Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Okthoba kk. 24-29
  • Ungakukhohlwa Ukuthandazela Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakukhohlwa Ukuthandazela Abanye
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUNGANI KUFANELE SITHANDAZELE ABANYE?
  • BAYAKUDINGA UKUBA SIBATHANDAZELE
  • LAPHO SITHANDAZELA ABANTU NGABANYE
  • UKUBA NOMBONO OFANELE NGEMITHANDAZO YETHU
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Thandazelanani
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indlela Ongathuthukisa Ngayo Imithandazo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Okthoba kk. 24-29

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 43

INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami

Ungakukhohlwa Ukuthandazela Abanye

“ Nithandazelane . . . Ukunxusa komuntu olungile kunamandla amakhulu.”—JAK. 5:16.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizoxoxa ngokuthi kungani kubalulekile ukuthandazela abanye nangamacebiso okuthi singakwenza kanjani lokho.

1. Sazi kanjani ukuthi imithandazo yethu ibalulekile kuJehova?

UMTHANDAZO uyilungiselelo elimangalisayo. Cabanga ngalokhu: UJehova wabele izingelosi imisebenzi ethile. (IHu. 91:11) Unikeze neNdodana yakhe imisebenzi ebaluleke kakhulu. (Math. 28:18) Kodwa, kuthiwani ngokulalela imithandazo yethu? Lokho yinto uJehova akhethe ukuzenzela yona ngokwakhe. UJehova “olalela imithandazo,” nguye osilalelayo lapho sithandaza.—IHu. 65:2.

2. Yisiphi isibonelo esihle umphostoli uPawulu asibekela sona mayelana nokuthandazela abanye?

2 Nakuba singathandaza ngokukhululekile kuJehova ngezinto ezisikhathazayo, kufanele sithandazele nabanye. Yilokho umphostoli uPawulu akwenza. Ngokwesibonelo, wabhalela ibandla lase-Efesu: “Ngiyaqhubeka nginibeka emithandazweni yami.” (Efe. 1:16) UPawulu wabathandazela nabantu ngabanye. Ngokwesibonelo, wathi kuThimothewu: “Ngiyambonga uNkulunkulu, . . . angikukhohlwa ekunxuseni kwami ubusuku nemini.” (2 Thim. 1:3) UPawulu wayenezinto ezimkhathazayo eziqondene naye okwakudingeka athandaze ngazo. (2 Kor. 11:23; 12:​7, 8) Noma kunjalo, wazinika isikhathi sokuthandazela abanye.

3. Yini engasenza sikhohlwe ukuthandazela abanye?

3 Ngezinye izikhathi singase sikukhohlwe ukuthandazela abanye. Kungani? Udade okuthiwa uSabrinaa usitshela esinye isizathu salokho. Uthi: “Ukuphila kuleli zwe kumatasa kakhulu. Izinkinga zethu zingasiphazamisa kangangokuba sigcine sesithandazela izidingo zethu kuphela.” Kwake kwenzeka yini lokho kuwe? Uma kwake kwenzeka, lesi sihloko singakusiza. Sizokuchazela (1) ukuthi kungani kubalulekile ukuthandazela abanye (2) sikunike namacebiso okuthi ungakwenza kanjani lokho.

KUNGANI KUFANELE SITHANDAZELE ABANYE?

4-5. Imithandazo esiyenzela abanye ingaba kanjani “namandla amakhulu”? (Jakobe 5:16)

4 Ukuthandazela abanye “kunamandla amakhulu.” (Funda uJakobe 5:16.) Ukuthandazela abanye kungakushintsha ngempela yini lokho okuzokwenzeka ngesimo ababhekene naso? Yebo, kungakushintsha. UJesu, owayazi ukuthi umphostoli uPetru wayezomphika ngokushesha, wathi: “Ngikunxusele ukuba ukholo lwakho lungapheli.” (Luka 22:32) UPawulu naye wayazi ukuthi umthandazo ungasiza ekushintsheni isimo somuntu. Ngesikhathi eboshwe eRoma ngokungemthetho, wabhalela uFilemoni wathi: “Ngithemba ukuthi ngemithandazo yenu ngizobuyiselwa kini.” (Filem. 22) Yilokho kanye okwenzeka, ngokushesha uPawulu wakhululwa wakwazi ukuqhubeka nokushumayela.

5 Yiqiniso ukuthi lokho akusho ukuthi ngemithandazo yethu singaphoqelela uJehova ukuba enze lokho esikuthandazelayo. Uyazibona izinto ezikhathaza izinceku zakhe futhi ngezinye izikhathi ukhetha ukukwenza lokho ezikucelayo. Ukwazi lokho kusisiza ukuba sithandaze kuJehova ngokusuka enhliziyweni ngesimo esisithandazelayo bese ngokuqiniseka sishiyele leyo ndaba ezandleni zakhe.—IHu. 37:5; bheka eyesi-2 Korinte 1:11.

6. Ukuthandazela abanye kungayithinta kanjani indlela esizizwa ngayo ngabo? (1 Petru 3:8)

6 Ukuthandazela abanye kusisiza sibe “nobubele.” (Funda eyoku-1 Petru 3:8.) Umuntu onobubele uyabubona ubuhlungu bomunye umuntu futhi uba nesifiso sokumsiza. (Marku 1:​40, 41) Umdala okuthiwa uMichael, uthi: “Lapho ngithandazela izidingo zabanye, ngibuqaphela nakakhulu ubunzima ababhekene nabo futhi lokho kwenza ngibathande ngisho nakakhulu. Ngizizwa ngisondelene nakakhulu nabo, ngisho noma bengase bangakuqapheli lokho.” Umdala okuthiwa uRichard, uchaza enye inzuzo yokuthandazela abanye. Uthi: “Lapho sithandazela othile, sikhuthazeka nakakhulu ukuba senze okuthile ukuze simsize.” Uyenezela: “Lapho simsiza ngokoqobo umuntu esimthandazelayo, kunjengokungathi siyasiza ekuphenduleni umthandazo wethu ngaye.”

7. Ukuthandazela abanye kungasisiza kanjani ukuba sibe nombono ofanele ngezinkinga zethu? (Filipi 2:​3, 4) (Bheka nezithombe.)

7 Ukuthandazela abanye kusisiza sibe nombono ofanele ngezinkinga zethu. (Funda eyabaseFilipi 2:​3, 4.) Ngamunye wethu ubhekene nobunzima obuthile obubangelwa ukuphila ezweni elilawulwa uDeveli. (1 Joh. 5:19; IsAm. 12:12) Lapho sibathandazela njalo abanye, lokho kusenza sikhumbule ukuthi “izinhlupheko ezifanayo zehlela yonke inhlangano yabazalwane [bethu] emhlabeni.” (1 Pet. 5:9) Iphayona okuthiwa uKatherine, lithi: “Ukuthandazela abanye kungikhumbuza ukuthi nabanye babhekene nezinkinga ezifanayo. Lelo qiniso lingenza ngingagxili ngokweqile ezinkingeni zami.”

Esikubona ezithombeni: Abafowethu nodadewethu ababhekene nezinkinga bathandazela abanye. 1. Intombazanyana ihlezi embhedeni wayo iyathandaza; isithombe esiphakathi somndeni osesikebheni, oshiya umuzi wawo ogcwele amanzi ngenxa yezikhukhula. 2. Umndeni obusesikebheni esithombeni esidlule uthandaza ndawonye; isithombe esiphakathi somzalwane osejele. 3. Umzalwane oboshiwe esithombeni esidlule uyathandaza njengoba esejele; isithombe esiphakathi sikadade osekhulile olele ombhedeni wasesibhedlela. 4. Udade osekhulile obesesibhedlela esithombeni esidlule uyathandaza; isithombe esiphakathi sentombazanyana ebisesithombeni sokuqala, ihlezi yodwa ekilasini njengoba abanye begubha usuku lokuzalwa.

Ukuthandazela abanye kusisiza sibe nombono ofanele ngezinkinga zethu (Bheka isigaba 7)d


BAYAKUDINGA UKUBA SIBATHANDAZELE

8. Nikeza izibonelo zalabo esingabathandazela.

8 Obani esingabathandazela? Singathandazela amaqembu abantu, njengalabo abagulayo, abasebasha abenziwa inhlekisa nabacindezelwa ontanga yabo esikoleni, noma labo ababhekene nezinkinga zokukhula. Abaningi esikholwa nabo bakhuthazelela ukuphikiswa, kungaba ukuphikiswa amalungu omndeni noma ohulumeni. (Math. 10:​18, 36; IzE. 12:5) Abanye babafowethu kudingeke ukuba bashiye imizi yabo ngenxa yodlame lwezepolitiki. Abanye bayizisulu zezinhlekelele zemvelo. Kungenzeka asibazi labo bafowethu nodadewethu. Kodwa lapho sibathandazela, sibonisa ukuthi siyawulalela umyalo kaJesu wokuba ‘sithandane.’—Joh. 13:34.

9. Kungani kufanele sibathandazele labo abaholayo enhlanganweni kaJehova kanye namakhosikazi abo?

9 Singabathandazela nalabo abaholayo enhlanganweni kaJehova. Labo bantu bahlanganisa iNdikimba Ebusayo nabasizi bayo, amaKomiti Egatsha, abazalwane abaholayo emahhovisi amagatsha, ababonisi bezigodi, abadala bebandla nezinceku ezikhonzayo. Abaningi balaba bazalwane banezinto ezibakhathazayo eziqondene nabo njengoba besebenza kanzima ukuze basisize. (2 Kor. 12:15) Ngokwesibonelo, umbonisi wesigodi okuthiwa uMark, uthi: “Enye yezinto ezingikhathaza kakhulu ukuthi ngihlala kude nabazali bami asebekhulile. Bobabili banezinkinga zempilo. Nakuba udadewethu nosibali bebanakekela kahle, kungizwisa ubuhlungu ukuthi mina kuncane engingabenzela kona.” Kungakhathaliseki ukuthi siyazazi noma asizazi izinto ezikhathaza laba bafowethu abasebenza ngokuzikhandla, senza kahle ngokubathandazela. (1 Thes. 5:​12, 13) Singawathandazela namakhosikazi abo, njengoba ukubasekela ngobuqotho abayeni babo kubasiza ukuba baqhubeke nezabelo zabo.

10-11. Ingabe imithandazo efaka bonke abafowethu nodadewethu iyamjabulisa uJehova? Chaza.

10 Njengoba sixoxile, sivame ukuthandazela amaqembu abafowethu nodadewethu. Ngokwesibonelo, ngisho nalapho sisuke singacabangi ngomuntu othile ngokukhethekile, singacela uJehova ukuba asize labo ababoshiwe noma aduduze labo abashonelwe abantu ababathandayo. Umdala okuthiwa uDonald uthi, “Kunabafowethu nodadewethu abaningi ababhekene nobunzima kangangokuba ngezinye izikhathi sivele senze umthandazo ‘obafaka bonke’ labo bafowethu nodadewethu ukuze sibathandazele bonke labo ababhekene nobunzima.”

11 Ingabe imithandazo enjalo iyamjabulisa uJehova? Impela iyamjabulisa! Phela, asizazi zonke izidingo zabo bonke abafowethu nodadewethu esikholwa nabo. Ngakho kuyafaneleka ukuthandazela amaqembu abafowethu nodadewethu. (Joh. 17:20; Efe. 6:18) Le mithandazo ifakazela ukuthi ‘sibathanda bonke esikholwa nabo.’—1 Pet. 2:17.

LAPHO SITHANDAZELA ABANTU NGABANYE

12. Ukuba abantu abanakayo kungasisiza kanjani sizisho ngokuqondile izinto esizithandazelayo?

12 Yiba umuntu onakayo. Ngaphandle kokuthandazela amaqembu abafowethu nodadewethu, kuyafaneleka ukuthandazela abantu ngabanye sibabize ngamagama. Ukhona yini ebandleni okulo ohlushwa yisifo esingamahlalakhona? Ukhona yini osemusha omaziyo odangele, mhlawumbe ngenxa yokucindezelwa ontanga esikoleni? Ukhona yini umzali oyikhulisa yedwa ingane yakhe omaziyo ozama kanzima ‘ukuyikhulisa ngokuyiqeqesha nangesiyalo sikaJehova’? (Efe. 6:4) Ngokuba umuntu onakayo, uyoba nozwela futhi ubathande nakakhulu abanye, okuyokwenza ufise nakakhulu ukubathandazela.b—Roma 12:15.

13. Singabathandazela kanjani labo esingabazi?

13 Babize ngamagama abanye lapho ubathandazela. Lokho singakwenza ngisho nangalabo esingakaze sihlangane nabo. Ngokwesibonelo, cabanga ngabafowethu nodadewethu ababoshiwe emazweni anjengeCrimea, i-Eritrea, iRussia neSingapore. Ku-jw.org, ungathola amagama alabo abasemajele.c Umbonisi wesigodi okuthiwa uBrian, uthi: “Ngithole ukuthi ukulibhala phansi igama lomuntu oboshiwe engikholwa naye bese ngilisho ngokuzwakalayo, kungisiza ukuba ngimkhumbule lowo muntu bese ngiyamfaka emithandazweni yami.”

14-15. Yini esingayenza ukuze sizisho ngokuqondile izinto esizicelayo?

14 Zisho ngokuqondile izinto ozicelayo. UMichael, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyasikisela: “Lapho ngifunda izindaba zabafowethu ababoshiwe ku-jw.org, ngiyaye ngizame ukubona ngeso lengqondo ukuthi mina bengiyozizwa kanjani ukube bengibhekene nesimo esifana nesabo. Ngiyazi ukuthi bengiyokhathazeka ngomkami futhi bengiyofuna ukuqikelela ukuthi unazo izinto azidingayo. Ngakho, lokho kungisiza ngazi ukuthi yini engingayisho ngokuqondile lapho ngithandazela abafowethu ababoshiwe abashadile.”—Heb. 13:​3, mbhw.

15 Lapho sicabanga ngokuthi yini abafowethu ababoshiwe ababhekana nayo usuku nosuku, lokho kungasenza sicabange nangezinye izinto esingazithandazela ngokuqondile. Ngokwesibonelo, singathandazela ukuba onogada basejele babe nomusa kubo nokuba labo abasemagunyeni aphakeme bavumele abafowethu ukuba bakhonze uJehova ngokukhululekile. (1 Thim. 2:​1, 2) Singathandazela ukuthi kwangathi ibandla lasendaweni lingakhuthazwa yisibonelo sokwethembeka somzalwane oboshiwe wakulelo bandla, noma ukuthi kwangathi labo abangebona oFakazi bangayibona indlela aziphatha kahle ngayo bese belalela umyalezo wethu. (1 Pet. 2:12) Yiqiniso ukuthi izimiso ezifanayo ziyosisiza lapho sithandazela abafowethu nodadewethu abakhuthazelela olunye uvivinyo. Ngokuba abantu abanakayo, sithandazele abanye ngokubabiza ngamagama nangokuzisho ngokuqondile izinto esizicelayo, singabonisa ukuthi ‘sichichima uthando ngomunye nomunye.’—1 Thes. 3:12.

UKUBA NOMBONO OFANELE NGEMITHANDAZO YETHU

16. Singahlala kanjani sinombono ofanele ngemithandazo yethu? (Mathewu 6:8)

16 Njengoba sibonile, imithandazo yethu ingalwenza ushintsho endleleni izinto ezenzeka ngayo. Noma kunjalo, kudingeka sibe nombono ofanele. Lapho sithandaza akukhona ukuthi sisuke sitshela uJehova ngento angayazi kakade; futhi sisuke singameluleki ukuba asisingathe kanjani isimo kangcono. UJehova uyazi ukuthi yini izinceku zakhe eziyidingayo ngisho nangaphambi kokuba zona noma thina sikwazi lokho. (Funda uMathewu 6:8.) Pho, kungani kufanele sibathandazele abanye? Ngaphandle kwezizathu osekukhulunywe ngazo kulesi sihloko, kuyindlela esibonisa ngayo ukuthi siyabakhathalela abanye. Uthando lusenza sithandazelane. UJehova uyajabula lapho ebona izinceku zakhe zibonisa uthando njengaye.

17-18. Singakufanisa nani ukuthandazela esikholwa nabo?

17 Ngisho noma imithandazo yethu ibonakala ingeke ikushintshe lokho okuzokwenzeka, ibonisa ukuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu futhi uJehova uyakubona lokho. Singakufanisa ngale ndlela: Cabanga ngomndeni onezingane ezincane ezimbili—umfana nentombazane. Umfana ulele embhedeni uyagula. Intombazane incenga ubaba wayo: “Baba ngicela usize ubhuti wami. Ugula ngempela!” Kakade ubaba wenza okuthile ngaleso simo; uyayithanda indodana yakhe futhi uyinakekela kahle. Noma kunjalo, kumjabulisa kakhulu ubaba ukubona ukuthi indodakazi yakhe esencane imkhathalela kakhulu ubhuti wayo kangangokuba imncenga ukuba amsize.

18 Yilokho uJehova asikhuthaza ukuba sikwenze—ukuba sikhathalelane futhi sithandazelane. Njengoba senza kanjalo, imithandazo yethu ibonisa ukuthi asikhathaleli nje thina kuphela kodwa sibakhathalela ngokujulile futhi siyabathanda abanye futhi uJehova uyakubona lokho. (2 Thes. 1:3; Heb. 6:10) Njengoba sixoxile, kwezinye izimo imithandazo yethu ingakushintsha lokho okuzokwenzeka kumuntu. Ngaleyo ndlela, kwangathi singenza konke esingakwenza ukuze singakukhohlwa ukuthandazela abanye.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Imithandazo yethu ingaba “namandla amakhulu” ngamuphi umqondo?

  • Kungani kufanele sithandazele amaqembu abafowethu nodadewethu?

  • Lapho sithandazela abantu ngabanye, yini engasisiza ukuba sizisho ngokuqondile izinto esizithandazelayo?

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Bukela ividiyo ethi UTakeshi Shimizu: UJehova ‘Uyayilalela Imithandazo’ ku-jw.org/zu.

c Ukuze uthole amagama esikholwa nabo ababoshiwe, bheka isihloko esithi “OFakazi BakaJehova Baboshelwe Ukholo Lwabo—Ngokwezindawo ku-jw.org/zu.”

d INCAZELO YEZITHOMBE: Abafowethu nodadewethu ababhekene nezinkinga bathandazela abanye.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela