INDABA YOKUPHILA
“Impi IngekaJehova”
NGOJANUWARI 28, 2010 ebusika, ngangisedolobheni elihle laseStrasbourg, eFrance. Ngangingayanga khona ukuze ngiyovakasha ngibuke izindawo zakhona ezinhle. Ngangikanye nabanye abameli ukuze siyolwela amalungelo oFakazi BakaJehova eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR). Uhulumeni waseFrance wathi oFakazi BakaJehova babemkweleta imali yentela engama-euro angu-64 miliyoni, thina sasilapho ukuze siveze ubufakazi bokuthi lokho kwakungelona iqiniso. Kodwa, okwakubaluleke kakhulu kithi ngokunqoba leli cala kwakuwukukhazimulisa igama likaJehova, idumela labantu bakhe nokuthi baphinde bakwazi ukhonza uJehova ngokukhululekile eFrance. Lokho okwenzeka enkantolo kwafakazela ukuthi “impi ingekaJehova.” (1 Sam. 17:47) Ake ngichaze.
Impikiswano yaqala ngasekupheleni kwawo-1990 lapho uhulumeni waseFrance ethi igatsha laseFrance kwakufanele likhokhe intela okwakungafanele liyikhokhe ngenxa yeminikelo elaliyithole kusukela ngo-1993 kuya ku-1996. Saya ezinkantolo zaseFrance sicela ukuba zisibonise ubulungisa, kodwa azizange zikwenze lokho. Ngemva kokuhluleka enkantolo yokudluliswa kwamacala, uhulumeni wathatha imali yegatsha eyayisebhange engaphezu kwama-euro ayizigidi ezine nengxenye. Ithemba lethu lokugcina kwakuyi-ECHR. Kodwa ngaphambi kokuba isingathe icala lethu, i-ECHR yacela ukuba sihlangane nabameli bakahulumeni waseFrance kanye nomunye wabameleli beNkantolo YaseYurophu ukuze babone ukuthi kukhona yini esingavumelana ngakho ngaphambi kokuba icala lithethwe.
Sasicabanga ukuthi ummeleli weNkantolo YaseYurophu wayezosicindezela ukuba sikhokhele uhulumeni waseFrance imali ethile kuleyo ayeyifuna ukuze sixazulule le ndaba. Nokho, sasazi kahle ukuthi ukukhokha ngisho imadlana encane nje kwakuyosho ukwephula izimiso zeBhayibheli. Abafowethu nodadewethu babenikela ngoba befuna ukusekela izinto eziphathelene noMbuso, ngakho iminikelo yabo kwakungeyona ekahulumeni. (Math. 22:21) Noma kunjalo, saya kulowo mhlangano ngenxa yokuthi sasihlonipha imithetho yeNkantolo.
Nginengisebenza nabo kwezomthetho, simi phambi kwe-ECHR, ngo-2010
Saya kwelinye lamagumbi amahle aseNkantolo ukuze sibambe lowo mhlangano. Lowo mhlangano awuqalanga kahle. Lapho nje eqala ukukhuluma, ummeleli wenkantolo yaseYurophu wakuqinisekisa ukuthi wayelindele ukuba oFakazi BakaJehova eFrance bakhokhe imali yentela ethile eyayifunwa uhulumeni waseFrance. Sazizwa siphoqelekile ukuba simbuze, “Uyazi yini ukuthi kakade uhulumeni usethathe imali engaphezu kwama-euro ayizigidi ezine nohhafu ebhange lethu?”
Wayebonakala ukuthi ushaqekile. Lapho abameli bakahulumeni bekuqinisekisa ukuthi babekwenzile lokho, indlela ummeleli wenkantolo yaseYurophu ayebheka ngayo leli cala yashintsha ngokuphelele. Wabathethisa abameli bakahulumeni, wawuqeda ngaso leso sikhathi umhlangano. Ngabona lapho ukuthi uJehova wayeyishintshe ngokuphelele indlela leli cala elahamba ngayo, ngendlela esasingakaze siyicabange. Sasijabule kakhulu lapho sihamba kulowo mhlangano futhi sasimangele ngempela ngalokho okwakwenzekile.
NgoJuni 30, 2011, i-ECHR yakhipha isinqumo ngazwi-linye esivuna thina. Yathi intela okwakuthiwa asiyikhokhe yayingekho emthethweni, yayala ukuba uhulumeni asibuyisele imali ayeyithathile isinenzalo! Lesi sinqumo esiyingqopha-mlando sesivikele ukukhulekela kweqiniso eFrance kuze kube namuhla. Lowo mbuzo owodwa nje esasingazi nokuthi siyowubuza, wafana netshe elabulala uGoliyati. Washintsha umphumela waleli cala. Yini eyasenza sanqoba? Sanqoba ngenxa yokuthi, njengoba uDavide atshela uGoliyati, “impi ingekaJehova.”—1 Sam. 17:45-47.
Akulona leli cala kuphela esalinqoba. Kuze kube namuhla, njengoba besiphikiswa ohulumeni abanamandla kanye nenkolo, izinkantolo eziphakeme zasemazweni angu-70 nezinkantolo zomhlaba wonke zikhiphe izinqumo ezingu-1 225 ezivuna oFakazi BakaJehova. La macala esiwanqobile avikela amalungelo ethu ayisisekelo, njengelungelo lethu lokubhekwa njengenkolo esemthethweni, lokushumayela obala, lokwenqaba ukuhlanganyela emikhosini yokushisekela ubuzwe, nelungelo lokwenqaba ukumpontshelwa igazi.
Kwenzeka kanjani ukuba ngibe phakathi kwabantu ababesingatha icala laseYurophu ngibe ngikhonza eNdlunkulu Yomhlaba Wonke YoFakazi BakaJehova, eNew York, e-U.S.A.?
NGAKHULISWA ABAZALI ABABEYIZITHUNYWA ZEVANGELI EZISHISEKAYO
Abazali bami uGeorge noLucille, bathweswa iziqu ekilasini laseGileyadi lesi-12 futhi babekhonza e-Ethiopia ngesikhathi ngizalwa ngo-1956. Bangiqamba ngokuthi uPhilip, okuyigama lomvangeli wangekhulu lokuqala. (IzE. 21:8) Ngonyaka olandelayo, uhulumeni wavala izindlela esikhonza ngazo uJehova. Nakuba ngangisemncane kakhulu, ngiwukhumbula kahle umndeni wakithi ukhonza uJehova ekusithekeni. Njengoba ngangiseyingane, kwakungichaza kakhulu lokho! Ngokudabukisayo, iziphathimandla zasiphoqa ukuba sihambe kulelo zwe ngo-1960.
UNathan H. Knorr (kwesobunxele) uvakashele umndeni wakithi e-Addis Ababa, e-Ethiopia, ngo-1959
Ngesikhathi umndeni wakithi uthuthela eWichita, eKansas, e-U.S.A., abazali bami baya kuleyo ndawo nento ekhetheke kakhulu kubo—intshiseko ababenayo ngenkonzo ngesikhathi beyizithunywa zevangeli. Babephila ngeqiniso futhi bangifundisa ukuthanda uJehova nokumkhonza ngenhliziyo yonke futhi lokho abagcinanga ngokukwenza kimi, kodwa bakwenza nakudadewethu omdala uJudy nomfowethu omncane uLeslie, nabo abazalelwa e-Ethiopia. Ngabhapathizwa ngineminyaka engu-13. Ngemva kweminyaka emithathu, umndeni wakithi wathutha wayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona, e-Arequipa, ePeru.
Ngo-1974, lapho ngineminyaka engu-18 nje kuphela, igatsha lasePeru labela mina nabanye abazalwane abane ukuba sikhonze njengamaphayona akhethekile. Kwakufanele sishumayele ezindaweni okwakungakaze kushunyayelwe kuzo, eziNtabeni Ezimaphakathi Zase-Andes eziphakeme. Lokho kwakuhlanganisa ukushumayeza abantu bomdabu abakhuluma isiQuechua nesi-Aymara. Sasihamba ngemoto yasekhaya esasiyibiza ngokuthi Umkhumbi ngoba yayibukeka njengebhokisi. Nginezinkumbulo ezimnandi zangesikhathi sisebenzisa iBhayibheli ukuze sibonise abantu bomdabu ukuthi maduzane uJehova uzoqeda ukuhlupheka, ukugula nokufa. (IsAm. 21:3, 4) Iningi labo lawamukela umyalezo woMbuso.
“Umkhumbi,” ngo-1974
NGABELWA UKUYOKHONZA ENDLUNKULU YOMHLABA WONKE
Ngesikhathi evakashele ePeru ngo-1977, u-Albert Schroeder owayeyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova wangikhuthaza ukuba ngifake isicelo sokuyokhonza eBethel endlunkulu yomhlaba wonke. Ngakho yilokho engakwenza. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngoJuni 17, 1977 ngaqala inkonzo yami eBethel yaseBrooklyn. Eminyakeni emine eyalandela, ngasebenza emnyangweni Wokuhlanza nowe-Maintenance.
Ngosuku lwethu lomshado, ngo-1979
NgoJuni 1978, ngahlangana no-Elizabeth Avallone emhlanganweni wezizwe eNew Orleans, eLouisiana. Wayekhuliswe abazali ababephila ngeqiniso njengabazali bami. U-Elizabeth wayebe yiphayona elivamile iminyaka emine, inkonzo yesikhathi esigcwele yayiyigugu kakhulu kuye, eyibheka njengendlela okufanele aphile ngayo ukuphila kwakhe konke. Sasilokhu sixhumana. Kungakapheli isikhathi eside, sazana kangcono futhi sasithandana kakhulu. Sashada ngo-Okthoba 20, 1979 sabe sesiqala inkonzo yaseBethel sobabili.
Abafowethu nodadewethu basebandleni lethu lokuqala leSpanishi eBrooklyn, basibonisa uthando olukhulu. Njengoba iminyaka iqhubeka, sakhonza nakwamanye amabandla amathathu nawo asibonisa uthando futhi asekela inkonzo yethu yaseBethel. Silwazisa kakhulu usizo lwawo nokusekelwa abangani nomndeni, abasisize ukuba sikwazi ukunakekela abazali bethu asebekhulile.
Izikhonzi zaseBethel zikanye neBandla leSpanishi laseBrooklyn, ngo-1986
UKUSEBENZA EMNYANGWENI WEZOMTHETHO
Ngamangala lapho ngabelwa ukuba ngiyokhonza eMnyangweni Wezomthetho eBethel, ngoJanuwari 1982. Ngemva kweminyaka emithathu, ngacelwa ukuba ngiyofunda esikoleni sokufundela ezomthetho ukuze ngibe ummeli osemthethweni. Ngesikhathi ngisafunda, ngamangala kakhulu lapho ngithola ukuthi izinto eziningi abantu abanenkululeko yokuzenza abazithatha kalula lapha e-United States nakwamanye amazwe, bakwazi ukuzenza ngenxa yamacala oFakazi BakaJehova abawanqoba. Lawo macala abalulekile kwakuxoxwa ngawo kakhulu ekilasini.
Ngo-1986 lapho ngineminyaka engu-30, ngamiswa njenge-overseer yoMnyango Wezomthetho. Njengoba ngangisemusha futhi ngingabuqondi ngokuphelele ubunzima obabuseza, ngangijabule ngaleli lungelo futhi ngesikhathi esifanayo ngangikhathazekile ngoba ngangazi ukuthi lesi sabelo sasingeke sibe lula.
Ngo-1988 ngaba ummeli, kodwa nganginganakile ukuthi leyo mfundo yayisibulimaze kangakanani ubuhlobo bami noJehova. Imfundo ephakame ingakhulisa isifiso sokuba umuntu aziqhakambise yena, imenze nokuba acabange ukuthi ukuba nolwazi olukhethekile kwenza umuntu abe ngcono kunabanye abantu abangenalo ulwazi olunjengalolo yena analo. U-Elizabeth wangisiza kakhulu. Wangisiza ukuba ngiphinde ngenze izinto engangizenza ngaphambi kokuba ngiye eyunivesithi, ezazingisiza ngigcine ubungani bami noJehova buqinile. Kwathatha isikhathi, kodwa kancane kancane ngaphinde ngasondelana noJehova. Ngingakuqinisekisa ukuthi ukuba nolwazi olukhethekile oluningi akuyona into ebaluleke kakhulu ekuphileni. Okwenza ukuphila komuntu kujabulise ngempela ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova nokuthanda uJehova nabantu bakhe ngokujulile.
UKUVIKELA NOKUMISA NGOKOMTHETHO IZINDABA EZINHLE
Ngemva kokuqeda esikoleni sezomthetho, ngagxila ekusizeni umnyango wethu ngezindaba zezomthetho eBethel nasekuvikeleni izinto eziphathelene noMbuso enkantolo. Ukusekela inhlangano yethu ehamba ngesivinini esikhulu, ekhulayo nethuthukayo kwakujabulisa ngesikhathi esifanayo kuyinselele. Ngokwesibonelo, ngasekuqaleni kwawo-1990, uMnyango Wezomthetho wacelwa ukuba uhole ekukhipheni isiqondiso sokuba siyeke ukucela iminikelo yezincwadi zethu kubantu, okwakuyinto esase siyijwayele nesasiyenze isikhathi eside. Ngemva kwalokho, oFakazi BakaJehova base bekhipha izincwadi zethu ngaphandle kokucela iminikelo. Lokhu kwenza umsebenzi waba lula eBethel nasensimini futhi kuze kube namuhla kuyasisiza sigweme izinkinga eziphathelene nokukhokha izintela. Abanye abantu babecabanga ukuthi lolu shintsho lwaluzosenza silahlekelwe imali eningi, singabe sisaba nazo izincwadi ezanele esizozinika abantu abathanda iqiniso futhi lwaluzophazamisa inkonzo yasensimini. Kwenzeka okuphambene. Kusukela ngo-1990, inani labantu abakhonza uJehova laphindeka kabili futhi namuhla abantu bangakwazi ukufunda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezisindisa ukuphila ngaphandle kokukhokha imali. Ngizibonele mathupha ukuthi lokhu kanye nolunye ushintsho oluningi olwenzeka enhlanganweni, kungaphumelela kuphela ngamandla uJehova asinika wona nangesiqondiso asinika sona esebenzisa inceku ethembekile.—Eks. 15:2; Math. 24:45.
Amacala asenkantolo asiwanqobi ngenxa yokuthi sinabameli abakahle. Ngokuvamile, labo abasemagunyeni bathintwa ukuziphatha kahle kwabantu bakaJehova. Ngabubona ubufakazi balokho ngo-1998 ngesikhathi amalungu eNdikimba Ebusayo amathathu nomkabo beze emihlanganweni ekhethekile eCuba. Indlela ababenomusa ngayo nababenenhlonipho ngayo iyona eyaqinisekisa iziphathimandla ukuthi asihlanganyeli kwezepolitiki ukwedlula noma yini esayisho emihlanganweni esasiba nayo.
Nokho, uma izindaba ezingokomthetho zingaxazululeki ngokuthula ‘sivikela futhi simise ngokomthetho izindaba ezinhle’ enkantolo. (Fil. 1:7) Ngokwesibonelo, kwaphela iminyaka eminingi iziphathimandla zaseYurophu naseNingizimu Korea zingalihloniphi ilungelo lethu lokwenqaba ukuya empini. Ngenxa yalokho, abanye abazalwane abangu-18 000 eYurophu nabangaphezu kuka-19 000 eNingizimu Korea baboshwa ngenxa yokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.
Ekugcineni, ngoJulayi 7, 2011, i-ECHR yakhipha isinqumo esiyingqopha-mlando ecaleni elaliphakathi kuka-Bayatyan ne-Armenia, iyala ukuba labo abenqaba ukuya empini ngenxa yezinkolelo zabo mabavunyelwe ukwenza eminye imisebenzi kahulumeni kulo lonke elaseYurophu. NgoJuni 28, 2018 iNkantolo Yomthetho-sisekelo Yaseningizimu Korea yakhipha isinqumo esifanayo. Lezi zinqumo ezibalulekile zazingeke zikhishwe ukube ngisho idlanzana labazalwane bethu abasebasha lathatha uhlangothi.
Abazalwane abaholayo nabasebenza eminyangweni yezomthetho emagatsheni ethu emhlabeni wonke basebenza kanzima ukuze bavikele ilungelo lethu lokukhonza uJehova nelokushumayela ngoMbuso. Kuyilungelo kithi ukumelela abafowethu nodadewethu abaphikiswa uhulumeni. Kungakhathaliseki ukuthi siyanqoba noma asinqobi enkantolo, ukubekwa kwethu icala kunikeza ubufakazi kubabusi namakhosi nasezizweni. (Math. 10:18) Amajaji, abameleli bakahulumeni, abezindaba nomphakathi kumele bayibheke imiBhalo esisuke siyifakile kulokho esisuke sikubhalile noma esikushoyo enkantolo ukuze sizivikele emacaleni esibekwa wona. Abantu abanezinhliziyo eziqotho bayafunda ukuthi bangobani oFakazi BakaJehova nokuthi zisekelwe kuphi izinkolelo zethu. Abanye babo sebekhonza uJehova kanye nathi.
NGIYABONGA JEHOVA!
Kule minyaka engu-40 edlule, ngibe nelungelo lokusebenza ngezindaba ezingokomthetho namahhovisi egatsha emhlabeni wonke nelokuvela phambi kwezinkantolo eziphakame ezihlukahlukene naphambi kwezikhulu eziningi. Ngiyabathanda futhi ngiyabazisa abantu engisebenza nabo eMnyangweni Wezomthetho endlunkulu yomhlaba wonke nabaseminyangweni yezomthetho emhlabeni wonke. Ukuphila kwami kuyajabulisa kakhulu futhi ziningi izibusiso engizitholile.
U-Elizabeth ubelokhu engisekela ngothando nangobuqotho kuyo yonke le minyaka edlule engu-45, ngezikhathi ezimnandi nangezikhathi ezinzima. Ngimhlonipha kakhulu ngalokho ngoba ubelokhu enza kanjalo ngisho noma enesifo esenza umzimba wakhe ungakwazi ukulwa nezifo nesimenza aphelelwe amandla.
Sizibonele mathupha ukuthi amandla nokunqoba akuveli emakhonweni ethu. Njengoba uDavide asho, “uJehova ungamandla kubantu bakhe.” (IHu. 28:8) Ngempela, “impi ingekaJehova.”