ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 33
INGOMA 4 “UJehova UnguMalusi Wami”
Kwamukele Ukuthi UJehova Uyakuthanda
“Ngikudonse ngothando oluqotho.”—JER. 31:3.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngokuthi kungani kudingeka sikwamukele ukuthi uJehova uyasithanda nangokuthi yini esingayenza ukuze siqiniseke nakakhulu ukuthi uyasithanda.
1. Kungani wazinikezela kuJehova? (Bheka nesithombe.)
UYASIKHUMBULA yini isikhathi owazinikezela ngaso kuJehova? Wenza leso sinqumo ngoba wawusumazi futhi umthanda. Wamthembisa ukuthi uzobeka intando yakhe kuqala ekuphileni kwakho nokuthi uzoqhubeka umthanda ngenhliziyo yakho yonke, ngomphefumulo wakho wonke, ngengqondo yakho yonke nangamandla akho wonke. (Marku 12:30) Kusukela ngaleso sikhathi, uthando onalo ngaye belulokhu lukhula. Ubungaphendula kanjani-ke uma othile ubengakubuza ukuthi, “Uyaqiniseka yini ukuthi uyamthanda uJehova?” Ngaphandle kokunqikaza, ubuyomphendula uthi, “Ngimthanda ukwedlula noma yimuphi omunye umuntu noma enye into!”
Uyayikhumbula yini indlela owawumthanda ngayo uJehova ngesikhathi uzinikezela kuye futhi ubhapathizwa? (Bheka isigaba 1)
2-3. Yini uJehova afuna siqiniseke ngayo, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko? (Jeremiya 31:3)
2 Kodwa, ubungaphendula kanjani-ke uma othile ubengakubuza ukuthi, “Uyaqiniseka yini ukuthi uJehova uyakuthanda wena?” Ubunganqikaza yini ukumphendula, mhlawumbe ucabange ukuthi uthando lukaJehova alukufanele? Omunye udade owayezizwa engathandwa ngesikhathi eseyingane, wathi: “Ngiyazi ukuthi ngiyamthanda uJehova. Angikungabazi lokho. Engivame ukukungabaza ukuthi uJehova uyangithanda yini yena?” Kodwa uJehova uzizwa kanjani ngempela ngawe?
3 UJehova ufuna uqiniseke ukuthi uyakuthanda. (Funda uJeremiya 31:3.) Iqiniso liwukuthi uJehova wakudonsela kuye. Ngesikhathi uzinikezela kuye futhi ubhapathizwa, wathola into eyigugu ngempela—uthando lwakhe oluqotho. Lolo thando lujulile futhi alusoze lwaphela. Lumenza abheke abakhulekeli bakhe abathembekile ‘njengempahla yakhe eyigugu’—okuhlanganisa nawe. (Mal. 3:17, mbhw.) UJehova ufuna uqiniseke ukuthi uyakuthanda, njengoba nje nomphostoli uPawulu ayeqiniseka ukuthi uJehova uyamthanda. UPawulu wayengawasho ngokuqiniseka la mazwi: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nahulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu.” (Roma 8:38, 39) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani kubalulekile ukuba siqiniseke ukuthi uJehova uyasithanda nangokuthi yini engasisiza ukuba siqiniseke ngalokho.
KUNGANI KUDINGEKA SIKWAMUKELE UKUTHI UJEHOVA UYASITHANDA?
4. Singalwisana kanjani nelinye lamaqhinga kaSathane elibi kakhulu?
4 Ngokwamukela ukuthi uJehova uyasithanda, singakwazi ukulwisana nelinye ‘lamaqhinga’ kaSathane. (Efe. 6:11) USathane uyokwenza noma yini ukuze asenze singamkhonzi uJehova. Elinye iqhinga likaSathane elibi kakhulu ukugqugquzela amanga athi uJehova akasithandi. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uSathane usebenzisa noma yimaphi amathuba avelayo. Uvame ukusihlasela lapho sibuthaka—mhlawumbe sicindezeleke kakhulu ngenxa yezinto ezenzeka esikhathini esidlule, ngenxa yezinselele esibhekene nazo njengamanje, noma ngenxa yokukhathazeka ngekusasa. (IzAga 24:10) USathane ufana nebhubesi elifuna ukushwabadela isisulu salo esingenamandla. Ngakho uzama ukusebenzisa isikhathi esisuke sidikibele ngaso ukuze asenze siphonse ithawula. Kodwa uma siqhubeka senza konke esingakwenza ukuze siqiniseke ukuthi uJehova uyasithanda, siyokuhlomela kangcono ‘ukumelana’ noSathane namaqhinga akhe nobuqili bakhe.—1 Pet. 5:8, 9; Jak. 4:7.
5. Kungani kudingeka siluzwe uthando lukaJehova nokuthi siyigugu kuye?
5 Ngokwamukela ukuthi uJehova uyasithanda, singasondela nakakhulu kuye. Kungani sisho kanjalo. UJehova usidale sinesidingo sokubonisa uthando nesokuboniswa uthando. Kungokwemvelo ukuthi lapho othile esibonisa uthando nathi sifune ukumbonisa uthando. Ngakho lapho siqhubeka siluzwa uthando lukaJehova futhi sibona ukuthi siyigugu kuye, siyomthanda nakakhulu. (1 Joh. 4:19) Njengoba uthando esinalo ngaye lukhula, naye uyosithanda nakakhulu. IBhayibheli lisitshela ngokucacile: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jak. 4:8) Kodwa yini esingayenza ukuze siqiniseke ngempela ukuthi uJehova uyasithanda?
YINI ENGASISIZA SIKWAMUKELE UKUTHI UJEHOVA UYASITHANDA?
6. Ukuze sikwamukele ukuthi uJehova uyasithanda, yini esingayithandazela?
6 Lapho uthandaza, yisho ngokuqondile into oyithandazelayo futhi uthandaze njalo. (Luka 18:1; Roma 12:12) Cela uJehova akusize uzibheke ngendlela akubheka ngayo—uma kunesidingo uthandaze izikhathi eziningi usuku ngalunye. Yiqiniso ukuthi uma unenhliziyo ekulahlayo, kungase kungabi lula ukukholwa ukuthi uJehova uyakuthanda. Kodwa khumbula ukuthi uJehova mkhulu kunenhliziyo yakho. (1 Joh. 3:19, 20) Ukwazi ngaphezu kokuba wena uzazi; ubona lokho ongase ungakwazi ukukubona. (1 Sam. 16:7; 2 IziKr. 6:30) Ngakho unganqikazi ‘ukuthulula’ isifuba sakho kuye umtshele indlela ozizwa ngayo, umcele akusize wamukele ukuthi uyakuthanda. (IHu. 62:8) Ngemva kwalokho yenza ngokuvumelana nemithandazo yakho ngokusebenzisa amacebiso alandelayo.
7-8. AmaHubo asiqinisekisa kanjani ukuthi uJehova uyasithanda?
7 Kukholwe lokho uJehova akushoyo. Waphefumulela ababhali beBhayibheli ukuba bamchaze ngendlela ayiyo ngempela. Cabanga ngendlela umhubi uDavide amchaza kahle ngayo uJehova. Wabhala: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHu. 34:18, mbhw.) Lapho udabuke kakhulu, ungase uzizwe uwedwa. Kodwa uJehova uthembisa ukuthi ngezikhathi ezinjalo useduze nawe ngoba uyabona ukuthi umdinga kakhulu kunanini ngaphambili. Kwelinye ihubo, uDavide wabhala: “Faka izinyembezi zami esigujini sakho sesikhumba.” (IHu. 56:8) UJehova uyabona lapho udabukile futhi uzwa ubuhlungu. Ukukhathalela kakhulu futhi uzwelana nawe njengoba uzwa ubuhlungu. Ngomqondo othile, ufaka izinyembezi zakho esigujini futhi ziyigugu kuye, njengoba nje lonke iconsi lamanzi asesigujini liyigugu kumuntu ohamba ogwadule. KumaHubo 139:3, uDavide wathi: “Wena [Jehova] uyazazi zonke izindlela zami.” UJehova uzibona zonke izindlela zakho, kodwa ugxila kokuhle okwenzayo. (Heb. 6:10) Kungani? Kungenxa yokuthi uyayazisa yonke imizamo oyenzayo ukuze umjabulise.a
8 Esebenzisa imiBhalo eduduzayo eseZwini lakhe eliphefumulelwe enjengaleyo, kunjengokungathi uJehova uthi: “Ngifuna wazi ukuthi ngikuthanda kangakanani futhi ngiyakukhathalela.” Kodwa njengoba sifundile ekuqaleni, uSathane ugqugquzela amanga athi uJehova akakuthandi. Ngakho uma ngezinye izikhathi ukungabaza ukuthi uJehova uyakuthanda, yima kancane uzibuze, ‘Ubani engizomkholwa—‘uyise wamanga’ noma ‘uNkulunkulu weqiniso’?’—Joh. 8:44; IHu. 31:5.
9. UJehova ubaqinisekisa ngani labo abamthandayo? (Eksodusi 20:5, 6)
9 Zindla ngendlela uJehova azizwa ngayo ngalabo abamthandayo. Cabanga ngalokho uJehova akusho kuMose nakuma-Israyeli. (Funda u-Eksodusi 20:5, 6.) UJehova uthembisa ukuthi uzoqhubeka ebabonisa uthando oluqotho labo abamthandayo. Lawo mazwi asiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu wethu oqotho akasoze angabathandi abakhulekeli bakhe abambonisa uthando. (Neh. 1:5) Ngakho uma ngezinye izikhathi udinga isiqinisekiso sokuthi uJehova uyakuthanda, yima kancane uzibuze, ‘Ngiyamthanda yini uJehova?’ Yibe usucabanga ngalokhu: Uma umthanda futhi wenza konke ongakwenza ukuze umjabulise, ungaqiniseka ukuthi ukuthanda kakhulu. (Dan. 9:4; 1 Kor. 8:3) Ngamanye amazwi, uma ungakungabazi ukuthi uyamthanda uJehova, kungani ungabaza ukuthi yena uyakuthanda? Ungaqiniseka ukuthi uyohlezi ekuthanda futhi eqotho kuwe.
10-11. UJehova ufuna usibheke kanjani isihlengo? (Galathiya 2:20)
10 Zindla ngesihlengo. Umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu uyisipho esikhulu kunazo zonke uJehova asinike abantu. (Joh. 3:16) Kodwa ingabe siyisipho esiqondiswe kuwe? Yebo! Cabanga ngalokho okwenzeka kumphostoli uPawulu. Khumbula ukuthi wayenze izono ezinkulu ngaphambi kokuba abe umKristu futhi kwadingeka aqhubeke elwa nobuthakathaka bakhe. (Roma 7:24, 25; 1 Thim. 1:12-14) Noma kunjalo, wabheka isihlengo njengesipho sakhe esivela kuJehova. (Funda eyabaseGalathiya 2:20.) Khumbula ukuthi uJehova waphefumulela uPawulu ukuba abhale lawo mazwi. Yonke into eseBhayibhelini yabhalelwa ukuba kufundiswe thina. (Roma 15:4) Amazwi kaPawulu abonisa indlela uJehova afuna usibheke ngayo isihlengo—okuwukuthi, usibheke njengesipho sakho esivela kuJehova. Lapho usibheka ngale ndlela isihlengo, uyoqiniseka nakakhulu ukuthi uJehova uyakuthanda.
11 Siyambonga uJehova ngokuthumela uJesu ukuba eze emhlabeni ukuze azosifela. Kodwa esinye isizathu esenza uJesu weza emhlabeni ukuba atshele abanye iqiniso ngoNkulunkulu. (Joh. 18:37) Lelo qiniso lihlanganisa indlela uJehova azizwa ngayo ngezingane zakhe.
INDLELA UJESU ASISIZA NGAYO SIKWAMUKELE UKUTHI UJEHOVA UYASITHANDA
12. Kungani singayethemba indlela uJesu amchaza ngayo uJehova?
12 Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wayekujabulela ukutshela abantu ukuthi uJehova unjani. (Luka 10:22) Sinezizathu ezizwakalayo zokwethemba indlela uJesu amchaza ngayo uJehova. Phela uJesu wayephile noJehova izigidigidi zeminyaka ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni. (Kol. 1:15) UJesu waluzwa uthando lukaJehova futhi wayeyazi indlela uJehova ayewathanda ngayo amadodana namadodakazi aKhe athembekile. UJesu ubasiza kanjani abanye ukuba bakwamukele ukuthi uNkulunkulu uyabathanda?
13. UJesu ufuna simbheke kanjani uJehova?
13 UJesu ufuna sibheke uJehova ngendlela yena ambheka ngayo. EmaVangelini, uJesu wabiza uJehova ngokuthi “Baba” izikhathi ezingaphezu kuka-160. Lapho ekhuluma nabalandeli bakhe, wasebenzisa inkulumo ethi “uYihlo” noma “uYihlo osezulwini.” (Math. 5:16; 6:26) Ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, izinceku zikaJehova ezithembekile zazibiza uJehova ngokuthi ‘uMninimandla Onke,’ ‘oPhezukonke,’ ‘uMdali Omkhulu,’ nangamanye amagama afana nalawa. Kodwa uJesu wayevame ukubiza uJehova ngokuthi ‘uBaba’ wethu. Indlela ayembiza ngayo ibonisa ukuthi uJehova ufuna izinceku zakhe zizizwe zisondelene naye, ngendlela ingane ezizwa isondelene ngayo nobaba wayo onothando. Kusobala ukuthi uJesu ufuna sibheke uJehova ngendlela yena ambheka ngayo—njengoBaba onothando ozithanda kakhulu izingane zaKhe. Ake sixoxe kabanzi ngezibonelo ezimbili lapho uJesu asebenzisa khona igama elithi “Baba.”
14. UJesu wabonisa kanjani ukuthi ngamunye wethu uyigugu kuBaba wethu osezulwini? (Mathewu 10:29-31) (Bheka nesithombe.)
14 Okokuqala, cabanga ngamazwi kaJesu akuMathewu 10:29-31. (Yifunde.) Ondlunkulu yizinyoni ezincane ezingasoze zamthanda noma zamkhonza uJehova. Noma kunjalo, kuBaba wethu undlunkulu ngamunye ubalulekile kuye kangangokuba uyazi lapho uwela phansi. Singaqiniseka ukuthi uJehova umkhathalela kakhulu futhi uyigugu nakakhulu kuye umkhulekeli wakhe othembekile omkhonza ngoba emthanda! UJesu waphinde wathi uBaba wethu uyazi ukuthi zingaki izinwele ezisemakhanda ethu. Njengoba uJehova azi ngisho nezinto ezincane ngathi, singaqiniseka ngokuphelele ukuthi usikhathalela kakhulu. Ngokuqinisekile uJesu ufuna sikwamukele ukuthi ngamunye wethu uyigugu kuBaba wethu osezulwini.
KuJehova, ngisho nenyoni encane ebizwa ngokuthi undlunkulu ibalulekile kuye kangangokuba uyazi lapho iwela phansi. Ungaqiniseka ukuthi wena ubaluleke ngisho nakakhulu kuye—wena mkhulekeli wakhe omthandayo! (Bheka isigaba 14)
15. Amazwi kaJesu akuJohane 6:44 akutshelani ngoBaba wakho osezulwini?
15 Phawula isibonelo sesibili lapho uJesu asebenzisa khona igama elithi “Baba.” (Funda uJohane 6:44.) UBaba wakho osezulwini ukudonsele eqinisweni—noma ngesineke ukwenze walithanda iqiniso. Kungani enza lokho? Kungenxa yokuthi wabona ukuthi unesimo esihle sengqondo. (IzE. 13:48) Ngesikhathi uJesu esho amazwi akuJohane 6:44, kungenzeka wayebhekisela emazwini ashiwo uJehova atholakala kuJeremiya 31:3, awumBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko. Kulelo vesi uJehova wathi kubantu bakhe: “Ngikudonse ngothando oluqotho [noma, ngaqhubeka ngikubonisa uthando oluqotho].” (Jer. 31:3; mbhw.; qhathanisa noHoseya 11:4) Cabanga ngokuthi kusho ukuthini lokho. UBaba wethu osezulwini onothando uyaqhubeka ebona okuhle kuwe, wena ongase ungakuboni.
16. (a) Yini ngempela uJesu asitshela yona, futhi kungani kufanele simkholwe? (b) Yini engakusiza uqiniseke ukuthi uJehova unguBaba omdingayo? (Bheka ibhokisi elithi “UBaba Esimdingayo Sonke.”)
16 Ngokuchaza uJehova ngokuthi uBaba wethu, kunjengokungathi uJesu uthi kithi: “UJehova akayena nje uBaba wami kuphela; unguBaba wakho nawe. Ngiyakuqinisekisa ukuthi uyakuthanda futhi ukukhathalela ngokujulile.” Ngakho uma ngezinye izikhathi uzizwa ungaqiniseki ukuthi uJehova uyakuthanda, yima kancane uzibuze, ‘Akufanele yini ngethembe amazwi eNdodana eyazi uBaba wethu ukwedlula noma yimuphi omunye umuntu nehlale ikhuluma iqiniso?’—1 Pet. 2:22.
YENZA KONKE ONGAKWENZA UKUZE UHLALE UQINISEKA UKUTHI UJEHOVA UYAKUTHANDA
17. Kungani kumele siqhubeke siqiniseka ukuthi uJehova uyasithanda?
17 Kudingeka senze konke esingakwenza ukuze siqhubeke siqiniseka ukuthi uJehova uyasithanda. Njengoba sifundile ekuqaleni, isitha sethu esiyiqili uSathane, siyokwenza konke esingakwenza ukuze sisiyekise ukukhonza uJehova. Ukuze azame ukusenza sibe buthaka, uSathane uzoqhubeka ezama ukusenza sikholelwe ukuthi uNkulunkulu akasithandi. Akumele sivumele uSathane ukuba anqobe!—Jobe 27:5.
18. Yini ongayenza ukuze uqiniseke nakakhulu ukuthi uJehova uyakuthanda?
18 Ukuze uqiniseke nakakhulu ukuthi uJehova uyakuthanda, qhubeka uthandazela ukuba akusize uzibheke ngendlela akubheka ngayo. Zindla ngendlela ababhali beBhayibheli abayichaza ngayo indlela uJehova akuthanda ngayo ngokujulile. Cabanga ngendlela asabela ngayo lapho eboniswa uthando; akasoze angalubonisi uthando lapho eboniswa uthando. Zindla ngokuthi kungani ungabheka isihlengo njengesipho sakho. Wakholwe amazwi kaJesu akuqinisekisa ukuthi uJehova unguBaba wakho osezulwini. Kuyothi lapho othile ekubuza ukuthi, “Uyaqiniseka yini ukuthi uJehova uyakuthanda?” uyomphendula ngokuqiniseka uthi: “Yebo, uyangithanda! Nami, usuku nosuku ngenza konke engingakwenza ukuze ngimbonise ukuthi ngiyamthanda!”
INGOMA 154 Uthando Oluqotho
a Ukuze uthole imiBhalo eduduzayo eyengeziwe esiqinisekisa ngokuthi uJehova uyasithanda, bheka isihloko esithi “UkuziBona Ungento Yalutho” encwadini ethi ImiBhalo Ewusizo Ekuphileni KwamaKristu.