Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Novemba kk. 8-9
  • Kufanele Yini Ngiyeke Ukushayela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Yini Ngiyeke Ukushayela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • HLOLA INDLELA OSHAYELA NGAYO
  • QONDISWA YIZIMISO ZEBHAYIBHELI
  • Hlakulela Imikhuba Yokushayela Ngokuphepha
    I-Phaphama!—1988
  • Ingabe Uphephile Ezingozini Zezimoto?
    I-Phaphama!—2002
  • Ingabe Ngikulungele Ukushayela?
    I-Phaphama!—1989
  • Ingabe Ushayela Ngokuphepha?
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Novemba kk. 8-9
Umzalwane osekhulile uhleli ngasefasiteleni ubuka imoto yakhe. Uphethe izikhiye zemoto yakhe njengoba ethule ecabanga.

Kufanele Yini Ngiyeke Ukushayela?

SEKUPHELE amashumi eminyaka ushayela. Ujabulela inkululeko yokuba nemoto yakho nokuya nomaphi lapho ufuna ukuya khona. Kodwa umndeni wakho nabangani bakho bakhathazekile futhi bafuna ucabangisise ngesinqumo sakho sokuqhubeka ushayela. Awuqondi ukuthi kungani bekhathazekile.

Ingabe ubhekene nesimo esifanayo? Uma kunjalo, yini engakusiza ukuba unqume ukuthi kufanele yini uqhubeke ushayela?

Kwamanye amazwe, abashayeli asebedlule eminyakeni ethile abafuna ukuvuselela izincwadi zabo zokushayela, kumele bahlolwe udokotela noma bathole imvume yakhe. AmaKristu ahlala kulawo mazwe ayayihlonipha leyo mthetho nezinqumo zalabo abagunyazwe uhulumeni. (Roma 13:1) Kodwa kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, kunezindlela ongakwazi ukubona ngazo ukuthi usakwazi yini ukushayela ngokuphepha.

HLOLA INDLELA OSHAYELA NGAYO

Njengoba iwebusayithi i-National Institute on Aging (NIA) yase-United States isikisela, ungaqala ngokuzibuza le mibuzo elandelayo:

  • Ingabe ngikuthola kunzima ukufunda izimpawu zomgwaqo noma ukubona ebusuku?

  • Ingabe sengikuthola kunzima ukwenza izinto ngokushesha, okwenza kube nzima ukuba ngijikise ikhanda ukuze ngihlole izibuko zami nezindawo ezingabonakali ezibukweni?

  • Ingabe ngikuthola kunzima ukuthatha isinyathelo ngokushesha, njengokususa unyawo lwami kuyi-accelerator ngilubeke emabhulekini?

  • Ingabe ngiyatotoba lapho ngishayela ngize ngiphazamise ezinye izimoto?

  • Ingabe sengike ngacishe ngenza ingozi izikhathi eziningana noma ingabe imoto yami ipoqokile futhi inemihuzuko ngenxa yokuthi ngishayisa izinto ezimile?

  • Ingabe sengike ngamiswa yiphoyisa ngenxa yendlela engishayela ngayo?

  • Ingabe ngake ngazumeka ngishayela?

  • Ingabe ngiphuza imithi engase iphazamise indlela engishayela ngayo?

  • Ingabe umndeni wami noma abangani bami bake bangitshela yini ukuthi bakhathazekile ngendlela engishayela ngayo?

Uma uphendule ngoyebo kowodwa noma kwemibili yale mibuzo, kungenzeka yisikhathi sokuba ucabange ngokwenza ushintsho oluthile. Ngokwesibonelo, ungase unciphise izikhathi oshayela ngazo ikakhulukazi ebusuku. Yihlole njalo indlela oshayela ngayo. Ungacela ilungu lomndeni noma umngani ukuba akutshele ukuthi ucabangani ngendlela oshayela ngayo. Ungase ucabangele nokuphinde ufunde ukushayela ngokuphepha. Kodwa uma uphendule ngoyebo kweminingana yemibuzo engenhla, kungase kube yisikhathi esikahle kakhulu lesi sokuba uyeke ukushayela.a

QONDISWA YIZIMISO ZEBHAYIBHELI

Kungase kube nzima ukubona ukuthi asisashayeli kahle njengasekuqaleni. Indaba yokunquma ukuthi kufanele yini siyeke ukushayela noma cha ingaba nzima kakhulu. Ngakho, yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza ukuba usibone ngokucacile isimo sakho bese wenza isinqumo esihlakaniphile? Cabanga ngalezi ezimbili.

Hlale unesizotha. (IzAga 11:2) Njengoba sikhula amehlo ethu awabe esabona kahle, izindlebe zethu azibe zisezwa kahle, imisipha yethu iba buthaka futhi asibe sisasabela ngokushesha lapho kwenzeka okuthile. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bayayeka ukudlala imidlalo ethile njengoba bekhula ngoba bayaqaphela ukuthi njengoba bekhula kulula ngabo ukuba balimale. Kwenzeka okufanayo nasendabeni yokushayela. Ngesizotha umuntu angase anqume ukuyeka ukushayela ngoba ecabangela ukuphepha kwakhe. (IzAga 22:3) Umuntu onesizotha uyolalela lapho abanye beveza ukukhathazeka kwabo ngaye.—Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 21:15-17.

Gwema icala legazi. (Dut. 22:8) Imoto ingaba yisikhali esiyingozi uma ingashayelwa ngokuphepha. Umuntu oqhubeka eshayela ngisho noma engasakwazi ukushayela kahle angafaka ukuphila kwakhe nokwabanye engozini. Uma engenza ingozi engabangela ukuba kufe othile, angaba necala legazi.

Uma ubhekene nesinqumo esinzima sokuthi uyeke yini ukushayela, gwema ukucabanga ukuthi ungase ulahlekelwe isithunzi sakho noma ukuthi abanye ngeke besakuhlonipha. UJehova ukuthanda ngenxa yezimfanelo zakho ezinhle ezihlanganisa isizotha, ukuthobeka nokukhathalela ukuphepha kwabanye. Uthembisa ukukusekela nokukududuza. (Isaya 46:4) Akasoze akulahle. Ngakho, mcele akusize usebenzise ukuhlakanipha nezimiso zeBhayibheli njengoba unquma ukuthi kufanele yini uyeke ukushayela.

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

Ngokuvamile, amalungu omndeni yiwona asesimweni esikahle sokukhuluma nezihlobo zawo esezikhulile ngendlela ezishayela ngayo. Noma mhlawumbe ake sithi ungumngani walowo mshayeli futhi uzwa abanye bethi bakhathazekile ngendlela ashayela ngayo. Ungakuthathi kalula lokho abakushoyo. Ungacela ngisho nokuhamba naye lapho eshayela. Uma kunesidingo khuluma naye ngendlela ashayela ngayo. Lapho ukhuluma naye zifake ezicathulweni zakhe. Yiba nomusa kodwa ube neqiniso. Ungakhathazeki kakhulu ngeminyaka yakhe—wena into ozokhuluma ngayo yindlela ashayela ngayo. Yisho amazwi anjengokuthi “Ngikhathazekile ngokuphepha kwakho lapho ushayela” kunokuba uthi “Awusashayeli ngendlela ephephile.” Mqinisekise ukuthi uyazi ukuthi uyazithanda izimiso zeBhayibheli okukhulunywe ngazo kulesi sihloko.

Sonke singakwazi ukubonisa uzwela lapho umuntu osekhulile kudingeka ayeke ukushayela. Angase abe nomuzwa wokuthi akasenayo inkululeko yokuya nomaphi futhi akasakwazi ukuzenzela izinto. Yini ongayenza ukuze umsize? Msekele futhi umsize ngezindlela ezingokoqobo. (IzAga 17:17) Ungalindi kuze kube nguye ocela ukuba umhambise ngemoto, njengoba engase azizwe sengathi uwumthwalo. Mhlawumbe ungamcela ukuba nenze uhlelo lokumhambisa ezindaweni ezibalulekile njengasemihlanganweni yebandla, enkonzweni yasensimini, ukuyothenga nakodokotela noma konesi. Mqinisekise ukuthi uyafuna ukumhambisa nokuchitha isikhathi naye.—Roma 1:​11, 12.

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Ingabe Uphephile Ezingozini Zezimoto?” kuyi-Phaphama! ka-Septhemba 8, 2002.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela