ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 30
INGOMA 97 Ukuphila Kuncike EZwini LikaNkulunkulu
Kukhona Yini Osengakufunda Ezimfundisweni ZeBhayibheli Eziyisisekelo?
“Ngiyohlale ngikulungele ukunikhumbuza ngalezi zinto, nakuba nizazi futhi nimi niqinile eqinisweni.”—2 PET. 1:12.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi ungazisebenzisa kanjani izifundo ezibalulekile owazifunda ezimfundisweni zeBhayibheli eziyisisekelo, ngisho noma sekudlule iminyaka eminingi wazifunda.
1. Zasithinta kanjani izimfundiso zeBhayibheli lapho siqala ukufunda iqiniso?
IZIMFUNDISO zeBhayibheli eziyisisekelo zikushintshile ukuphila kwethu. Ngokwesibonelo, ngesikhathi sifunda ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, saqala ukusondela kuye ukuze sibe abangani bakhe. (Isaya 42:8) Lapho sifunda ngokuthi kwenzekani ngempela lapho umuntu efa, asibange sisakhathazeka ngokuthi ingabe abantu esibathandayo asebashona bayahlupheka yini. (UmSh. 9:10) Ngesikhathi sifunda ngesithembiso sikaNkulunkulu somhlaba oyiPharadesi, asibange sisakhathazeka ngekusasa lethu. Sasiqiniseka ukuthi singaphila isikhathi eside, hhayi nje isikhashana—iminyaka engu-70 noma engu-80—kodwa siphile phakade.—IHu. 37:29; 90:10.
2. Eyesi-2 Petru 1:12, 13, ibonisa kanjani ukuthi ngisho namaKristu avuthiwe ayazuza ezimfundisweni zeBhayibheli eziyisisekelo?
2 Akumele nanini sizithathe kalula izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Encwadini yakhe yesibili, umphostoli uPetru wabhalela amaKristu ‘ayemi eqinile eqinisweni.’ (Funda eyesi-2 Petru 1:12, 13.) Kodwa manje, ayesebhekene nezingozi ezingokomoya ebandleni, ezihlanganisa izimfundiso ezingamanga nabantu abangamhloniphi uNkulunkulu. (2 Pet. 2:1-3) UPetru wayefuna ukuqinisa abafowabo nodadewabo ukuze abasize bamelane nalezo zingozi. Ukuze enze kanjalo, wabakhumbuza ngezinye zezimfundiso abase bezifundile kakade. Lezo zimfundiso zaziyobasiza bahlale beqotho kuze kube sekugcineni.
3. Kungani wonke amaKristu kufanele aqhubeke ezindla ngezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo? Fanekisa.
3 Njengoba siqhubeka sithuthuka njengamaKristu avuthiwe, singakwazi ukufunda izifundo ezintsha ezimfundisweni zeBhayibheli eziyisisekelo. Ukuze sifanekise: Umpheki onesipiliyoni nompheki osafunda bangase besebenzise izithako ezifanayo lapho belungiselela isidlo esithile. Kodwa njengoba isikhathi siqhubeka, umpheki onesipiliyoni usefunde ukusebenzisa lezo zithako ezifanayo ngezindlela ezihlukahlukene nokwenza ngazo izinhlobonhlobo zokudla ezintsha nezimnandi. Ngendlela efanayo, labo asebekhonze uJehova isikhathi eside nalabo abasanda kuqala ukutadisha iBhayibheli bangafunda izifundo ezingafani emaqinisweni eBhayibheli ayisisekelo. Izimo zethu noma amalungelo enkonzo cishe sekwashintsha kunangesikhathi esabhapathizwa ngaso. Lapho sisebenzisa izimfundiso zeBhayibheli esazifunda kudala esimweni esibhekene naso manje, singase sibone izindlela ezintsha neziwusizo lezo zimfundiso ezingasisiza ngazo manje. Ake sibone ukuthi yini amaKristu avuthiwe angayifunda ezimfundisweni zeBhayibheli eziyisisekelo ezintathu.
UJEHOVA UNGUMDALI
4. Ukufunda ngokuthi uJehova unguMdali kusithinte kanjani?
4 Lowo “owakha zonke izinto uNkulunkulu.” (Heb. 3:4) Siyazi ukuthi umhlaba wethu nazo zonke izinto eziphilayo ezikuwo kwadalwa uMdali onakho konke ukuhlakanipha nonguMninimandla Onke. Nguye owasidala, ngakho wazi yonke into ngathi. Okubaluleke nakakhulu ukuthi uyasikhathalela. Uyazi ukuthi yini esilungele. Ukwazi leli qiniso elilula lokuthi uJehova unguMdali kushintshe ukuphila kwethu ngezindlela eziningi ezimangalisayo futhi kusenze saba nokuphila okunenjongo.
5. Yiliphi iqiniso elingasisiza ukuba sithobeke? (Isaya 45:9-12)
5 Iqiniso lokuthi uJehova unguMdali lingasifundisa nokuthi kufanele sithobeke. Ngemva kokuba uJobe egxile kakhulu kuye nakwabanye abantu, uJehova wamkhumbuza ukuthi unguMdali onguMninimandla Onke. (Jobe 38:1-4) Leso sikhumbuzo sasiza uJobe wabona ukuthi izindlela zikaNkulunkulu ziphakeme kunezabantu. Ngokuvumelana nalokho, kamuva umprofethi u-Isaya wabhala: “Kufanele yini ubumba luthi kuMbumbi: ‘Yini oyenzayo?’”—Funda u-Isaya 45:9-12.
6. Kunini lapho singazindla khona ngesikhundla sikaJehova esiphakeme njengoMdali wethu? (Bheka nezithombe.)
6 Njengoba umKristu eqhubeka eba nolwazi olwengeziwe, angaqala ukwethemba kakhulu imibono yakhe kunokuba afune isiqondiso kuJehova naseZwini laKhe. (Jobe 37:23, 24) Kodwa kuthiwani uma umuntu ecabanga ajule ngokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa nalutho nangobukhulu boMdali wakhe? (Isaya 40:22; 55:8, 9) Leli qiniso elibalulekile liyomsiza ukuba ahlale ethobekile futhi aqaphele ukuthi imicabango kaJehova inembe kakhulu kuneyakhe.
Yini engasisiza sihlale sinombono ofanele ngemibono yethu? (Bheka isigaba 6)d
7. Yini uRahela ayenza ukuze akwazi ukwamukela ushintsho oluvela enhlanganweni?
7 URahela ohlala eSlovenia, uthole ukuthi ukucabanga ngoMdali wakhe kumsize ukuba akwazi ukwamukela ushintsho oluvela enhlanganweni. Uyavuma: “Ngezinye izikhathi bekungelula ukuba ngamukele izinqumo ezenziwa yilabo abaholayo. Ngokwesibonelo, ngisho nangemva kokubuka Umbiko WeNdikimba Ebusayo Ka-2023 #8, ngashaqeka lapho ngiqala ukubona umzalwane onentshebe ebeka inkulumo. Ngakho ngathandaza kuJehova ngamcela ukuba angisize ngamukele lolo shintsho.” URahela waqaphela ukuthi njengoMdali wezulu nomhlaba, uJehova ukufanelekela kahle kakhulu ukuqondisa inhlangano yakhe ngendlela efanele. Uma ukuthola kunzima ukwamukela ukuqonda okusha noma isiqondiso esisha, kungani ngokuzithoba ungazindli ngokuhlakanipha okukwedlula konke kukaMdali nangamandla akhe?—Roma 11:33-36.
OKWENZA UNKULUNKULU AVUMELE UKUHLUPHEKA
8. Kusizuzise kanjani ukufunda ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?
8 Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Abanye abahlulekile ukuphendula lo mbuzo baye bamthukuthelela uNkulunkulu noma baphetha ngokuthi akekho nhlobo! (IzAga 19:3) Ngokungafani nalabo bantu, ufunde ukuthi ukuhlupheka kubangelwe yisono esisizuze njengefa, hhayi uJehova. Ufunde nokuthi ukubekezelela kukaJehova abantu kwenze izigidi zabantu zamazi, zazibonela nokuthi uJehova uyokuqeda kanjani ngokuphelele ukuhlupheka. (2 Pet. 3:9, 15) La maqiniso akududuzile, akwenza nokuba usondelane nakakhulu naye.
9. Yiziphi izimo ezingenza kudingeke sizikhumbuze izizathu ezenza uJehova avumele ukuhlupheka?
9 Siyaqonda ukuthi kungani kudingeka sibekezele njengoba sisalinde uJehova ukuba aqede ukuhlupheka. Noma kunjalo, lapho abantu esibathandayo bebhekana nokucindezeleka, ukuphathwa ngendlela engenabulungisa noma beshonelwa abantu ababathandayo, singase sizibuze ukuthi kungani uJehova engathathi isinyathelo ngokushesha. (Hab. 1:2, 3) Ngezikhathi ezinjalo, siyobe senza ngokuhlakanipha uma sizindla ngezizathu ezenza uJehova avumele ukuba abantu abalungile babhekane nobunzima.a (IHu. 34:19) Singazindla nangenjongo yakhe yokuqeda ukuhlupheka unomphela.
10. Yini esize u-Anne wakwazi ukubhekana nokushona kukamama wakhe?
10 Ukwazi iqiniso ngokuhlupheka kungasisiza sikhuthazele. U-Anne, ohlala esiqhingini saseMayotte, e-Indian Ocean, uyalandisa: “Ukushona kukamama eminyakeni embalwa edlule kwangizwisa ubuhlungu obukhulu. Nokho, ngihlale ngizikhumbuza ukuthi uJehova akayona imbangela yokuhlupheka. Uyakulangazelela ukuqeda zonke izinhlobo zokuhlupheka, avuse abantu esibathandayo asebashona. Ukuzindla ngalawo maqiniso kungenza ngibe nokuthula kwengqondo, okuyinto evame ukungimangaza kwamina.”
11. Ukwazi izizathu zikaJehova zokuvumela ukuhlupheka kungasisiza kanjani ukuba siqhubeke sishumayela?
11 Ukwazi iqiniso ngokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka kungasikhuthaza ukuba siqhubeke sishumayela. Ngemva kokuchaza ukuthi ukubekezela kukaJehova kusho insindiso kulabo abaphendukayo, uPetru wabhala: “Cabangani ngohlobo lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kuNkulunkulu.” (2 Pet. 3:11) Inkonzo yethu yasensimini iphakathi ‘kwezenzo zokuzinikela kuNkulunkulu.’ NjengoBaba wethu, siyabathanda abantu. Sifuna baphile ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga. Ngenxa yokubekezela kwakhe, uJehova unika abantu basensimini oshumayela kuyo ithuba lokuba bamkhonze. Unelungelo elimangalisayo ngempela lokuba yisisebenzi esikanye noNkulunkulu, nelokusiza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bafunde ngaye ngaphambi kokuba ukuphela kufike!—1 Kor. 3:9.
SIPHILA “EZINSUKWINI ZOKUGCINA”
12. Kusizuzise kanjani ukufunda ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina”?
12 IBhayibheli likuchaza ngokunembile ukuthi abantu babeyoba njani “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thim. 3:1-5) Okudingekayo nje ukuba sibuke abantu abasizungezile ukuze sibone ukuthi lesi siprofetho sigcwaliseka kanjani. Njengoba sibona isimo sengqondo nokuziphatha kwabantu kuya kuba kubi nakakhulu, siqiniseka nakakhulu ukuthi iZwi likaNkulunkulu linokwethenjelwa.—2 Thim. 3:13-15.
13. Ngokuvumelana nomfanekiso kaJesu otholakala kuLuka 12:15-21, yini esingase sizibuze yona?
13 Ukwazi ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina kusenza senze izinto sinomuzwa wokuphuthuma. Phawula lokho esingakufunda ngokuba nomuzwa wokuphuthuma emfanekisweni kaJesu otholakala kuLuka 12:15-21. (Yifunde.) Kungani umuntu ocebile abizwa ngokuthi umuntu “ongenangqondo”? Akabizwanga kanjalo ngoba nakhu ayecebile, kodwa wabizwa kanjalo ngoba wayebeka izinto ezingabalulekile phambili. ‘Wayeziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.’ Kungani kwakuyingozi lokhu okwakwenziwa yilo muntu ocebile? UNkulunkulu wathi kuye: “Ngalobu busuku bayakufuna ukuphila kwakho.” Namuhla, njengoba sekusondele ukuphela kwaleli zwe elibi, singase sizibuze: ‘Ingabe imigomo yami iyabonisa ukuthi nginomuzwa wokuphuthuma? Kuthiwani ngemigomo engisiza izingane zami ukuba zizibekele yona? Ingabe ngisebenzisa amandla ami, isikhathi sami nemali yami ukuze ngiziqongelelele ingcebo noma ingabe ngisebenzisa lezi zinto ukuze ngizibekele ingcebo emazulwini?’
14. Njengoba kuboniswe endabeni kaMiki, kungani kuwukuhlakanipha ukuzindla ngobufakazi obungokomBhalo bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina?
14 Indlela esibheka ngayo ukuphila ingashintsha lapho sicabanga ngobufakazi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Yilokho okwenzeka kudade okuthiwa uMiki. Uyalandisa: “Lapho ngiqeda isikole ngangifuna ukuba semkhakheni wokufunda ngezilwane. Nganginanomgomo wokuba yiphayona elivamile nokukhonza lapho kunendingeko khona. Abangani bami abavuthiwe bangeluleka ukuba ngicabangisise ngokuthi ngangizokwazi yini ukufundela lokho engangifuna ukukufundela, ngesikhathi esifanayo ngifinyelele imigomo yami engokomoya. Bangikhumbuza ukuthi leli zwe lizophela maduzane. Ngakolunye uhlangothi, ezweni elisha ngiyoba naso sonke isikhathi sokufunda ngezilwane eziningi ngendlela engifisa ngayo. Ngakho, ngakhetha ukufundela into engeke ithathe isikhathi eside nezongisiza. Lokho kwangenza ngakwazi ukuthola umsebenzi engizozisekela ngawo njengoba ngiyiphayona elivamile, kamuva ngathuthela e-Ecuador, lapho kunendingeko enkulu khona.” Manje, uMiki nomyeni wakhe benza umsebenzi wokujikeleza kulelo zwe.
15. Iyiphi indlela abantu abangase bagcine besabele ngayo ezindabeni ezinhle ngokuhamba kwesikhathi? Nikeza isibonelo. (Bheka nezithombe.)
15 Akufanele sidikibale uma ekuqaleni abantu bengazamukeli izindaba ezinhle. Abantu bangashintsha. Cabanga ngesibonelo sikaJakobe umfowabo kaJesu. Wabona uJesu ekhula eba uMesiya futhi efundisa ngendlela okungekho muntu owake wafundisa ngayo. Nokho, kwaphela iminyaka uJakobe engamlandeli uJesu. Waze waba umfundi ngemva kokuba uJesu esevusiwe futhi empeleni waba umfundi oshisekayo!b (Joh. 7:5; Gal. 2:9) Ungakuthathi kancane ukubaluleka kokushumayeza izihlobo zakho ezingakabonisi ukuthi ziyalithanda iqiniso noma ukuphinde ushumayeze labo abangakawamukeli umyalezo woMbuso. Khumbula ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina, ngakho umsebenzi wethu wokushumayela uyaphuthuma. Lokho okushoyo kubantu namuhla kungabathinta kamuva, mhlawumbe ngisho nangemva kokuqala kosizi olukhulu.c
Yini engasikhuthaza ukuba singayeki ukushumayeza izihlobo zethu ezingakholwa? (Bheka isigaba 15)e
HLALE UBONGA NGEZIKHUMBUZO EZIVELA KUJEHOVA
16. Zikuzuzise kanjani izikhumbuzo ezivela kuJehova? (Bheka nebhokisi elithi “Sebenzisa Lokho Okufundayo Ukuze Usize Abanye.”)
16 Okunye ukudla okungokomoya esikutholayo kulungiselelwe abantu abangakaze bawezwe amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ngokwesibonelo, inkulumo yasobala eyenziwa njalo ngeviki, izihloko ezithile namavidiyo okutholakala ku-jw.org kanye nomagazini bethu bomphakathi, ngokuyinhloko kulungiselelwe abantu abangebona oFakazi. Noma kunjalo, siyazuza kulezo zikhumbuzo. Zenza simthande nakakhulu uJehova, zisenze silethembe nakakhulu iZwi lakhe, zisisize nokuba sibe othisha abangcono lapho sifundisa abanye amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo.—IHu. 19:7.
17. Kukuziphi izimo lapho ongazindla khona ngezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo?
17 NjengoFakazi BakaJehova, sijabula kakhulu lapho kunokuqonda okusha ngendlela esiqonda ngayo iqiniso elithile leBhayibheli. Noma kunjalo, sibonga kakhulu ngezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo ezasidonsela eqinisweni. Uma kwenzeka silingeka ukuba siphoqelele umbono wethu kunokuba sizithobe esiqondisweni esivela enhlanganweni kaJehova, ngokuzithoba singakhumbula ukuthi ubani oqondisa leyo nhlangano—uMdali onguMninimandla Onke nonakho konke ukuhlakanipha. Lapho thina noma umuntu esimthandayo ekhuthazelela uvivinyo, singakwazi ukubekezela futhi sizindle ngokuthi kungani uJehova evumele ukuhlupheka. Lapho sinquma ukuthi sizosisebenzisa kanjani isikhathi sethu nezinto esinazo, singakhumbula ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina futhi sincane isikhathi esesisele. Kwangathi izikhumbuzo ezivela kuJehova zingaqhubeka zisiqinisa, zisikhuthaza futhi zisenze sihlakaniphe.
INGOMA 95 Ukukhanya Kuba Kukhulu
a Bheka isihloko esithi “Kungani Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane?” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 15, 2007, kk. 21-25.
c Bheka isihloko esithi “Yini Esiyaziyo Ngezahlulelo ZikaJehova Zesikhathi Esizayo?” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 2024, kk. 8-13.
d INCAZELO YEZITHOMBE: Umdala usikisela okuthile kodwa indikimba yabadala ayikwamukeli lokho akusikiselayo. Kamuva, ngemva kokubuka isibhakabhaka esigcwele izinkanyezi, uyaqaphela ukuthi lokho okufunwa uJehova kubaluleke ukwedlula imibono yakhe.
e INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba enza isifundo somuntu siqu, uFakazi uhlola ubufakazi obubonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Lokho kumenza afonele udadewabo amshumayeze.