MASHI 30–EPHRELI 5, 2026
INGOMA 76 Uzizwa Kanjani?
Bonisa Umusa Lapho Ukhuluma Iqiniso
“Jehova Nkulunkulu weqiniso.”—IHU. 31:5.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi singalikhuluma kanjani iqiniso ngendlela ezozuzisa labo esikhuluma nabo.
1. Yini okumele siyenze ukuze sibe yingxenye yomndeni kaJehova?
LAPHO siqala ukuhlangana nomkhulekeli kaJehova omunye wemibuzo esivame ukubuzana yona umbuzo othi, “Walithola kanjani iqiniso?” Abanye baphendula lowo mbuzo ngokuthi “bakhulela eqinisweni.” Abanye bangase bathi “basanda kulithola iqiniso.” Siphendula kanjalo ngoba iqiniso leZwi likaNkulunkulu lithonya ukuphila kwethu konke. Kungani? Kungenxa yokuthi siyazi ukuthi singaba amalungu omndeni kaJehova kuphela uma sibonisa ukuthi siyalithanda iqiniso futhi siphila ngalo. Lokho kuhlanganisa ukuthembeka kwesikushoyo nesikwenzayo.—IHu. 15:1-3.
2. (a) UJesu wayaziwa njengomuntu onjani? (b) Amaqiniso uJesu ayewafundisa ayezobathinta kanjani abantu?
2 UJesu wayekhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi. Izitha zakhe zazazi ukuthi wayezokhuluma iqiniso ngisho noma zazingakuthandi lokho ayezokusho. (Math. 22:16) Ngokuphathelene nendlela amaqiniso ayewafundisa ayebathinta ngayo abantu, uJesu wathi: “Ngize ukuzobangela ukuhlukana, umuntu amelane noyise, nendodakazi imelane nonina, nomalokazana amelane noninazala.” (Math. 10:35) UJesu wayengafuni ukuba abantu bawuphikise umyalezo yena nabalandeli bakhe ababewushumayela, kodwa wayazi ukuthi lokho kwakuzokwenzeka. (Math. 23:37) Wayazi ukuthi umyalezo wakhe wawuzohlukanisa abantu babe amaqembu amabili—iqembu eliwathandayo amaqiniso eBhayibheli neqembu elingawathandi.—2 Thes. 2:9-11.
3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?
3 NjengoJesu, sizama ukuthembeka, sikhulume iqiniso ngaso sonke isikhathi, ngisho noma ukwenza kanjalo kungenza abanye bangasithandi. Sishumayela futhi sifundise amaqiniso eBhayibheli, ngisho noma abanye kungase kubacasule esikushoyo. Ingabe lokho kusho ukuthi akudingeki sicabange ngokuthi siwakhuluma kanjani amaqiniso futhi siwakhuluma nini? Lutho neze! Kulesi sihloko, sizoqale siphendule lo mbuzo obalulekile: Singalitholaphi iqiniso? Siyobe sesiphendula nombuzo ohlobene nawo, othi: Kungani kufanele sikhulume iqiniso, kufanele silikhulume kanjani futhi silikhulume nini? Izimpendulo zaleyo mibuzo zizosisiza sithuthukise indlela esikhuluma ngayo iqiniso ngendlela enomusa, okuwukuthi siwakhethe kahle amagama esiwasebenzisayo futhi silikhulume ngesikhathi esifanele.
SINGALITHOLAPHI IQINISO?
4. Kungani singathi uJehova unguMthombo weqiniso?
4 UJehova unguMthombo weqiniso. Konke akushoyo kuyiqiniso. Ngokwesibonelo, lokho akushoyo ngokuthi yini elungile nengalungile kuyiqiniso. (IHu. 19:9; 119:142, 151) Konke akuthembisayo ngekusasa kuyiqiniso. (Isaya 55:10, 11) Akalokothi ephule isithembiso. (Num. 23:19) Empeleni, akunakwenzeka ukuba uJehova aqambe amanga! (Heb. 6:18) Ngakho kuyaqondakala ukuthi kungani aziwa ngokuthi ‘unguNkulunkulu weqiniso.’—IHu. 31:5.
5. Kungani kungekho nzima ukuthola ‘uNkulunkulu weqiniso’? Chaza. (IzEnzo 17:27)
5 Kungakhathaliseki ukuthi yini abanye abantu abayishoyo, akukho nzima ukuthola uJehova, “uNkulunkulu weqiniso.” Yonke indalo ifakazela ukuthi ukhona. (Roma 1:20) Lapho ekhuluma neqembu lamaGreki afundile e-Athene, umphostoli uPawulu wathi uNkulunkulu ufuna ‘simthole’ futhi ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (Funda izEnzo 17:27.) Empeleni, uJehova ubadonsela kuye abantu abathobekile abafuna iqiniso.—Joh. 6:44.
6. Yimaphi amanye amaqiniso esiwathola eBhayibhelini, futhi kungani ubonga ngokuwazi?
6 Enye indlela esingathola ngayo uJehova ukuba sitadishe iBhayibheli. Amadoda abhala le ncwadi ayephefumulelwe umoya ongcwele kaNkulunkulu. (2 Pet. 1:20, 21) Ngakho, yonke into eseBhayibhelini iyiqiniso futhi singayethemba. Ngokwesibonelo, singakwethemba lokho elikushoyo ngokuthi izulu nomhlaba kwaba khona kanjani nokuthi kwaqala kanjani ukuphila emhlabeni. (Gen. 1:1, 26) Singakukholwa lokho elikushoyo ngokuthi kungani sonke sona nangokuthi kungani kunokuhlupheka okungaka nokufa. (Roma 5:12; 6:23) Singalethemba ngokuphelele lapho lithi uJehova, ngeNdodana yakhe, uyowuqeda wonke umonakalo obangelwe uSathane ‘uyise wamanga.’ (Joh. 8:44; Roma 16:20) Singasethemba nesithembiso seBhayibheli sokuthi uJesu uzobhubhisa abantu ababi, avuse abafile, enze umhlaba uphinde ube iPharadesi asisize nokuba singabi naso isono. (Joh. 11:25, 26; 1 Joh. 3:8) Yilungelo elihle ngempela leli uJehova asinike lona! Usifundise iqiniso futhi usinika ithuba lokuba silifundise nabanye.—Math. 28:19, 20.
KUNGANI SIKHULUMA IQINISO?
7-8. Sibalulekile yini isisusa sethu sokukhuluma iqiniso? Nikeza isibonelo. (Marku 3:11, 12) (Bheka nezithombe.)
7 Njengoba kushiwo ekuqaleni, kumele sikhulume iqiniso uma sifuna ukuba amalungu omndeni kaJehova. Nokho, ukuze simjabulise, kumele singagcini nje ngokukhuluma iqiniso. Sibalulekile kuJehova isizathu esenza sikhulume iqiniso. Cabanga ngalokho okwenzeka phakathi nenkonzo kaJesu yasemhlabeni. (Funda uMarku 3:11, 12.) Ngesikhathi uJesu eshumayela ngasoLwandle LwaseGalile, kweza izixuku zabantu kuye. Phakathi kwalabo bantu kwakukhona nababenamademoni ababewa phambi kukaJesu bekhamuluka bethi kuye: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kungani amademoni ayekhuluma iqiniso ngoJesu? Kungenzeka umgomo wawo kwakuwukuba labo bantu ababewalalele bawethembe bese eyabayekisa ukukhonza uJehova. Ekuqaleni amademoni ayekhuluma iqiniso, kodwa izisusa zawo zazinobugovu. UJesu akazange akhohliseke noma ajatshuliswe yilokho okwakwenziwa yilawo mademoni. Empeleni, uJesu wawayala ukuba angashumayeli ngaye.
8 Yini esingayifunda kule ndaba? Izisusa zethu zokukhuluma iqiniso zibalulekile kuJehova. Kubaluleke ngempela ukuba isisusa sethu sokufundisa iqiniso sibe msulwa nokuba singalulethi kithi noma yiluphi udumo esilutholayo, kodwa siluyise kuJehova!—Math. 5:16; qhathanisa nezEnzo 14:12-15.
Lapho ufundisa iqiniso, ubani omenza anakwe kakhulu? (Bheka izigaba 7-8)
9. Yini okufanele sigweme ukuyenza, futhi kungani?
9 Cabanga ngesinye isimo okudingeka sigweme ukuzifunela udumo kuso. Ake sithi umdala usitshele into ethile eyimfihlo bese thina siyidlulisela kwabanye leyo nto. Uma kamuva abanye bethola ukuthi kuyiqiniso lokho esibatshele kona, kungase kubachaze ukuthi sazi izinto ezinjalo bese bezitshela ukuthi ziningi izinto eziyimfihlo esizaziyo. Lokho kungabenza basibheke njengabantu ababalulekile, kodwa ngeke kwenze uNkulunkulu asibheke ngaleyo ndlela. (IzAga 11:13) Kungani? Kungenxa yokuthi asigcinanga nje ngokubatshela izinto eziyimfihlo, kodwa sibatshele iqiniso sinezisusa ezingezinhle.
SINGALIKHULUMA KANJANI IQINISO?
10. Ungayichaza kanjani inkulumo ‘enomusa’? (Kolose 4:6)
10 Funda eyabaseKolose 4:6. Umphostoli uPawulu wakhumbuza amaKristu ayehlala eKolose ukuthi lokho akushoyo kwakufanele kube ‘nomusa ngaso sonke isikhathi.’ Kusho ukuthini lokho? Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha lidlulisela umqondo wokuthi esikushoyo akufanele kugcine ngokuzuzisa umuntu esikhuluma naye, kodwa futhi kufanele kube nomusa, kujabulise.
11-12. Kungani kumele siqaphe lapho sifundisa iqiniso? Nikeza isibonelo. (Bheka nezithombe.)
11 Kudingeka sisebenzise iseluleko sikaPawulu sokuba nomusa lapho sifundisa abanye iqiniso. IBhayibheli lifanisa amaqiniso atholakala kulo nenkemba ebukhali engahlukanisa umphefumulo nomoya. Ngamanye amazwi lingaveza indlela esizizwa ngayo ngempela nezisusa zethu. (Heb. 4:12) Kodwa uma singalisebenzisi ngobuhlakani iBhayibheli, singakhuba abanye ngokungenasidingo, sidale nezingxabano ezingenasidingo. Kungenzeka kanjani lokho?
12 Ngokwesibonelo: Ake sithi enkonzweni yasensimini sihlangana nendoda eqotho evame ukuthandaza ezithombeni, nekujabulelayo ukugubha uKhisimusi nama-Easter nomndeni wayo. Sisebenzisa iBhayibheli, singabonisa le ndoda ukuthi kuwubuwula kangakanani ukuthandaza ezithombeni ezingaphili, siyibonise nokuthi ukugubha uKhisimusi nama-Easter kuyimikhosi yobuqaba. (Isaya 44:14-20; 2 Kor. 6:14-17) Uma besingenza kanjalo engxoxweni yokuqala nale ndoda, besiyobe sikhuluma iqiniso, kodwa besiyobe asilisebenzisi ngobuhlakani iZwi likaNkulunkulu.
Ungalifundisa kanjani ngobuhlakani iqiniso? (Bheka izigaba 11-12)a
13. Singawanonga kanjani ngosawoti amazwi ethu?
13 UPawulu wabuye wathi labo ayebabhalela kwakufanele bakunonge ngosawoti lokho abakushoyo. Wayengasho ukuthi kufanele sizame ukufihla iqiniso. Kunalokho, wayesinxusa ukuba sisebenzise amazwi ‘anongiwe’ ukuze sethule iqiniso ngendlela ezolenza “linambitheke” kahle kumuntu osilalele. (Jobe 12:11) Ukwenza lokho kungaba yinselele. Ngokuphathelene nokudla okungokoqobo, singase sizitshele ukuthi abanye bafuna sinonge ukudla kwabo ngendlela esithanda kunongwe ngayo ukudla kwethu. Ngendlela efanayo, singase sicabange ukuthi wonke umuntu uyayithanda indlela esikhuluma ngayo. Kodwa akunjalo ngempela. Ngokwesibonelo, kwamanye amasiko abantu bakhona bangase baveze imibono yabo ngendlela engagunci ngisho noma bekhuluma nabantu abadala kunabo. Labo abavela emasikweni ahlukile bangase bacabange ukuthi leyo ndlela yokukhuluma ayamukelekile, baze bacabange nokuthi umuntu okhuluma kanjalo uluhlaza. UPawulu wathi kumele sazi ukuthi ‘kufanele simphendule kanjani umuntu ngamunye.’ Lokho kusho ukuthi kufanele sinonge esikushoyo ngokuvumelana nalokho okuthandwa umuntu esikhuluma naye, hhayi ngokuvumelana nalokho okuthandwa yithi noma isiko lethu.
KUFANELE SILIKHULUME NINI IQINISO?
14. Ngesikhathi esemhlabeni, ingabe uJesu wabafundisa yonke into ayeyazi abafundi bakhe? Chaza.
14 UJesu wayehlale enomusa lapho ekhuluma nabalandeli bakhe futhi wabafundisa izinto eziningi ngendlela enomusa. (Marku 6:34) Kodwa kwakusekuningi okwakudingeka bakufunde. UJesu akazamanga ukubafundisa yonke into ayeyazi. Wayazi ukuthi kungakanani ababezokwazi ukukuthwala. Wayeqonda ukuthi kwakungesona isikhathi esikahle sokubafundisa amanye amaqiniso. Empeleni wathi babengeke bakwazi ukuwathwala lawo maqiniso. (Joh. 16:12) Kusifundisani lokho?
15. Ingabe kumele sifundise esifunda nabo iBhayibheli konke esikwaziyo ngesikhathi esisodwa? Chaza. (IzAga 25:11) (Bheka nesithombe.)
15 Isibonelo sikaJesu sibonisa ukuthi ukwazi iqiniso akusho ukuthi kudingeka sifundise abantu yonke into esiyaziyo ngesikhathi esisodwa. Singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu? Kumele sicabange ngezimo zabantu. Cabanga ngaleya ndoda esike sakhuluma ngayo ekujabulelayo ukugubha uKhisimusi nama-Easter nomndeni wayo. Siyazi ukuthi le mikhosi inemisuka yobuqaba futhi uNkulunkulu akayithandi. Kodwa ake sithi uqale ukutadisha iBhayibheli nale ndoda kusasele iviki elilodwa noma amabili kube uKhisimusi. Ingabe siyobe sikhuluma nayo ngendlela ebonisa umusa uma siyibonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngemikhosi yobuqaba bese silindela ukuba iyeke ngokushesha ukugubha uKhisimusi? Yiqiniso ukuthi abanye esifunda nabo iBhayibheli bayashesha ukukusebenzisa konke lokho abakufunda eBhayibhelini. Kodwa, abanye kungase kubathathe isikhathi ukushintsha indlela abacabanga ngayo nabenza ngayo. Singasiza esifunda nabo iBhayibheli ukuba bathuthuke uma sibatshela lokho abadinga ukukwazi ngesikhathi abadinga ukukuzwa ngaso, okuwukuthi lapho sebekwazi ukukuthwala.—Funda izAga 25:11.
Lingisa isibonelo sikaJesu lapho unquma ukuthi uzolikhuluma nini iqiniso futhi kungakanani ozokusho (Bheka isigaba 15)
16. Singabasiza kanjani esifunda nabo iBhayibheli ukuba ‘baqhubeke behamba eqinisweni’?
16 Zimbalwa izinto ezisijabulisa njengokusiza abanye ukuba bafunde iqiniso ngoJehova. Singabasiza ukuba ‘baqhubeke behamba eqinisweni’ uma senza lezi zinto ezilandelayo: Qhubeka uyisibonelo esihle kubo. (3 Joh. 3, 4) Qikelela ukuthi indlela ophila ngayo iyabonisa ukuthi uyazikholelwa izithembiso eziseZwini likaNkulunkulu. Khuluma iqiniso ngezisusa ezinhle. Lapho ufundisa iqiniso, sebenzisa amazwi acatshangwe kahle, angenalo ukhahlo nanomusa, ngesikhathi esifanele. Lonke udumo olutholayo luyise kuJehova. Uma wenza kanjalo, uyobe ubonisa ukuthi ungokaJehova uNkulunkulu weqiniso.
INGOMA 160 “Izindaba Ezinhle”!
a INCAZELO YEZITHOMBE: Esithombeni sokuqala umzalwane ubona isihlahla sikaKhisimusi somninikhaya bese embonisa isihloko esikhuluma ngokuthi uKhisimusi unomsuka wobuqaba. Esithombeni sesibili, lo mzalwane ubonisa umninikhaya isihloko esinamacebiso awusizo kobaba. Kulezi zindlela ezimbili, iyiphi ezoba nemiphumela emihle kakhudlwana?