AMACEBISO OKUTADISHA
Zibone Ngeso Lengqondo Izindaba EziseBhayibhelini
IBhayibheli linezindaba zakudala eziningi ezisifundisa izifundo ezibalulekile. Ngokuzibona ngeso lengqondo lezi zindaba, singakuqonda kangcono lokho esikufundayo futhi sizuze nakakhulu kuzo. Cabanga ngamanye amacebiso angakusiza uzibone ngeso lengqondo izindaba eziseBhayibhelini.
Zifunde ngokuzwakalayo. Ukufunda iBhayibheli ngokuzwakalayo kungakusiza ukubone ngeso lengqondo futhi ukubone ngokucace kakhudlwana lokho okwenzekayo. Lapho nifunda iBhayibheli njengomndeni, ningenza indaba iphile ngokwabela umuntu ngamunye ukuba abe umlingiswa othile osendabeni eniyifundayo.
Zibone ngeso lengqondo izigcawu. Zama ukuqonda ukuthi babezizwa kanjani abalingiswa okukhulunywa ngabo nokuthi yini ababeyicabanga. Ngokwesibonelo, zibuze: ‘Kungani lo muntu akhuluma ngendlela akhuluma ngayo noma enza ngendlela enza ngayo? Yini engangiyoyicabanga noma ngangiyozizwa kanjani ukube ngangibhekene nesimo esifanayo?’
Zidwebe. Ukudweba izindaba eziseBhayibhelini kungakusiza uzibone ngeso lengqondo futhi uzikhumbule kangcono lezo zindaba, ngisho noma kungekuhle kangako lokho okudwebile.