ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 36
INGOMA 103 Abelusi—Izipho Ezingabantu
‘Biza Abadala’
“Makabize abadala bebandla.”—JAK. 5:14.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Thola usizo olungokomoya kubadala bebandla lapho uludinga.
1. UJehova ubonise kanjani ukuthi izimvu zakhe ziyigugu kuye?
IZIMVU zikaJehova ziyigugu kuye. Wazithenga ngegazi likaJesu futhi unike abadala bebandla umsebenzi wokuba banakekele umhlambi waKhe. (IzE. 20:28) UNkulunkulu ufuna izimvu zakhe ziphathwe kahle. Ngaphansi kokuhola kukaKristu, abadala benza izimvu ziqabuleke futhi bayazivikela ezingozini ezingokomoya.—Isaya 32:1, 2.
2. Obani uJehova abanaka ngokukhethekile? (Hezekeli 34:15, 16)
2 UJehova uzikhathalela ngokujulile zonke izimvu zakhe, kodwa uzinaka ngokukhethekile lezo ezibhekene nobunzima. Esebenzisa abadala, usiza lezo ezibhekene nobunzima ngokomoya. (Funda uHezekeli 34:15, 16.) Noma kunjalo, ufuna silucele usizo lapho siludinga. Ngezikhathi ezinjalo, ngaphezu kokuthandaza ngobuqotho kuNkulunkulu simcele ukuba asisize, sicela nosizo ‘kubelusi nabafundisi’ ebandleni.—Efe. 4:11, 12.
3. Singazuza kanjani sonke ngokucabanga ngendima abadala abayidlalayo?
3 Kulesi sihloko, sizofunda okwengeziwe ngelungiselelo likaNkulunkulu lokuba sithole usizo olungokomoya esebenzisa abadala. Sizophendula le mibuzo: Kufanele silucele nini usizo kubadala? Kungani kufanele senze kanjalo? Basisiza kanjani? Ngisho noma singabhekene nobunzima njengamanje, izimpendulo zale mibuzo ziyosenza silazise nakakhulu ilungiselelo likaNkulunkulu futhi zingasisiza nangelinye ilanga.
KUFANELE ‘SIBABIZE NINI ABADALA’?
4. Kungani siphetha ngokuthi uJakobe 5:14-16, 19, 20 ubhekisela ekuguleni okungokomoya? (Bheka nezithombe.)
4 Umfundi uJakobe uchaza ilungiselelo likaNkulunkulu lokusisiza ngokomoya ngokubuza lo mbuzo: “Ukhona yini ogulayo phakathi kwenu? Makabize abadala bebandla.” (Funda uJakobe 5:14-16, 19, 20.) Umongo wale ndaba ubonisa ukuthi uJakobe ukhuluma ngomuntu ogulayo ngokomoya. Ngokwesibonelo, lo muntu ogulayo utshelwa ukuba abize abadala, hhayi udokotela. Kubonakala sengathi kukhulunywa ngokugula okungokomoya ngoba ukwelashwa kungahlanganisa ukuthethelelwa kwezono. Ngezindlela ezithile, izinyathelo okudingeka zithathwe ukuze kwelashwe umuntu ogulayo ngokomoya ziyafana nalezo okudingeka zithathwe ukuze kwelashwe umuntu ogulayo emzimbeni. Lapho sigula, siya kudokotela, simchazele ukuthi siphethwe yini bese senza lokho athi masikwenze. Ngendlela efanayo, lapho sigula ngokomoya, kufanele siye kumdala, simchazele ngesimo sethu bese sisebenzisa iseluleko esingokomBhalo asinika sona.
Lapho sigula, siya kudokotela; lapho sigula ngokomoya kufanele siye kubadala (Bheka isigaba 4)
5. Singabona kanjani ukuthi sisengozini yokugula ngokomoya?
5 Ilungiselelo elichazwe kuJakobe isahluko 5 lisikhuthaza ukuba siye kubadala lapho sizwa ukuthi sesiqala ukugula ngokomoya ngandlela-thile. Nokho, kuwukuhlakanipha ngempela ukuba sithole usizo ngaphambi kokuba sibulimaze kakhulu ubungani bethu noNkulunkulu! Akumele sizikhohlise. ImiBhalo isixwayisa ngokuthi singase sizikhohlise ngesimo sethu esingokomoya. (Jak. 1:22) Amanye amaKristu okuqala aseSardesi alenza lelo phutha futhi uJesu wawaxwayisa ngesimo sawo esingokomoya. (IsAm. 3:1, 2) Enye indlela esingahlola ngayo isimo sethu esingokomoya iwukuhlola intshiseko esinayo manje ekukhonzeni uJehova nentshiseko esasinayo esikhathini esidlule. (IsAm. 2:4, 5) Singase sizibuze: ‘Ingabe seyinciphile injabulo engiba nayo lapho ngifunda iBhayibheli futhi ngizindla ngalo? Ingabe ngilungiselela imihlangano futhi ngiye kuyo lapho kuvela ithuba kuphela? Ingabe seyinciphile intshiseko enginayo ngenkonzo yasensimini? Ingabe ngichitha isikhathi sami esiningi ngicabanga ngezinto engizifisayo noma izinto zaleli zwe?’ Uma siphendule ngoyebo komunye wale mibuzo, lokho kungabonisa ukuthi sinobuthakathaka obuthile esingazange sibulungise nokungenzeka bugcine sebububi nakakhulu. Uma sihluleka ukubulungisa noma uma kakade sebusenze saphula imithetho kaNkulunkulu, kufanele sicele abadala basisize.
6. Yini okufanele bayenze labo abenze isono esikhulu?
6 Yiqiniso ukuthi abantu abenze izono ezinkulu ezingenza umuntu asuswe ebandleni kufanele bakhulume nomunye wabadala. (1 Kor. 5:11-13) Noma ubani owenze isono esikhulu udinga usizo ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova. Ukuze uJehova asithethelele ngenxa yesihlengo, kumele senze “imisebenzi efanele ukuphenduka.” (IzE. 26:20) Leyo misebenzi ihlanganisa ukuya kubadala uma senze isono esikhulu.
7. Obani abanye abadinga usizo lwabadala?
7 Abadala abagcini nje ngokusiza labo abenze isono esikhulu, kodwa basiza nalabo ababuthaka ngokomoya. (IzE. 20:35) Ngokwesibonelo, ungase wethuswe ukuthi uyehluleka ukulwisana nezifiso ezingafanele. Ungakuthola kunzima nakakhulu ukulwisana nazo uma ngaphambi kokuba ufunde iqiniso wawuwumlutha wezidakamizwa, ubuka izithombe zocansi ezingcolile noma ukuziphatha kabi ngokocansi. Akudingeki ubhekane nalezi zinselele uwedwa. Ungakhetha ukukhuluma nomdala ozokulalela lapho umtshela okukukhathazayo, akunike iseluleko esiwusizo, akuqinisekise nangokuthi ungakwazi ukujabulisa uJehova ngokwenqaba ukwenza ngokuvumelana nezifiso ezingafanele. (UmSh. 4:12) Uma udikibele ngenxa yokuthi uyaqhubeka ulwisana nezifiso ezingafanele, abadala bangakukhumbuza ukuthi cishe lokho kubonisa ukuthi ubheka ubuhlobo bakho noJehova njengento ebaluleke kakhulu kuwe futhi uyakugwema ukuzethemba ngokweqile.—1 Kor. 10:12.
8. Ingabe kudingeka sikhulume nabadala ngawo wonke amaphutha esiwenzayo? Chaza
8 Akudingeki sikhulume nabadala ngawo wonke amaphutha esiwenzayo. Ngokwesibonelo, ake sithi usho into ebuhlungu kumfowenu noma kudadewenu, mhlawumbe uze umthukuthelele. Kunokuba uye kumdala, ungasebenzisa iseluleko sikaJesu esimayelana nokwenza ukuthula nomfowenu noma udadewenu. (Math. 5:23, 24) Ungacwaninga ngezihloko ezikhuluma ngobumnene, ukubekezela nokuzithiba ukuze uzibonise ngokugcwele lezo zimfanelo ezinhle esikhathini esizayo. Uma usaludinga usizo ukuze uxazulule inkinga onayo, ungacela umdala akusize. Encwadini yakhe ayibhalela abaseFilipi, umphostoli uPawulu wacela umzalwane ongabizwanga ngegama ukuba asize u-Evodiya noSintike ukuba balungise ukungaboni ngasolinye ababenakho. Nawe, umdala osebandleni okulo angakwazi ukukusiza ngendlela efanayo.—Fil. 4:2, 3.
KUNGANI KUFANELE SIBIZE ABADALA?
9. Kungani kungafanele sivumele amahloni asivimbe ukuba sicele usizo kubadala? (IzAga 28:13)
9 Kudingeka sibe nokholo nesibindi ukuze sicele usizo lapho senze isono esikhulu noma lapho sizwa sengathi siyehluleka ukulwisana nobuthakathaka bethu. Akufanele sivumele amahloni asivimbele ukuba sicele usizo kubadala. Kungani? Ngokulandela ilungiselelo likaJehova, sibonisa ukuthi sethembele kuye naseziqondisweni zakhe zokusigcina siphilile futhi siqinile okholweni. Siyaqaphela ukuthi siyaludinga usizo lwakhe uma sisengcupheni yokuwa. (IHu. 94:18) Uma sonile, uNkulunkulu uyosibonisa isihe uma sizivuma izono zethu futhi sizishiye.—Funda izAga 28:13.
10. Yini engenzeka uma singase sizame ukufihla izono zethu?
10 Ngokukhuluma nabadala lapho sidinga usizo sithola izibusiso, kodwa uma sizama ukufihla izono zethu singenza isimo sethu sibe sibi nakakhulu. Lapho iNkosi uDavide izama ukufihla izono zayo, yahlupheka ngokomoya, ngokomzwelo nangokwenyama. (IHu. 32:3-5) Njengoba kuye kwenzeke lapho sigula noma silimele, ngokuvamile ukugula okungokomoya nako kuba kubi nakakhulu uma sihluleka ukunakekela ingokomoya lethu. UJehova uyakuqonda lokho, ngakho usimema ukuba ‘silungise izinto’ phakathi kwethu naye, sisebenzisa izindlela asilungiselele zona ukuze selapheke ngokomoya.—Isaya 1:5, 6, 18.
11. Abanye bangathinteka kanjani uma besingafihla izono ezinkulu?
11 Uma besingafihla isono esikhulu esisenzile, lokho bekungabathinta abanye. Singaphazamisa ukugeleza komoya kaNkulunkulu ebandleni lilonke, siphazamise nokuthula kwabafowethu nodadewethu. (Efe. 4:30) Ngendlela efanayo, uma sithola ukuthi othile ebandleni wenze isono esikhulu, kufanele simkhuthaze ukuba akhulume nabadala ngalolo daba.a Ukufihla isono esikhulu esenziwe omunye umuntu kuyosenza nathi sibe necala. (Lev. 5:1) Uthando esinalo ngoJehova kufanele lusenze siluveze lolo daba futhi sikhulume iqiniso. Ngaleyo ndlela siyasiza ekugcineni ibandla lihlanzekile futhi sisiza labo abonile ukuba baphinde babe nobuhlobo obuhle noJehova.
BASISIZA KANJANI ABADALA?
12. Abadala babasiza kanjani labo ababuthaka ngokomoya?
12 Abadala bayalwe ukuba basize labo ababuthaka ngokomoya. (1 Thes. 5:14) Uma wonile, bangase bakubuze imibuzo ecatshangelwe kahle ukuze ‘ukhiphe’ lokho okucabangayo ngempela nendlela ozizwa ngayo. (IzAga 20:5) Ungabasiza ngokuthi ukhulume nabo ngokukhululekile, ngisho noma ukuthola kunzima ukwenza kanjalo ngenxa yesiko lakho, ubuntu bakho noma ngenxa yamahloni abangelwa yinselele obhekene nayo. Ungakhathazeki ngokuthi amazwi akho angase azwakale “engasho lutho.” (Jobe 6:3) Kunokuba bafinyelele iziphetho ngokushesha, abadala bayolwela ukuba bakulalele ngokucophelela futhi bayiqonde yonke indaba ngaphambi kokuba bakunike iseluleko. (IzAga 18:13) Bayaqaphela ukuthi ukwalusa umhlambi kuthatha isikhathi, ngakho abalindele ukuba baxazulule izindaba ezibucayi ngengxoxo eyodwa nje.
13. Ukuthandazelwa abadala nesiqondiso esingokomBhalo abasinika sona kungasisiza kanjani? (Bheka nezithombe.)
13 Lapho ubiza abadala, bayokwenza konke abangakwenza ukuze bangakwenzi uzizwe kabi nakakhulu ngomuzwa wecala onawo. Kunalokho, bayokuthandazela. Ingase ikumangaze indlela imithandazo yabo engaba “namandla amakhulu” ngayo. Usizo lwabo luhlanganisa ‘nokukugcoba ngamafutha egameni likaJehova.’ (Jak. 5:14-16) “Amafutha” abhekisela ekubeni yiqiniso kweZwi likaNkulunkulu. Ngokulisebenzisa ngobuhlakani iBhayibheli, abadala bangakududuza futhi bakwenze uzole, bakusize uphinde ube nobuhlobo obuhle noJehova. (Isaya 57:18) Isiqondiso esingokomBhalo abakunika sona singakwenza uzimisele nakakhulu ukuqhubeka wenza okulungile. Ngabo, ungezwa izwi likaJehova lithi kuwe: “Nansi indlela. Hamba ngayo.”—Isaya 30:21.
Abadala basebenzisa iBhayibheli ukuze bakhuthaze futhi baduduze abagulayo (Bheka izigaba 13-14)
14. NgokweyabaseGalathiya 6:1, abadala bamsiza kanjani umuntu othathe “isinyathelo okungesona”? (Bheka nezithombe.)
14 Funda eyabaseGalathiya 6:1. UmKristu othatha “isinyathelo okungesona” akenzi ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu elungile. Isinyathelo okungesona singabhekisela ekwenzeni isinqumo esingahlakaniphile noma isono esikhulu esephula umthetho kaNkulunkulu. Ngenxa yothando abanalo ngomfowabo, abadala abangamaKristu ‘bazama ukumlungisa ngomoya omnene umuntu onjalo.’ Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukumlungisa” lingasho nokubuyisela ithambo eliphukile endaweni yalo ukuze umuntu angakhubazeki unomphela. Njengoba nje udokotela owenza kahle umsebenzi wakhe enza konke okusemandleni ukuze angamzwisi ubuhlungu obukhulu umuntu asuke emlungisa ithambo eliphukile, nabadala bagxila ekusisizeni ukuba selulame ngokomoya ngaphandle kokwenezela ebuhlungwini esisuke sibuzwa. Bayalwa nokuba ‘baziqaphe nabo.’ Njengoba besisiza ukuba silungise izindlela zethu, abadala bayaqaphela ukuthi nabo bayawenza amaphutha futhi kungenzeka bathathe isinyathelo okungesona. Kunokuba bazibone bengcono, belungile noma babe nesimo sengqondo sokwahlulela, balwela ukuba nozwela.—1 Pet. 3:8.
15. Yini esingayenza uma sinenkinga?
15 Singabethemba abadala bebandla esikulo. Baqeqeshiwe ukuba izindaba zethu eziyimfihlo bazigcine ziyimfihlo, ukuba basekele iseluleko sabo eBhayibhelini kunokuba basisekele emibonweni yabo nokuba baqhubeke besisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga zethu. (IzAga 11:13; Gal. 6:2) Ubuntu babo abufani, nezinto abaye babhekana nazo ekuphileni azifani, kodwa singakhululeka ukuya kunoma yimuphi umdala ukuze sixoxe naye ngenkinga esinayo. Yiqiniso ukuthi ngeke sisuke komunye umdala siye komunye siyofuna iseluleko sinethemba lokuthi siyoze simthole ozositshela lokho esifuna ukukuzwa. Uma besiyokwenza kanjalo, besiyofana nalabo abancamela ukuba ‘bakitazwe izindlebe’ kunokuba bafunde “imfundiso ephilayo” yeZwi likaNkulunkulu. (2 Thim. 4:3) Lapho sitshela umdala ngenkinga yethu, angase asibuze ukuthi sike saxoxa yini ngayo nabanye abadala, asibuze nokuthi basinike siphi iseluleko. Ukuba nesizotha kungamenza aqale acele iseluleko komunye umdala.—IzAga 13:10.
YINI EWUMTHWALO WETHU?
16. Yimuphi umthwalo esinawo?
16 Nakuba abadala besiqapha njengezimvu zikaNkulunkulu, abasitsheli lokho okufanele sikwenze. Kuwumthwalo wethu ukuphila ngendlela ebonisa ukuthi sizinikele kuNkulunkulu. Kumele sibonise ngalokho esikushoyo nesikwenzayo ukuthi siyamthanda uNkulunkulu futhi sifuna ukumjabulisa. Ngosizo lwakhe singakwazi ukuhlala siqotho nakuba kungase kube yinselele ukwenza kwanjalo. (Roma 14:12) Ngakho, kunokuba basitshele ukuthi senzeni, abadala basebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze basibonise lokho uNkulunkulu akucabangayo. Ngokulalela iseluleko sabo esisekelwe eBhayibhelini, singaqeqesha ‘amandla ethu okuqonda’ ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile.—Heb. 5:14.
17. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
17 Kuyilungelo elimangalisayo ngempela ukuba yizimvu zikaJehova! UJehova wathumela “umalusi omuhle,” uJesu, ukuze abe yisihlengo ukuze sikwazi ukuba nethuba lokuthola ukuphila okuphakade. (Joh. 10:11) Esebenzisa abadala ebandleni lobuKristu, uJehova usigcwalisile isithembiso sakhe esithi: “Ngizoninika abelusi abenza ngokuvumelana nentando yami, bazonondla ngolwazi nangokuqonda.” (Jer. 3:15) Lapho sibuthaka ngokomoya noma sigula, akufanele sinqikaze ukubiza abadala ukuba bazosisiza. Kwangathi singazimisela ukuzuza ngokugcwele elungiselelweni likaJehova labadala bebandla.
INGOMA 31 Hambani NoNkulunkulu!
a Uma umuntu owenze isono ehluleka ukwenza kanjalo ngemva kokuba umnike isikhathi esanele sokuba abike udaba lwakhe, ukuba qotho kwakho kuJehova kuyokwenza utshele abadala lokho okwaziyo.