ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 44
INGOMA 138 Ubuhle Ebumpungeni
Qhubeka Ujabule Ngisho Noma Sewugugile
‘Bayochuma . . . sebegugile.’—IHU. 92:14.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngokuthi kungani kubalulekile ukuba asebekhulile bahlale bejabule nangokuthi bangakwenza kanjani lokho.
1-2. UJehova ubabheka kanjani asebekhulile ngeminyaka abathembekile? (IHubo 92:12-14; bheka esisekhasini 1.)
EMHLABENI wonke abantu bazizwa ngezindlela ezingafani ngokukhula. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokhu: Uyakhumbula yini ngesikhathi uqala ukubona unwele olumpunga ekhanda lakho? Kungenzeka walingeka ukuba ulususe lungakabonwa muntu. Kodwa waqaphela ukuthi ukususa izinwele ezimpunga kwakungeke kuzivimbe ezinye ukuba zimile. Lesi sibonelo sibonisa indlela abantu abaningi abenza ngayo konke abangakwenza ukuze bagweme ukubukeka begugile.
2 Nokho, uBaba wethu osezulwini uzibheka ngendlela ehlukile izinceku zakhe esezikhulile ngeminyaka. (IzAga 16:31) Uzifanisa nezihlahla ezinhle. (Funda iHubo 92:12-14.) Kungani esho kanjalo? Izihlahla ezinamahlamvu amaningi nezimbali ezinuka kamnandi ngokuvamile zisuke sezibe khona amashumi eminyaka. Esinye sezihlahla ezinhle kakhulu i-Japanese Flowering Cherry. Ezinye izihlahla ezinhle kakhulu sekuphele iminyaka engaphezu kweyinkulungwane zikhona. Njengalezi zihlahla esezibe khona isikhathi eside, izinceku zikaJehova ezithembekile esezikhulile ngeminyaka zinhle, ikakhulukazi kuNkulunkulu. UJehova ubona ngale kwezinwele ezimpunga. Uyajabula kakhulu ngezimfanelo ezinhle zalabo asebekhulile—ukukhuthazela kwabo nokuba qotho kwabo—nangeminyaka eminingi asebeyichithe bemkhonza ngokwethembeka.
Njengezihlahla esezibe khona isikhathi eside, ezinhle nezilokhu ziqhubeka ziba zinhle, asebekhulile abathembekile bahle futhi bayaqhubeka beba bahle nakakhulu (Bheka isigaba 2)
3. UJehova ubasebenzisa kanjani asebekhulile ukuze bafeze injongo yakhe? Nikeza isibonelo.
3 Umuntu okhulile ngeminyaka uyaqhubeka ebalulekile kuJehova.a Empeleni, ngokuvamile uJehova usebenzisa asebekhulile ukuze afeze injongo yakhe. Ngokwesibonelo, uSara wayesekhulile ngeminyaka ngesikhathi uJehova emtshela ukuthi wayezoba umama wesizwe esikhulu nokhokhokazi kaMesiya. (Gen. 17:15-19) UMose wayesekhulile ngeminyaka ngesikhathi uJehova emthuma ukuba ahole ama-Israyeli awakhiphe eGibhithe. (Eks. 7:6, 7) Umphostoli uJohane wayesegugile ngesikhathi uJehova emphefumulela ukuba abhale izincwadi ezinhlanu zeBhayibheli.
4. NgokwezAga 15:15, yini engasiza asebekhulile ukuba bakhuthazelele izinselele ababhekene nazo? (Bheka nesithombe.)
4 Asebekhulile babhekana nezinselele eziningi ezibangelwa ukukhula ngeminyaka. Omunye udade encokola wathi, “Ukukhula ngeminyaka akuwona umdlalo.” Kodwa ukuba abantu abajabulayob kungasiza asebekhulile ukuba bakhuthazelele uvivinyo olubangelwa ukukhula ngeminyaka. (Funda izAga 15:15.) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto asebekhulile abangazenza ukuze bahlale bejabule. Sizoxoxa nangokuthi abanye bangabasiza kanjani abafowethu nodadewethu asebekhulile abasemabandleni abakuwo. Okokuqala, ake sixoxe ngokuthi kungani kungaba yinselele ukuhlale sijabule njengoba sikhula ngeminyaka.
Ukuba abantu abajabulayo kungasiza asebekhulile ukuba bakhuthazelele izinkinga ezibangelwa ukukhula ngeminyaka (Bheka isigaba 4)
INDLELA UKUKHULA OKUNGAYITHINTA NGAYO INJABULO YAKHO
5. Yini engase idikibalise abanye asebekhulile?
5 Yini engakwenza udikibale? Mhlawumbe udikibaliswa ukuthi awusakwazi ukwenza lokho owawukwazi ukukwenza ekuqaleni. Ungase ukhumbule isikhathi lapho wawusemusha khona futhi unempilo enhle. (UmSh. 7:10) Ngokwesibonelo, udade okuthiwa uRuby uthi: “Kunzima ukuzigqokisa ngenxa yezinhlungu nokubopheka komzimba. Kunzima ukwenza into elula enjengokuphakamisa izinyawo ngifake amasokisi. Izandla zami zindikindiki, ngihlushwa nayisifo samathambo, okwenza kube nzima ngisho nokwenza izinto ezincane.” UHarold, owayekhonza eBethel, uthi: “Angiseyena lo muntu enganginguye futhi lokho kuyangicasula ngezinye izikhathi. Ngangikuthanda ukudlala imidlalo. Umdlalo engangiwuthanda kakhulu kwakuyi-baseball. Abanye babethi ‘Linike uHarold ibhola ngoba akageji.’ Kodwa manje angiboni ukuthi ngisengakwazi ngisho nokuphonsa ibhola.”
6. (a) Yiziphi ezinye izinto ezingadikibalisa abanye asebekhulile? (b) Yini engasiza asebekhulile ukuba banqume ukuthi kufanele yini bayeke ukushayela imoto noma cha? (Bheka isihloko esikulo magazini esithi “Kufanele Yini Ngiyeke Ukushayela?”)
6 Ungase udikibale ngenxa yokuthi awusakwazi ukuzenzela ezinye izinto. Lokho kuyiqiniso ikakhulukazi uma usudinga umuntu ozokunakekela noma kudingeka uyohlala nenye yezingane zakho. Noma mhlawumbe udumele kakhulu ngenxa yokuthi impilo yakho iyawohloka, noma awusakwazi ukubona kahle kangangokuba awusakwazi ukuhamba wedwa noma ukushayela imoto. Lokho kungakwenza udabuke kakhulu! Kodwa kungasiza ukukhumbula ukuthi ukubaluleka kwethu kuJehova nakwabanye akuncikile ekutheni siyakwazi yini ukuzinakekela, ukuhlala sodwa noma ukushayela imoto. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyayiqonda indlela esizizwa ngayo. Okubalulekile kuye umuntu esinguye ngaphakathi—umuntu omthanda kakhulu uJehova nakholwa nabo, nobongayo.—1 Sam. 16:7.
7. Yini engasiza labo okubaphatha kabi ukuthi kungenzeka ukuphela kwaleli zwe kufike bengasekho?
7 Mhlawumbe kukuphatha kabi ukuthi kungenzeka ukuphela kwaleli zwe kufike ungasekho. Uma uzizwa ngaleyo ndlela, yini engakusiza? Zama ukukhumbula ukuthi uJehova ukulinde ngesineke ukuqeda leli zwe elibi. (Isaya 30:18) Kodwa isineke sakhe sinenjongo. Isineke sakhe sinikeza izigidi zabantu isikhathi nethuba lokumazi nokumkhonza. (2 Pet. 3:9) Ngakho lapho uzizwa udikibele, zama ukucabanga ukuthi baningi kangakanani abantu abazozuza ngokuba nesineke kukaJehova ngaphambi kokuba kufike ukuphela. Kungenzeka yini abanye balabo bantu kube amalungu omndeni wakho?
8. Izinselele zokukhula ngeminyaka zingabathinta kanjani asebekhulile?
8 Kungakhathaliseki ukuthi sineminyaka emingaki, lapho singazizwa kahle, maningi amathuba okuba sisho noma senze izinto esizisolayo ngazo. (UmSh. 7:7; Jak. 3:2) Ngokwesibonelo, lapho indoda ethembekile uJobe ibhekene nobunzima, yakhuluma amazwi ‘angasho lutho.’ (Jobe 6:1-3) Ngaphezu kwalokho, isifo esithile singenza asebekhulile benze noma basho izinto ebebengeke bazisho ukube bebengenaso leso sifo. Yiqiniso ukuthi akekho phakathi kwethu ongavele ngamabomu asebenzise iminyaka noma isimo sempilo yakhe njengezaba zokusho into engabonisi umusa noma zokufuna izinto ngenkani. Uma siqaphela ukuthi siye sasho into engabonisi uthando kothile, akufanele sinqikaze ukuxolisa.—Math. 5:23, 24.
ONGAKWENZA UKUZE UHLALE UJABULE
Ungahlala kanjani ujabule naphezu kwezinselele zokukhula ngeminyaka? (Bheka izigaba 9-13)
9. Kungani kufanele ulwamukele usizo lwabanye? (Bheka nezithombe.)
9 Lwamukele usizo lwabanye. (Gal. 6:2) Ekuqaleni, ungase ukuthole kunzima ukwenza kanjalo. Udade okuthiwa uGretl, uthi: “Ngezinye izikhathi ngikuthola kunzima ukwamukela usizo ngoba ngiba nomuzwa wokuthi ngiwumthwalo. Kungithathe isikhathi ukushintsha indlela engicabanga ngayo nokuzithoba ngamukele ukuthi ngiyaludinga usizo.” Lapho wamukela usizo lwabanye, ubanika ithuba lokuba bezwe injabulo etholakala ngokupha. (IzE. 20:35) Akungabazeki ukuthi uyokujabulela nokubona indlela abanye abakuthanda ngayo nabakukhathalela ngayo.
(Bheka isigaba 9)
10. Kungani kufanele ukhumbule ukubonisa ukuthi uyabonga? (Bheka nezithombe.)
10 Bonisa ukuthi uyabonga. (Kol. 3:15; 1 Thes. 5:18) Lapho abanye besenzela izinto ezinhle siyakwazisa lokho abasenzela kona, kodwa singase sikhohlwe ukubonisa ukuthi siyabonga. Kodwa uma simamatheka bese sithi siyabonga, senza abangani bethu bezwe ukuthi siyababonga futhi babalulekile kithi. ULeah, onakekela asebekhulile eBethel, uthi: “Omunye wodade engibanakekelayo ungibhalela imiyalezo emifushane yokubonga. Akuyona imiyalezo emide, kodwa imnandi kakhulu. Ngikujabulela ngempela ukuthola leyo miyalezo, kuyangijabulisa nokwazi ukuthi uyalwazisa usizo lwami.”
(Bheka isigaba 10)
11. Ungabasiza kanjani abanye? (Bheka nezithombe.)
11 Zama ukusiza abanye. Lapho ugxila ekusebenziseni isikhathi sakho namandla akho ekusizeni abanye, cishe siyoba sincane isikhathi sokucabanga ngezinkinga zakho. Isaga sase-Afrika sifanisa asebekhulile nomtapo wezincwadi ogcwele izincwadi ezinokuhlakanipha okuningi. Kodwa izincwadi ezingafundwa ezigcinwa zisemashalofini azisifundisi noma zisixoxele izindaba. Ngakho, njengoba ufana “nomtapo wezincwadi,” thatha isinyathelo sokucobelela abasebasha ngolwazi onalo, ubaxoxele nangezinto odlule kuzo. Babuze imibuzo bese uyabalalela. Bafundise ukuthi kungani ukuphila ngemithetho kaJehova kuhlale kuyindlela engcono nokuthi kungani kuyobenza bajabule. Akungabazeki ukuthi uyojabula lapho ududuza futhi uqinisa abangani bakho abasebasha.—IHu. 71:18.
(Bheka isigaba 11)
12. Ngokuka-Isaya 46:4, yini uJehova athembisa ukuyenzela asebekhulile? (Bheka nezithombe.)
12 Thandaza kuJehova umcele akuphe amandla. Nakuba ungase uzizwe ukhathele emzimbeni noma ngokomzwelo, uJehova “akakhathali noma aphelelwe amandla.” (Isaya 40:28) UJehova uwasebenzisa kanjani amandla akhe angenamkhawulo? Enye indlela awasebenzisa ngayo ukuqinisa asebekhulile abathembekile. (Isaya 40:29-31) Empeleni, uthembisa ukubasiza. (Funda u-Isaya 46:4.) Uhlale ezigcina izithembiso zakhe. (Josh. 23:14; Isaya 55:10, 11) Lapho uthandaza bese uzwa uthando lukaJehova nendlela akusekela ngayo, uyajabula.
(Bheka isigaba 12)
13. Ngokweyesi-2 Korinte 4:16-18, yini okufanele siyikhumbule? (Bheka nezithombe.)
13 Zikhumbuze ukuthi isimo obhekene naso singesesikhashana. Lapho sikhumbula ukuthi isimo esinzima esibhekene naso singesesikhashana, singasikhuthazelela kangcono. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ukuguga nokugula kuzophela. (Jobe 33:25; Isaya 33:24) Ngakho, ungajabula ngokwazi ukuthi esikhathini esizayo uyothola ukuphila okungcono kakhulu kunokwangesikhathi esidlule. (Funda eyesi-2 Korinte 4:16-18.) Kodwa yini abanye abangayenza ukuze basize?
(Bheka isigaba 13)
INDLELA ABANYE ABANGASIZA NGAYO
14. Kungani kubalulekile ukuvakashela nokufonela asebekhulile?
14 Bavakashele futhi ubafonele njalo abafowethu nodadewethu asebekhulile. (Heb. 13:16) Asebekhulile bangase bazizwe belahliwe. Umzalwane okuthiwa uCamille ovaleleke endlini ngenxa yokugula, uthi: “Kumele ngihlale endlini kusukela ekuseni kuze kuyolalwa. Ngakho ngiyabhoreka kakhulu. Ngezinye izikhathi, ngizizwa njengebhubesi elidala elisekhejini. Ngiyethuka futhi ngicasuke.” Lapho sivakashela asebekhulile, sibaqinisekisa ngokuthi babalulekile kithi futhi siyabathanda. Cishe sonke siyasikhumbula isikhathi lapho sasifuna ukufonela noma ukuvakashela osekhulile osebandleni lethu kodwa sangakwenza lokho. Sonke simatasa. Ngakho, yini engasisiza ukuba ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu,’ okuhlanganisa ukuvakashela asebekhulile? (Fil. 1:10) Ungase ukuthole kuwusizo ukubhala okuthile ekhalendeni lakho okuzokukhumbuza ukubathumelela umyalezo noma ukubafonela asebekhulile abasebandleni lakho. Ungahlela nesikhathi ozobavakashela ngaso, kungabi yinto ozoyenza uma kuvela ithuba.
15. Yini abasebasha nasebekhulile abangayenza ndawonye?
15 Uma usemusha ungase uzibuze ukuthi yini ongayixoxa noma ongayenza nabantu asebekhulile. Kodwa zama ukungakhathazeki kakhulu ngalokho. Yiba umngani okahle. (IzAga 17:17) Xoxa nasebekhulile ngaphambi noma ngemva kwemihlangano yebandla. Mhlawumbe ungabacela bakuxoxele ngevesi leBhayibheli abalithandayo noma ngento ehlekisayo eyenzeka ngesikhathi beseyizingane. Ungabacela nokuba babukele nawe uhlelo lwe-JW Broadcasting®. Ungakwazi nokubasiza ngezindlela ezingokoqobo. Ngokwesibonelo, ungabasiza ukuba bagcine amafoni abo noma amathebhulethi abo esebenza kahle, noma ubadawunilodele izincwadi zethu zamuva. Udade okuthiwa uCarol, uthi: “Cela ukwenza izinto ojabulela ukuzenza nasebekhulile. Nakuba sengikhulile, ngisafuna ukwenza izinto ezijabulisayo. Ngiyathanda ukuyothenga ezitolo, ukudla ezitolo zokudla nokuhamba ngiyobona izinto ezinhle uJehova azidalile.” Udade okuthiwa uMaira, uthi: “Omunye wabangani bami uneminyaka engu-90. Ungishiya ngeminyaka engu-57. Kodwa, ngivame ukukukhohlwa lokho ngoba sihleka ndawonye sibukele amamuvi ndawonye. Lapho sibhekene nezinkinga siyelulekana.”
16. Kungani kungaba wusizo ukuhamba nasebekhulile lapho beya kudokotela?
16 Hamba nabo lapho beya kudokotela. Ngaphandle kokusiza asebekhulile ngento yokuhamba, ungakwazi ukuqinisekisa ukuthi odokotela noma onesi babaphatha kahle futhi babanika usizo abaludingayo. (Isaya 1:17) Ungakwazi ukusiza osekhulile ngokuthi umbhalele phansi lokho okushiwo udokotela. Udade osekhulile okuthiwa uRuth, uthi: “Ngokuvamile, lapho ngihamba ngedwa ukuyobona udokotela, akakukholwa lokho engimtshela kona. Odokotela bangase basho izinto ezinjengokuthi, ‘Awuguli; lento oyishoyo isengqondweni yakho.’ Kodwa lapho ngihamba nothile kuba nomehluko omkhulu endleleni udokotela angiphatha ngayo. Ngiyababonga abafowethu nodadewethu abasebenzisa isikhathi sabo ukuze bahambe nami.”
17. Yiziphi izinhlobo zokushumayela ongazijabulela nasebekhulile?
17 Shumayela nabo. Abanye asebekhulile bangase bangabi nawo amandla okushumayela endlini ngendlu. Ngokwesibonelo, ungamcela yini udade osekhulile ukuba ashumayele nawe enqoleni? Ungamphathela ngisho nesihlalo ukuze ahlale eduze kwenqola. Noma ungacela ukuyoqhuba isifundo seBhayibheli nomzalwane osekhulile, mhlawumbe nisiqhubele kwakhe? Abadala bangacabangela ukuhlela imihlangano yenkonzo yasensimini emzini yasebekhulile ukuze nabo bahlanganyele kalula kuyo. UJehova uyajabula nganoma yini esiyenzela ukudumisa asebekhulile.—IzAga 3:27; Roma 12:10.
18. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
18 Sikhunjuzwe ukuthi uJehova uyabathanda asebekhulile futhi babalulekile kuye. Uzizwa kanjalo nangathi sonke ebandleni! Kunzima ukuguga, kodwa ngosizo lukaJehova ungakwazi ukuhlale ujabule. (IHu. 37:25) Kukhuthaza ngempela ukwazi ukuthi esikhathini esizayo uyothola ukuphila okungcono kakhulu kunokwangesikhathi esidlule! Kuthiwani ngabanye bethu abanakekela ilungu lomndeni eselikhulile, ingane noma umngani ogulayo? Yini ongayenza ukuze uhlale ujabule? Sizoxoxa ngempendulo yalowo mbuzo esihlokweni esilandelayo.
INGOMA 30 UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane
a Bukela ividiyo ethi Nina Esenikhulile—Ninendima Ebalulekile ku-jw.org naku-JW Library®.