathini. Ngakho, labo abashadile bangase bacindezelwe imindeni noma omakhelwane ukuba babe nabantwana abaningi—mhlawumbe abangeke bakwazi ukubanakekela.

  • Ukukhathazeka ngekusasa. Emazweni lapho izinga lokushona kwezinsana liphezulu ngenxa yokungondleki kahle nangenxa yezifo nokungabi bikho kodokotela noma izibhedlela ezanele, abanye abashadile baba nabantwana abaningi ukuze baqikelele ukuthi okungenani abanye babo bayakhula baze babe badala. Abanye bangase bakhethe ukuba nabantwana abaningi ukuze baqikelele ukuthi banaye umuntu ozobanakekela lapho sebekhulile. Lokho kuyiqiniso nakakhulu emazweni lapho abantu asebekhulile bengalutholi khona usizo lwezimali oluvela kuhulumeni.

  • Ukuhlela umndeni. Kwezinye izindawo, aziziningi izinto zokuvimba inzalo abantu abashadile abangakhetha kuzo. Abanye basaba ukuguliswa yizinto zokuvimbela inzalo ezisezingeni eliphansi ezitholakala emazweni abahlala kuwo. Kanti abanye abakwazi ukusebenzisa izinto zokuvimbela inzalo ngenxa yokuthi zibiza kakhulu.a

YINI UJEHOVA ALINDELE ABAZALI UKUBA BAYENZE?

Umndeni uchitha isikhathi ndawonye epaki ujabule. Ubaba ulalele indodakazi yakhe njengoba imtshela indlela ezizwa ngayo, kanti umama udlala ibhola nendodana yabo esencane.

Chitha isikhathi nengane yakho ngayinye

Nakekelani izidingo zabantwana benu. UJehova uphathise abazali umsebenzi wokunakekela izidingo zabantwana babo abasebancane. Ulindele ukuba abazali bakulungele ukusebenza kanzima ukuze abantwana babo bathole ukudla, izimpahla zokugqoka nendawo yokuhlala. UJehova ulindele nokuba abazali bafundise abantwana babo. Ngakho, abazali abangamaKristu abamane nje bathumele abantwana babo ezikoleni okuhlalwa kuzo (boarding schools). Kunalokho, bayaqikelela ukuthi abantwana babo bahlala nabo ekhaya njengoba bekhula ukuze bathole imfundo yasesikoleni ekahle futhi bakwazi ukubanaka, okwenza abantwana bazizwe bephephile, belondekile futhi bethandwa. Noma kunjalo, uJehova uyacabangela; akalindele ukuba abazali babe yizigwili. Empeleni, uJehova wakhetha ukuba iNdodana yakhe ethandekayo ikhuliswe abazali ababengenayo imali eningi kodwa ababesebenza kanzima.—Math. 13:​55, 56; Luka 2:24.

Isimiso seBhayibheli: “Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu omndeni wakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”—1 Thim. 5:8.

UJehova uyaqonda ukuthi abazali nabo bangase badinge ukunakekelwa lapho sebekhulile. Empeleni, enye indlela abantwana abangabonisa ngayo ukuthi bayabahlonipha abazali babo ukuba bahlele ukuthi bazobanakekela kanjani lapho sebekhulile. (Eks. 20:12; 1 Thim. 5:4) Nokho, uJehova uyajabula lapho abazali becabanga kakhulu ngokuthi bazobanakekela kanjani abantwana babo kunokucabanga ngokuthi abantwana babo bangase babanakekele kanjani.—2 Kor. 12:14.

Sizani abantwana benu ukuba bafunde ngoJehova. Abazali abangamaKristu bananomsebenzi wokuqeqesha abantwana babo ukuba bathande uJehova futhi bamkhonze. KuJehova, ukuqeqesha abantwana ngokomoya kuyinto ebaluleke kakhulu okumele yenziwe abazali njengoba bekhulisa abantwana babo.—Dut. 6:​6, 7.

Isimiso seBhayibheli: “Qhubekani nibakhulisa [abantwana benu] ngokubaqeqesha nangesiyalo sikaJehova.”—Efe. 6:4.

UJEHOVA UFUNA NIPHUMELELE

Indoda nomkayo bayaxoxa emzini wabo. Phambi kwabo kuneBhayibheli elivuliwe etafuleni.

Xoxani kusengaphambili ngokuthi nifuna ukuba nezingane ezingaki

Hlelani kusengaphambili. Uma nicabangela ukuba nabantwana, cabangisisani ngezimo zenu. Ngokwesibonelo, nizokwazi yini ukondla, ukugqokisa nokufundisa abantwana abaningi? Uma ningeke nikwazi, xoxani ngokuthi ningakwazi yini ukuba nabantwana abambalwa kunalabo ebenicabangela ukuba nabo ukuze nikwazi ukunakekela abantwana eninquma ukuba nabo ngendlela uJehova afisa nibanakekele ngayo. Yiqiniso ukuthi uJehova uyaqonda ukuthi akuyona yonke into eyenzeka ngendlela obuhlele ngayo ekuphileni. (UmSh. 9:11) Kodwa uyoyibusisa imizamo yenu eqotho yokuba abazali abakahle.

Izimiso zeBhayibheli: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni.”—IzAga 21:5.

“Ubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?”—Luka 14:28.

Bekani uJehova kuqala emndenini wenu. Yenzani ukukhonza uJehova kuze kuqala emndenini wenu. Uma seninabo kakade abantwana, zimiseleni ukufundisa umntwana ngamunye ukuba athande uJehova. Basizeni ukuba balalele futhi bafunde lapho besemihlanganweni yebandla. Qikelelani ukuthi ninokuKhulekela Komndeni masonto onke. Fundisani abantwana benu ukuthi kushunyayelwa kanjani. Ungalindeli ukuba izingane zakho ezindala noma izihlobo zakho zikwenzele umsebenzi okumele wenziwe nguwe njengomzali. Ukukhulisa abantwana bakho ukuba bathande uJehova kudinga isikhathi nomzamo, kodwa umvuzo mkhulu.

Isimiso seBhayibheli: “Ayikho into engijabulisa kakhulu kunale: ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.”—3 Joh. 4.b

Thembelani kuJehova. Kungakhathaliseki ukuthi nicabangela ukuba nabantwana noma seninabo kakade, qinisekani ukuthi imithetho kaJehova ibaluleke kakhulu kunesiko lendawo.

Esikubona ezithombeni: 1. Abazali bahleli nendodana yabo njengoba kuqhubeka umhlangano webandla. Indodana yabo iphakamise isandla ukuze iphendule. 2. Umndeni ushumayela ndawonye enkonzweni yasensimini. Ubaba ushumayela nendodakazi yabo esikhulakhulile kuyilapho umama eshumayela nezingane zabo ezimbili ezisencane.

Ukufundisa izingane zakho ukuthi zingamkhonza kanjani uJehova nokuthi zingamjabulisa kanjani kudinga isikhathi nomzamo

Uma nikhetha ukungabi nabo abantwana abaningi, qinisekani ukuthi uJehova uyoninakekela lapho senikhulile. Ningavumeli ukucindezelwa abanye ukuba kunenze nibheke abantwana benu njengendlela yokuthola “imali ezoninakekela” lapho senikhulile. Akudingeki nibe novalo lokuthi akekho ozoninakekela. UJehova uthembise ukuthi uzoninakekela futhi uhlale ezigcina izithembiso zakhe.—Josh. 23:14.

Izimiso zeBhayibheli: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:​5, 6.

“Ngake ngaba musha, manje sengikhulile, kodwa angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane, noma izingane zakhe ziswele ukudla.”—IHu. 37:25.

“Ngakho, qhubekani nifuna kuqala uMbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto ziyokwenezelwa kini.”—Math. 6:33.

Abantwana bayizipho eziyigugu uJehova aziphathise abazali. Kumele ukuba uJehova ujabula kakhulu lapho abazali abangamaKristu benakekela abantwana babo ngendlela afuna babanakekele ngayo! Ngothando banakekela izidingo zabantwana babo ezingokwenyama, ezingokomzwelo nezingokomoya; bayahlela ukuthi bazoba nabantwana abangaki; ngokwethembeka babeka lokho okufunwa uNkulunkulu kuqala kunesiko lendawo. Ngokwenza kanjalo, abazali abangamaKristu babonisa ukuthi abantwana babo bayisipho esiyigugu—“ifa elivela kuJehova.”

Abazisoli Nakancane

Ubaba uqhuba ukukhulekela komndeni nomkakhe nezingane zabo ezimbili ezisencane.

Ingabe abazali babhekana nobunzima lapho bekhetha ukuba nabantwana abambalwa? Lona umbuzo abazibuza wona abazali abahlala emazweni amaningi adonsa kanzima ngokomnotho. Phawula lokho okushiwo ezinye izinhloko zemindeni ezithembekile ezihlala kwamanye alawo mazwe ngale ndaba.

Bakhona yini ababenicindezela ukuba nibe nomndeni omkhulu?

“Yebo bakhona, sasicindezelwa ngisho nangabanye esasinabo ebandleni. Enye indoda nomkayo bathi kithi, ‘Kungani ninendodana eyodwa? Lapha e-Afrika, uma unendodana eyodwa kufana nokuthi awunayo. Uma unamadodana amabili kufana nokuthi uneyodwa.’ Ngisho nangemva kokuzalwa kwendodakazi yethu yesibili, abanye babesalindele ukuba sibe nabantwana abengeziwe.”—UJeremias

Bukhona yini ubunzima obhekene nabo ekuphileni kwakho noma ngokomoya ngenxa yokuba nabantwana abambalwa?

“Cha. Empeleni kwenzeke okuphambene nalokho. Ngenxa yokuthi sikhethe ukuba nabantwana abambalwa, mina nomkami sikwazile ukuzinakekela kangcono izidingo zomndeni wethu, okubaluleke nakakhulu, izidingo zethu ezingokomoya. Ngakhulela emndenini omkhulu futhi ngayibona indlela okwakunzima ngayo ngobaba nomama ukuba basinike izinto esizidingayo, baqikelele nokuthi siyaya esikoleni.”—UJeremias

Zizizwa kanjani izingane zenu ngesinqumo senu?

“Izingane zethu zijabule ngoba azibhekananga nobunzima ezinye izingane ezibhekane nabo ngenxa yokuthi bekunzima ngabazali bazo ukuba bazinakekele ngenxa yokuba nezingane eziningi.”—UFilipe

“Ngesikhathi zikhula, izingane zethu zazijabule ngoba zazizizwa ziphephile futhi zithandwa. Sasihlale sichitha isikhathi nabafowethu nodadewethu abangokomoya, ababesikhuthaza ukuba sizibekele imigomo engokomoya. Namuhla sibona imiphumela emihle yalokho njengoba sibuka izingane zethu zilandela isibonelo sabo esihle.”—UCarlos

Sinisizile yini isinqumo enasenza sokuba nezingane ezimbalwa?

“Sikwazile ukuzinakekela kangcono izidingo zomndeni wethu ngenxa yesinqumo esasenza. Ngalahlekelwa umsebenzi oholela kahle eminyakeni engaba mithathu edlule. Kwakulula ukubhekana nalolo shintsho esasingalulindele ngoba sinezingane ezimbalwa futhi sasingadingi imali eningi ukuze sinakekele izidingo zethu.”—UJeremias

“Isinqumo esasenza sisenze sakwazi ukunakekela izingane zethu ngokwenyama nangokomoya. Sikwazile ukuyokhonza ezindaweni ezinesidingo esikhulu sabamemezeli. Sikuthole kulula ukunakekela izidingo zengane ngayinye. Zonke izingane zethu zikhonza uJehova futhi zizibekele imigomo engokomoya.”—ULenadi

Yini ongathanda ukuyitshela abanye abazali?

“Ngikubonile ukuba yiqiniso kweHubo 34:10b, elithi: ‘Labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle.’ UJehova usinike konke okudingwa yimi nomndeni wami.”—URafael

a Indoda nomkayo yibo abayonquma ukuthi bazoba nabantwana abangaki, bazoba nabo nini nokuthi bazozisebenzisa yini izinto zokuvimbela inzalo. Akekho okufanele abahlulele ngezinqumo abazenzayo. (Roma 14:​4, 10-13) Ngaphezu kwalokho, amaKristu ashadile kufanele akhumbule iseluleko esikweyoku-1 Korinte 7:​3-5.

b Nakuba abantwana okukhulunywa ngabo kuleli vesi leBhayibheli bebhekisela kubafundi abangamaKristu, abazali abanabantwana abakhonza uJehova bazizwa ngendlela uJohane ayezizwa ngayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela