MASHI 23-29, 2026
INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo
Uzobonisa Kanjani Ukuthi Uyabonga Ngesihlengo?
“Uthando uKristu analo lusibusa ngokuphelele.”—2 KOR. 5:14.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngendlela sonke esingabonisa ngayo ukuthi siyabonga ngesihlengo.
1-2. Umhlatshelo kaJesu wesihlengo kufanele usishukumisele ukuba senzeni, futhi kungani? (2 Korinte 5:14, 15) (Bheka nesithombe.)
UMA othile ekutakule ebhilidini elibhidlikile, ubungeke yini ube nomuzwa wokuthi uyamkweleta lowo muntu osindise ukuphila kwakho? Ngisho noma kungewena wedwa otakulwe kulelo bhilidi, cishe uyofuna ukumbonga lowo muntu okutakulile, ukuze ubonise ukuthi awukuthathi kancane lokho akwenzele kona.
2 Njengoba isihloko esidlule sichazile, asikwazi ukuzikhulula thina emiphumeleni yesono esisizuze njengefa. Kodwa, umhlatshelo kaJesu wesihlengo ungasikhulula (1) ngokwenza uJehova akwazi ukusithethelela izono zethu, (2) ngokusenza sibe nethemba lokungabi naso isono esikhathini esizayo, (3) nangokusenza sibuyisane noNkulunkulu. Ngenxa yalokho, sinethemba lokuphila phakade ezweni elisha likaJehova. Ngempela, isihlengo sifakazela ukuthi uJesu ubathanda kakhulu abantu futhi ubelokhu ebathanda iminyaka eminingi ngaphambi kokuba azalwe njengomuntu ongenasono emhlabeni. (IzAga 8:30, 31) Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi “uthando uKristu analo lusibusa ngokuphelele.” (Funda eyesi-2 Korinte 5:14, 15.) Lokhu kusho ukuthi uthando uJesu analo ngathi kufanele lusishukumisele ukuba sibonise ukuthi siyabonga ngalo, ukuze sibonise ukuthi asiwuthathi kancane umhlatshelo wakhe wesihlengo.
Kungakhathaliseki ukuthi sitakulwe ebhilidini elibhidlikile noma sikhululwe esonweni esasizuza njengefa, siyamkweleta umuntu osuke esindise ukuphila kwethu (Bheka izigaba 1-2)
3. Kungani ingase ihluke indlela umuntu ngamunye abonisa ngayo ukuthi uyabonga ngesihlengo?
3 Ilungiselelo lesihlengo elibonisa uthando liyokushukumisela ukuba ukubonise ngayiphi indlela ukuthi uyabonga ngalo? Impendulo yakho ingase ihluke kweyomunye umuntu. Ukuze sifanekise ukuthi kungani ingase ihluke, cabanga ngabantu abathathu abazothatha uhambo oluya endaweni efanayo, kodwa bebe besuka ezindaweni ezingafani. Umuntu ngamunye uzosebenzisa indlela engafani neyomunye njengoba beya kuleyo ndawo. Ngendlela efanayo, “indlela” oyithathayo ukuze ufike lapho oya khona, noma umgomo wakho—okuwukuthi, indlela obonisa ngayo ukuthi uyabonga ngesihlengo—incike ekutheni ubuhlobo bakho noJehova bukuphi njengamanje. Sinalokho engqondweni, lesi sihloko sizokhuluma ngamaqembu abantu amathathu: (1) abafundelwa iBhayibheli, (2) amaKristu abhapathiziwe, (3) nezimvu ezidukelene nomhlambi.
ABAFUNDELWA IBHAYIBHELI
4. UJehova ubaqaphela ngayiphi indlela labo abafundelwa iBhayibheli?
4 Uma ufundelwa iBhayibheli, cabanga ngalokhu: Indlela osabela ngayo ezindabeni ezinhle ibonisa ukuthi uphakathi kwabantu uJehova abadonsela kuye ukuze babe abangani bakhe. (Joh. 6:44; IzE. 13:48) “UJehova ungumhloli wezinhliziyo.” Lokhu kusho ukuthi uyayiqaphela imizamo oyenzayo ukuze ufunde ngaye futhi uyajabula lapho ebona intuthuko yakho njengoba wenza izinguquko ukuze uphile ngokuvumelana nemithetho yakhe. (IzAga 17:3; 27:11) Isihlengo sikwenza ukwazi ukuba nobungani obuseduze noJehova. (Roma 5:10, 11) Ungalokothi ukuthathe kancane lokho.
5. Abafundelwa iBhayibheli bangasisebenzisa kanjani isiqondiso esitholakala kweyabaseFilipi 3:16?
5 Njengoba ufundelwa iBhayibheli, ungabonisa kanjani ukuthi uyabonga ngesihlengo? Enye indlela esingakwenza ngayo lokho ukulalela iseluleko sikamphostoli uPawulu esasiya kwabaseFilipi, esithi: “Ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile ngalo mzila ofanayo.” (Fil. 3:16) Enye inguqulo yeBhayibheli ilibeka ngale ndlela leli vesi: “Kumele siqhubeke sihamba ngendlela esihamba ngayo manje.” Ngokuvumelana naleso seluleko, ungavumeli lutho luphazamise intuthuko oyenzayo njengoba uqhubeka uhamba endleleni eya ekuphileni.—Math. 7:14; Luka 9:62.
6. Yini labo abafundelwa iBhayibheli abangayenza uma bekuthola kunzima ukwenza izinguquko ezithile? (Duteronomi 30:11-14) (Bheka nesithombe.)
6 Kuthiwani uma ukuthola kunzima ukwamukela imfundiso yeBhayibheli osanda kuyifunda? Cwaninga ngaleyo mfundiso, uthandaze kuJehova, umcele akusize uyiqonde kangcono. (IHu. 86:11) Uma usakuthola kunzima ukuyiqonda, iyeke okwamanje—kodwa ungayeki ukutadisha iBhayibheli. Kuthiwani uma ukuthola kunzima ukuyeka into ethile iBhayibheli elingavumelani nayo? Khumbula ukuthi uJehova akasoze acela abantu abanesono ukuba benze into abangeke bakwazi ukuyenza. Ungakwazi ukuphila ngemithetho yakhe. (Funda uDuteronomi 30:11-14.) UJehova uthembisa ukuthi uzokusiza. (Isaya 41:10, 13; 1 Kor. 10:13) Ngakho ungayeki ukuzama ukumlalela. Kunokuba ugxile kakhulu kuleyo nselele obhekene nayo, gxila ekutheni umbonga kangakanani uJehova ngakho konke akwenzele kona—okuhlanganisa nelungiselelo lesihlengo. Njengoba uthando onalo ngoJehova lukhula, uyothola ukuthi “imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 Joh. 5:3.a
UJehova akalokothi asicele ukuba senze into esingeke sikwazi ukuyenza. Uzosisiza siphile ngokuvumelana nemithetho yakhe (Bheka isigaba 6)
7. Yini abasebasha abakhulela eqinisweni abangacabanga ngayo?
7 Kuthiwani ngani nina enisebasha enikhulela eqinisweni? Nani nifundelwa iBhayibheli. Empeleni, kubazali benu yinina enibaluleke kakhulu kubantu abafunda nabo iBhayibheli. IBhayibheli lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jak. 4:8; 1 IziKr. 28:9) Lapho uthatha isinyathelo sokusondela kuJehova, naye usondela kuwe. UJehova akakubheki nje njengomunye wabantu abayiqembu. Udonsa umuntu ngamunye—kuhlanganise nomuntu ngamunye okhulele eqinisweni. Yini ekwenze wakwazi ukuba umngani kaJehova? Yisihlengo—into okungafanele nanini uyithathe kancane. (Roma 5:1, 2) Ngaphambi kokuba uye eSikhumbuzweni salo nyaka, kunganjani uzindle ngokuthi kusho ukuthini kuwe ukufa kukaJesu? Ukuzindla ngalokho makukwenze usebenzele emgomweni wakho ongokomoya olandelayo—noma ngabe yimuphi lowo mgomo—ukuze ubonise ukuthi uyabonga ngesihlengo uJehova asilungiselele sona ngeNdodana yakhe.b
AMAKRISTU ABHAPATHIZIWE
8. AmaKristu abhapathiziwe abonise kanjani ukuthi anokholo esihlengweni?
8 Uma ungumKristu obhapathiziwe, kakade usukubonise ngezindlela eziningi ukuthi uyakholelwa esihlengweni. Ngokwesibonelo, wenze izinto ezikwenza usondelane noJehova futhi uphila ngemithetho yakhe. Ulalele umyalo kaJesu wokwenza abafundi ngokuxoxela abanye ngokholo lwakho. Unikezele ukuphila kwakho kuJehova futhi wabhapathizwa. Kungenzeka uye wabhekana noshushiso ngenxa yokuthi ukhonza uJehova ngeqiniso. (2 Thim. 3:12) Ukukhuthazela kwakho ngokwethembeka kubonisa ukuthi uyamthanda uJehova futhi uyabonga ngesihlengo asilungiselele sona ngeNdodana yakhe.—Heb. 12:2, 3.
9. Iyiphi ingozi amaKristu abhapathiziwe okufanele ayiqaphe?
9 NjengamaKristu abhapathiziwe, kunengozi okudingeka siyiqaphe. Ngokuhamba kwesikhathi, singase sisithathe kancane isihlengo. Kungenzeka kanjani lokho? Cabanga ngalokho okwenzeka kumaKristu angekhulu lokuqala ase-Efesu. UJesu ovusiwe wawancoma ngokukhuthazela kwawo. Kodwa wathi kuwo: “Nginalokhu ngawe, ukuthi awusenalo uthando owawunalo ekuqaleni.” (IsAm. 2:3, 4) Njengoba amazwi kaJesu ebonisa, kancane kancane umKristu angase aqale ukwenza izinto zikaJehova ngoba nakhu nje seziyisejwayezi kuye. Lowo muntu angase athandaze, aye emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini, kodwa enze lezi zinto ngenxa nje yokuthi usejwayele ukuzenza. Akasazenzi ngoba eqhutshwa uthando. Yini ongayenza uma unomuzwa wokuthi uthando owawunalo ngoJehova alusafani nasekuqaleni?
10. Yini ongayenza ukuze ‘uzindle’ futhi “ugxile” emisebenzini oyenzayo njengoba ukhonza uJehova? (1 Thimothewu 4:13, 15)
10 Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu ukuba ‘azindle’ futhi ‘agxile’ emisebenzini ayeyenza njengoba ayekhonza uJehova. (Funda eyeku-1 Thimothewu 4:13, 15.) Ngokuvumelana naleso seluleko, zama ukucabanga ngezindlela ezingakusiza uhlale ushiseka njengoba ukhonza uJehova, ukuze uqhubeke ‘uvutha emoyeni.’ (Roma 12:11) Ngokwesibonelo, ungazinika isikhathi esanele sokulungiselela imihlangano yebandla ukuze ukwazi ukugxilisa ingqondo lapho usemihlanganweni. Noma ungenza isifundo sakho somuntu siqu sizuzise kakhudlwana ngokuba sendaweni ozoba wedwa kuyo ukuze ukwazi ukuzindla ngalokho okufundile. Njengoba nje ungawukhwezela umlilo ukuze uqhubeke uvutha, ungaqhubeka wenza izinto ezifana nalezi ukuze uhlale ubonga ngakho konke uJehova akwenzele kona, okuhlanganisa nesihlengo. Okunye, emavikini angaphambi kweSikhumbuzo, kunganjani uzindle ngezibusiso ezimangalisayo esizijabulelayo ngenxa yokuthi singoFakazi BakaJehova? Akungabazeki ukuthi lokho kuyokwenza ubonge ngisho nakakhulu ngesihlengo—okuyisona esikwenza ukwazi ukuba umngani kaJehova.
11-12. Ingabe ukuphelelwa yintshiseko okwesikhashana kusho ukuthi uJehova akasakuniki umoya wakhe ongcwele? Chaza. (Bheka nesithombe.)
11 Uma okwesikhathi esithile uzizwa ungasenayo intshiseko ekukhonzeni uJehova ngendlela obungafisa ngayo, ungadikibali noma uphethe ngokuthi uJehova akasakuniki umoya wakhe ongcwele. Khumbula amazwi umphostoli uPawulu awabhalela abaseKorinte ngenkonzo, athi: “Ngisho noma ngikwenza ngingathandi, ngisenawo umsebenzi engiwuphathisiwe.” (1 Kor. 9:17) Wayesho ukuthini?
12 Ngezinye izikhathi uPawulu wayengabi naso isifiso sokushumayela. Noma kunjalo, wayezimisele ukuqhubeka nenkonzo yakhe kungakhathaliseki ukuthi wayezizwa kanjani ngaleso sikhathi. Nawe ungaba nesimo sengqondo esifanayo. Zimisele ukwenza okulungile ngisho noma ungenawo umdlandla. Ngakho thandaza kuJehova, umcele akunike “isifiso sokwenza namandla okwenza.” (Fil. 2:13) Qhubeka wenza izinto ezizokusiza uhlale usondelene noJehova. Qiniseka ukuthi ngokuhamba kwesikhathi izinto ozenzayo ziyothonya indlela ozizwa ngayo futhi uyoluvuselela uthando olusekhona enhliziyweni yakho.
Qhubeka wenza izinto ezikwenza uhlale usondelene noJehova ngisho noma ngezinye izikhathi uzizwa ungenawo umdlandla wokuzenza (Bheka izigaba 11-12)
13. Singaqhubeka kanjani sihlola ukuthi ‘sisokholweni yini’?
13 Ngezikhathi ezithile, kuhle ukuba sizihlole ngokuvumelana nesiqondiso esitholakala kweyesi-2 Korinte 13:5, esithi: “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini; qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” Ngokwesibonelo, singazibuza imibuzo enjengokuthi: ‘Ingabe inkonzo engiyenzela uJehova iza kuqala ekuphileni kwami?’ (Math. 6:33) ‘Ingabe izinto engikhetha ukuzijabulisa ngazo ziyabonisa ukuthi ngiyakuzonda okubi?’ (IHu. 97:10) ‘Ingabe ngisho izinto futhi ngenza izinto ezikhuthaza ukuba kuhlale kunokuthula nobunye kwengikholwa nabo?’ (Efe. 4:2, 3) ISikhumbuzo—isenzakalo esisuke sizindla ngaso kakhulu ngelungiselelo likaJehova lesihlengo—sisinika ithuba lokuzihlola nokuqikelela ukuthi siphilela uKristu, asiziphileli thina.c
IZIMVU EZIDUKELENE NOMHLAMBI
14. Yini engenza amanye amaKristu adukelane nomhlambi?
14 Amanye amaKristu ayekile ukuzihlanganisa nebandla ngemva kokukhonza uJehova ngokwethembeka izinyanga ezithile noma iminyaka ethile. Kungani? Amanye akhungathekiswa ‘yizinkathazo zokuphila.’ (Luka 21:34) Amanye aye akhutshwa yinto eyenziwe noma eshiwo othile akholwa naye. (Jak. 3:2) Kanti amanye aye enza isono esikhulu futhi anamahloni okucela usizo. Kunoma yikuphi, yini ongayenza uma uye wadukelana nomhlambi? Ilungiselelo lesihlengo elibonisa uthando lingakushukumisela ukuba wenzeni?
15. UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyazikhathalela izimvu ezidukelene nomhlambi? (Hezekeli 34:11, 12, 16)
15 Cabanga ngendlela uJehova azizwa ngayo ngalabo abadukelene nomhlambi. Akabalahli. Kunalokho, uyazicinga izimvu ezilahlekile. Uyazondla, azisize ukuba zibuyele kuye. (Funda uHezekeli 34:11, 12, 16.) Ingabe uJehova wenza okufanayo nakuwe? Yebo! Ukuthi nje ufunda lesi sihloko kubonisa ukuthi inhliziyo yakho iyafuna ukwenza okulungile. Njengoba nje uJehova asibona isimo senhliziyo yakho wabe esekudonsela eqinisweni, kungenzeka yini ukuthi namanje ukudonsela kuye futhi?
16. Yini engasiza izimvu ezidukelene nomhlambi ukuba zibuyele kuJehova? (Bheka nesithombe.)
16 Incwajana ethi Buyela KuJehova inala mazwi akhuthazayo: “Qiniseka ngokuthi uJehova uyokusekela njengoba ubuyela kuye. Uyokusiza ubhekane nokukhathazeka, uqede imizwa ebuhlungu futhi uthole ukuthula kwengqondo nenhliziyo ezolile okubangelwa ukuba nonembeza ohlanzekile. Ngemva kwalokho ungase ushukumiseleke ukuba uphinde ukhonze uJehova kanye nabanye abakhulekeli bakhe.” Khumbula nokuthi abadala bafuna ngempela ukukusiza. Bangaba “njengendawo yokucashela umoya, indawo yokucashela isiphepho esinemvula.” (Isaya 32:2) Ubonisa ukubonga onakho ngesihlengo, zibuze, ‘Yiziphi izinto engingazenza manje ukuze ‘ngilungise izindaba’ phakathi kwami noJehova?’ (Isaya 1:18; 1 Pet. 2:25) Ngokwesibonelo, ungakwazi yini ukuya emhlanganweni webandla eHholo LoMbuso? Ungakhuluma yini nomunye wabadala, umcele akusize ubuyele kuJehova, okungahlanganisa ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli njalo isikhathi esithile? Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo oyenzayo ukuze ubonise ukuthi uyabonga ngesihlengo seNdodana yakhe.
Zibuze, ‘Yiziphi izinto engingazenza manje ukuze “ngilungise izindaba zami” noJehova?’ (Bheka isigaba 16)
YINI OZOYENZA?
17-18. Singasisebenzisa kanjani isikhathi sethu ngaphambi kokuba kufike iSikhumbuzo salo nyaka?
17 UJesu wathi uJehova wamthumela emhlabeni ‘ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuye angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.’ (Joh. 3:16) Isihlengo siyindlela uJehova ayisebenzisayo ukuze asikhulule esonweni nasekufeni. Akekho phakathi kwethu okufanele asithathe kancane. (Roma 3:23, 24; 2 Kor. 6:1) Izinsuku ezandulela iSikhumbuzo zisinika ithuba lokuzindla ngothando esiluboniswe uJehova noJesu futhi lolo thando kufanele lusenze sifune ukubonisa ukuthi siyabonga ngothando lwabo.
18 Yini ozoyenza ukuze ubonise ukuthi uyabonga ngesihlengo? Impendulo yakho ingase ihluke kweyomunye umuntu. Kodwa ungaqiniseka ukuthi uJehova uzoyibusisa imizamo yakho oyenzayo njengoba umkhonza kanye nabanye abakhulekeli bakhe abayizigidigidi ‘abangasaziphileli bona, kodwa abaphilela lowo owabafela.’—2 Kor. 5:15.
INGOMA 14 Ukudumisa INkosi Entsha Yomhlaba
a Sebenzisa ibhokisi elithi “Umgomo” elingasekugcineni kwesifundo ngasinye sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!, ukuze likusize uthuthuke njengoba utadisha iBhayibheli.
b Ukuze uthole amacebiso okuthi ungathuthuka kanjani ngokomoya, bheka isihloko esithi “Basha—‘Qhubekani Nisebenzela Ukusindiswa Kwenu’” kuyi-Nqabayokulinda kaDisemba 2017.
c Ukuze uthole amacebiso okuthi yini ongayenza ukuze uhlale umbonga uJehova, bheka isihloko esithi, “Yini Ekushukumisela Ukuba Ukhonze UNkulunkulu?” kuyi-Nqabayokulinda kaJuni 15, 1995.