ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 28
INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho
Kungani Kufanele Sifune Iseluleko?
“Ukuhlakanipha okwalabo abawafunayo amacebiso.”—IZAGA 13:10.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi yini okumele siyenze ukuze sizuze ngokugcwele lapho sithola iseluleko.
1. Singazenza kanjani izinqumo ezihlakaniphile nezizophumelela? (IzAga 13:10; 15:22)
SONKE siyafuna ukwenza izinqumo ezihlakaniphile nezizophumelela. IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi ukuze senze kanjalo kudingeka sifune iseluleko.—Funda izAga 13:10; 15:22.
2. Yini uJehova athembisa ukusenzela yona?
2 Yiqiniso ukuthi uMuntu ongcono kakhulu esingacela kuye ukuhlakanipha neseluleko uBaba wethu, uJehova. Uthembisa ukusisiza, ethi: “Ngiyokweluleka, iso lami likubhekile.” (IHu. 32:8) La mazwi abonisa ukuthi uJehova akagcini nje ngokusinika iseluleko—unendaba nomuntu ngamunye futhi usisiza ukuba sisisebenzise iseluleko asinika sona.a
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Kulesi sihloko, sizosebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze lisisize siphendule le mibuzo emine elandelayo: (1) Yiziphi izimfanelo okumele ngibe nazo uma ngifuna ukuzuza eselulekweni esihle? (2) Ubani onganginika iseluleko esihle? (3) Ngingabonisa kanjani ukuthi ngiyasifuna ngempela iseluleko? (4) Kungani kufanele ngigweme ukucela abanye ukuba bangenzele izinqumo?
YIZIPHI IZIMFANELO OKUMELE NGIBE NAZO?
4. Uma sifuna ukuzuza eselulekweni esihle, yiziphi izimfanelo okumele sibe nazo?
4 Kumele sithobeke futhi sibe nesizotha ukuze sizuze eselulekweni esihle. Ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile lapho sibhekene nesimo esingakaze sibhekane naso ngaphambili, kudingeka sivume ukuthi siyaludinga usizo lwabanye futhi asazi yonke into. Uma singathobekile futhi singenaso isizotha, uJehova ngeke akwazi ukusisiza. Ngenxa yalokho, noma yisiphi iseluleko esisithola lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu singase singasisebenzisi, kufane nokuthela amanzi emhlane wedada. (Mika 6:8; 1 Pet. 5:5) Nokho, uma sithobekile futhi sinesizotha, siyoshesha ukusilalela iseluleko esisithola eBhayibhelini futhi sizuze kuso.
5. Yiziphi izinto ezazenziwe yiNkosi uDavide ezazingayenza iqhoshe?
5 Cabanga ngalokho esingakufunda esibonelweni seNkosi uDavide. Izinto eziningi ezinhle ayezenzile zazingamenza aqhoshe. Eminyakeni eminingi ngaphambi kokuba abe yinkosi, wayaziwa njengomculi onekhono. Waze wacelwa nokuba aculele inkosi. (1 Sam. 16:18, 19) Ngemva kokugcoba uDavide ukuba abe yinkosi eyayizolandela, uJehova wamupha amandla ngomoya waKhe ongcwele. (1 Sam. 16:11-13) Abantu babemdumisa ngenxa yokuthi wayebulale izitha zabo, okuhlanganisa umdondoshiya ongumFilisti uGoliyati. (1 Sam. 17:37, 50; 18:7) Indoda eqhoshayo eyayenze izinto ezinkulu njengalezo yayingase icabange ukuthi sasingekho isidingo sokulalela iseluleko esivela kwabanye. Kodwa uDavide wayethobekile.
6. Sazi kanjani ukuthi uDavide wasilalela iseluleko? (Bheka esisekhasini 1.)
6 Ngemva kokumiswa njengenkosi, uDavide waqhubeka esondelene namadoda ayemnika iseluleko. (1 IziKr. 27:32-34) Lokho akumangazi ngoba uDavide wayaziwa ngokulalela iseluleko esihle. Akagcinanga ngokulalela iseluleko esivela emadodeni, kodwa walalela neseluleko esivela kowesifazane obizwa ngokuthi u-Abhigayili. Wayeshade noNabali, indoda edelelayo, engabongi nezazisayo. Kodwa uDavide yena wayethobekile futhi wasisebenzisa iseluleko esihle, ngenxa yalokho wagwema ukwenza iphutha elibi kakhulu.—1 Sam. 25:2, 3, 21-25, 32-34.
Ngokuthobeka, iNkosi uDavide yasamukela iseluleko sika-Abhigayili futhi yasisebenzisa (Bheka isigaba 6)
7. Yiziphi izifundo esingazifunda esibonelweni sikaDavide? (UmShumayeli 4:13) (Bheka nezithombe.)
7 Singafunda izifundo ezithile esibonelweni sikaDavide. Ngokwesibonelo, kungenzeka sinekhono elithile noma sinegunya elithile. Noma kunjalo, akufanele nanini sicabange ukuthi sazi yonke into futhi asisidingi iseluleko. NjengoDavide, kufanele sikulungele ukulalela iseluleko esihle, kungakhathaliseki ukuthi sivela kubani. (Funda umShumayeli 4:13.) Uma senza kanjalo, cishe siyogwema ukwenza amaphutha amakhulu angazwisa thina nabanye ubuhlungu obukhulu.
Kufanele sizimisele ukulalela iseluleko esihle, kungakhathaliseki ukuthi sisinikezwa ubani (Bheka isigaba 7)d
UBANI ONGANGINIKA ISELULEKO ESIHLE?
8. Kungani uJonathani ayengumuntu okahle ukuba anike uDavide iseluleko?
8 Cabanga ngesinye isifundo esingasifunda esibonelweni sikaDavide. Walalela iseluleko asithola kubantu ababenobuhlobo obuhle noJehova futhi ababesiqonda kahle isimo ayebhekene naso. Ngokwesibonelo, ngesikhathi efuna ukwazi ukuthi iNkosi uSawule yayikulungele yini ukwenza ukuthula naye, uDavide walalela iseluleko sikaJonathani, indodana kaSawule. Kungani uJonathani akwazi ukumnika iseluleko esihle? Kungenxa yokuthi uJonathani wayengagcini nje ngokuba nobuhlobo obuhle noJehova, kodwa wayemazi kahle uSawule. (1 Sam. 20:9-13) Kungasifundisani lokho?
9. Lapho sidinga iseluleko, kufanele sisicele kubani? Chaza. (IzAga 13:20)
9 Lapho sidinga iseluleko, siyobe senza kahle ngokusicela kumuntu onobuhlobo obuhle noJehova futhi onolwazi ngendaba esidinga usizo kuyo.b (Funda izAga 13:20.) Ngokwesibonelo, ake sithi umzalwane osemusha ufuna ukuthola umuntu azoshada naye ofanelekayo. Angasithola kubani iseluleko esihle? Umngani wakhe ongashadile angaba wusizo uma emnika iseluleko esisekelwe ezimisweni zeBhayibheli. Kodwa cishe umzalwane osemusha uyothola iseluleko esiqondile nesiwusizo nakakhulu uma exoxa nendoda nomkayo abavuthiwe ngokomoya, abamazi kahle lo mzalwane nasebenesikhathi beshadile futhi bejabule emshadweni wabo.
10. Yini esizoxoxa ngayo manje?
10 Sixoxe ngezimfanelo ezimbili okumele sibe nazo nangokuthi ubani ongasinika iseluleko esihle. Manje ake sixoxe ngokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyasifuna ngempela iseluleko nangokuthi kufanele yini sicele abanye basenzele izinqumo.
NGINGABONISA KANJANI UKUTHI NGIYASIFUNA NGEMPELA ISELULEKO?
11-12. (a) Yini esingase siyenze ngezinye izikhathi? (b) Yini eyenziwa iNkosi uRehobowamu lapho kudingeka yenze isinqumo esibalulekile?
11 Ngezinye izikhathi, kungase kubonakale sengathi umuntu ufuna iseluleko, kanti empeleni umane nje ufuna abanye bamqinisekise ngesinqumo asesenzile kakade. Umuntu onjalo usuke engasifuni ngempela iseluleko. Kufanele akubheke njengesixwayiso lokho okwenzeka eNkosini uRehobowamu.
12 URehobowamu waba yinkosi yakwa-Israyeli ngemva kokufa kukababa wakhe uSolomoni. Wazuza njengefa isizwe esasichuma, kodwa abantu baleso sizwe babenomuzwa wokuthi uSolomoni wayebasebenzise kanzima. Abantu baya kuRehobowamu bamncenga ukuba angabasebenzisi kanzima. URehobowamu wabacela ukuba bamnike isikhathi sokucabanga ngesinqumo ayezosenza. Ekuqaleni wenza into enhle, wacela iseluleko emadodeni amadala ayesize uSolomoni. (1 AmaKh. 12:2-7) Nokho, akazange asisebenzise iseluleko ayemnike sona. Yini okungenzeka yamenza wenza kanjalo? Kungenzeka yini ukuthi uRehobowamu wayesenqumile kakade ukuthi yini azoyenza futhi wayemane nje efuna umuntu ozovumelana naye? Uma kunjalo, wakuthola lokho ayekufuna eselulekweni asithola kubangani bakhe abangontanga yakhe. (1 AmaKh. 12:8-14) Watshela abantu ayebabusa lokho ayekutshelwe abangani bakhe. Ngenxa yalokho, isizwe sahlukana phakathi futhi kusukela lapho isizwe sasilokhu sinezinkinga.—1 AmaKh. 12:16-19.
13. Singazi kanjani ukuthi siyasifuna ngempela yini iseluleko?
13 Yini esingayifunda esibonelweni sikaRehobowamu? Lapho sicela iseluleko kwabanye, kumele sibonise ukuthi siyasifuna ngempela. Singazi kanjani ukuthi siyasifuna ngempela yini iseluleko? Singase sizibuze lo mbuzo, ‘Ingabe ngifuna iseluleko bese ngokushesha ngiyasenqaba ngenxa yokuthi asiyona le nto engifuna ukuyizwa?’ Cabanga ngalesi sibonelo.
14. Lapho sithola iseluleko, yini okumele siyikhumbule? Fanekisa. (Bheka nesithombe.)
14 Cabanga ngomzalwane othole umsebenzi oholela kahle. Kodwa ngaphambi kokuba awamukele, ucela iseluleko kumdala. Lo mzalwane ube esechaza ukuthi lo msebenzi uzomenza abe kude nomndeni wakhe isikhathi eside. Umdala ube esekhumbuza lo mzalwane isimiso seBhayibheli esithi umsebenzi wakhe oyinhloko ukunakekela izidingo ezingokomoya zomndeni wakhe. (Efe. 6:4; 1 Thim. 5:8) Ake sithi ngokushesha umzalwane akavumelani neseluleko salo mdala bese ebuza abanye abazalwane ngale ndaba kuze kube yilapho ethola umuntu omtshela lokho afuna ukukuzwa. Ingabe umzalwane usifuna ngempela iseluleko, noma usenqumile kakade ukuthi uzokwenzani, umane nje ufuna umuntu ozovumelana naye? Kumele sikhumbule ukuthi inhliziyo iyakhohlisa. (Jer. 17:9) Ngezinye izikhathi, iseluleko esisidinga ngempela yileso esingafuni ukusizwa.
Ingabe sisifuna ngempela iseluleko esihle, noma simane nje sifuna umuntu ozovumelana nathi? (Bheka isigaba 14)
INGABE KUFANELE NGICELE ABANYE BANGENZELE IZINQUMO?
15. Yini okumele siqaphe ukuba singayenzi, futhi kungani?
15 Ngamunye wethu unomthwalo wokuzenzela izinqumo. (Gal. 6:4, 5) Njengoba sifundile, umuntu ohlakaniphile uyofuna iseluleko eZwini likaNkulunkulu nakumaKristu avuthiwe ngaphambi kokuba enze isinqumo. Nokho, kumele siqaphele ukuba singabaceli abanye ukuba basenzele izinqumo. Abanye bangase bakwenze ngokuqondile lokho ngokubuza umuntu abamhloniphayo ukuthi, “Ukube ububhekene nesimo esinjengesami, ubuyokwenzenjani?” Abanye bangase bakwenze ngezindlela ezicashile lokhu ngokwenza lokho okwenziwa omunye umuntu, ngaphandle kokucabangisisa ngendaba okudingeka benze isinqumo kuyo.
16. Yisiphi isimo esaphakama eKorinte ngokuphathelene nenyama eyayihlatshelwe izithixo, futhi ubani okwakufanele anqume ukuthi wayezoyidla yini leyo nyama? (1 Korinte 8:7; 10:25, 26)
16 Cabanga ngalokho okwenzeka kumaKristu asebandleni laseKorinte ngekhulu lokuqala ngokuphathelene nenyama okungenzeka yayihlatshelwe izithixo. UPawulu wathi kulawo maKristu: “Siyazi ukuthi isithixo asilutho ezweni, nokuthi akukho Nkulunkulu ngaphandle koyedwa.” (1 Kor. 8:4) Ngenxa yalokho okwashiwo uPawulu, abanye ebandleni banquma ukuthi bangayidla inyama okungenzeka yayihlatshelwe izithixo futhi kamuva yabe isidayiswa emakethe. Abanye banquma ukuthi babengeke bakwazi ukuyidla leyo nyama ngoba lokho kwakuyowuhlupha unembeza wabo. (Funda eyoku-1 Korinte 8:7; 10:25, 26.) Leso kwakuyisinqumo somuntu ngamunye. UPawulu akakaze eluleke abaseKorinte ukuba benzele abanye izinqumo noma benze izinqumo ezifana nezabanye. Ngamunye wabo ‘wayeyozilandisela kuNkulunkulu.’—Roma 14:10-12
17. Yini ebingenzeka uma besingamane senze lokho okwenziwa abanye? Nikeza isibonelo. (Bheka nezithombe.)
17 Ingenzeka kanjani into efanayo namuhla? Cabanga ngendaba yezingxenyana zegazi. UmKristu ngamunye kumele azinqumele ukuthi uyakwamukela yini noma uyakwenqaba ukwelashwa okuhilela izingxenyana zegazi.c Singase sikuthole kuyinselele ukuyiqonda kahle le ndaba, kodwa ukwenza izinqumo ezinjengalezi kuwumthwalo womuntu ngamunye. (Roma 14:4) Ukube besiyomane senze lokho okwenziwa omunye omuntu, besiyokwenza onembeza bethu babe buthaka. Singaqeqesha onembeza bethu futhi sibenze basebenze kangcono kuphela uma sibasebenzisa. (Heb. 5:14) Ngakho kunini lapho kufanele sisicele khona iseluleko kumKristu ovuthiwe? Kungemva kokuba sesizenzele thina ucwaningo kodwa sibe sisaludinga usizo lokuqonda ukuthi izimiso zeBhayibheli zisebenza kanjani esimweni esibhekene naso.
Iseluleko kufanele sisicele kuphela ngemva kokuba sesilwenzile ucwaningo (Bheka isigaba 17)
QHUBEKA UFUNA ISELULEKO
18. Yini uJehova asenzele yona?
18 UJehova ubonisile ukuthi usithemba kakhulu ngokusivumela ukuba sizenzele thina izinqumo. Usinike iZwi lakhe, iBhayibheli. Usinike nabangani abahlakaniphile abangasisiza siqonde ukuthi singazisebenzisa kanjani izimiso zeBhayibheli. Useyidlalile indima yakhe njengoBaba wethu. (IzAga 3:21-23) Yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi siyambonga ngokusisiza?
19. Singaqhubeka kanjani senza uJehova ajabule?
19 Cabanga ngaleli qiniso: Abazali bayajabula lapho bebona izingane zabo zikhula ziba yizikhonzi zikaJehova ezicabangelayo, ezihlakaniphile neziwusizo kwabanye. Ngendlela efanayo, uJehova uyajabula lapho esibona siqhubeka sikhula ngokomoya, sifuna iseluleko futhi senza izinqumo ezibonisa ukuthi siyamthanda.
INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo
a EmiBhalweni, igama elithi “iseluleko” nelithi “isiyalo” angabhekisela entweni efanayo. Kulesi sihloko nakwesilandelayo, lapho la magama esetshenziswa azobe eveza umqondo ofanayo.
b Ngezinye izikhathi, ngokuhlakanipha amaKristu angase acele abantu abangamkhonzi uJehova ukuba baweluleke mayelana nezindaba zezimali, ezokwelashwa noma ezinye izinto.
c Ukuze uthole okwengeziwe ngale ndaba, bheka incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!, isifundo 39 iphuzu 5 nengxenye ethi “Hlola Okwengeziwe.”
d INCAZELO YEZITHOMBE: Umdala weluleka omunye umdala ngendlela akhulume ngayo emhlanganweni abasanda kuba nawo.