ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 46
INGOMA 17 “Ngiyathanda”
Cabanga NgomPristi Wethu Ophakeme Onozwela—UJesu
“Umpristi wethu ophakeme akayena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu.”—HEB. 4:15.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi uzwela lukaJesu nesihe sakhe kumenza kanjani afanelekele ukuba umPristi Ophakeme nangokuthi sizuza kanjani emisebenzini ayenzayo njengomPristi namuhla.
1-2. (a) Kungani uJehova athumela iNdodana yakhe ukuba ize emhlabeni? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko? (Hebheru 5:7-9)
EMINYAKENI engaba ngu-2 000 edlule, uJehova uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe eyigugu kakhulu emhlabeni. Kungani? Phakathi kwezinye izinto, wayithumela ukuze akhulule abantu esiqalekisweni sesono nokufa, alungise nomonakalo owenziwa uSathane. (Joh. 3:16; 1 Joh. 3:8) UJehova wayazi ukuthi ukuphila kukaJesu njengomuntu kwakuyomenza akulungele kangcono ukuba umPristi wethu Ophakeme onozwela nesihe. UJesu waqala ukuba umPristi Ophakeme ngemva kokubhapathizwa ngo-29 C.E.a
2 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela ukuphila kukaJesu njengomuntu okwamsiza ngayo ukuba akufanelekele nakakhulu ukukhonza njengomPristi Ophakeme onesihe. Njengoba sizoyiqonda kangcono indlela uJesu ‘enziwa ngayo waphelela’ ekufezeni indima yakhe, sizokuthola kulula ukuthandaza kuJehova ngisho nalapho sidikibele ngenxa yezono zethu noma ubuthakathaka bethu.—Funda eyamaHebheru 5:7-9.
INDODANA KANKULUNKULU ETHANDEKAYO IZA EMHLABENI
3-4. Yiluphi ushintsho oluphawulekayo uJesu abhekana nalo ngesikhathi eza emhlabeni?
3 Iningi lethu liye labhekana noshintsho ekuphileni, njengokuthutha ushiye ikhaya lakho olithandayo, umndeni wakho nabangani. Ushintsho olunjalo lungaba yinselele. Kodwa akekho umuntu owake wabhekana noshintsho oluningi njengoJesu. Ezulwini wayenesikhundla esiphakeme kakhulu kunawo wonke amadodana kaJehova omoya. UJehova wayemthanda futhi wayehlezi ejabule njengoba ayesebenzelana eduze noNkulunkulu. (IHu. 16:11; IzAga 8:30) Noma kunjalo, eyabaseFilipi 2:7 ithi “wazidela,” ngokuzithandela wadela isikhundla esiphezulu ezulwini ukuze aphile nabantu abanesono emhlabeni.
4 Cabanga nangezimo uJesu azalelwa kuzo nangeminyaka yokuqala yokuphila kwakhe njengomuntu. UJesu wazalelwa emndenini ohluphekayo, njengoba lokho sikubona emnikelweni ophansi owanikelwa abazali bakhe ngemva kokuba ezelwe. (Lev. 12:8; Luka 2:24) Lapho izwa ngokuzalwa kukaJesu, iNkosi embi uHerode yazama ukumbulala. Ukuze usindise ukuphila kukaJesu kuHerode, umndeni wakubo wabalekela eGibhithe okwesikhathi esithile. (Math. 2:13, 15) Ukuphila kukaJesu kwasemhlabeni kwakuhluke ngempela ekuphileni kwakhe kwasezulwini!
5. Yini uJesu ayibona emhlabeni futhi lokho akubona kwamenza kanjani walungela indima yakhe yokuba umPristi Ophakeme? (Bheka nesithombe.)
5 Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabona abantu abaningi behlupheka. Akungabazeki ukuthi wabuzwa ubuhlungu bokushonelwa abantu abathandayo, okuhlanganisa nosingayise wakhe uJosefa. Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wahlangana nabantu abanochoko, abayizimpumputhe, abakhubazekile nabazali abashonelwe yizingane zabo futhi wabazwela. (Math. 9:2, 6; 15:30; 20:34; Marku 1:40, 41; Luka 7:13) Yiqiniso ukuthi wayekubonile ukuhlupheka kwabantu ngesikhathi esesikhundleni sakhe esiphezulu ezulwini. Kodwa manje, njengoba ayesewumuntu emhlabeni wayesekuqonda kangcono ukuhlupheka kwabantu. (Isaya 53:4) Izinto uJesu abhekana nazo zamsiza waqonda indlela abantu abazizwa ngayo, izinto ezibakhathazayo nezinto ezibabangela ubuhlungu. UJesu naye wayezizwa njengabanye abantu, naye wayebuzwa ubuhlungu, ekhathala futhi wayeba lusizi.
UJesu wayebakhathalela ngokujulile abantu abamzungezile ababehlupheka futhi wayenendaba nendlela ababezizwa ngayo (Bheka isigaba 5)
UJESU UBONISA UKUTHI UYAZWELANA NABANTU
6. Imifanekiso ka-Isaya isifundisani ngozwela lukaJesu nesihe sakhe? (Isaya 42:3)
6 Phakathi nenkonzo yakhe uJesu wababonisa uzwela olukhulu ababuthaka nalabo ababephathwa kabi. Ngokwenza kanjalo, wagcwalisa isiprofetho. EmiBhalweni yesiHebheru, ngezinye izikhathi abantu abacebile nabanamandla bafaniswa nengadi evundile noma nezihlahla ezinkulu ezinhle. (IHu. 92:12; Isaya 61:3; Jer. 31:12) Kodwa abahluphekayo nalabo abangaphathwa kahle bafaniswa nomhlanga ofohlokile nentambo elokozayo yelambu, kokubili okungelusizo lwalutho kumuntu. (Funda u-Isaya 42:3; Math. 12:20) Ephefumulelwe, umprofethi u-Isaya wasebenzisa le mifanekiso ukuze abikezele uthando nozwela uJesu ayeyolubonisa abantu abavamile ababebhekwa njengabangelutho.
7-8. UJesu wasigcwalisa kanjani isiprofetho sika-Isaya?
7 UMathewu umbhali weVangeli wabonisa ukuthi uJesu wasigcwalisa leso siprofetho esashiwo u-Isaya esithi: “Akukho mhlanga ofohlokile ayowuphula, akukho ntambo elokozayo ayoyicima.” Ezinye zezimangaliso uJesu azenza zazuzisa labo ababephathwa kabi, okungenzeka babezizwa njengomhlanga ofohlokile, noma labo ababengenathemba ababezizwa njengentambo elokozayo eyayisizocinywa. Phakathi kwalabo bantu kwakunomuntu ogcwele uchoko. Kungenzeka wayengenalo ithemba lokuthi uyoke elapheke noma lokuthi uyoke akwazi ukuba nomndeni wakhe nabangani bakhe? (Luka 5:12, 13) Kwakukhona nomuntu oyisithulu futhi onamalimi. Cabanga ukuthi wayezizwa kanjani njengoba ayebona abanye beba nezingxoxo ezijabulisayo ayengakwazi ukuzizwa. (Marku 7:32, 33) Kodwa akupheleli lapho.
8 Ngosuku lukaJesu, amaJuda amaningi ayekholelwa ukuthi labo abagulayo noma abakhubazekile babejeziswa ngenxa yezono zabo noma zabazali babo. (Joh. 9:2) Ngenxa yalezo zinkolelo ezingelona iqiniso, labo ababegula noma ababekhubazekile babenziwa bazizwe bengelutho. Ukuze agcwalise isiprofetho sika-Isaya, uJesu wabelapha abagulayo, wabasiza nokuba bazi ukuthi uNkulunkulu uyabakhathalela. Kusiqinisekisa ngani lokho?
9. EyamaHebheru 4:15, 16 ibonisa kanjani ukuthi umPristi wethu Ophakeme osezulwini uzwelana ngempela nabantu abanesono?
9 Funda eyamaHebheru 4:15, 16. Singaqiniseka ukuthi uJesu uyohlale esibonisa uzwela. Kusho ukuthini lokho? Umuntu onozwela uyazwelana nomuntu ozwa ubuhlungu futhi unendaba nendlela azizwa ngayo. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuzwelana” lisho ukuzifaka ezicathulweni zalowo muntu nokuqonda indlela azizwa ngayo. (Bheka neyamaHebheru 10:34, lapho uPawulu asebenzisa khona isenzo esifanayo sesiGreki.) Ukufunda ngezimangaliso uJesu azenza kusibonisa indlela okwakumthinta ngayo ngokujulile ukubona abantu behlupheka. Akazange elaphe abantu ngenxa nje yokuthi lokho kwakuwumsebenzi okwakumele awenze. Wayebakhathalela ngempela futhi efuna ukubasiza. Ngokwesibonelo, ngesikhathi elapha umuntu onochoko, wayengamelapha ele kude naye, kodwa wamthinta—kungenzeka kwase kuphele iminyaka eminingi lo muntu onochoko engakaze athintwe! Ngomusa uJesu wasusa umuntu oyisithulu phakathi kwesixuku esinomsindo wabe esemelapha ngasese. Ngesikhathi umFarisi ebukela phansi owesifazane owayephendukile, owageza izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe futhi wazisula ngezinwele zakhe, uJesu wamlwela lona wesifazane. (Math. 8:3; Marku 7:33; Luka 7:44) UJesu akazange abagweme labo ababegula noma ababenze izono ezinkulu. Kunalokho, wabamukela ngozwela wabaqinisekisa ukuthi uyabathanda. Nathi singaqiniseka ukuthi uzwelana nathi ngendlela efanayo.
INDLELA ESILINGISA NGAYO UMPRISTI WETHU OPHAKEME NAMUHLA
10. Yimaphi amalungiselelo angokomoya esingawasebenzisa namuhla ukuze sisize abantu abayizithulu nabayizimpumputhe? (Bheka nezithombe.)
10 Njengabalandeli bakaJesu abathembekile, silwela ukumlingisa ngokuthi sibonise abanye uthando nozwela. (1 Pet. 2:21; 3:8) Nakuba singeke sikwazi ukwelapha abantu abayizithulu noma abayizimpumputhe, ngokuqinisekile singabasiza ukuba bafunde ngoJehova futhi basondelane naye. Ngokwesibonelo, izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini manje zitholakala ngezilimi zezandla ezingaphezu kuka-100. Ukuze kuzuze abangaboni kahle, izincwadi ze-braille zitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-60, namavidiyo anamazwi achazela abayizimpumputhe atholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-100. La malungiselelo asiza abantu abayizithulu nabayizimpumputhe ukuba basondelane noJehova neNdodana yakhe.
Izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini zitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000
Kwesobunxele: Kunezilimi zezandla ezingaphezu kuka-100
Kwesokudla: Kunezilimi ze-braille ezingaphezu kuka-60
(Bheka isigaba 10)
11. Inhlangano kaJehova ilubonisa kanjani uzwela olwaboniswa uJesu kuzo zonke izinhlobo zabantu? (IzEnzo 2:5-7, 33) (Bheka nezithombe.)
11 Inhlangano kaJehova yenza konke engakwenza ukuze isize zonke izinhlobo zabantu. Khumbula ukuthi ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wathululela umoya ogcwele kubo bonke labo ababesemkhosini wePhentekoste ukuze ngamunye wabo ezwe izindaba ezinhle “ngolimi lwakhe.” (Funda izEnzo 2:5-7, 33.) Ilandela isiqondiso sakhe, inhlangano ikhiqiza izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000, ezinye zazo ezikhulunywa abantu abambalwa. Ngokwesibonelo, ezinye zezilimi zama-Amerindian zikhulunywa abantu abambalwa kakhulu abahlala eNyakatho naseNingizimu yeMelika. Noma kunjalo, inhlangano yenze izincwadi ngezilimi ezingaphezu kuka-160 zalezo zilimi ukuze iqikelele ukuthi abaningi ngangokunokwenzeka bayazithola izindaba ezinhle. Izincwadi zethu zitholakala nangezilimi zaseRomani ezingaphezu kuka-20. Izinkulungwane zabantu abakhuluma izilimi ezinjalo sezikhonza uJehova.
Kwesobunxele: Kunezilimi zama-Amerindian ezingaphezu kuka-160
Kwesokudla: Kunezilimi zaseRomani ezingaphezu kuka-20
(Bheka isigaba 11)
12. Yiluphi olunye usizo olunikezwa yinhlangano kaJehova?
12 Ngaphandle kokwenza imizamo yokusakaza izindaba ezinhle, inhlangano kaJehova isiza nabantu abahlaselwe yizinhlekelele zemvelo. Ngenxa yalokho, izinkulungwane zamavolontiya zikulungele ukusiza abafowabo nodadewabo abadinga usizo. Inhlangano iyasiza nasekwakheni izindawo ezikahle zokukhonza uNkulunkulu, lapho abantu bengahlangana khona ndawonye ukuze bafunde okwengeziwe ngothando lukaNkulunkulu ngabo.
UMPRISTI WETHU OPHAKAME ANGAKUSIZA
13. Yiziphi ezinye izindlela uJesu asisiza ngazo?
13 Njengomalusi wethu omuhle, uJesu unakekela izidingo zethu ezingokomoya zomuntu ngamunye. (Joh. 10:14; Efe. 4:7) Ngezinye izikhathi izimo zokuphila zingasenza sifane nentambo elokozayo noma nomhlanga ofohlokile. Singase sidikibale kakhulu ngenxa yesifo esibucayi esisiphethe, ngenxa yephutha esilenzile, noma ngenxa yokuthi sibe nokungaboni ngasolinye nesikholwa naye. Singase sikuthole kunzima ukubheka ngale kobuhlungu esibuzwayo njengamanje nokugxila ethembeni esinalo ngekusasa. Nokho, khumbula ukuthi uJesu uyakubona lokho obhekene nakho futhi uyayiqonda nemicabango yakho ejulile. Uzwela uJesu analo lumenza afune ukukusiza. Ngokwesibonelo, angasebenzisa umoya ongcwele ukuze akuqinise lapho udikibele. (Joh. 16:7; Thithu 3:6) Ngaphezu kwalokho, uJesu angasebenzisa ‘izipho ezingabantu’ nabanye okholwa nabo ukuba bakukhuthaze futhi bakusize.—Efe. 4:8.
14. Yini esingayenza lapho sizizwa sidikibele?
14 Uma intshiseko onayo incipha noma udikibele, zindla ngendima kaJesu njengomPristi wethu Ophakeme. Khumbula ukuthi uJehova akamlethelanga nje kuphela emhlabeni ukuzonikela ngokuphila kwakhe njengesihlengo, kodwa wamlethela nokuba amsize aziqonde kangcono izinkinga abantu abanesono ababhekene nazo. Uma sidikibele ngenxa yezono zethu noma ubuthakathaka bethu, uJesu ukulungele futhi uzimisele ukusisiza “ngesikhathi esifanele.”—Heb. 4:15, 16.
15. Landisa isibonelo esibonisa indlela umuntu odukelene nomhlambi kaJehova angasizwa ngayo ukuba abuyele ebandleni.
15 UJesu uqondisa nabantu bakhe emizamweni yabo abayenzayo ukuze bafune futhi basize labo abadukelene nomhlambi kaJehova. (Math. 18:12, 13) Cabanga ngesibonelo sikaStefano.b Ngemva kokuba esuswe ebandleni iminyaka engu-12, wanquma ukuya emhlanganweni webandla. Uthi: “Kwakungelula, kodwa ngangifuna ukuphinde ngibe yingxenye yomndeni kaJehova onothando. Abadala abahlangana nami bangenza ngazizwa ngisekhaya. Ngezinye izikhathi, ngangizizwa ngingeyinto yalutho futhi ngangifuna ukuphonsa ithawula. Kodwa abadala bangikhumbuza ukuthi uJehova noJesu babengafuni ngiphonse ithawula. Ngesikhathi ngibuyiselwa ebandleni, lonke ibandla labonisa mina nomndeni wami uthando. Ekugcineni umkami wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi manje sikhonza uJehova njengomndeni.” Kumele ukuba ujabula kakhulu umPristi wethu Ophakeme onothando ukubona labo abaphendukayo bethola usizo abaludingayo ukuze babuyele ebandleni!
16. Kungani ubonga ngokuba nomPristi Ophakeme onozwela?
16 Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wasiza abantu abaningi ngesikhathi esifanele. Namuhla, singaqiniseka ngokuphelele ukuthi uzosisiza noma nini lapho sidinga usizo. Ezweni elisha elizofika maduzane uyosiza abantu abalalelayo ukuba bakhululeke kuyo yonke imiphumela ebangelwa yisono. Simbonga kakhulu uJehova uNkulunkulu wethu okwathi ngenxa yothando lwakhe olukhulu nesihe sakhe wamisa iNdodana yakhe njengomPristi wethu Ophakeme onozwela!
INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu
a Ukuze uthole ukuthi indima yompristi ophakeme ongumJuda yathathelwa kanjani indawo yindima kaJesu njengomPristi Ophakeme, bheka isihloko esithi “Lazise Ilungelo Onalo Lokukhonza Ethempelini LikaJehova Elingokomoya” kuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 2023, k. 26, izig. 7-9.
b Igama lishintshiwe.