Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Febhuwari kk. 20-25
  • Ukulungele Yini Ukubhekana Nezinselele Eziba Khona Ngemva Kokubhapathizwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulungele Yini Ukubhekana Nezinselele Eziba Khona Ngemva Kokubhapathizwa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • LAPHO UMFOWENU NOMA UDADEWENU EKUPHATHA KABI
  • LAPHO UQALA UKUKHUMBULA IZINTO OZISHIYE NGEMUVA
  • LAPHO ABANYE BESHIYA UJEHOVA
  • UJehova “Upholisa Izinhliziyo Eziphukile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Ngesizotha Yamukela Ukuthi Kunezinto Ongazazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Khumbula Ukuthi UJehova “UnguNkulunkulu Ophilayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Ukusondelana Nesikholwa Nabo Kuhle Kithi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Febhuwari kk. 20-25

EPHRELI 27–MEYI 3, 2026

INGOMA 99 Abazalwane Abaningi

Ukulungele Yini Ukubhekana Nezinselele Eziba Khona Ngemva Kokubhapathizwa?

“Izinyawo zami mazihambe ezindleleni zakho.”—IHU. 17:5.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngendlela amaKristu angakulungela ngayo ukubhekana nezinselele ezingase zibe khona ngemva kokubhapathizwa.

1-2. Yiziphi izinto esingazenza ukuze silungele ukubhekana nezinselele ezingase zibe khona ngemva kokubhapathizwa? Nikeza isibonelo.

SIKULINDELE ukubhekana nezinkinga kuleli zwe likaSathane. Empeleni, uJesu waxwayisa abalandeli bakhe, wathi: “Izikhubekiso zizoza nakanjani.” (Math. 18:7) Sinalokho engqondweni, kudingeka sikulungele ukubhekana nezinselele futhi lokho kungase kuhlanganise ukuba nezinkinga nesikholwa nabo.

2 Cabanga ngalokhu. Abantu bakaJehova bebelokhu bekhuthazwa ukuba bakulungele ukubhekana nezinhlekelele zemvelo. Sikulungela kanjani lokho? Siqale sithole ukuthi yiziphi izinhlekelele zemvelo ezingase zibe khona endaweni esihlala kuyo. Kubaluleke nakakhulu ukuba senze kanjalo uma sisanda kufika kuleyo ndawo. Uma sesazi ukuthi yiziphi izinhlekelele zemvelo ezingase zibe khona, kudingeka sihlele ukuthi yini esingayenza ukuze silungele inhlekelele ngayinye. (IzAga 21:5) Ngendlela efanayo, singathola ukuthi yiziphi izinselele esingase sibhekane nazo ngemva kokubhapathizwa futhi sikulungele manje ukubhekana nazo uma kwenzeka ziba khona. Ngaleyo ndlela siyokwazi ukuzikhuthazelela futhi ngeke zibulimaze ubuhlobo bethu noJehova. (IHu. 17:5) Ngakho, ake sixoxe ngezinselele ezintathu esingase sibhekane nazo ngemva kokubhapathizwa nangokuthi singakulungela kanjani ukubhekana ngayinye yazo.a

LAPHO UMFOWENU NOMA UDADEWENU EKUPHATHA KABI

3. Iyiphi inselele esingase sibhekane nayo ngemva kokubhapathizwa?

3 Uyayikhumbula yini indlela owawuzizwa ngayo lapho uqala ukuba semhlanganweni woFakazi BakaJehova futhi ubona indlela abantu bakaJehova abathandana ngayo? Wawuqiniseka ukuthi uthole iqiniso. (Joh. 13:35; Kol. 3:12) Yileyo ndlela uBlancab ayezizwa ngayo. Nokho, ngemva kokubhapathizwa kwenzeka into ayengayilindele. Uthi: “Omunye udade wayengiphatha ngendlela engabonisi umusa. Ngaqaphela nokuthi wayekhuluma kabi ngabanye. Ngangingakulindele lokho ngoba ngangifunde ukuthi oFakazi BakaJehova benza konke abangakwenza ukuze babe nokuthula futhi babonisane uthando.” Yiqiniso ukuthi abafowenu nodadewenu basebenza kanzima ukuze bathuthukise izimfanelo zabo zobuKristu, kodwa ngenxa yokuthi sinesono abantu bakaJehova bayowenza amaphutha ngezinye izikhathi. (Efe. 4:​23, 24; 1 Joh. 1:8) Ngakho, ngezinye izikhathi omunye wabo cishe uyosho noma enze into ekuzwisa ubuhlungu. (Jak. 3:8) Ngokudabukisayo, izinselele ezinjengalezi ziye zenza abanye bayeka ukukhonza uJehova.

4. Yini engasisiza sazi ukuthi yini okumele siyenze lapho umfowethu noma udadewethu esiphatha kabi? (Efesu 4:32)

4 Yini ongayenza manje ukuze wazi ukuthi yini okumele uyenze lapho umfowenu noma udadewenu ekuphatha kabi noma esho into ekuzwisa ubuhlungu? Zijwayeze ukusebenzisa iseluleko esikweyabase-Efesu 4:32. (Yifunde.) Uma wenza konke okusemandleni ukuze uhlale unomusa nozwela, ngokuqinisekile uyogwema izingxabano ezingenasidingo nabanye. Kwenze umgomo wakho ukuwathethelela ngokukhululekile amaphutha abanye. Yini engakusiza wenze kanjalo? Cabanga ngokuthi umcela kaningi kangakanani uJehova ukuba athethelele amaphutha akho nangendlela awathethelela ngayo ngokukhululekile. (Math. 6:12) Lapho ugxila ekutheni uJehova usekuthethelele kaningi kangakanani, uyokuthola kulula ukuthethelela abanye.

5. Yisiphi isimiso seBhayibheli esingasisiza lapho othile esiphatha kabi? (IzAga 19:11) (Bheka nezithombe.)

5 Funda izAga 19:11. IBhayibheli lithi lapho othile esiphatha kabi, ukuqondisisac kungadambisa ulaka. Lesi simiso simsizile uRima, oneminyaka embalwa ebhapathiziwe. Uthi: “Lapho ngibona abafowethu nodadewethu benza into enginomuzwa wokuthi ayibonisi umusa noma ingizwisa ubuhlungu, ngiqale ngikhumbule izAga 19:11. Ngicabanga ngezimo zabo nangezizinda zabo, ngizame nokucabanga ukuthi yini okungenzeka ibangele ukuba benze ngendlela abenze ngayo. Ngizama nokushumayela nabo enkonzweni yasensimini. Ukwenza kanjalo kungisiza ngibazi kangcono.” Yiseluleko esihle leso. Ungabazi kangcono abafowenu nodadewenu manje. Njengoba uqhubeka ubazi kangcono, kuyoba lula ukubathethelela uma benza into ekuzwisa ubuhlungu.

Esikubona ezithombeni: 1. Umzalwane ukhutshwa yindlela omunye umzalwane akhuluma ngayo naye njengoba besebenza ngaphandle eHholo LoMbuso. 2. Kamuva, umzalwane obekhubekile ujabulela ukushumayela endlini ngendlu nomzalwane obemkhubile.

Uma kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakho nomfowenu noma nodadewenu ongokomoya, zama ukushumayela naye enkonzweni yasensimini (Bheka isigaba 5)


6. Yini engasisiza sibe nobuhlobo obuhle nabafowethu nodadewethu basebandleni?

6 Yini ongayenza ukuze ube nobuhlobo obuhle nabafowenu nodadewenu basebandleni? Njengoba ubazi kangcono abafowenu nodadewenu, qikelela ukuthi ugxila ezimfanelweni zabo ezinhle. (Qhathanisa nezAga 10:12; Roma 12:10; Fil. 2:​2, 3) Phawula ukuthi ukwenza kanjalo kwamsiza kanjani umzalwane osanda kubhapathizwa okuthiwa uMark. Njengoba ayeseqala ukuchitha isikhathi esengeziwe nabafowabo nodadewabo basebandleni, waqala ukubona amaphutha abo. Yini eyasiza uMark ukuba angakhutshwa amaphutha abo? Uthi: “Ngaqaphela ukuthi ngangigxile emaphutheni amancane futhi ayemancane kakhulu uma eqhathaniswa nezinto ezimbi ezenziwa abantu abaningi emhlabeni. Kwaba sobala kimi ukuthi akufanele ngigxile emaphutheni alabo engikholwa nabo. Ngakho ngayeka ukugxila kuwo ngagxila ezimfanelweni zabo ezinhle.” Uma wenza ngendlela efanayo, uyojabulela ukuba nobuhlobo obuhle nabafowenu nodadewenu basebandleni okulo.

LAPHO UQALA UKUKHUMBULA IZINTO OZISHIYE NGEMUVA

7. Yini engasenza siqale ukukhumbula izinto esizishiye ngemuva?

7 Ngesikhathi uqala ukufunda iqiniso, akungabazeki ukuthi wajabula ngokushiya izwe likaSathane elibi. Ungase uzitshele ukuthi ‘Ubani nje ngempela ongalikhumbula?’ Noma kunjalo, lapho ubhekene novivinyo olunzima, ungase uqale ukukhumbula—uze ulangazelele ngisho—ezinye zezinto owaziyeka lapho uqala ukukhonza uJehova. (Qhathanisa noNumeri 11:​4-6.) Ngokwesibonelo, kungenzeka abanye abafowethu banquma ukuyeka umsebenzi ophezulu kodwa odla isikhathi. Abanye kungenzeka balahlwa abangani babo ababesondelene nabo lapho beqala ukutadisha iBhayibheli. Kanti abanye kungenzeka kuye kwadingeka banqobe inkinga yokuba umlutha wento ethile ababekujabulela ukuyenza nakuba ingahlanzekile. Kungadabukisa ngempela uma umKristu engavumela into ayeyenza esikhathini esidlule imenze aqhele kuJehova! Yini ongayenza manje ukuze ungalokothi ubuyele ezintweni owazishiya ngemuva, kungakhathaliseki ukuthi yini obhekana nayo?

8. Sifundani esibonelweni sika-Abrahama noSara?

8 IBhayibheli linezibonelo zabakhulekeli bakaJehova abathembekile ababengase baqale ukukhumbula izinto ababezishiye ngemuva. Ngokwesibonelo, belalela umyalo kaJehova, u-Abrahama noSara bashiya idolobha lase-Uri elinezivikelo eziqinile ukuze bayohlala ematendeni. (Heb. 11:​8, 9) Yiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi kungenzeka babezikhumbula izinto eziningi ezinhle ababezijabulela e-Uri. Kodwa “ukube baqhubeka bekhumbula” noma ukube babelangazelela izinto ababezishiye ngemuva, babengase balingeke ukuba baphindele kulezo zinto. Kunalokho bagxila ezintweni uJehova ayethembise ukubanika zona esikhathini esizayo.—Heb. 11:​15, 16.

9. Umphostoli uPawulu wayezibheka kanjani izinto ayezishiye ngemuva? (Filipi 3:​7, 8, 13)

9 Umphostoli uPawulu washintsha indlela ayephila ngayo ukuze akhonze uJehova. Ngaphambi kokuba abe umKristu, wayefunde uMthetho wamaJuda efundiswa uthisha ohlonishwa kakhulu uGamaliyeli. (IzE. 22:3) UPawulu wayesemathubeni okuthola isikhundla esiphezulu kakhulu enkolweni yobuJuda. (Gal. 1:​13, 14) Noma kunjalo, lapho amukela izindaba ezinhle, wakushiya ngemuva konke lokho. Ingabe ukuphila kwakulula ngaso sonke isikhathi ngemva kokushintsha ukuphila kwakhe? Cha. Washaywa, waboshwa, wazondwa ngisho nangabantu bakubo. (2 Kor. 11:​23-26) Ukube wagxila kulolo vivinyo kuphela, waqhathanisa ukuphila kwakhe kwangaleso sikhathi nokwangesikhathi esidlule, wayengase aphethe ngokuthi ukuphila kwakhe kwakungcono ngaphambi kokuba aguquke. Kunalokho, uPawulu wagxila elungelweni elikhulu ayenalo ngaleso sikhathi lokuba yisikhonzi sikaJesu Kristu, enethemba lokujabulela izibusiso ezimangalisayo esikhathini esizayo. UPawulu wayeqiniseka ukuthi lezo zibusiso zazingcono kakhulu kunanoma yikuphi ukuzidela ayekwenzile!—Funda eyabaseFilipi 3:​7, 8, 13.

10. Yini okufanele sihlale sicabanga ngayo? (Marku 10:​29, 30) (Bheka nezithombe.)

10 Yini esiyifundayo? Uma uqala ukucabanga ngezinto oziyekile ukuze ube umKristu, ungakukhohlwa nokukhumbula ukuthi kungani waziyeka lezo zinto. (UmSh. 7:10) Qhathanisa lokho okushiye ngemuva nezibusiso osuzitholile ngokukhonza uJehova. Unobungani obuseduze noMbusi wendawo yonke. (IzAga 3:32) Unomndeni ongokomoya ebandleni nasemhlabeni wonke. (Funda uMarku 10:​29, 30.) Ulindelwe nayikusasa elimangalisayo esikhathini esizayo! (Isaya 65:​21-23) Uma uhlale ucabanga ngezibusiso ozitholayo ngokukhonza uJehova, mancane amathuba okukhumbula lokho okushiye ngemuva.

Kunokuba ufise ukwenza izinto ozishiye ngemuva, jabulela ukwenza inkonzo eyigugu uNkulunkulu akunike yona ukuba uyenze (Bheka isigaba 10)e


11. Yini oyifundayo esibonelweni sikaRosemary?

11 Udade okuthiwa uRosemary wabhapathizwa esevile eminyakeni engu-50. Phawula lokho akwenza ukuze agweme ukufisa ukwenza izinto ayezishiye ngemuva. Uthi: “Ekuqaleni, ngangiwukhumbula uKhisimusi njengoba sasihlale sikujabulela ukuwugubha nomndeni wakithi. Ngangikujabulela ukupha abantu engibathandayo izipho. Ngangijabula lapho ngibona izingane zizungeze isihlahla sikaKhisimusi nokuzibona zijabula lapho zivula izipho zazo.” Yini eyasiza uRosemary? Uthi: “Kunokuthile engikwenzayo ukuze ngingawukhumbuli uKhisimusi. Unyaka ngamunye ngezinsuku ezingafani, ngimema umndeni wami, ngiwuphe izipho, ngitshele umuntu ngamunye ukuthi yini engiyithandayo ngaye.” URosemary wabhekana nenye inselele. Uthi: “Ngesikhathi ngiba omunye woFakazi BakaJehova, abangani bami bakudala bangishiya. Ngezinye izikhathi, ngangibakhumbula futhi ngangiba nesizungu.”d Yini eyamsiza? Waqala ukwenza izinhlelo zokuyoshumayela nodade abahlukahlukene. Uthi: “Ngokwenza kanjalo, ngithole abangani abasha engibathandayo nabayigugu kimi.” Yini ongase uyifunde kuye? Kungenzeka ukhumbule into ethile owawuyenza eyayikujabulisa ngaphambi kokuba ukhonze uJehova, kodwa ungakwazi ukuvala isikhala saleyo nto ngokuthile okungcono nokujabulisa ngempela. (Fil. 4:​8, 9) Khumbula nalokhu: UJehova uhlale ekunika okungcono kakhulu kunalokho okudelile.

LAPHO ABANYE BESHIYA UJEHOVA

12. Yini engaba yinselele nakakhulu ebandleni?

12 Ngesikhathi uba uFakazi, cishe wakujabulela ukushiya leli zwe elikhohlakele wase uzihlanganisa neqembu labantu elifundisa iqiniso nelizama ukwenza okulungile. (Isaya 65:14) Noma kunjalo, ngezinye izikhathi ungase uzwe ngomuntu othile owenze into engafanele ebandleni. Othile angase asuswe ngisho nokususwa ebandleni. (1 Kor. 5:13) Phawula ukuthi isimo esinjalo samthinta kanjani udade okuthiwa uSamar. Uthi: “Ngemva kwesikhashana ngibhapathiziwe, umdala othile wenza isono esikhulu futhi wasuswa ebandleni. Ngacishe ngakhubeka ngoba ngangingakholwa ukuthi umdala angona kuJehova nasebandleni.” Yiqiniso ukuthi kufanele sihlale sibethemba abafowethu nodadewethu ukuthi bayamthanda uJehova futhi bafuna ukuhlale bethembekile kuye. (1 Kor. 13:​4, 7) Noma kunjalo, ngokudabukisayo unyaka ngamunye kunabantu abasuswayo ebandleni. Kungaba yinselele nakakhulu uma umuntu osondelene naye noma umuntu omhloniphayo ekhetha ukushiya uJehova.

13. Yini esingayenza manje ukuze singakhubeki uma umuntu esisondelene naye eshiya uJehova?

13 Yini ongayenza manje ukuze ungakhubeki uma umuntu osondelene naye eshiya uJehova? Qhubeka uqinisa ubuhlobo bakho noJehova. (Jak. 4:8) Ungenzi ubuhlobo bakho noNkulunkulu buncike ekutheni omunye umuntu uyaqhubeka yini ethembekile kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, nakuba ngokuvamile sikhonza uJehova ndawonye njengomndeni nanjengebandla, umuntu ngamunye kudingeka abe nesimiso sakhe sokuthandaza nesokutadisha iBhayibheli.—IHu. 1:2; 62:8.

14. Yini esiyifundayo esibonelweni sikamphostoli uPetru? (Johane 6:​66-68)

14 Singafunda okuthile nasendleleni umphostoli uPetru asabela ngayo lapho abafundi abaningi beyeka ukulandela uJesu. Kungenzeka uPetru naye wayedidekile ngaleso sikhathi. Kodwa phawula lokho akusho ngokukaJohane 6:​66-68. (Yifunde.) Kunokuba agxile kulokho okwakwenziwa abanye, uPetru wagxila emazwini ayiqiniso ayewathole kuJesu. Ngenxa yalokho uPetru akazange akhubeke. Ngendlela efanayo namuhla, izenzo zabanye azikushintshi ukuthi uthole iqiniso eliyigugu ngosizo lwenhlangano kaNkulunkulu. Ungalishiyi lelo qiniso! USamar, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi, “Ngihlale ngizikhumbuza ukuthi izinto ezingafanele ezenziwa umuntu othile azimeleli lonke ibandla noma inhlangano; azimeleli ngisho izimfanelo zikaJehova.”

15. Yini esiyifundayo esibonelweni sika-Emily?

15 Cabanga ngesibonelo sika-Emily. Ngemva kweviki elilodwa nje u-Emily ebhapathiziwe, umama wakhe wahamba ekhaya, wasuswa nasebandleni. U-Emily, uthi: “Angikaze ngicabange ukuthi into enje ingenzeka. Lena kube yinselele enkulu kunazo zonke kwengake ngabhekana nazo futhi ngiyamkhumbula kakhulu umama.” Yini esize u-Emily? Uthi: “Angingedwa. Akuyena ubaba kuphela ongisekelayo, kodwa ngisekelwa nangabanye ebandleni abafana nomndeni kimi. Wonke umuntu ubhekene novivinyo. Yingakho kubalulekile ukuba sihlale sisondelene futhi sikhuthazane.” (1 Pet. 5:9) Akudingeki ulinde uze ubhekane nenselele ethile ngaphambi kokuba uqinise ubuhlobo bakho nabafowenu nodadewenu. Qhubeka wenza kanjalo njengamanje. Ngaleyo ndlela, kungakhathaliseki ukuthi yini engase yenzeke, mancane amathuba okuba uzizwe uwedwa.

16. Yini okufanele siyikhumbule? (Bheka nesithombe.)

16 Khumbula nokuthi uJehova uyabayala labo abathandayo. (Heb. 12:6) Ufuna bonke abasusiwe babuyele ebandleni. (2 Pet. 3:9) Ngakho uma umuntu osondelene naye esusiwe ebandleni, ungaqiniseka ukuthi abadala bayokwenza konke abangakwenza ukuze bamsize abuyele kuJehova.—2 Thim. 2:​24, 25.

Abadala ababili bavakashele indoda eyasuswa ebandleni. Omunye wabo uphethe iBhayibheli elivuliwe njengoba lona omunye umdala ebonisa le ndoda isifundo esisencwajaneni ethi “Buyela KuJehova.”

Uma umuntu osondelene naye esusiwe ebandleni, khumbula ukuthi abadala bafuna ukumsiza abuyele kuJehova (Bheka isigaba 16)f


17. Yini esingaqiniseka ngayo?

17 Sixoxe ngezinselele ezimbalwa kuphela ongase ubhekane nazo ngemva kokubhapathizwa. Yiqiniso ukuthi ezinye zingase zikwethuse, kodwa akudingeki wesabe. Kuningi ongakwenza ukuze ukulungele ukubhekana nalezo zinselele. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi usizwa uNkulunkulu onamandla amakhulu: uJehova uNkulunkulu. Usekusizile kakade futhi ufuna ukukusiza kuze kube phakade! (1 Pet. 5:10) Uyohlale ekunika amandla owadingayo futhi uyokusiza ukhuthazelele noma yiluphi uvivinyo ongase ubhekane nalo. Njengoba uqhubeka wamukela usizo lukaJehova, ayikho inselele eyoke ikuqhelise kuye!—IHu. 119:165; Roma 8:​38, 39.

YINI ESINGAYENZA UKUZE SILUNGELE UKUBHEKANA NALEZI ZINSELELE OKUNGENZEKA SIBHEKANE NAZO?

  • Umfowethu noma udadewethu usiphatha kabi

  • Siqala ukukhumbula izinto esizishiye ngemuva

  • Othile uyasuswa ebandleni

INGOMA 154 Uthando Oluqotho

a Nakuba lesi sihloko sikhuluma noFakazi abasanda kubhapathizwa, sonke singazuza kuso.

b Amagama ashintshiwe.

c Ukuqondisisa kuhlanganisa ukukwazi ukubona ngale kwento esobala. Le mfanelo ingasisiza siqonde ukuthi kungani omunye umuntu ekhulume noma enze ngendlela ethile.

d Sonke—hhayi labo abaqhuba izifundo zeBhayibheli kuphela—kufanele sisize abantu abafundelwa iBhayibheli nalabo abasanda kubhapathizwa ukuba bazizwe bamukelekile ebandleni. Bheka izigaba 15 no-16 esihlokweni esithi “Njengebandla, Sizani Abafundelwa IBhayibheli Bathuthuke Baze Babhapathizwe” kuyi-Nqabayokulinda kaMashi 2021.

e INCAZELO YEZITHOMBE: Njengoba eshumayela, udade ubona iqembu elidlala ibhola bese ekhumbula ngesikhathi naye esengumdlali webhola. Kamuva, lo dade ushumayeza owesifazane ongumdlali webhola, mhlawumbe ayedlala naye ibhola esikhathini esidlule.

f INCAZELO YESITHOMBE: Abadala ababili bavakashele indoda eyasuswa ebandleni, bayikhuthaza ukuba ibuyele kuJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela