Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Julayi kk. 20-25
  • ‘Usuyifundile Imfihlo’ Yokwaneliseka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Usuyifundile Imfihlo’ Yokwaneliseka?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • YIBA OBONGAYO
  • HLALE UGXILILE FUTHI UTHOBEKILE
  • ZINDLA NGETHEMBA ONALO
  • “LABO ABAMESABAYO ABASWELI LUTHO”
  • Ngesizotha Yamukela Ukuthi Kunezinto Ongazazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Khumbula Ukuthi UJehova “UnguNkulunkulu Ophilayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Thola Izimpendulo Zale Mibuzo
    Isimiso SoMhlangano Wesigodi Onombonisi Wesigodi Ka-2025-2026
  • Uyalibona Yini Iqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Julayi kk. 20-25

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 31

INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula

‘Usuyifundile Imfihlo’ Yokwaneliseka?

“Ngiye ngafunda ukwaneliseka noma ngabe ngikuziphi izimo.”—FIL. 4:11.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Uzofunda ukuthi ukuba umuntu obongayo, othobekile nokuzindla ngethemba lethu ngekusasa kungakusiza kanjani ukuba waneliseke.

1. Kusho ukuthini ukwaneliseka, futhi yini ukwaneliseka okungabhekiseli kuyo?

INGABE ungumuntu owanelisekile? Umuntu owanelisekile uthola injabulo nokuthula ngokugxila ezibusisweni anazo njengamanje. Akaphatheki kabi noma athukuthele ngenxa yalokho angenakho. Nokho, ukwaneliseka akusho ukungabi nandaba nokuthi siphila kanjani. Ngokwesibonelo, umKristu ufuna amathuba okwandisa inkonzo yakhe futhi kube kufanele. (Roma 12:1; 1 Thim. 3:1) Noma kunjalo, akaphelelwa yinjabulo uma amalungelo enkonzo engasheshi ukuwathola ngendlela abelindele ngayo.

2. Kungani kuyingozi kangaka ukunganeliseki?

2 Ukunganeliseki kungabangela imiphumela edabukisa ngempela. Labo okungenzeki nanini baneliswe yilokho abanakho bangase basebenze amahora amaningi kakhulu ukuze bathenge izinto abangazidingi ngempela. Ngokudabukisayo, amaKristu ambalwa aye antshontsha ngisho nemali nezinye izinto abezifisa. Kungenzeka ayezitshela ukuthi, ‘Kufanele ngiyithole lento,’ ‘Kade ngilindile,’ noma ‘Ngizobuye ngiyikhokhe le mali.’ Kodwa zonke izinhlobo zokuntshontsha azimjabulisi uJehova futhi ziyamhlazisa. (IzAga 30:9) Abanye kubadumaze kakhulu ukungalitholi ilungelo lenkonzo kangangokuba bakuyeke ngokuphelele ukukhonza uJehova. (Gal. 6:9) Umkhulekeli kaJehova ozinikezele angakucabanga kanjani nje ngempela ukwenza leyo nto? Kungenzeka inkinga kube wukuthi kancane kancane umuntu uye wayeka ukwaneliseka.

3. Yiliphi iqiniso elikhuthazayo esifunda ngalo kweyabaseFilipi 4:​11, 12?

3 Sonke singakwazi ukufunda ukwaneliseka. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi uye ‘wafunda ukwaneliseka noma ngabe [ukuziphi] izimo.’ (Funda eyabaseFilipi 4:​11, 12.) Lawo mazwi wawabhala ngesikhathi esejele. Noma kunjalo, akazange aphelelwe yinjabulo. ‘Wayifunda imfihlo’ yokwaneliseka. Uma sikuthola kunzima ukwaneliseka, amazwi kaPawulu nalokho abhekana nakho kungasiqinisekisa ukuthi nathi singakwazi ukufunda ukwaneliseka. Akufanele silindele ukuthi kuyozenzakalela ukuzizwa sanelisekile ngezimo zethu. Kunalokho, kumele sikufunde ukwaneliseka. Kanjani? Ake sixoxe ngezinto ezizosisiza sifunde imfihlo yokwaneliseka.

YIBA OBONGAYO

4. Ukuba abantu ababongayo kusisiza kanjani ukuba saneliseke? (1 Thesalonika 5:18)

4 Kulula ngomuntu obongayo ukuba aneliseke. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:18.) Ngokwesibonelo, uma sibonga ngempela ngezinto esinazo eziyisidingo ekuphileni, cishe ayoba mancane amathuba okukhathazeka ngezinto esizifunayo kodwa esingenazo. Uma sibonga ngamalungelo enkonzo esiwajabulelayo njengamanje, siyogxila ekwenzeni konke esingakwenza kulezo zabelo kunokuba sihlale sicabanga ngokuthola ilungelo elihlukile. Akumangazi ukuthi imiBhalo isinxusa ukuba singayikhohlwa imithandazo yokubonga lapho sithandaza kuJehova! Ukuba abantu ababongayo kusisiza sibe ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda.’—Fil. 4:​6, 7.

5. Yiziphi izizathu okwakufanele zenze ama-Israyeli abonge? (Bheka nesithombe.)

5 Cabanga ngalokho okwenzeka kuma-Israyeli. Izikhathi eziningana akhononda kuJehova ngokuthi ayengenakho ukudla ayejwayele ukukudla eGibhithe. (Num. 11:​4-6) Kuyiqiniso ukuthi ukuphila ehlane kwakungelula. Yini eyayingawasiza ukuba aneliseke? Kwakufanele acabange ngalokho uJehova ayesewenzele kona kakade futhi abonge. EGibhithe, la ayephathwa khona ngonya njengezigqila, uJehova walethela abaseGibhithe izinhlupho eziyishumi, wawakhulula. Ngemva kokuba ama-Israyeli ekhululiwe, “aphanga impahla yabaseGibhithe” isiliva, igolide nezimpahla zokugqoka. (Eks. 12:​35, 36) Ngesikhathi ama-Israyeli ejahwa abaseGibhithe esevaleleke phakathi kwebutho likaFaro noLwandle Olubomvu, ngokuyisimangaliso uJehova wahlukanisa amanzi. Njengoba ayehamba ehlane, wawanika imana nsuku zonke ukuze adle. Pho, yayiyini inkinga? Ama-Israyeli ayenganelisekile, hhayi ngoba ayengenakho ukudla ayekudinga, kodwa ngenxa yokuthi ayengabongi ngalokho ayesenakho kakade.

Amanye ama-Israyeli atshela uMose indlela anganelisekile ngayo ngemana alibuthayo, kuyilapho amanye aseduzane eqhubeka ecosha imana futhi ebukele.

Kungani ama-Israyeli aqala ukunganeliseki? (Bheka isigaba 5)


6. Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabonga?

6 Ungaba kanjani-ke umuntu obongayo? Okokuqala, usuku nosuku zinike isikhathi sokucabanga ngezinto ezinhle ozijabulelayo. Ungase ubhale ngisho izinto ezimbili noma ezintathu obongayo ngazo. (IsiL. 3:​22, 23) Okwesibili, tshela abanye ukuthi uyabonga ngezinto abakwenzela zona. Thatha isinyathelo kuqala sokwenza kanjalo. Okubaluleke nakakhulu mbonge njalo uJehova. (IHu. 75:1) Okwesithathu, lapho ukhetha abangani abaseduze, khetha abangani ababongayo. Ukubonga kuyathelelana; kanjalo nokunganeliseki. (Dut. 1:​26-28; 2 Thim. 3:​1, 2, 5) Lapho sigxile ekuboniseni ukubonga, mancane amathuba okuba sihlale sinomuzwa wokunganeliseki.

7. Yini eyasiza u-Aci ukuba abe umuntu obongayo, futhi waba yini umphumela walokho?

7 Cabanga ngalokho okwenzeka ku-Aci, ohlala e-Indonesia. Uthi: “Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, ngaqala ukuqhathanisa izimo zami nezalabo engikholwa nabo. Ngenxa yalokho, ngaqala ukungeneliseki.” (Gal. 6:4) Yini eyamsiza washintsha indlela ayecabanga ngayo? U-Aci uthi: “Ngaqala ukucabanga ngezibusiso eziningi engangizithola usuku nosuku, ngacabangisisa nangezinto eziningi engangizithole ngokuba yingxenye yenhlangano kaNkulunkulu. Ngabe sengibonga kuJehova ngalezo zinto. Ngenxa yalokho, ngazizwa nganeliseke ngempela.” Uma unemicabango engakhi ekuqeda amandla, ungakwazi yini ukwenza okufanayo ukuze uphinde ube nomoya wokubonga?

HLALE UGXILILE FUTHI UTHOBEKILE

8. Yini eyenzeka kuBharuki?

8 Unobhala womprofethi uJeremiya, uBharuki, waqala ukunganeliseki ngokuphila kwakhe okwesikhashana. UBharuki, wayenesabelo esinzima sokusekela uJeremiya njengoba ayetshela isizwe esingabongi umyalezo ongathandeki. Ngesinye isikhathi, uBharuki akakwazanga ukuhlala egxilile. Kunokuba agxile kulokho uJehova ayefuna akwenze, waqala ukucabanga kakhulu ngaye nangalokho ayefuna ukukwenza. Esebenzisa uJeremiya, uJehova wathi kuBharuki: “Uzifunela izinto ezinkulu. Yeka ukuzifuna.” (Jer. 45:​3-5) Ngamanye amazwi wayethi: “Yaneliswa yizimo zakho zamanje.” UBharuki wamlalela uJehova, waqhubeka ejabulela ukuba umngani wakhe oseduze.

9. Ngokweyoku-1 Korinte 4:​6, 7, yini ukuthobeka okuyosisiza ukuba siyiqaphele? (Bheka nezithombe.)

9 Ngezinye izikhathi, umKristu angase abe nomuzwa wokuthi ufanelwe yilungelo elithile lenkonzo. Kungenzeka unamakhono amaningi, usebenza ngokuzikhandla noma usekhonze uJehova iminyaka eminingi—noma mhlawumbe unazo zontathu lezi zinto. Nokho, abanye kungenzeka bathole lona kanye leli lungelo angathanda ukulithola. Angasisingatha kanjani lesi simo? Angacabanga ngamazwi abhalwa umphostoli uPawulu, atholakala kweyoku-1 Korinte 4:​6, 7. (Yifunde.) Wonke amalungelo esiwatholayo nawo wonke amakhono esinawo kuvela kuJehova. UJehova akasiniki lezi zipho ngoba nakhu sikhetheke kakhulu kunabanye. Zonke lezi zipho zimane ziyindlela uJehova asibonisa ngayo umusa wakhe omkhulu.—Roma 12:​3, 6; Efe. 2:​8, 9.

Esikubona ezithombeni: Abazalwane nodade abanamalungelo enkonzo. 1. Umzalwane usesakhiweni senhlangano, uhlola ukuthi amanzi ahamba ngesivinini esikahle yini emapayipini. 2. Umzalwane wenza i-⁠interview nodade ofunde ulimi lwezandla emhlanganweni wesigodi. 3. Umzalwane ubeka inkulumo emhlanganweni webandla.

Noma yisiphi isipho esinaso siyindlela uJehova asibonisa ngayo umusa omkhulu (Bheka isigaba 9)b


10. Singakufunda kanjani ukuthobeka?

10 Singakufunda ukuthobeka ngokucabangisisa ngesibonelo uJesu asibekela sona. Cabanga ngalokho okwenzeka ngobusuku uJesu ageza ngabo izinyawo zabaphostoli bakhe. Umphostoli uJohane wabhala: “UJesu azi ukuthi [1] uYise wayenikele zonke izinto ezandleni zakhe [2] nokuthi wayevela kuNkulunkulu futhi [3] wayeya kuNkulunkulu, . . . waqala ukugeza izinyawo zabafundi.” (Joh. 13:​3-5) UJesu wayengaba nomuzwa wokuthi abaphostoli kwakufanele bageze ezakhe izinyawo. Kodwa ngesikhathi esemhlabeni, akakaze acabange ukuthi wayefanelwe ukuba nemali eningi nokuphila okuntofontofo. (Luka 9:58) UJesu wayethobekile; wayenelisekile. Wasibekela isibonelo esihle ukuzedlula zonke.—Joh. 13:15.

11. Ukuthobeka kumsize kanjani uDennis ukuba aneliseke?

11 UDennis, waseNetherlands, uzamile ukulingisa isibonelo sikaJesu sokuthobeka, kodwa bekungelula ngaso sonke isikhathi. Uthi: “Ngezinye izikhathi ngizizwa ngifikelwa imizwa yokuqhosha nokunganeliseki, njengalapho othile ethola ilungelo lenkonzo ebengilifuna. Lapho lokho kwenzeka, ngitadisha isihloko esikhuluma ngokuthobeka. Kuyi-JW Library®, ngibeka umaka emiBhalweni ethile ekhuluma ngokuthobeka ukuze ngiyithole ngokushesha futhi ngiphinde ngiyifunde. Efonini yami ngidawunilode nezinye izinkulumo ezikhuluma ngokuthobeka futhi ngivame ukuzilalela.a Ngifunde ukuthi yonke imisebenzi esiyenzayo siyenzela ukukhazimulisa uJehova, hhayi ukuzikhazimulisa thina. Ngamunye wethu udlala indima encane kulokho uJehova akufezayo.” Uma uqala ukuzizwa unganelisekile ngesimo okuso, zama ukwenza izinto ezizokwenza uthobeke kakhudlwana. Lokho kuyoqinisa ubungani bakho noJehova, kukusize nokuba uzizwe wanelisekile.—Jak. 4:​6, 8.

ZINDLA NGETHEMBA ONALO

12. Yiliphi ithemba lesikhathi esizayo elisisiza ukuba saneliseke? (Isaya 65:​21-25)

12 Saneliseka nakakhulu lapho sizindla ngethemba elimangalisayo lesikhathi esizayo. Amazwi kaJehova abhalwa umprofethi u-Isaya ayabonisa ukuthi uJehova uyayiqonda indlela ukuphila okungase kusicindezele ngayo namuhla futhi usiqinisekisa ngokuthi uyoziqeda zonke izinkinga esibhekene nazo. (Funda u-Isaya 65:​21-25.) Siyohlala ezindlini ezinhle neziphephile. Siyoba nemisebenzi ejabulisayo futhi siyodla ukudla okunempilo nokumnandi. Ngeke siphinde sikhathazeke ngezingozi ezingase zehlele thina noma izingane zethu. (Isaya 32:​17, 18; Hez. 34:25) Ikusasa lethu lihle futhi lilondekile.

13. Kukuziphi izimo lapho okungase kudingeke sigxile kakhulu ethembeni lethu?

13 Manje kunanini ngaphambili, kudingeka sigxile ethembeni lethu. Kungani? Kungenxa yokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” futhi sonke sinezinkinga “okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thim. 3:1) Usuku nosuku uJehova uyasisiza sikhuthazele ngokusinika isiqondiso, amandla nosizo esiludingayo. (IHu. 145:14) Ngaphezu kwalokho, ithemba esinalo ngekusasa njengamaKristu lingasisiza sikhuthazele phakathi nezikhathi ezinzima. Mhlawumbe usebenza kanzima ukuze unakekele izidingo zomndeni wakho. Ingabe lokho kusho ukuthi kuyodingeka uhlale usebenza kanzima ukuze uphile? Lutho neze! UJehova uthembise ukukunika lokho okudingayo—ngisho nokuningi kakhulu—ePharadesi. (IHu. 9:18; 72:​12-14) Kungenzeka ubhekene nezinhlungu ezingapheli, ukucindezeleka noma esinye isifo esibucayi. Ingabe uyohlupheka ngale ndlela kuze kube phakade futhi awusoze uzizwe ungcono? Lutho neze. Ezweni elisha likaNkulunkulu ukugula nokufa kuyophela. (IsAm. 21:​3, 4) Lelo themba lisisiza ukuba sizizwe sanelisekile, singathukutheli noma siphatheke kabi ngalokho okwenzeka kithi njengamanje. Singazizwa sanelisekile nalapho siphathwa ngendlela engenabulungisa noma sishonelwa abantu esibathandayo, sikhuthazelela ukugula noma sibhekene nanoma yiluphi olunye uvivinyo. Kungani? Kungenxa yokuthi kungakhathaliseki ukuthi izimo esibhekene nazo njengamanje zinzima kangakanani, siyazi ukuthi ‘usizi lwethu lungolomzuzwana’ nokuthi maduzane izwe elisha liyosinikeza impumuzo yaphakade.—2 Kor. 4:​17, 18.

14. Singaliqinisa kanjani ithemba lethu ngekusasa?

14 Njengoba ithemba lethu ngekusasa lisisiza saneliseke, yini engasisiza siqiniseke nakakhulu ngalo? Njengoba nje umuntu kungase kudingeke afake izibuko zamehlo ukuze akwazi ukuzibona kahle izinto ezikude, nathi kungase kudingeke sithathe izinyathelo ezifanele ukuze siqinise ithemba lethu ngekusasa ukuze sikwazi ukulibona kahle iPharadesi elizayo. Lapho sikhathazeke kakhulu ngenxa yezimo zethu zezimali, singase sicabange ngokuthi ukuphila kwethu kuyoba njani lapho imali, izikweletu nokungalingani ngokomnotho sekungasekho. Uma sikhathazeka ngenxa yamalungelo enkonzo esingakawatholi, singacabanga ngokuthi ukukhathazeka ngalezi zinto kuyobe kungabalulekile lapho sesingasenaso isono futhi sesikhonze uJehova iminyaka eyizinkulungwane. (1 Thim. 6:19) Ekuqaleni singase sikuthole kunzima ukuzindla ngekusasa ngenxa yezinto eziningi ezisikhathazayo njengamanje. Nokho uma silokhu sicabanga ngekusasa elihle uJehova asithembise lona, kuyoba lula ukugxila kulo kunokuba sicabange ngezinto ezisikhathazayo.

15. Yini oyifundayo emazwini kaChrista?

15 Cabanga ngendlela ithemba elamsiza ngayo uChrista, oshade noDennis, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Uthi: “Nginesifo esiqhubeka singiwohloza imisipha, esingiphoqa ukuba ngisebenzise isihlalo sabakhubazekile, ngichithe nesikhathi esiningi ngisembhedeni. Ngihlale ngisezinhlungwini. Udokotela wami usanda kungitshela ukuthi ngeke ngibe ngcono. Kodwa ngokushesha ngacabanga, ‘Ikusasa ulibheka ngendlela ehlukile kunami.’ Ngigxile ethembeni lami ngekusasa okungenza ngibe nokuthula kwengqondo. Namuhla, kungase kudingeke ngikhuthazelele ukuphila kuleli zwe, kodwa ngiyoba nokuphila okujabulisayo ezweni elisha!”

“LABO ABAMESABAYO ABASWELI LUTHO”

16. Kungani iNkosi uDavide yayingase ithi labo abesaba uJehova “abasweli lutho”?

16 Inceku kaJehova eyanelisekile isazoqhubeka ibhekana nezinkinga. INkosi uDavide yashonelwa izingane zayo ezintathu. Yamangalelwa ngamanga, yajikelwa abangani bayo, kwaphela iminyaka eminingi ingumbaleki futhi kukhona abafuna ukuyibulala. Noma kunjalo, njengoba ayekhuthazelela uvivinyo olunzima, uDavide wathi ngoJehova: “Labo abamesabayo abasweli lutho.” (IHu. 34:​9, 10) Kungani ayengasho kanjalo? Kungenxa yokuthi njengabantu bakaJehova, nakuba singalindele ukuba ukuphila kwethu kungabi nazinkinga, singaqiniseka ukuthi asisoze sakuswela lokho esikudinga ngempela. (IHu. 145:16) Singamethemba uJehova ukuthi uzosisiza sibhekane nalo lonke uvivinyo lwethu. Singakwazi ukwaneliseka.

17. Kungani uzimisele ukufunda imfihlo yokwaneliseka?

17 UJehova ufuna waneliseke. (IHu. 131:​1, 2) Ngakho yenza konke ongakwenza ukuze ufunde imfihlo yokwaneliseka. Uma usebenza kanzima ukuze ufunde ukubonga, uhlale ugxilile futhi uthobekile, uqinise nethemba lakho ngekusasa, uyokwazi ukuthi: “Ngempela, nganelisekile.”—IHu. 16:​5, 6.

LEZI ZINTO EZILANDELAYO ZIKUSIZA KANJANI UKUBA WANELISEKE?

  • Ukufunda ukubonga

  • Ukuhlale ugxilile futhi uthobekile

  • Ukuzindla ngethemba onalo ngekusasa

INGOMA 118 “Siphe Ukholo Olwengeziwe”

a Ngokwesibonelo, ku-jw.org ngaphansi kwengxenye ethi Ukukhulekela Kwasekuseni, bukela ividiyo ethi UJehova Uyabanakekela Abathobekile nethi Ukuzidla Kwandulela Ukuphahlazeka.

b INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane ulungisa isakhiwo senhlangano; udade ofunde ulimi lwezandla wenza i-interview emhlanganweni wesigodi; umzalwane ubeka inkulumo yomphakathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela