EPHRELI 20-26, 2026
INGOMA 49 Ukwenza Inhliziyo KaJehova Ijabule
Qhubeka Usebenzela Ukufanelekela Ukubhapathizwa
“Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile.”—2 KOR. 6:2.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Manje yisikhathi sokwakha ubungani obuseduze noJehova, ubhapathizwe.
1. (a) Yiziphi ezinye izinzuzo esizitholayo ngokubhapathizwa? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
USUZINIKEZELE yini kuJehova futhi wabonisa lokho kuzinikezela ngokubhapathizwa ngamanzi? Uma kunjalo, wenze isicelo kuNkulunkulu sokuba nonembeza omuhle. (1 Pet. 3:21) Ngokwenza kanjalo, ubabekele isibonelo esihle abasebasha nalabo abasanda kuzihlanganisa nebandla okulo. Ngakho wenze isinqumo esihle kakhulu! Kodwa kuthiwani uma ungakabhapathizwa? Akungabazeki ukuthi uyamthanda uJehova futhi ufuna ukwenza intando yakhe. Uyazi ukuthi ukubhapathizwa kubalulekile ukuze izono zakho zithethelelwe futhi ukwazi ukuba umngani kaJehova oseduze. (IzE. 2:38-40) Kodwa kungenzeka usazindela ukubhapathizwa. Yini engakusiza? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi (1) kungani abanye bezindela ukubhapathizwa, (2) kungani kuwukuhlakanipha ukuhlale ukhumbula ukuthi ukuphela kwaleli zwe likaSathane kuseduze, nangokuthi (3) kuyokuzuzisa kanjani ukusebenzela ukufanelekela ukubhapathizwa ngokushesha ngangokunokwenzeka.
KUNGANI ABANYE BEZINDELA UKUBHAPATHIZWA?
2. Kungani abanye bezindela ukubhapathizwa?
2 Abanye bayazindela ukubhapathizwa ngenxa yokwesaba. Ngokwesibonelo, nakuba befuna ukukhonza uJehova, besaba ukuthi abasoze bakwazi ukumjabulisa. Uma uzizwa ngaleyo ndlela, hlola amavesi eBhayibheli angakuqinisekisa ukuthi uJehova akalindele ukuba ungawenzi amaphutha futhi uyajabula lapho umkhonza ngokusemandleni akho. (IHu. 103:13, 14; Kol. 3:23) Uma wesaba ukubhekana nokuphikiswa, cela uJehova akusize uqiniseke njengomhubi owathi: “UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?”—IHu. 118:6.
3. Yimuphi umcabango ongase uvimbele abanye ukuba babhapathizwe? (Bheka esisekhasini 1.)
3 Abanye abathanda uJehova bayakuhlehlisa ukubhapathizwa ngoba bacabanga ukuthi abanalo ulwazi olwanele. Kodwa kungakanani ngempela okudingeka ukwazi? Cabanga ngesibonelo esiseBhayibhelini. Ngemva kokuba ukuzamazama komhlaba kuzamazamise ijele okwakuboshwe kulo umphostoli uPawulu noSila, bashumayeza unogada wasejele nomndeni wakhe. Cishe le ndoda nomndeni wayo babeqonda ukuthi kwakwenzeke isimangaliso. Ngaphezu kwalokho, ziningi kakhulu izinto abazifunda ngalobo busuku. Ngenxa yalokho, bashukumiseleka ukuba ‘babhapathizwe ngaphandle kokulibala.’ (IzE. 16:25-33) Uma umazi uJehova, umthanda ngenhliziyo yakho yonke, uziqonda izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, uphendukile ezonweni zakho futhi uzimisele ukuqhubeka uphila ngemithetho yakhe, ukulungele ukubhapathizwa.—Marku 12:30.
UPawulu noSila bashumayeza unogada wasejele nomndeni wakhe, okwabenza “babhapathizwa ngaphandle kokulibala” (Bheka isigaba 3)
4. Yini abanye abagxila kuyo ebenza bazindele ukubhapathizwa? (Bheka nesithombe.)
4 Abanye abafuna ukujabulisa uNkulunkulu bagxila ezinguqukweni okuzodingeka bazenze ukuze bamjabulise. Yiqiniso ukuthi kuwukuhlakanipha ukucabangisisa ngokuthi yini ehilelekile kunoma yisiphi isinqumo okudingeka sisenze. (Luka 14:27-30) Kodwa abanye bakhathazwa ukuthi kunezinto okuzodingeka bazidele ukuze bakhonze uNkulunkulu. UCandace, owakhuliswa oFakazi kodwa wangakusebenzisa lokho ayefundiswa kona, wayezizwa ngaleyo ndlela lapho othile ecela ukumqhubela isifundo seBhayibheli njengoba ayesemdala. Uthi: “Ngangazi ukuthi yini okwakufanele ngiyenzele uJehova, kodwa ngangizindela ukukwenza ngoba ngangizijabulela izinto engangizenza ezweni. Ngangazi ukuthi kwakuyoba nzima ukuziyeka lezo zinto.” Abanye bakhathazwa yindlela okulindeleke ukuba baziphathe ngayo labo ababhapathiziwe. Bakhathazwa ukuthi ngemva kokuba sebebhapathiziwe bazokwenza isono esikhulu bese bayasuswa ebandleni. Uma izinto ezinjalo zikwenza uzindele ukubhapathizwa, yini ongayenza?
Abanye abafuna ukujabulisa uNkulunkulu bakhathazwa ukuthi kunezinto okuzodingeka bazidele ukuze bakhonze uNkulunkulu (Bheka isigaba 4)
5. Yini okufanele sigxile kuyo lapho sicabanga ngokuthi kufanele yini sibhapathizwe? (Mathewu 13:44-46)
5 Lapho sifuna ukuthenga into ethile, asibheki nje inani layo kuphela, kodwa sibheka nokuthi ibaluleke kangakanani leyo nto. Uma ukubaluleka kwayo kukukhulu kakhulu kunenani layo, cishe siyoyithenga ngaso leso sikhathi. Ngendlela efanayo, lapho sicabanga ngokuthi kufanele yini sibhapathizwe, akufanele sigxile ezinguqukweni okumele sizenze kuphela, kodwa kufanele sicabange nangendlela okubaluleke ngayo ukuba nobuhlobo obuhle noJehova. UJesu wasebenzisa imifanekiso emibili ukuze asifundise ngaleli phuzu. (Funda uMathewu 13:44-46.) Emfanekwiseni ngamunye, ngenjabulo umuntu wathengisa konke anakho ukuze athenge into eyigugu ayeyitholile. Nawe uthole into eyigugu kakhulu—iqiniso ngoMbuso. Uma uzibuza ukuthi kuzuzisa ngempela yini ukwenza zonke lezi zinguquko okudingeka uzenze ukuze uphile ngokuvumelana neqiniso, cabangisisa ngemifanekiso kaJesu. Ungase uzibuze: ‘Ngiyaqiniseka ngempela yini ukuthi lokhu engikutholile kubaluleke ngempela? Buyigugu yini kimi ubuhlobo bami noJehova, ithemba anginike lona, kanye nabafowethu nodadewethu basemhlabeni wonke abanothando?’ Kuye ngezimpendulo zakho kule mibuzo, ungagxila kulokho ongakwenza ukuze ubonise ukuthi uyalazisa iqiniso noma ekutholeni ukuthi yini ekuvimba ukuba wenze ngokuvumelana nalokho okwaziyo.
6. Yini engasisiza sibe nesimo esihle senhliziyo?
6 Emfanekisweni wakhe womhlwanyeli, uJesu wachaza izimo zenhliziyo ezihlukahlukene ezingavimbela umuntu ukuba enze ngokuvumelana nalokho akufundayo. Noma kunjalo, uJesu wabonisa nokuthi abanye babeyozwa umyalezo woMbuso “ngenhliziyo enhle” futhi basabele kahle kuwo. (Luka 8:5-15) Uma kukukhathaza ukuthi inhliziyo yakho ihlukene phakathi, ungapheli amandla. Ngosizo lukaNkulunkulu, ungakwazi ‘ukuthola inhliziyo entsha,’ ezokwenza ulalele isiqondiso sakhe. Thandaza kuJehova umcele akusize uthambise inhliziyo yakho ukuze uthande lokho okufundayo futhi ukusebenzise ekuphileni kwakho.—Hez. 18:31; 36:26.
7-8. Kungani abanye abasebasha bengazenzi izinguquko okudingeka bazenze ukuze bafanelekele ukubhapathizwa? (Bheka nesithombe.)
7 Abanye abasebasha abathanda uJehova abazenzi izinguquko okudingeka bazenze ukuze bafanelekele ukubhapathizwa ngenxa yethonya labanye. Ngokwesibonelo, abanye othisha basezikoleni bangase beluleke abafundi ukuba “babe nomqondo ovulekile” mayelana nendlela umuntu okufanele aziphathe ngayo, ngisho nendlela yokuziphatha ephula imithetho kaNkulunkulu. Kodwa iseluleko esinjalo singaholela enhlekeleleni. (IHu. 1:1, 2; IzAga 7:1-5) Ungayigwema leyo ngozi ngokulingisa isibonelo somhubi owathi kuJehova: “Nginokuqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngoba ngizindla ngezikhumbuzo zakho.”—IHu. 119:99.
8 Imibiko ibonisa ukuthi abanye abazali abangoFakazi benza kube nzima ngezingane zabo ukuba zinqume ukubhapathizwa. Labo bazali bagxila ngokweqile emfundweni yezingane zabo nasohlotsheni lomsebenzi ezizowuthola, noma bamane bangazihluphi nje ngokusiza izingane zabo zizibekele imigomo engokomoya. Kuthiwani uma unomuzwa wokuthi abazali bakho bangenza okwengeziwe ukuze bakusize uthuthuke ngokomoya? Kungani ungaxoxi nabo ngale ndaba? Qiniseka ukuthi iminyaka yakho akudingeki ikuvimbe ukuba uzakhele ubungani obuseduze noJehova.—IzAga 20:11.
Kungani ungaxoxi nabazali bakho ngendaba yokubhapathizwa? (Bheka isigaba 8)
9. Kungani abanye bengase bakuhlehlise ukubhapathizwa?
9 Abanye abakufanelekelayo ukubhapathizwa bangase bazindele ukubhapathizwa ngenxa yokucindezela kontanga, mhlawumbe baze balinde umuntu othile ukuba naye athathe isinyathelo esifanayo. Ngokwesibonelo, bangase babe nethemba lokubhapathizwa ngosuku olufanayo nomngani wabo noma nelungu lomndeni. Yiqiniso ukuthi ungakwazi ukubhapathizwa ngosuku olufanayo nabantu obakhathalelayo. Kodwa ingabe ngempela izinto ezinjalo kufanele zikwenze uhlehlise ukubhapathizwa? Khumbula ukuthi ukuzinikezela kwakho kuNkulunkulu kuyisithembiso osenza kuJehova, esingahileli omunye umuntu. Ukubhapathizwa kwakho akufanele kuncike kulokho okwenziwa omunye umuntu.—Roma 14:12.
HLALE UKHUMBULA UKUTHI UKUPHELA KWALELI ZWE KUSEDUZE
10. Kungani abanye bengase bazindele ukuthuthuka ngokomoya?
10 Ngaphandle kwezizathu esesixoxe ngazo, abanye bangase bazindele ukuthuthuka ngokomoya ngoba becabanga ukuthi siningi isikhathi esisasele ngaphambi kokuba leli zwe liphele. Kodwa ingabe kuwukuhlakanipha ukucabanga ngaleyo ndlela? UJesu waxwayisa abafundi bakhe wathi: “Hlalani nimi ngomumo, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningacabangi ukuthi kungaba yilo.”—Luka 12:40.
11. NgokweHubo 119:60, sizizwa kanjani ngemiyalo kaJehova njengoba sifunda okwengeziwe ngaye?
11 Ukuzinikezela kwethu kuJehova kumele kushukunyiswe uthando. Njengoba siqhubeka sazi okwengeziwe ngoNkulunkulu wethu onothando, lokho kusenza siyithande nakakhulu imiyalo yakhe futhi siyilalele ngokushesha lapho nje sesazi ngayo. (Funda iHubo 119:60.) Umfundi uJakobe wakhuluma ngesinye isizathu esibalulekile sokuyilalela ngokushesha imiyalo kaJehova: Akekho phakathi kwethu owaziyo ukuthi yini eyokwenzeka kusasa. Kungenzeka singabe sisaba nalo ngisho nosuku olulodwa ‘lokwenza okuhle,’ ngakho kufanele sikwenze manje lokho uJehova afuna sikwenze.—Jak. 4:13-17.
12. Yini esingayifunda emfanekisweni kaJesu wensimu yamagilebhisi?
12 Kuthiwani ngomfanekiso kaJesu wensimu yamagilebhisi? Akazange yini afundise ukuthi ezinye izisebenzi zaziyosebenza ihora elilodwa nje kuphela kodwa zithole umholo olingana nowezisebenzi ezazisebenze usuku lonke? Yiqiniso lelo. Kodwa phawula ukuthi izisebenzi ezazisebenze ihora elilodwa zathi sasiyini isizathu sokuba zingasheshi ziqale ukusebenza. Zathi: “Kungenxa yokuthi akekho osiqashile.” Akukhona ukuthi lezo zisebenzi zazizama ukubalekela ukusebenza usuku lonke—ukuthi nje akekho owayeziqashile. Kwathi nje lapho ziqashwa, zaqala ukusebenza ngaso leso sikhathi. (Math. 20:1-16) Namuhla, uJesu usicele ukuba sibe abafundi bakhe futhi sishumayele ngoMbuso. Kufanele senze lokho asicela kona ngokushesha nje lapho sizwa isicelo sakhe.
13. Yini esingayifunda kumkaLoti?
13 Noma ubani ozindelayo ukuthatha izinyathelo ezizomenza athuthuke ngokomoya, angase athole ukuthi kunzima kakhulu ukwenza izinguquko ezizojabulisa uNkulunkulu ngomzuzu wokugcina. UJesu wayekwazi lokho futhi waxwayisa abafundi bakhe wathi: “Khumbulani umkaLoti.” (Luka 17:31-35) UmkaLoti wayazi ukuthi sase siseduze kakhulu isikhathi sokuba uNkulunkulu ahlulele iSodoma neGomora; noma kunjalo, kubonakala sengathi kwakusenzima ngaye ukuyeka ukuthanda izinto ayezishiye ngemuva. (Gen. 19:23-26) Okwenzeka kuye kusikhumbuza nokuthi umnyango wensindiso ngeke uhlale uvuliwe phakade. Ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, lowo mnyango uyovalwa futhi ukhiywe unomphela.—Luka 13:24, 25.
14. Kufanele zikuthinte kanjani iziprofetho zeBhayibheli eziphathelene nokuphela kwaleli zwe?
14 Usuku nosuku, izinto ezenzekayo zigcwalisa iziprofetho zeBhayibheli ngokuphathelene nokuphela kwaleli zwe. Ngisho noma zingakakuthinti ngokuqondile ezinye zalezo zinto, ukubona izinto ezilokhu zenzeka ezindaweni ezihlukahlukene kufanele kukwenze ukuphaphamele nakakhulu ukuthuthuka ukuze ufanelekele ukubhapathizwa. Cabanga ngesibonelo sangekhulu lokuqala. Umphostoli uPetru wanxusa amaKristu ukuba ‘aphaphame,’ ngoba “ukuphela kwezinto zonke [kwase] sekusondele.” (1 Pet. 4:7) Kubonakala sengathi “ukuphela” okwakukhulunywa ngakho kwakubhekisela ekupheleni kwesimiso sezinto samaJuda. Labo uPetru ayebabhalele babehlala kude kakhulu neJerusalema, ngakho kwakungeke kubathinte ngokuqondile ukubhujiswa kwalelo dolobha. (1 Pet. 1:1) Noma kunjalo, lapho bebona ukugcwaliseka kwaleso siprofetho, babeyoqiniseka nakakhulu ngokugcwaliseka kwazo zonke ezinye iziprofetho zikaJehova. Ngendlela efanayo, njengoba uzibona zigcwaliseka iziprofetho eziphathelene nokuphela kwaleli zwe okuzayo, uyokhuthazeka ukuba ukuphaphamele ukwenza lokho okudingeka ukwenze ukuze ufanelekele ukubhapathizwa.
15. Kufanele sisibheke kanjani isikhathi sokufika kosuku lukaJehova? (2 Petru 3:10-13)
15 Encwadini yakhe yesibili ephefumulelwe, uPetru wachaza ukuthi kufanele sisibheke kanjani isikhathi sosuku lukaJehova lokwahlulela oluzayo. KumaKristu ayephila ngekhulu lokuqala, lolo suku lwalusekude kakhulu; kodwa uPetru wawatshela ukuba ‘alukhumbule njalo,’ noma ‘alulangazelele,’ lolo suku. (Funda eyesi-2 Petru 3:10-13; mbhw.) Singalukhumbula njalo lolo suku ngokuhlale silulungele nangokulangazelela ukufika kwalo. Sibonisa ukuthi siyalulangazelela ngokwenza ‘izenzo zokuziphatha ezingcwele nezenzo zokuzinikela kuNkulunkulu.’ Cabanga ngokuthi kuyomjabulisa kangakanani uJehova ukukubona wenza ‘izenzo zokuzinikela kuNkulunkulu’! Ngokuqinisekile uyojabula kakhulu lapho ekubona uzinikezela kuye futhi ubhapathizwa.
IZINZUZO ZOKUTHATHA ISINYATHELO MANJE
16. Yisiphi isikhathi esikahle kakhulu sokuthuthukela ukufanelekela ukubhapathizwa? (2 Korinte 6:1, 2) (Bheka nezithombe.)
16 Isikhathi esikahle kakhulu sokuthuthukela ukufanelekela ukubhapathizwa yimanje. (Funda eyesi-2 Korinte 6:1, 2.) Umthenwa ongumTopiya owahlangana noFiliphu wasiqaphela isidingo sokuthatha isinyathelo ngokushesha. Lapho eseziqonda izindaba ezinhle futhi enethuba lokubhapathizwa, akazange athi: ‘Ngingathanda ukuqale ngifunde okwengeziwe ngezindaba ezinhle. Sisazowathola amanye amanzi njengoba siqhubeka nendlela.’ Kunalokho wabuza uFiliphu, “Yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?” (IzE. 8:26, 27, 35-39) Uyisibonelo esihle ngempela! Ngemva kokuba umthenwa esebhapathiziwe, “waqhubeka nendlela yakhe ejabula.”
Funda isifundo esibalulekile kumthenwa ongumTopiya: Isikhathi esikahle kakhulu sokuthuthukela ukufanelekela ukubhapathizwa yimanje (Bheka isigaba 16)a
17. Yini esingaqiniseka ngayo?
17 Uma uzindela ukubhapathizwa, qiniseka ukuthi uJehova ukulungele ukukusiza ube nobuhlobo obuhle naye. (Roma 2:4) Angakusiza unqobe noma yikuphi ukwesaba, ukukhathazeka, noma ukucindezelwa abanye abantu okungenzeka kuphazamisa intuthuko yakho. Lapho usunonembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu ngenxa yokubhapathizwa, cishe uyothola ukuthi “izinto ezingemuva” awusenandaba nazo. (Fil. 3:8, 13) Ngaleyo ndlela ungakwazi ukubheka phambili “ezintweni ezingaphambili,” okuwukuthi, ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaJehova azithembisa labo abazinikezela kuye futhi babhapathizwe.—IzE. 3:19.
INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla
a INCAZELO YEZITHOMBE: Njengomthenwa ongumTopiya owatshela uFiliphu ukuthi wayefuna ukubhapathizwa, owesifazane ofundelwa iBhayibheli uya kubadala ukuze abatshele ngesifiso sakhe sokubhapathizwa.