Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Novemba kk. 22-27
  • ‘Uyigugu Kakhulu’!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Uyigugu Kakhulu’!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA UJESU ASIZA NGAYO ABANTU BABONA UKUTHI BABALULEKILE KUJEHOVA
  • ESINGAKWENZA UKUZE SIZIBHEKE NGENDLELA UJEHOVA ASIBHEKA NGAYO
  • “Ngiyibonile INkosi!”
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • UJehova “Upholisa Izinhliziyo Eziphukile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • UJehova Ukuthanda Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Esikufunda Kokwenzeka Ezinsukwini Ezingu-40 Zokugcina UJesu Esemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Novemba kk. 22-27

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 47

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

‘Uyigugu Kakhulu’!

“Ungumuntu oyigugu kakhulu.”—DAN. 9:23.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Lesi sihloko sizosiza labo abahlushwa yimizwa yokuzizwa bengelutho ukuba baqonde ukuthi bayigugu kakhulu kuJehova.

1-2. Yini engasisiza siqiniseke ukuthi siyigugu kuJehova?

PHAKATHI kwezinceku zikaJehova eziyigugu, ezinye zazo ziyazenyeza. Mhlawumbe kunothile oye waziphatha kabi, wazenza zazizwa zingabalulekile. Ingabe nawe uzizwa ngaleyo ndlela? Uma uzizwa ngaleyo ndlela, yini engakusiza uqiniseke ukuthi uyigugu kuJehova?

2 Ungase ukuthole kuwusizo ukufunda ngezindaba eziseBhayibhelini ezibonisa indlela uJehova afuna abantu babhekwe ngayo futhi baphathwe ngayo. INdodana yakhe, uJesu, yayiphatha abantu ngomusa nangenhlonipho. Ngokwenza kanjalo, yabonisa ukuthi abantu abathobekile abazizwa bengelutho bayigugu kakhulu kuyo nakuBaba wayo. (Joh. 5:19; Heb. 1:3) Kulesi sihloko sizoxoxa: (1) ngendlela uJesu abasiza ngayo abantu ukuba baqonde ukuthi bayigugu ngempela kuJehova nangokuthi (2) singaziqinisekisa kanjani ukuthi siyigugu ngempela kuNkulunkulu.—Hag. 2:7.

INDLELA UJESU ASIZA NGAYO ABANTU BABONA UKUTHI BABALULEKILE KUJEHOVA

3. UJesu wabaphatha kanjani abantu baseGalile abebeza kuye befuna usizo?

3 Phakathi nohambo lukaJesu lwesithathu lokushumayela eGalile, abantu abasuka ezindaweni ezihlukahlukene beza kuye bezomlalela futhi belashwa ekuguleni kwabo. UJesu wabona ukuthi ‘babehlukumezekile futhi behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Math. 9:36) Abaholi babo benkolo babebabheka njengabantu abangabalulekile, baze bababize ngokuthi ‘bangabantu abaqalekisiwe.’ (Joh. 7:​47-49) Kodwa uJesu wayebaphatha ngomusa nangenhlonipho abantu ngokuzinika isikhathi sokubafundisa nesokwelapha nezifo ezazibaphethe. (Math. 9:35) Ngaphezu kwalokho, ukuze asize abantu abengeziwe, waqeqesha abaphostoli bakhe ukuba benze umsebenzi wokushumayela wabanika negunya lokwelapha abagulayo.—Math. 10:​5-8.

4. Yini esiyifundayo endleleni uJesu aphatha ngayo izilaleli zakhe ezithobekile?

4 Ngokuphatha izilaleli zakhe ngomusa nangenhlonipho, uJesu wabonisa ukuthi yena noBaba wakhe bababheka njengabayigugu labo ngokuvamile ababebukelwa phansi emphakathini. Uma ukhonza uJehova kodwa ukungabaza ukuthi uyigugu kuye, cabanga ngendlela uJesu ayebanaka ngayo abantu abathobekile abebefuna ukufundiswa nguye. Ukwenza lokho kungakusiza ubone ukuthi uyigugu kangakanani kuJehova.

5. Chaza izimo zowesifazane waseGalile owahlangana noJesu.

5 UJesu akagcinanga nje ngokufundisa izixuku zabantu, kodwa wayefundisa nabantu ngabanye. Ngokwesibonelo, ngesikhathi eshumayela eGalile, uJesu wahlangana nowesifazane owayeseneminyaka engu-12 ehlushwa yisifo esingavamile somopho. (Marku 5:25) Ngenxa yesifo esasimphethe, uMthetho wawuthi wayengcolile futhi noma ubani owayemthinta wayebhekwa njengongcolile. Kumele ukuba lokho kwakumenza ahlale yedwa isikhathi esiningi. Ngaphezu kwalokho, wayengakwazi ukuba nabanye ukuze akhonze uJehova esinagogeni noma ukuhlanganyela nabanye emkhosini. (Lev. 15:​19, 25) Akungabazeki ukuthi lona wesifazane wayezwa ubuhlungu emzimbeni nangokomzwelo.—Marku 5:26.

6. Welashwa kanjani owesifazane onomopho?

6 Lona wesifazane owayecindezeleke kakhulu wayefuna ukuba uJesu amelaphe. Kodwa akazange amcele ngokuqondile. Kungani? Kungenzeka wayenamahloni ngenxa yesifo esasimphethe. Noma kungenzeka wayesaba ukuthi uJesu wayengase amxoshe ngenxa yokuthi wayesesixukwini sabantu nakuba ayengahlanzekile ngokomthetho. Ngakho wamane wathinta umphetho wengubo kaJesu yangaphandle, eqinisekisa ukuthi ukwenza lokho nje kukodwa kwakuyomenza elapheke. (Marku 5:​27, 28) Ngenxa yokholo—welapheka. UJesu wabe esebuza ukuthi ubani owayemthintile futhi lona wesifazane wavuma ukuthi nguye owayemthintile. UJesu wamphatha kanjani lona wesifazane?

7. UJesu wamphatha kanjani lona wesifazane owayecindezelekile? (Marku 5:34)

7 UJesu waphatha lona wesifazane ngomusa nangenhlonipho. Wabona ukuthi ‘wayethukile futhi ethuthumela.’ (Marku 5:33) Eyiqonda indlela ayezizwa ngayo, wakhuluma naye ngomusa futhi wamkhuthaza. Waze wambiza nangokuthi “ndodakazi”—okuyinkulumo engabonisi nje kuphela inhlonipho, kodwa ebonisa nomusa nothando. (Funda uMarku 5:34.) Yilapha kuphela eBhayibhelini lapho uJesu abiza khona owesifazane ngokuthi “ndodakazi.” Kungenzeka wasebenzisa le nkulumo ebonisa umusa kulesi simo ngenxa yokuthi wabona ukuthi lona wesifazane wayethuke kakhulu. Cabanga indlela okumele ukuba wakhululeka ngayo lona wesifazane! Ukube uJesu akakhulumanga naye ngamazwi anomusa nakhuthazayo, wayeyohamba elaphekile emzimbeni kodwa ehlushwa umuzwa wecala. UJesu wamsiza wazibona ngendlela ayeyiyo ngempela—indodakazi eyigugu kaBaba osezulwini onothando.

8. Yiziphi izinselele udade waseBrazil abhekana nazo?

8 Nanamuhla, izinceku zikaNkulunkulu zihlushwa yizinkinga zempilo ezizenza zicindezeleke ngokomzwelo. UMaria,a oyiphayona elivamile laseBrazil, wazalwa ekhubazekile engenayo imilenze nesandla sobunxele. Uyachaza: “Ngangixhashazwa njalo esikoleni ngenxa yokukhubazeka kwami. Izingane engifunda nazo zazingibiza ngamagama abuhlungu. Ngangibandlululwa ngisho nawumndeni wami.”

9. Yini eyasiza uMaria ukuba azi ukuthi uyigugu kuJehova?

9 Yini eyasiza uMaria? Lapho eba ngomunye woFakazi BakaJehova, amaKristu akanye naye amduduza, amsiza ukuba azibheke ngendlela uJehova ambheka ngayo. Uthi: “Ngeke ngakwazi ukubabala bonke abafowethu nodadewethu abangisizile! Ngimbonga ngenhliziyo yami yonke uJehova ngokunginika umndeni omangalisayo wasebandleni.” Abafowabo nodadewabo abangamaKristu bamsiza ukuba azi ukuthi uyigugu kuNkulunkulu.

10. Yiziphi izinkinga ezazihlupha uMariya Magdalena? (Bheka nezithombe.)

10 Cabanga ngomunye umuntu owasizwa uJesu—uMariya Magdalena. Wayehlushwa amademoni ayisikhombisa! (Luka 8:2) Cishe wayenza izinto ezingajwayelekile ngenxa yokulawulwa amademoni futhi ngenxa yalokho abantu babembalekela. Njengoba ayesesimweni esidabukisayo, kumele ukuba wayezizwa engathandwa, ezenyeza futhi ecabanga ukuthi akekho umuntu ongamsiza. Cishe uJesu wawaxosha amademoni ayemhlupha futhi waba umfundi kaJesu ozinikele. Iyiphi enye indlela uJesu asiza ngayo uMariya Magdalena ukuba aqonde ukuthi wayeyigugu kangakanani kuNkulunkulu?

Esikubona ezithombeni: 1. UJesu ubuka uMariya Magdalena olusizi njengoba eguqa phansi ephasejini elimnyama. 2. UMariya Magdalena ujabule njengoba ehamba noJesu nabafundi bakhe.

UJesu wamqinisekisa kanjani uMariya Magdalena ukuthi uyigugu kuJehova? (Bheka izigaba 10-11)


11. UJesu wambonisa kanjani uMariya Magdalena ukuthi wayeyigugu kuNkulunkulu? (Bheka nezithombe.)

11 UJesu wacela uMariya Magdalena ukuba ahambe naye lapho eyoshumayela.b Ngenxa yalokho, wayeqhubeka ezuza lapho ezwa uJesu efundisa abanye. UJesu wabonakala kuye nangosuku avuswa ngalo. Wayengomunye wabafundi bokuqala akhuluma nabo ngalelo langa. UJesu waze wamcela nokuba atshele abaphostoli bakhe ukuthi uvusiwe. Lezo kwakuyizindlela ezinhle kakhulu zokubonisa uMariya Magdalena ukuthi wayeyigugu ngempela kuJehova!—Joh. 20:​11-18.

12. Chaza ukuthi kungani indlela uLidia akhuliswa ngayo yamenza wazizwa engathandwa.

12 NjengoMariya Magdalena, abantu abaningi namuhla bahlushwa yimizwa yokuzizwa bengathandwa. ULidia, udade waseSpain, uthi ngesikhathi umama wakhe esamkhulelwe wayecabanga ukusikhipha isisu. Ngisho nangesikhathi esewumntwana, uLidia uyakhumbula ukuthi umama wakhe wayengamnaki futhi wayemhlukumeza ngamazwi. Uthi: “Umgomo wami ekuphileni kwakuwukuba abantu bangithande futhi bangamukele. Ngangesaba ukuthi angisoze ngalufanelekela uthando lwabo ngoba umama wangenza ngakholelwa ukuthi ngiwumuntu omubi.”

13. Yini eyasiza uLidia ukuba aqonde ukuthi uyigugu kuJehova?

13 Ngemva kokuba uLidia efunde iqiniso, ukuthandaza kuJehova nokutadisha kanye nezenzo namazwi anomusa amaKristu akholwa nawo kwamsiza waqonda ukuthi uyigugu kuJehova. Uthi: “Umyeni wami uhlale engitshela indlela angithanda ngayo. Uhlale engikhumbuza ngezimfanelo zami ezinhle. Nabanye abangani bami engibathandayo benze okufanayo.” Ukhona yini othile omcabangayo odinga ukusizwa aqonde indlela ayigugu ngayo kuJehova?

ESINGAKWENZA UKUZE SIZIBHEKE NGENDLELA UJEHOVA ASIBHEKA NGAYO

14. Eyoku-1 Samuweli 16:7 isisiza kanjani sibone indlela uJehova ababheka ngayo abantu? (Bheka nebhokisi elithi “Kungani Abantu BakaJehova Beyigugu Kuye?”)

14 Khumbula ukuthi uJehova akakubheki ngendlela abantu baleli zwe abakubheka ngayo. (Funda eyoku-1 Samuweli 16:7.) Ukubaluleka kwakho kuye akuncikile endleleni obukeka ngayo, endleleni obhekwa ngayo emphakathini, noma ekutheni ufunde kangakanani. (Isaya 55:​8, 9) Ngakho, esikhundleni sokuzibheka ngendlela leli zwe elikubheka ngayo, zibheke ngendlela uJehova akubheka ngayo. Ungase ufunde izindaba eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi kuJehova babeyigugu labo ngezinye izikhathi ababezizwa bengeyinto yalutho, abanjengo-Eliya, uNawomi noHana. Ungabhala nezinto ezenzeke ekuphileni kwakho ezikuqinisekisa ngokuthi uJehova ukuthanda ngempela futhi uyigugu kuye. Ngaphezu kwalokho, ungathola ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokuzizwa ungeyinto yalutho okutholakala ezincwadini zethu.c

Kungani Abantu BakaJehova Beyigugu Kuye?

UJehova udale abantu ngendlela ehluke kakhulu kunezilwane. Usidale ngendlela esenza sikwazi ukuba nobuhlobo obuhle naye futhi sibe abangani bakhe. (Gen. 1:27; IHu. 8:5; 25:14; Isaya 41:8) Lelo qiniso nje lilodwa lisinika isizathu sokuqiniseka ukuthi sibalulekile. Nokho, sinesizathu esinamandla nakakhulu sokuqiniseka ngalokho uma sikhetha ukusondela nakakhulu kuJehova, sizinikezela kuye futhi simlalela. Ngokwenza kanjalo siba yigugu ngempela kuNkulunkulu wethu noMdali wethu.—Isaya 49:15.

15. Kungani uJehova ayebheka uDaniyeli ‘njengomuntu oyigugu kakhulu’? (Daniyeli 9:23)

15 Qiniseka ukuthi ukwethembeka kwakho kukwenza ube yigugu kuJehova. Ngesinye isikhathi, cishe esezohlanganisa iminyaka eyikhulu, umprofethi uDaniyeli ‘wayefile ukukhathala’ futhi edangele. (Dan. 9:​20, 21) UJehova wamkhuthaza kanjani? UNkulunkulu wathumela ingelosi uGabriyeli ukuba ikhumbuze uDaniyeli ukuthi “ungumuntu oyigugu kakhulu” nokuthi imithandazo yakhe yayizwakele. (Funda uDaniyeli 9:23.) Yini eyenza uDaniyeli waba yigugu kangaka kuNkulunkulu? Phakathi kwezimfanelo eziningi ayenazo, wayekuthanda okulungile futhi wayethembekile. (Hez. 14:14) UJehova wagcina le ndaba eZwini lakhe ukuze asiduduze. (Roma 15:4) UJehova uyayilalela nemithandazo yakho futhi uyigugu kuye ngenxa yokuthi uthanda ukwenza okulungile nangenxa yenkonzo yakho yokwethembeka omenzela yona.—Mika 6:8 nemibhalo yaphansi; Heb. 6:10.

16. Yini engakusiza ubheke uJehova njengoBaba onothando?

16 Bheka uJehova njengoBaba okuthandayo. Ufuna ukukusiza, hhayi ukuthola amaphutha akho. (IHu. 130:3; Math. 7:11; Luka 12:​6, 7) Ukuzindla ngalokho kusize abantu abaningi abahlushwa yimizwa yokuzizwa bengelutho. Cabanga ngesibonelo sika-Eliana, udade waseSpain owayezizwa elahliwe futhi engelusizo lwalutho ngemva kweminyaka eminingi umyeni wakhe emhlukumeza ngamazwi. Uthi, “Noma nini lapho ngizizwa ngingelusizo lwalutho, ngizama ukumbona ngeso lengqondo uJehova engiphethe ngezandla, engibonisa uthando futhi engivikela.” (IHu. 28:9) ULauren, udade waseNingizimu Afrika, uzikhumbuza ukuthi, “Uma ngomusa uJehova esebenzise uthando njengentambo engidonsela kuye, wangigcina ngisondelene naye yonke le minyaka, waze wangisebenzisa nokuba ngifundise abanye, ngokuqinisekile ungibheka njengomuntu oyigugu nowusizo.”—Hos. 11:4.

17. Yini engakusiza uqiniseke ukuthi uJehova uyakwamukela? (IHubo 5:12) (Bheka nesithombe.)

17 Qiniseka ukuthi uJehova uyakwamukela. (Funda iHubo 5:12.) UDavide ufanisa ukwamukelwa nguJehova ‘nehawu elikhulu’ elivikela abantu abalungile. Ukwazi ukuthi uJehova uyakwamukela futhi uyakusekela kungakuvikela ekunqotshweni imizwa yokuzenyeza. Ungazi kanjani ukuthi uJehova uyakwamukela? Njengoba sibonile, uJehova usebenzisa iZwi lakhe ukuze akuqinisekise ngalokho. Ngaphezu kwalokho, usebenzisa abadala, abangani osondelene nabo nabanye ukuze bakukhumbuze ukuthi uyigugu kuye. Kufanele usabele kanjani lapho abanye bekukhuthaza?

Udade uyamamatheka njengoba ehamba eHholo LoMbuso eyoshumayela nomunye udade omgaxile.

Ukwazi ukuthi uJehova uyasamukela kungasisiza sigweme ukuba nemizwa yokuzizwa singelutho (Bheka isigaba 17)


18. Kungani kufanele uwamukele amazwi okuncoma avela kwabanye?

18 Lapho abantu abakwaziyo nabakuthandayo bekuncoma ngamazwi asuka enhliziyweni, kwamukele lokho. Khumbula ukuthi kungenzeka uJehova usebenzisa bona ukuze akusize uqiniseke ukuthi uyakwamukela. U-Eliana, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Kancane kancane, ngiyafunda ukuwamukela amazwi anomusa ashiwo abanye kimi. Kunzima ukuwakholwa, kodwa ngiyazi ukuthi yilokho uJehova afuna ngikwenze.” Imsizile nendlela abadala abamsize ngayo ngomusa ukuba abone ukuthi uJehova uyamthanda. Manje usekhonza njengephayona futhi usiza naseBethel esebenzela ekhaya.

19. Kungani ungaqinisekisa ukuthi uyigugu kuNkulunkulu?

19 Ngomusa, uJesu usikhumbuza ukuthi sibaluleke kakhulu kuBaba wethu osezulwini. (Luka 12:24) Ngakho singaqiniseka ukuthi siyigugu kuJehova. Kwangathi singelokothe sikukhohlwe lokho! Kwangathi singenza konke esingakwenza ukuze sisize nabanye babone ukuthi bayigugu kangakanani kuNkulunkulu!

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • UJesu wabasiza kanjani abantu ukuba baqonde ukuthi bayigugu kuNkulunkulu?

  • UJesu wamsiza kanjani owesifazane owayehlushwa yisifo somopho?

  • Yini engasisiza sizibheke ngendlela uJehova asibheka ngayo?

INGOMA 139 Zibone Lapho Konke Sekukusha

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Kubonakala sengathi uMariya Magdalena wayephakathi kwabesifazane ababehamba noJesu lapho eyoshumayela. Laba besifazane babesebenzisa imali yabo ukuze banakekele izidingo zikaJesu nezabaphostoli.—Math. 27:​55, 56; Luka 8:​1-3.

c Ngokwesibonelo, bheka isahluko 24 encwadini ethi Sondela KuJehova, ufunde nemiBhalo esikiselwe nezindaba eziseBhayibhelini ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuzibona Ungento Yalutho” encwadini ethi ImiBhalo Ewusizo Ekuphileni KwamaKristu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela