ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 45
INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula
Hlale Ujabule Njengoba Unakekela Osekhulile Noma Ogulayo
“Labo abahlwanyela imbewu ngezinyembezi bayovuna ngokuthokoza.”—IHU. 126:5.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngokuthi labo abanakekela asebekhulile noma abagulayo bangabhekana kanjani nezinselele zokubanakekela nangokuthi yini abangayenza ukuze bahlale bejabule.
1-2. UJehova uzizwa kanjani ngalabo abanakekela asebekhulile noma abagulayo? (IzAga 19:17) (Bheka nezithombe.)
UMZALWANE waseKorea okuthiwa uJin-yeol uthi, “Mina nomkami sesishade iminyaka engaphezu kwengu-32. Sekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu ngimnakekela. Unesifo esibizwa ngokuthi i-Parkinson, kunzima nokuba anyakaze. Ngimthanda kakhulu umkami futhi ngiyakujabulela ukumnakekela. Ubusuku ngabunye ulala emzini wethu embhedeni owenzelwe umuntu ogulayo. Ngilala eduze kwakhe, sibambana ngezandla njengoba sisuke silele.”
2 Ukhona yini umuntu omthandayo omnakekelayo, kungaba umzali, oshade naye, ingane noma umngani? Uma ekhona, cishe uyalijabulela lelo lungelo elikhethekile lokumsiza ngezinto engabe uyazenzela zona. Ngokunakekela umuntu omthandayo ubonisa ukuthi uzinikele kuJehova. (1 Thim. 5:4, 8; Jak. 1:27) Noma kunjalo, ubhekana nezinselele ngokuvamile abanye abantu abangaziqapheli. Ngezinye izikhathi, ungaze ube nanomuzwa wokuthi nguwe wedwa obhekene nalobo bunzima. Ungase umamatheke lapho uphambi kwabantu, kodwa lapho usuwedwa ungase uzithole udinda isililo. (IHu. 6:6) Nakuba abanye bengase bangabuboni ubunzima obhekene nabo, uJehova uhlale ebubona. (Qhathanisa no-Eksodusi 3:7.) Izinyembezi zakho nokuzidela kwakho kuyigugu kuye. (IHu. 56:8; 126:5) Ukubona konke okwenzayo ukuze usize lowo muntu omthandayo omnakekelayo. Kuye kunjengokungathi uyakukweleta futhi uthembisa ukukubuyisela ngakho konke okwenzayo.—Funda izAga 19:17.
Ukhona yini umuntu osekhulile noma ogulayo omnakekelayo? (Bheka isigaba 2)
3. Yiziphi izinselele okungenzeka u-Abrahama noSara babhekana nazo njengoba babenakekela uThera?
3 IBhayibheli linezibonelo eziningi zamadoda nabesifazane ababenakekela abantu ababathandayo. Cabanga ngesibonelo sika-Abrahama noSara. Ngesikhathi behamba e-Uri, ubaba wabo, uThera, wayeneminyaka engaba ngu-200. Noma kunjalo, wahamba nabo. Bahamba ibanga elingaba amakhilomitha angu-960 beya eHarana. (Gen. 11:31, 32) Akungabazeki ukuthi u-Abrahama noSara babemthanda uThera, kodwa cabanga ukuthi kumele ukuba kwakuyinselele kangakanani ukumnakekela, ikakhulukazi ngesikhathi besahamba endleleni. Cishe babehamba ngamakamela noma ngezimbongolo, okungenzeka kwakuyinto enzima kakhulu kuThera owayesekhulile. Kulindelekile ukuthi ngezinye izikhathi babekhathala kakhulu mhlawumbe baze baphelelwe amandla. Kunoma yikuphi, ngokuqinisekile uJehova wabanika amandla ababewadinga. Njengoba nje uJehova asiza u-Abrahama noSara, nawe uzokusiza, akuqinise.—IHu. 55:22.
4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
4 Injabulo ingakusiza ukuba ungapheli amandla njengoba unakekela umuntu omthandayo. (IzAga 15:13) Umuntu ojabulayo angakwazi ukuhlala ejabule naphezu kwezimo ezinzima abhekene nazo. (Jak. 1:2, 3) Yini ongayenza ukuze ube naleyo njabulo? Enye indlela ongathola ngayo leyo njabulo ukuba uthembele kuJehova umcele ukuba akusize uhlale unesimo esihle sengqondo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinye izinto ezingenziwa yilabo abanakekela abanye ukuze bahlale bejabule. Sizoxoxa nangokuthi yini abanye abangayenza ukuze babasize. Okokuqala, ake sixoxe ngokuthi kungani labo abanakekela abanye kudingeka bahlale bejabule nangokuthi yiziphi izinselele ezingabenza baphelelwe yinjabulo.
UKUNAKEKELA OTHILE KUNGAYITHINTA KANJANI INJABULO YAKHO?
5. Kungani kudingeka bahlale bejabule labo abanakekela abanye?
5 Uma labo abanakekela abanye bephelelwa yinjabulo, kalula bangase baphelelwe amandla. (IzAga 24:10) Lapho bekhathele, bangase bangabi wusizo noma bangabi nomusa ngendlela abafisa ngayo. Yiziphi izinselele ezingabenza baphelelwe yinjabulo labo abanakekela abanye?
6. Kungani labo abanakekela abanye bekhandleka ngokweqile?
6 Abanakekela abanye bangase bakhandleke ngokweqile. Udade okuthiwa uLeah uthi: “Ukunakekela othile kuyakhandla ngokomzwelo ngisho nalapho usuku luhamba kahle. Ngokuvamile lapho kuphela usuku ngisuke ngizizwa ukuthi angisenamandla. Ngezinye izikhathi ngisuke ngingenawo ngisho namandla okuphendula imeseji.” Abanye bakuthola kunzima ukuphumula ngokwanele noma ukuthatha ikhefu abasuke belidinga. Udade okuthiwa u-Inés uthi: “Ngikuthola kunzima ukulala ngokwanele. Ebusuku ngivame ukuvuka njalo ngemva kwamahora amabili ukuze nginakekele umamezala wami. Sekuphele iminyaka mina nomyeni wami singayi eholidini.” Abanye abanakekela asebekhulile noma abagulayo kuyaye kudingeke benqabe izimemo zokuyozijabulisa, ngisho nezabelo zenhlangano, ngoba abantu ababanakekelayo badinga ukunakekelwa ngaso sonke isikhathi. Ngenxa yalokho bangase bazizwe benesizungu noma bevalelekile ngenxa yezimo zabo.
7. Kungani abanye abanakekela asebekhulile noma abagulayo behlushwa umuzwa wecala noma beba lusizi?
7 Labo abanakekela abanye bangase bahlushwe yimizwa yecala ejulile noma babe lusizi. Udade okuthiwa uJessica uthi: “Kungiphatha kabi ukuthi angikwazi ukwenza okwengeziwe kunalokho engikwenzayo. Lapho ngizinika isikhathi sokuba ngizinakekele mina noma ngiphumule, ngiba nomuzwa wecala ngizwe sengathi ngizicabangela mina kuphela.” Abanye abanakekela asebekhulile noma abagulayo bahlushwa umuzwa wecala ngenxa yokuthi ngezinye izikhathi sibaphatha kabi isimo ababhekene naso. Abanye bakhathazwa ukuthi abenzi okwanele ukuze basize lowo muntu abamnakekelayo. Kanti abanye baba nomuzwa wecala ngenxa yokuthi ngesikhathi besacasukile baye basho into ebuhlungu kumuntu abamnakekelayo. (Jak. 3:2) Abanye baba lusizi lapho bembona elokhu ewohloka umuntu abamnakekelayo owayewumqemane futhi enomdlandla. Udade okuthiwa uBarbara uthi: “Enye yezinto eziyinselele kakhulu kimi ukubona umuntu engimthandayo elokhu ewohloka usuku nosuku.”
8. Landisa isibonelo esibonisa indlela amazwi ambalwa angamthinta ngayo umuntu onakekela othile.
8 Abanye abanakekela asebekhulile noma abagulayo baba nomuzwa wokuthi abanye bakuthatha kancane lokho abakwenzayo. Kungani bezizwa kanjalo? Kungenxa yokuthi abantu abaningi abavamile ukubabonga noma ukubancoma ngomsebenzi onzima abawenzayo noma ngokuzidela kwabo. Amazwi ambalwa okubonga angenza lukhulu. (1 Thes. 5:18) Udade okuthiwa uMelissa uthi: “Ngezinye izikhathi, ngangikhala ngenxa yokukhungatheka. Kodwa lapho engibanakekelayo bethi kimi ‘Ngiyabonga ngakho konke ongenzela kona,’ ngiyakhuthazeka! Amazwi anjalo angisiza ukuba ngakusasa ngivuke ngikulungele futhi ngikulangazelela ukuphinde ngibanakekele.” Umzalwane okuthiwa u-Ahmadu uchaza indlela okumthinta ngayo ukubongwa. Yena nomkakhe banakekela umshana wabo osemncane ohlala nabo onesifo sokuwa. Uthi: “Nakuba engase angakuqondi ngokugcwele ukuthi kungakanani esikwenzayo ukuze simnakekele, ngijabula kakhulu lapho esitshela ukuthi uyabonga noma lapho ezama ukubhala phansi ukuthi ‘Ngiyakuthanda.’”
ONGAKWENZA UKUZE UHLALE UJABULE
9. Umuntu onakekela osekhulile noma ogulayo angaba kanjani nesizotha?
9 Yiba nesizotha. (IzAga 11:2) Akekho phakathi kwethu ohlale enesikhathi namandla okwenza konke afisa ukukwenza. Ngakho kuyomele unqume ukuthi yini ozokwazi ukuyenza nongeke ukwazi ukuyenza futhi ngezinye izikhathi uthi cha kwezinye izinto. Akukubi ukwenza kanjalo! Kubonisa ukuthi unesizotha. Uma abanye becela ukukusiza, lwamukele ngenjabulo usizo lwabo. Umzalwane okuthiwa uJay uthi: “Ngeke sikwazi ukwenza yonke into ngesikhathi esisodwa. Ukwazi ukuthi amandla akho ahamba aphelele kuphi nokungenzi okungaphezu kwamandla akho kuyokusiza ukuba uhlale ujabule.”
10. Kungani kubalulekile ukuba labo abanakekela abanye babe abantu abanokuqonda? (IzAga 19:11)
10 Yiba umuntu onokuqonda. (Funda izAga 19:11.) Uma ungumuntu onokuqonda, maningi amathuba okuthi uyohlale uzolile lapho othile ekuphatha kabi. Umuntu onokuqonda uzama ukuqonda ukuthi kungani umuntu enza ngendlela ethile. Kuyaqondakala ukuthi ezinye izifo ezingamahlalakhona zingenza umuntu enze izinto abengeke azenze ukube ubengenaso leso sifo. (UmSh. 7:7) Ngokwesibonelo, umuntu owaziwa ngokuba nomusa nocabangelayo angase aqale ukulwisana nawe noma ukuphikisana nawe. Noma angase aqale ukufuna izinto ngenkani, ukugxeka noma kungabi nalutho nje olumjabulisayo. Uma usiza umuntu ophethwe yisifo esibucayi, ungase ukuthole kuwusizo ukufunda ngesifo esimphethe. Njengoba uya usiqonda leso sifo, cishe uyokuqonda kangcono ukuthi uziphatha ngendlela aziphatha ngayo ngenxa yesifo esimphethe, hhayi ngenxa yohlobo lomuntu ayilo.—IzAga 14:29.
11. Yiziphi izinto ezibalulekile labo abanakekela abanye okufanele bazinike isikhathi sokuzenza usuku ngalunye? (IHubo 132:4, 5)
11 Yiba nesikhathi sokuqinisa ubungani bakho noJehova. Ngezinye izikhathi, kuyodingeka uyeke ukwenza ezinye izinto ukuze ukwazi ukwenza izinto “ezibaluleke kakhulu.” (Fil. 1:10) Enye yalezo zinto ezibaluleke kakhulu ukuqinisa ubuhlobo bakho noJehova. INkosi uDavide yenza ukukhonza uJehova kweza kuqala ekuphileni kwayo. (Funda iHubo 132:4, 5.) Ngendlela efanayo, kubalulekile nangawe ukuba usuku ngalunye ubekele eceleni isikhathi sokufunda iBhayibheli nesokuthandaza. Udade okuthiwa u-Elisha uthi: “Ukuthandaza nokuzindla ngamahubo aduduzayo kungenza ngihlale ngijabule. Into ebilokhu ingisiza kakhulu umthandazo. Phakathi nosuku ngithandaza kuJehova izikhathi eziningi, ngimcele angisize ngihlale ngizolile.”
12. Kungani abantu abanakekela abanye kudingeka bazinike isikhathi sokunakekela impilo yabo?
12 Zinike isikhathi sokunakekela impilo yakho. Abantu abamatasa—njengalabo abanakekela abanye—bangase bakuthole kuyinselele ukuhlale bedla ukudla okunomsoco ngoba sincane isikhathi abasitholayo sokuyothenga ukudla okunempilo ezitolo nesokukupheka. Kubalulekile ukuhlale udla ukudla okunempilo nokuzivocavoca njalo ukuze ube nempilo enhle emzimbeni nasengqondweni. Ngakho zama ukusisebenzisa kahle isikhathi esincane onaso ngokuthi udle ukudla okunempilo futhi uzivocavoce njalo. (Efe. 5:15, 16) Ngaphezu kwalokho, zama ukulala ngokwanele. (UmSh. 4:6) Ucwaningo lubonisa ukuthi ukulala kungasiza izingqondo zethu ukuba zizivuselele. Isihloko esithi “How Sleep Can Affect Stress [Indlela Ukulala Okungakuthinta Ngayo Ukucindezeleka],” esakhishwa yi-Banner Health, sithi ukulala ngokwanele kungakunciphisa ukukhathazeka ngokweqile, kusisize nokuba silungele ukubhekana nokucindezeleka. Kuyodingeka ube nanesikhathi sokuzijabulisa. (UmSh. 8:15) Omunye udade wachaza ukuthi yini emsiza ukuba ahlale ejabule njengoba enakekela othile. Uthi: “Uma isimo sezulu sisihle, ngizama ukuphumela ngaphandle ngijabulele ukushisa kwelanga. Ngihlela nokuchitha isikhathi nomngani wami ukuze sibe nesikhathi esimnandi, okungenani kanye ngenyanga.”
13. Kungani kukuhle ukuhleka? (IzAga 17:22)
13 Ungayeki ukuba umuntu onamancoko. (Funda izAga 17:22; UmSh. 3:1, 4) Ukuhleka kuyawusiza umzimba wakho nengqondo yakho. Lapho unakekela othile, akuvamile ukuba zonke izinto zenzeke ngendlela obuhlele ngayo. Kodwa uma ukwazi ukuhleka lapho kuphakama izimo ezingezinhle, cishe kuyoba lula ukubhekana nazo. Ukuhleka nomuntu omnakekelayo kunganenza nisondelane nakakhulu.
14. Kungakusiza kanjani ukukhuluma nomngani omethembayo?
14 Khuluma nomngani omethembayo. Naphezu kwemizamo emihle oyenzayo yokuhlale ujabule, ngezinye izikhathi uyozizwa ukhungathekile. Ngezikhathi ezinjalo, ungase ukuthole kuwusizo ukutshela umngani omethembayo indlela ozizwa ngayo—umngani ongeke akwahlulele noma abe nehaba. (IzAga 17:17) Ukukulalela ngesineke namazwi akhe akhuthazayo kungase kube yilokho kanye okudingayo ukuze uhlale ujabule.—IzAga 12:25.
15. Ukugxila ethembeni onalo kungakwenza kanjani ujabule?
15 Cabanga ngezinto oyobe uzenza nomuntu omnakekelayo ePharadesi. Zama ukukhumbula ukuthi umsebenzi owenzayo njengoba umnakekela ungowesikhashana futhi akuwona umsebenzi uJehova ayehlose ukuba wenziwe abantu. (2 Kor. 4:16-18) “Ukuphila kwangempela” kuseza. (1 Thim. 6:19) Cishe uyokujabulela kakhulu ukuxoxa nomuntu omnakekelayo ngokuthi yiziphi izinto eniyozenza ndawonye ePharadesi. (Isaya 33:24; 65:21) Udade okuthiwa uHeather uthi: “Ngivame ukutshela labo engibanakekelayo ukuthi maduze sizobe sithunga ndawonye, sigijima ndawonye, sigibela namabhayisikili ndawonye. Siyobhaka isinkwa, siphekele abantu esibathandayo abavusiwe. Sonke siyambonga uJehova ngethemba esinalo.”
INDLELA ABANYE ABANGASIZA NGAYO
16. Yiziphi izindlela esingamsiza ngazo onakekela osekhulile noma ogulayo osebandleni lethu? (Bheka nesithombe.)
16 Siza labo abanakekela abanye ukuba bathole isikhathi sokuphumula. Thina esisebandleni singasiza ngokucela ukusiza lowo onakekelwayo. Ngokwenza kanjalo, sinika laba ababanakekelayo isikhathi sokuphumuza ingqondo nethuba lokwenza izinto eziqondene nabo. (Gal. 6:2) Abanye abamemezeli benze uhlelo lokwenza lokho iviki neviki. Udade okuthiwa uNatalya, onakekela umyeni wakhe okhubazekile, uthi: “Umzalwane othile wasebandleni uza kanye noma kabili ngeviki ukuze azochitha isikhathi nomyeni wami. Bashumayela ndawonye, baxoxe, baze babukele namamuvi ndawonye. Lezo zikhathi ziyigugu kakhulu kumyeni wami futhi zinginika isikhathi sokwenza izinto engithanda ukuzenza, njengokulula izinyawo.” Ngezinye izikhathi ungaze ucele ngisho nokumnakekela ebusuku lowo onakekelwayo ukuze lowo omnakekelayo athole isikhathi sokulala kahle.
Ungamsiza kanjani umuntu onakekela osekhulile noma ogulayo osebandleni okulo? (Bheka isigaba 16)a
17. Singabasiza kanjani labo abanakekela abanye phakathi nemihlangano yebandla?
17 Siza labo abanakekela abanye phakathi nomhlangano webandla. Labo abanakekela abanye bangase baphazamiseke bangazuzi kahle emihlanganweni yebandla, eyesigodi neyesifunda ngenxa yokuthi bamatasa banakekela labo bantu. Labo abasebandleni bangacela ukusiza ngokuthi bahlale nalowo onakekelwayo kweminye yalemi hlangano noma phakathi nengxenye ethile yayo. Uma umuntu onakekelwayo engakwazi ukuphuma endlini, ungacela ukuya kwakhe uthamele naye umhlangano kwakhe ukuze lowo omnakekelayo akwazi ukuya emhlanganweni ngokoqobo.
18. Yini enye esingayenzela labo abanakekela abanye?
18 Bancome futhi ubathandazele labo abanakekela abanye. Abadala benza kahle ngokubalusa njalo labo abanakekela abanye. (IzAga 27:23) Kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu zinjani, sonke ebandleni singabancoma njalo futhi sibakhuthaze labo abanakekela abanye. Singacela noJehova ukuba aqhubeke ebaqinisa, abasize bahlale bejabule.—2 Kor. 1:11.
19. Yini okufanele sibheke phambili kuyo?
19 Maduzane, uJehova uzosula izinyembezi ezibangelwa ubuhlungu kubo bonke abantu. Ukugula nokufa ngeke kusaba khona. (IsAm. 21:3, 4) “Olunyonga uyogxumagxuma njengenyamazane.” (Isaya 35:5, 6) Imiphumela ebuhlungu yokuguga nobuhlungu bokunakekela umuntu esimthandayo ogulayo kuyoba phakathi ‘kwezinto zesikhathi esidlule ezingeke zikhunjulwe.’ (Isaya 65:17) Ngisho kwamanje, njengoba sisalinde ukugcwaliseka kwethemba lethu elimangalisayo, uJehova ngeke asilahle. Uma siqhubeka sithembela kuye ukuba asinike amandla, uzosisiza ukuba ‘sikhuthazele ngokugcwele ngokubekezela nangenjabulo.’—Kol. 1:11.
INGOMA 155 S’yojabula Phakade
a INCAZELO YESITHOMBE: Odade ababili abasebasha bavakashele udade osekhulile ukuze lowo omnakekelayo athole isikhathi sokulula izinyawo.