Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb23 Septhemba k. 7
  • Abelusi Abasebenzela Ukusiza Abantu BakaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abelusi Abasebenzela Ukusiza Abantu BakaJehova
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Biza Abadala’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Ukumbonisa Uthando Nesihe Umuntu Owenze Isono
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Bazalwane—Niyazibekela Yini Umgomo Wokuba Umdala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Belusi, Lingisani ABelusi Abakhulu Kunabo Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
mwb23 Septhemba k. 7

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Abelusi Abasebenzela Ukusiza Abantu BakaJehova

Abantu abaningi ababethembi abantu abasemagunyeni. Siyaqonda ukuthi kungani. Abantu abaningi balisebenzise kabi igunya labo, balisebenzisela ukuzizuzisa bona. (Mik 7:3) Sikwazisa ngempela ukuthi abadala ebandleni baqeqeshelwe ukuba balisebenzise kahle igunya labo ukuze basize abantu bakaNkulunkulu.—Est 10:3; Mat 20:25, 26.

Ngokungafani nalaba abanengunya kuleli zwe, abadala benza umsebenzi wokuqapha ngoba bethanda uJehova nabantu bakhe. (Joh 21:16; 1Pe 5:1-3) Beqondiswa uJesu, laba belusi basiza ummemezeli ngamunye azizwe emukelekile emndenini wezikhonzi zikaJehova futhi asondelane naye. Bazisiza ngokushesha izimvu zikaJehova uma zidinga isikhuthazo, basize nalapho othile edinga usizo oluphuthumayo lokwelashwa noma lapho kugadla inhlekelele. Uma udinga usizo, kungani ungathathi isinyathelo kuqala uthinte umdala osebandleni okulo?—Jak 5:14.

Isiqephu esikuvidiyo ethi “Abelusi Abawukhathalelayo Umhlambi.” Umdala ejabulile uhaga u-Elias njengoba bebingelelana.

BUKELANI IVIDIYO ETHI ABELUSI ABAWUKHATHALELAYO UMHLAMBI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Wazuza kanjani uMariana lapho esizwa abadala?

  • Wazuza kanjani u-Elias lapho esizwa abadala?

  • Lezi zibonelo ziyithinta kanjani indlela obheka ngayo umsebenzi owenziwa abadala?

Thatha isinyathelo kuqala uthinte umdala . . .

  • Uma ushintsha inombolo yocingo noma ikheli lalapho uhlala khona

  • Uma ubhekene nesimo esinzima

  • Uma uzoba nohambo oluzothatha isikhathi eside

  • Uma ugula kakhulu udinga usizo lokwelashwa noma ulaliswe esibhedlela

  • Uma wenze isono esikhulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela