Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w26 Januwari kk. 14-19
  • Kungani Sisidinga Isihlengo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Sisidinga Isihlengo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISIHLENGO SENZA UJEHOVA AKWAZI UKUSITHETHELELA
  • NGENXA YESIHLENGO SINETHEMBA LOKUNGABI NASO ISONO
  • ISIHLENGO SENZA SIKWAZI UKUBUYISANA NOJEHOVA
  • ISIHLENGO SIFAKAZELA UKUTHI UJEHOVA UNESIHE
  • Sisifundisani Isihlengo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • “Uzobonisa” Kanjani Ukuthi Uyabonga Ngesihlengo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Indlela Esizuza Ngayo Othandweni LukaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Okwenza Simbonge UJehova Ngendlela Asithethelela Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
w26 Januwari kk. 14-19

MASHI 16-22, 2026

INGOMA 20 Wanikela NgeNdodana Yakho Ezelwe Yodwa

Kungani Sisidinga Isihlengo?

“Ubani oyongisindisa kulo mzimba ofayo?”—ROMA 7:24.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Ngenxa yesihlengo, uJehova angakwazi ukuthethelela izono zethu, singakwazi ukubuyisana naye futhi siba nethemba lokungabi naso isono esikhathini esizayo.

1-2. Yini esidinga ukukhululwa kuyo, futhi kungani? (Roma 7:​22-24) (Bheka nesithombe.)

CABANGA ngalesi simo: Kubhidlika ibhilidi, izitini ziwele kumuntu okulelo bhilidi. Uyaphila, kodwa akakwazi ukususa izitini eziwele phezu kwakhe aphume kulelo bhilidi. Angakwenza nje ukumemeza acele usizo, enethemba lokuthi ukhona ozofika ezomtakula.

2 Ngamunye wethu ubhekene nesimo esifanayo. Ngayiphi indlela? Ngesikhathi u-Adamu evukela uMdali wakhe waba yisoni. Kamuva, wadlulisela isono ezinganeni zakhe. Ngenxa yalokho, wonke umuntu unesono asizuze njengefa futhi asikwazi ukuzikhulula kuso, njengaleya ndoda engakwazi ukususa izitini eziwele phezu kwayo. Umphostoli uPawulu wasichaza kahle isimo sethu njengabantu abanesono encwadini yakhe ayibhalela abaseRoma. (Funda eyabaseRoma 7:​22-24.) Wancenga ukuba asindiswe “kulo mzimba ofayo.” UPawulu wayezizwa evalelekile ngenxa yesono asizuza ku-Adamu esiholela ekufeni, nokuyinto esingeke sikwazi ukuyivimba. (Roma 6:23) Nathi sibhekene naleso simo esinzima esifanayo. Sidinga umuntu ozosikhulula!

Indoda elimele ecindezelwe yizitini eziwe lapho kubhidlika ibhilidi, yelule isandla icela usizo.

Njengendoda evaleleke ebhilidini elibhidlikile, sinesono esingenawo amandla okuzikhulula kuso futhi sidinga umuntu ozosikhulula (Bheka izigaba 1-2)


3. Isihlengo singasikhulula ngaziphi izindlela?

3 Lapho uPawulu ekhuluma ngesono, washo namazwi asinika ithemba. Ngemva kokubuza umbuzo othi: “Ubani oyongisindisa kulo mzimba ofayo?” waphendula umbuzo wakhe ngokuqiniseka, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:25) UPawulu wayekhuluma ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo.a Isihlengo sakhe singasikhulula (1) ngokuthethelela izono zethu, (2) ngokusinika ithemba lokungabi naso isono esikhathini esizayo (3) nangokusenza sibuyisane noMdali wethu. Njengoba sixoxa ngala maphuzu, siyomthanda nakakhulu uJehova, “uNkulunkulu osinika ithemba.” (Roma 15:13) Siyombonga nakakhulu noJesu—‘esithola ngaye ukukhululwa ngesihlengo.’—Kol. 1:14.

ISIHLENGO SENZA UJEHOVA AKWAZI UKUSITHETHELELA

4-5. Kungani sonke sisidinga isihlengo? (UmShumayeli 7:20)

4 Siyasidinga isihlengo ukuze sithethelelwe izono zethu. Sonke siyona, kungaba ngalokho esikushoyo noma ngesikwenzayo. (Funda umShumayeli 7:20.) Ezinye izono zinkulu kunezinye. Ngokwesibonelo, ngaphansi koMthetho KaMose, umuntu owenza isono sokuphinga noma sokubulala wayejeziswa ngokubulawa. (Lev. 20:10; Num. 35:​30, 31) Yiqiniso ukuthi izono eziningi azizimbi ngaleyo ndlela; noma kunjalo ziseyizono. Ngokwesibonelo, umhubi uDavide wathi: “Ngizoqapha izinyathelo zami ukuze ngingoni ngolimi lwami.” (IHu. 39:1) Ngempela, ngezinye izikhathi singona ngisho nangalokho esikushoyo.—Jak. 3:2.

5 Cabanga ngezinto oye wazisho noye wazenza esikhathini esidlule. Kwake kwenzeka yini washo izinto kwabanye ofisa sengathi ngabe awuzishongo? Uke wawenza yini amaphutha ozisolayo ngawo? Akungabazeki ukuthi impendulo yayo yomibili le mibuzo inguyebo. IBhayibheli lithi: “Uma sithi, ‘Asinaso isono,’ siyazikhohlisa neqiniso alikho kithi.”—1 Joh. 1:8.

6-7. Yini eyenza uJehova akwazi ukuthethelela izono zethu? (Bheka nesithombe.)

6 Isihlengo senza uJehova akwazi ukuthethelela izono zethu. (Efe. 1:7) Kodwa lokho akusho ukuthi uJehova umane ashalazelele amaphutha ethu, njengokungathi akanandaba lapho sona. UJehova akajabuli lapho senza isono. (Isaya 59:2) Ubulungisa bakhe obungenaphutha bumenza enze into ezomenza akwazi ukuthethelela izono zethu.

7 NgokoMthetho KaMose, ama-Israyeli kwakudingeka enze imihlatshelo yezilwane ukuze kuhlawulelwe izono zawo. (Lev. 4:​27-31; 17:11) Leyo mihlatshelo yayifanekisela umhlatshelo kaJesu omkhulu nezibusiso owawuyoziletha. Umhlatshelo wakhe wawuyonika uJehova isizathu sokuthethelela izono zethu. UPawulu wayeliqonda inani lomhlatshelo kaJesu, njengoba lokho akubhalela amaKristu aseKorinte kubonisa. Ngemva kokubala izinto ezimbi la maKristu ayezenza esikhathini esidlule, wathi kuwo: “Seniye nagezwa nahlanzeka; seniye nangcweliswa; sekuthiwe nilungile egameni leNkosi uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Kor. 6:​9-11.

Umndeni ongama-Israyeli ujabule njengoba unika umpristi imvu ethempelini.

Imihlatshelo yezilwane eyayinikelwa ukuze kuhlawulelwe izono yayifanekisela umhlatshelo kaJesu wesihlengo nezibusiso esasiyozithola ngenxa yawo (Bheka izigaba 6-7)


8. Yini ongacabanga ngayo njengoba ulungiselela ukuya eSikhumbuzweni salo nyaka?

8 Njengoba ulungiselela ukuya eSikhumbuzweni salo nyaka, zinike isikhathi sokucabanga ngokuthi intethelelo kaJehova isho ukuthini kuwe. Ngokwesibonelo, ngenxa yesihlengo, akudingeki ulokhu uhlushwa umuzwa wecala ngenxa yezono owazenza esikhathini esidlule osuphendukile kuzo. Kuthiwani uma ukuthola kunzima ukukwamukela lokho? Mhlawumbe uzitshela ukuthi, ‘Ngiyaqonda ukuthi uJehova angangithethelela, kodwa mina ngiyahluleka ukuzithethelela.’ Uma uzizwa ngaleyo ndlela, khumbula lokhu: UJehova nguye othethelelayo futhi unike iNdodana yakhe igunya lokwahlulela. UJehova akawunikanga wena noma omunye umuntu umsebenzi wokunquma ukuthi ubani ozothola isihe sakhe noma ongeke asithole. IBhayibheli lithi: “Uma sihamba ekukhanyeni njengoba [noJehova] ngokwakhe esekukhanyeni, . . . igazi likaJesu, iNdodana yakhe, lisihlanza kuso sonke isono.” (1 Joh. 1:​6, 7) Singaqiniseka ngalokho njengoba nje siqiniseka nanganoma iyiphi enye imfundiso yeBhayibheli. Isihlengo sinike uJehova isizathu sokuba asibonise isihe futhi iZwi lakhe lithi ‘uhlale ekulungele ukuthethelela.’—IHu. 86:5.

NGENXA YESIHLENGO SINETHEMBA LOKUNGABI NASO ISONO

9. Ngaphandle kokwenza izinto ezingalungile, lihlanganisani igama elithi “isono”? (IHubo 51:5 nombhalo waphansi)

9 EBhayibhelini, igama elithi “isono” alibhekiseli nje kuphela ekwenzeni okuthile okungalungile, kodwa libhekisela nasesimweni esisuke sikuso lapho nje sizalwa. (Funda iHubo 51:5 nombhalo waphansi.) Ukuba kuleso simo akugcini nje ngokusenza sifune ukwenza okungalungile, kodwa kusenza nokuba sibe buthaka, okubangela ukuba sigule, siguge futhi sife. Lokho kusenza siqonde ukuthi kungani izinsana—ezingakaze zenze isono—zigula futhi zifa. Kusisiza siqonde nokuthi kungani abantu abangalungile nabalungile behlupheka futhi befa. Yonke inzalo ka-Adamu inesono esizuze njengefa.

10. Ukuba nesono kwabathinta kanjani o-Adamu no-Eva?

10 Cabanga ngokuthi kwabathinta kanjani o-Adamu no-Eva ukuba nesono. Kwabenza bazizwa kabi kakhulu. Ngemva kokuvukela uNkulunkulu, ngokushesha u-Adamu no-Eva babhekana nemiphumela yokungawulaleli umthetho kaNkulunkulu—umthetho ‘owawulotshwe ezinhliziyweni zabo.’ (Roma 2:15) Bezwa ukuthi kwase kukhona okushintshile kubo—kukhona okwakungasahambi kahle. Bazizwa bephoqelekile ukuba bafihle izitho zabo zomzimba ezithile futhi bacashele uMdali wabo njengezigebengu. (Gen. 3:​7, 8) Ngokokuqala ngqa ekuphileni kwabo, u-Adamu no-Eva baba nomuzwa wecala, bakhathazeka, bangazethemba, bezwa ubuhlungu futhi baba namahloni. Kwakuyodingeka babhekane naleyo mizwa kuze kube yilapho befa.—Gen. 3:​16-19.

11. Kusithinta kanjani ukuba nesono?

11 Ukuba nesono kusithinta ngendlela okwabathinta ngayo o-Adamu no-Eva. Ubuhlungu esibuzwayo emzimbeni nangokomzwelo bubangelwa ukuba nesono. Noma singazama kanjani ukuthuthukisa isimo sethu, kunezinkinga esingeke sikwazi ukuzixazulula thina. Kungani? Kungenxa yokuthi, njengoba iBhayibheli lisho, senziwe ukuba ‘siphile ukuphila okuyize.’ (Roma 8:20) Lokho akwenzeki kithi kuphela, kodwa kwenzeka kuwo wonke umuntu. Ngokwesibonelo, cabanga ngemizamo yabantu yokunakekela umhlaba, yokulwa nobugebengu, yokuqeda ukuhlupheka neyokwenza zonke izizwe zibe nokuthula. Nakuba iba khona intuthuko encane, leyo mizamo ayiphumelelanga. Isihlengo singasikhulula kanjani esonweni?

12. Isihlengo sisenza sibe naliphi ithemba?

12 Isihlengo sisenza sibe nethemba lokuthi “indalo ngokwayo . . . iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala.” (Roma 8:21) Ngemva kokuba isihlengo sesilungise wonke umonakalo obangelwa yisono ezweni elisha likaNkulunkulu, ngeke sisahlushwa ukugula noma ukucindezeleka; ngeke sisahlukunyezwa nawumuzwa wecala, ukukhathazeka, ukungazethembi, ubuhlungu, noma amahloni. Ngaphezu kwalokho, imizamo yethu yokunakekela umhlaba neyokuphila ngokuthula ngeke isaba yize, kodwa iyophumelela ngaphansi kokubusa kwalowo owasihlenga, “iSikhulu Sokuthula,” uJesu Kristu.—Isaya 9:​6, 7.

13. Yini enye ongacabanga ngayo njengoba ulungiselela ukuya eSikhumbuzweni salo nyaka?

13 Cabanga ngokuthi ukukhululwa esonweni kuyosho ukuthini kuwe. Bona ngeso lengqondo ukuthi kuyoba njani ukuvuka uwumqemane usuku nosuku, ukuphila usuku ngalunye ungenalo uvalo lokuthi wena noma abantu obathandayo nizobulawa yindlala, nigule noma nife. Ngisho kwamanje, ungaba nokuthula ngezinga elithile njengoba ‘ubambelele ngokuqinile ethembeni . . . njengehange lomphefumulo, eliqinisekile futhi elisenza singangabazi.’ (Heb. 6:​18, 19) Njengoba nje ihange lingenza umkhumbi unganyakazi, ithemba onalo njengomKristu lingaqinisa ukholo lwakho likusize nokuba ukhuthazelele noma yiluphi uvivinyo obhekene nalo njengamanje. Ngempela, ungaqiniseka ukuthi uJehova ‘uyobavuza labo abamfuna ngobuqotho.’ (Heb. 11:6) Induduzo oyitholayo manje nethemba onalo ngekusasa ubungeke ukwazi ukuba nako ngaphandle kwesihlengo.

ISIHLENGO SENZA SIKWAZI UKUBUYISANA NOJEHOVA

14. Isono sibuthinte kanjani ubuhlobo phakathi kwethu noMdali wethu, futhi kungani?

14 Selokhu u-Adamu no-Eva bona, abantu baye bahlukaniswa noNkulunkulu. IBhayibheli lize lithi bonke abantu bahlukanisiwe noMdali. (Roma 8:​7, 8; Kol. 1:21) Kungani? Kungenxa yokuthi imithetho kaJehova engenaphutha ayimvumeli ukuba avune isono. IBhayibheli lithi ngoJehova: “Amehlo akho ahlanzeke kakhulu ukuba angabheka okubi, awukwazi ukubekezelela ububi.” (Hab. 1:13) Ngakho isono senze kwaba noqhekeko phakathi kukaNkulunkulu nabantu. Akekho phakathi kwethu ongakwazi ukuba nobuhlobo noJehova ngaphandle kokuba kuvalwe lolo qhekeko futhi kubuyiswane naye. Isihlengo senza sikwazi ukubuyisana noJehova.

15. Ukufa kukaJesu kwabenza kanjani abantu ukuba bakwazi ukuphinde babe nobuhlobo obuhle noJehova?

15 IBhayibheli lithi uJesu “ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Joh. 2:2) Umhlatshelo kaJesu wabenza kanjani abantu ukuba baphinde babe nobuhlobo obuhle noJehova? Ukufa kukaJesu kwenza uNkulunkulu ongenaphutha wakwazi ukuphinde abe nobuhlobo obuseduze nabantu. (Roma 3:​23-26) Wayekwazi ngisho ‘nokubabheka’ njengabalungile labo ababemkhonza ngokwethembeka ngaphambi kokufa kukaKristu. (Gen. 15:​1, 6) Kanjani? Ngenxa yesihlengo esasizoba khona esikhathini esizayo. UJehova wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi iNdodana yakhe, uJesu, yayizoba isihlengo. (Isaya 46:10) Isihlengo savulela abantu indlela yokuba babuyisane noNkulunkulu.

16. Yini enye ongacabanga ngayo njengoba ulungiselela ukuya eSikhumbuzweni salo nyaka? (Bheka nesithombe.)

16 Cabanga ngokuthi kusho ukuthini kuwe ukubuyisana noNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kungenzeka ubiza uJehova ngokuthi “Baba,” njengoba uJesu ayala. (Math. 6:9) Ngezinye izikhathi, ungaze ubize uJehova ngokuthi “uMngani” wakho. Lapho sisebenzisa amagama anjengokuthi “Baba” noma “Mngani,” kufanele siwasebenzise ngenhlonipho nangokuthobeka. Kungani? Kungenxa yokuthi njengabantu abanesono, noma yikuphi ukusondelana esinakho noJehova asibi nakho ngoba sikufanelekela lokho. Kungenxa yesihlengo kuphela nokube siyakwazi ukuba abangani noJehova. NgoJesu, uJehova wenze sakwazi ‘ukubuyisela ngaye kuye zonke ezinye izinto ngokwenza ukuthula ngegazi [likaJesu] alithulula esigxotsheni sokuhlushwa.’ (Kol. 1:​19, 20) Yingakho sikwazi ukuba abangani noJehova—ngisho kwamanje njengoba sisanesono.

Amasosha angamaRoma alungiselela ukubethela uJesu esigxotsheni sokuhlushwa. Amasosha amabili angamaRoma aletha uJesu esigxotsheni njengoba elinye isosha elingumRoma liphethe isando nesipikili.

Ukufa kukaJesu kuphela okwenza uJehova wakwazi ukuphinde abe nobuhlobo obuhle nabantu (Bheka isigaba 16)


ISIHLENGO SIFAKAZELA UKUTHI UJEHOVA UNESIHE

17. Isihlengo sikufakazela kanjani ukuthi uJehova unesihe? (Efesu 2:​4, 5)

17 Isihlengo sifakazela ukuthi uJehova ‘ucebile ngesihe.’ “Wasiphilisa . . . lapho sasifile eziphambekweni.” (Funda eyabase-Efesu 2:​4, 5.) Labo ‘abanesimo esihle sengqondo esiyobenza bathole ukuphila okuphakade’ bayakhala bacela usizo, beqaphela ukuthi banesono abasizuze njengefa abangakwazi ukuzikhulula kuso futhi badinga umuntu ozobakhulula. (IzE. 13:48) UJehova uphendula isicelo sabo ngokubenza bathole izindaba ezinhle zoMbuso, ukuze bamazi yena neNdodana yakhe, uJesu. (Joh. 17:3) Uma uSathane ayecabanga ukuthi ukona kuka-Adamu no-Eva kwakuyoyibhuntshisa injongo kaNkulunkulu, wayeshaye phansi kwashunq’ uthuli.

18. Njengoba sizindla ngesihlengo, yini okudingeka siyikhumbule?

18 Njengoba sizindla ngezinzuzo zesihlengo, kudingeka sikhumbule isizathu esiyinhloko esenza uJehova wasilungiselela isihlengo. Kunokuba sibheke isihlengo njengelungiselelo elizuzisa thina kuphela, kufanele sikhumbule ukuthi siyindlela uJehova ayisebenzisayo ukuze aphendule umbuzo uSathane awubuza ensimini yase-Edene. (Gen. 3:​1-5, 15) Ngesihlengo, uJehova ungcwelisa igama lakhe, afakazele ukuthi zonke izinto ezimbi uSathane azishilo ngaye zingamanga. Uyasikhulula nasesonweni nasekufeni, ebonisa ukuthi unguNkulunkulu onothando. Umusa wakhe omkhulu wenza uJehova asivumele ukuba nathi siphendule umbuzo kaSathane—ngisho noma sinesono. (IzAga 27:11) Ungabonisa kanjani ukuthi uyabonga ngesihlengo? Sizophendula lowo mbuzo esihlokweni esilandelayo.

ISIHLENGO SENZA KANJANI UKUBA . . .

  • uJehova akwazi ukusithethelela izono zethu?

  • sibe nethemba lokungabi naso isono esikhathini esizayo?

  • sibuyisane noJehova?

INGOMA 19 ISidlo SeNkosi Sakusihlwa

a INCAZELO YEGAMA: Isihlengo inani elikhokhwayo ukuze kukhululwe umuntu ebugqilini. Ukufa kukaJesu okuwumhlatshelo kuyisihlengo ngenxa yokuthi kukhulula abantu abalalelayo ekugqilazweni yisono nokufa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela