ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 29
INGOMA 87 Wozani! Niqabuleke
Indlela Esingabeluleka Ngayo Abanye
“Ngiyokweluleka, iso lami likubhekile.”—IHU. 32:8.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngendlela esinganikeza ngayo iseluleko esiwusizo.
1. Ubani okudingeka anikeze iseluleko? Chaza.
UZIZWA kanjani ngokunikeza iseluleko? Abanye bayakujabulela ukunikeza iseluleko. Abanye bayanqikaza ukunikeza isiyalo, noma iseluleko, futhi bazizwa bengakhululekile lapho besinikeza. Kunoma yikuphi, sonke siphoqelekile ukuba sinikeze iseluleko ngezikhathi ezithile. Kungani? Kungenxa yokuthi uJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso babonakala ngothando ababonisana lona. (Joh. 13:35) Enye indlela esibonisa ngayo uthando ukuba sinikeze abafowethu nodadewethu iseluleko lapho besidinga. IZwi likaNkulunkulu lithi lapho ‘seluleka abanye ngobuqotho’ siqinisa ‘ubungani’ bethu nabo.—IzAga 27:9.
2. Yini abadala okumele bakwazi ukuyenza, futhi kungani? (Bheka nebhokisi elithi “Iseluleko Esisithola Emhlanganweni Waphakathi Neviki.”)
2 Abadala ngokukhethekile kudingeka bakwazi ukunikeza abanye iseluleko esihle. Esebenzisa uJesu, uJehova wabele la madoda ukuba eluse ibandla. (1 Pet. 5:2, 3) Enye indlela akwenza ngayo lokho ukunikeza izinkulumo ezineseluleko esisekelwe eBhayibhelini ebandleni. Kumele anike nemvu ngayinye iseluleko, kuhlanganise nalezo eziye zaphuma emhlanjini. Abadala, kuhlanganise nathi sonke, singasinikeza kanjani iseluleko esihle?
3. (a) Yini engasisiza sifunde ukunika abanye iseluleko esihle? (Isaya 9:6; bheka nebhokisi elithi “Lingisa UJesu Lapho Unikeza Iseluleko.”) (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Kuningi esingakufunda ngokuthi singasinikeza kanjani iseluleko esihle ngokutadisha izibonelo zabantu abaseBhayibhelini, ikakhulukazi uJesu. Elinye lamagama anikwe wona lithi “uMeluleki Omangalisayo.” (Funda u-Isaya 9:6.) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi yini esingayenza lapho sicelwa ukuba sinikeze iseluleko nokuthi yini esingayenza lapho kudingeka sinikeze iseluleko sibe singacelwanga. Sizoxoxa nangokubaluleka kokunikeza iseluleko ngesikhathi esifanele nangendlela efanele.
LAPHO SICELWA UKUBA SINIKEZE ISELULEKO
4-5. Lapho othile ecela ukuba simeluleke, yimuphi umbuzo okufanele siqale sizibuze wona? Nikeza isibonelo.
4 Lapho othile ecela ukuba simeluleke, kufanele sisabele kanjani? Singase sijabule futhi sifune ukumsiza ngokushesha. Kodwa kufanele siqale sizibuze lo mbuzo, ‘Ingabe ngiwumuntu okahle ukuba nginikeze iseluleko kule ndaba?’ Ngezinye izikhathi, indlela engcono kakhulu esingamsiza ngayo lowo muntu ukuba singamniki iseluleko, kunalokho simtshele ukuthi ubani ofaneleka kangcono ukuba amsize.
5 Cabanga ngalesi sibonelo. Ake sithi umngani wakho osondelene naye uqala ukugula kakhulu. Ukutshela ukuthi useqalile ukwenza ucwaningo ngokuthi yiziphi izindlela zokwelashwa angazisebenzisa, abe esecela umbono wakho ngokuthi iyiphi indlela yokwelashwa wena oyibona ingcono. Kungenzeka ukuthi kulezo zindlela zokwelashwa ikhona oyithandayo noma obungayikhetha, kodwa awuyena udokotela futhi awuqeqeshwanga ukuba welaphe leso sifo. Esimweni esinjalo, indlela engcono kakhulu yokusiza umngani wakho ukumsiza athole umuntu oqeqeshwe ukwelapha leso sifo.
6. Kungani singase sikhethe ukulinda ngaphambi kokuba sinikeze iseluleko?
6 Ngisho noma sicabanga ukuthi siyakufanelekela ukunikeza iseluleko endabeni ethile, singase sikhethe ukulinda isikhashana ngaphambi kokuba simphendule umuntu ocela ukuba simeluleke. Kungani? IzAga 15:28 zithi ‘olungile uyazindla ngaphambi kokuba aphendule.’ Kuthiwani uma sicabanga ukuthi siyayazi impendulo? Singase sizinike isikhathi sokwenza ucwaningo, sokuthandaza nesokuzindla. Ngaleyo ndlela singaqiniseka kakhudlwana ukuthi impendulo yethu iyavumelana nendlela uJehova azizwa ngayo ngaleyo ndaba. Cabanga ngesibonelo somprofethi uNathani.
7. Yini oyifundayo esibonelweni somprofethi uNathani?
7 Ngesikhathi iNkosi uDavide ikhuluma nomprofethi uNathani, yathi ifuna ukwakhela uJehova ithempeli. Ngokushesha uNathani wayeluleka ukuba ilakhe ithempeli. Kodwa uNathani kwakufanele aqale azinike isikhathi sokubuza uJehova ngale ndaba. Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova wayengafuni ukuba lakhiwe uDavide ithempeli. (1 IziKr. 17:1-4) Njengoba lesi sibonelo sibonisa, lapho sicelwa ukuba sinikeze iseluleko, siyobe sibonisa ukuthi sihlakaniphile uma ‘siphuza ukukhuluma.’—Jak. 1:19.
8. Yisiphi esinye isizathu esenza kufanele siqaphe lapho sinikeza iseluleko?
8 Cabanga ngesinye isizathu esenza kufanele siqaphe lapho sinikeza othile iseluleko: Nathi singase sigxekwe uma iseluleko esisinikeze othile siba nemiphumela emibi. Ngempela, senza kahle ngokucabangisisa ngaphambi kokuba sinikeze iseluleko.
LAPHO KUDINGEKA SINIKEZE ISELULEKO SINGACELWANGA
9. Ngaphambi kokuba abadala banikeze iseluleko, yini okumele baqiniseke ngayo? (Galathiya 6:1)
9 Ngezikhathi ezithile, abadala kudingeka beluleke umzalwane noma udade ‘othathe isinyathelo okungesona.’ (Funda eyabaseGalathiya 6:1.) Umuntu angase enze izinqumo ezingahlakaniphile, kamuva ezingamenza agcine enze isono esikhulu. Umgomo wabadala ukusiza lowo muntu ahlale esendleleni eholela ekuphileni okuphakade. (Jak. 5:19, 20) Nokho, ukuze iseluleko sabo siphumelele, abadala kudingeka baqale baqiniseke ukuthi lowo muntu usesithalile ngempela yini isinyathelo okungesona. UJehova usivumela sonke ukuba senze izinqumo sisebenzisa onembeza bethu. (Roma 14:1-4) Nokho, kuthiwani uma lowo muntu ubesesithathile isinyathelo okungesona futhi abadala benquma ukuthi kumele bameluleke?
10-12. Lapho abadala benikeza iseluleko bengacelwanga, yini okudingeka bayenze. Fanekisa. (Bheka nezithombe.)
10 Abadala okumele banikeze iseluleko bengacelwanga babhekana nenselele. Ngayiphi indlela? Umphostoli uPawulu wathi umuntu angase athathe isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele. Ngakho, ngaphambi kokuba abadala banikeze umuntu iseluleko, kunezinto ezithile okufanele bazenze ukuze kube lula ngalowo muntu ukuba amukele iseluleko.
11 Ukunikeza iseluleko ungacelwanga kungafana nokuzama ukutshala izitshalo emhlabathini oqinile. Ngaphambi kokuba umlimi aqale ukutshala, uyawuvukuza umhlabathi. Lokho kwenza umhlabathi uthambe, ulungele ukutshalwa kwembewu. Ube esetshala. Ekugcineni uyanisela ukuze imbewu ikhule. Ngendlela efanayo, ngaphambi kokuba umdala anikeze iseluleko engacelwanga, wenza kahle ngokuvukuza umhlabathi ongokomfanekiso. Ngokwesibonelo, uma sekuyisikhathi esikahle sokuba akhulume, umdala uqinisekisa lowo amnikeza iseluleko ukuthi uyamkhathalela. Uma lowo onikeza iseluleko aziwa ngokuba nothando nomusa, kuyoba lula ngabanye ukuba basamukele iseluleko sakhe.
12 Phakathi naleyo ngxoxo, umdala angaqhubeka ethambisa umhlabathi ngokuthi akhumbuze umuntu axoxa naye ukuthi sonke siyawenza amaphutha futhi siyasidinga iseluleko ngezikhathi ezithile. (Roma 3:23) Ngomoya ozolile nangenhlonipho ejulile, umdala umbonisa ngokucacile emiBhalweni ukuthi usithathe kanjani isinyathelo okungesona. Lapho lowo muntu evuma ukuthi wenze iphutha, umdala “utshala imbewu” ngokumchazela ngendlela elula ukuthi yini okudingeka ayenze ukuze azame ukulungisa isimo. Ekugcineni, umdala “unisela” imbewu ngokumncoma ngobuqotho lowo muntu nangokuthandaza naye.—Jak. 5:15.
Ukunikeza iseluleko ungacelwanga kudinga ube nothando nekhono (Bheka izigaba 10-12)
13. Abadala bangaqiniseka kanjani ukuthi umuntu abamelulekayo uyasiqonda iseluleko?
13 Ngezinye izikhathi, lokho okushiwo yilowo onikeza iseluleko nalokho okuzwiwa umuntu othola iseluleko yizinto ezimbili ezingafani. Yini abadala abangayenza ukuze bagweme ukuba lokho kwenzeke? Bangasiza lowo muntu ukuba aqonde amaphuzu ayinhloko ngokumbuza imibuzo ecatshangelwe kahle ngenhlonipho. (UmSh. 12:11) Izimpendulo zalowo muntu ziyosiza umdala aqiniseke ukuthi umuntu owelulekwayo uyasiqonda iseluleko anikwe sona.
UKUNIKEZA ISELULEKO NGESIKHATHI ESIFANELE NANGENDLELA EFANELE
14. Ingabe kufanele sinikeze iseluleko lapho sisathukuthele? Chaza.
14 Sonke sinesono, ngakho ngezinye izikhathi siyokwenza izinto noma sisho izinto ezibaphatha kabi abanye. (Kol. 3:13) IZwi likaNkulunkulu liyasho ukuthi ngezinye izikhathi omunye umuntu angase asho noma enze into esithukuthelisayo. (Efe. 4:26) Kodwa kumele sikugweme ukunikeza iseluleko lapho sithukuthele. Kungani? Kungenxa yokuthi “intukuthelo yomuntu ayikulethi ukulunga kukaNkulunkulu.” (Jak. 1:20) Uma sinikeza iseluleko lapho sithukuthele, cishe siyokwenza isimo sibe sibi nakakhulu. Lokho akusho ukuthi akufanele nanini siveze lokho esikucabangayo nemizwa yethu kulowo osithukuthelisile. Nokho, uma silinda size sehlise umoya, ingxoxo yethu ingaphumelela kakhudlwana. Cabanga ngesibonelo esihle esabekwa umeluleki kaJobe othembekile, u-Elihu.
15. Yini esiyifundayo esibonelweni sika-Elihu? (Bheka nesithombe.)
15 Kwaphela izinsuku eziningi u-Elihu elalele uJobe ezivikela ezinsolweni ezingamanga ezazishiwo abaduduzi bakhe bamanga. U-Elihu wayemzwela uJobe. Kodwa u-Elihu naye wamthukuthelela kakhulu uJobe ngoba wayesho izinto ezingelona iqiniso ngoJehova futhi wayegxile kakhulu kuye. Noma kunjalo, u-Elihu walinda kwaze kwabe yithuba lakhe lokukhuluma, wabe esekhuluma ngomoya ophansi nangenhlonipho ejulile lapho eluleka uJobe. (Jobe 32:2; 33:1-7) Isibonelo sika-Elihu sisifundisa leli qiniso elibalulekile: Kungcono kakhulu ukunikeza iseluleko ngesikhathi esifanele nangendlela efanele futhi sisinikeze ngenhlonipho nangothando.—UmSh. 3:1, 7.
Nakuba ekuqaleni u-Elihu ayethukuthele kakhulu, lapho eseluleka uJobe wayemnene futhi enenhlonipho ejulile (Bheka isigaba 15)
QHUBEKA UNIKEZA FUTHI WAMUKELA ISELULEKO
16. Yini oyifundayo kumaHubo 32:8?
16 EmBhalweni okusekelwe kuwo lesi sihloko uJehova uthi: “Ngiyokweluleka, iso lami likubhekile.” (Funda iHubo 32:8.) Lokhu kubonisa ukuthi uyaqhubeka esisekela. Akagcini nje ngokuseluleka, kodwa usisiza nokuba sisisebenzise iseluleko. Leso yisibonelo esihle ngempela kithi! Lapho sinelungelo lokweluleka abanye, kwangathi singalingisa uJehova ngokuqhubeka sibakhuthaza futhi senze konke esingakwenza ukuze sibasize baphumelele.
17. Bafaniswa nani abadala abanikeza iseluleko esiqondile esisekelwe eBhayibhelini? Chaza. (Isaya 32:1, 2)
17 Manje kunanini ngaphambili, kudingeka sinike abanye iseluleko esihle futhi nathi samukele iseluleko esihle esivela kwabanye. (2 Thim. 3:1) Abadala abanikeza iseluleko esiqondile esisekelwe eBhayibhelini ‘banjengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi.’ (Funda u-Isaya 32:1, 2.) Abangani abasitshela lokho esidinga ukukuzwa kunokuba basitshele lokho esifuna ukukuzwa, basinika isipho esiyigugu “njengama-apula egolide ezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Kwangathi sonke singaqhubeka silwela ukuba nokuhlakanipha esikudingayo ukuze sinikeze futhi samukele iseluleko esihle.
INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni