Kungani Izimpi Nezingxabano Ezinodlame Zingapheli?
IBhayibheli lembula imbangela yezimpi nezingxabano ezinodlame nokuthi kungani zingapheli.
ISONO
UNkulunkulu wadala abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:27) Lokho kwakusho ukuthi babezoba nobuntu obufana nobukaNkulunkulu, njengokuthula nothando. (1 Korinte 14:33; 1 Johane 4:8) Noma kunjalo, u-Adamu no-Eva abamlalalenga uNkulunkulu futhi bona. Ngenxa yalokho, sonke saba nesono futhi siyafa. (Roma 5:12) Isono esasithola senza sicabange izinto ezingalungile futhi sibe nobudlova.—Genesise 6:5; Marku 7:21, 22.
OHULUMENI
UNkulunkulu akasenzanga sakwazi ukuzibusa thina. IBhayibheli lithi: “[Umuntu] akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Ngenxa yaleso sizathu, ohulumeni ngeke baziqede zonke izimpi nobudlova.
USATHANE NAMADEMONI AKHE
IBhayibheli lembula ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Lona “omubi” okukhulunywa ngaye, uSathane uDeveli futhi ungumbulali ononya. (Johane 8:44) Yena nezinye izidalwa zomoya ezikhohlakele babangela abantu ukuba balwe futhi babe nobudlova.—IsAmbulo 12:9, 12.
Abantu ngeke bakwazi ukuqeda izimbangela zezimpi nodlame kodwa uNkulunkulu angakwazi.