Abantu Bangakwazi Yini Ukuqeda Izimpi Nezingxabano Ezinodlame?
Ziningi izizathu ezenza abantu balwe. Abanye abantu balwela ukubona ushintsho kwezepolitiki nakwezomnotho kanti abanye balwela ukuphathwa ngobulungisa. Abanye balwela igunya lokulawula izwe noma izinto ezikhiqizwa yilelo zwe. Izingxabano eziningi zibangwa ukungafani kobuzwe nezinkolo. Yini eyenziwa abantu ukuze banqande ukulwa futhi balethe ukuthula? Bazokwazi yini ukukuvimba ngempela?
Drazen_/E+ via Getty Images
OHULUMENI BAZAMA UKUTHUTHUKISA UMNOTHO
Uyini umgomo wabo? Uwukuthuthukisa inhlalakahle yabantu. Lokhu kunganciphisa ukungalingani kwabantu ngokwezimali, okuyimbangela enkulu yezimpi.
Kungani kunzima ukukwenza lokhu? Yingoba kudingeka ohulumeni bashintshe indlela abazaba ngayo izimali. Ngo-2022, kwachithwa imali elinganiselwa ku-R641,6 billion ezintweni ezazizosiza zithuthukise ukuphila kwabantu futhi kugcinwe ukuthula. Nokho, leyo mali yayincane kakhulu, ingamaphesenti angu-0,4 uma iqhathaniswa nemali eyachithwa kwezempi ngawo lowo nyaka.
“Sichitha izimali eziningi kakhulu sibhula umlilo obangelwa yizimpi kunokwenza ukuthula.”—U-António Guterres, unobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene.
Lokho okushiwo yiBhayibheli: Uhulumeni emhlabeni wonke nezinhlangano ezithile bangakwazi ukusiza abantu abahluphekayo kodwa abasoze bayiqeda ngokuphelele inhlupheko.—Duteronomi 15:11; Mathewu 26:11.
OHULUMENI BAZAMA UKWENZA UKUTHULA NGOKWENZA IZIVUMELWANO
Uyini umgomo wabo? Uwukugwema noma ukuxoxisana ngokuthula ukuze kulungiswe ukungaboni ngaso linye futhi lokhu kusiza zombili izinhlangothi.
Kungani kunzima ukukwenza lokhu? Kulezo zinhlangothi, kungase kube neqembu elilodwa noma amaningi angavumi ukuxoxisana noma ukuvuma ukwenza okuthile noma ukwamukela isivumelwano. Enye inkinga iwukuthi izivumelwano zokuthula ziphulwa kalula.
“Izivumelwano zokuthula azihlale ziphumelela njalo. Isivumelwano sokuqeda impi singase sibe sibi kakhulu kangangokuthi singaba imbangela yokuthi kuxatshanwe nakakhulu.”—URaymond F. Smith, we-American Diplomacy.
Lokho okushiwo yiBhayibheli: Abantu kufanele ‘bafune ukuthula.’ (IHubo 34:14) Kodwa abantu abaningi namuhla ‘abathembekile, . . . abafuni sivumelwano, . . . futhi bangabakhapheli.’ (2 Thimothewu 3:1-4) Izinto ezinjengalezi zenza osopolitiki abaqotho bangakwazi ukuxazulula izingxabano.
OHULUMENI BAZAMA UKWENZA ISIVUMELWANO SOKUNCIPHISA IZIKHALI ABANAZO NOMA BANGABI NAZO NHLOBO
Uyini umgomo wabo? Uwukunciphisa noma ukuqeda izikhali, ikakhulukazi ezenuzi, ezamakhemikhali nezifo ezenziwa ngezilwanyana ezincane eziphilayo.
Kungani kunzima ukukwenza lokhu? Yingoba izizwe azifuni ukulahla noma ukunciphisa izikhali zazo ngoba zesaba ukuthi ngeke zikwazi ukuzivikela lapho zihlaselwa. Ukulahla zonke izikhali akuziqedi izizathu ezenza abantu balwe.
“Ohulumeni abaningi ababethembise ukulahla izikhali zabo ngemva kuka-1991, abakwenzanga lokho ababekuthembisile. Kwakufanele bathathe izinyathelo ukuze banciphise ubungozi, banciphise ukungezwani kwamazwe futhi benze umhlaba esihlala kuwo uphephe kakhudlwana.”—“I-Securing Our Common Future: An Agenda for Disarmament.”
Lokho okushiwo yiBhayibheli: Abantu kufanele balahle izikhali futhi ‘bakhande izinkemba zabo zibe ngamageja.’ (Isaya 2:4) Nokho, kuningi okusamele kwenziwe ngoba ubudlova buqala enhliziyweni yomuntu.—Mathewu 15:19.
OHULUMENI BAKHA IMIFELANDAWONYE UKUZE BAGWEME IZIMPI
Uyini umgomo wabo? Uwukuvikelana lapho behlaselwa izitha. Bakha le mifelandawonye ngoba becabanga ukuthi lapho behlaselwa, izizwe ziyoba madolo nzima ngoba zicabanga ukuthi uma zihlasela kuzofanele zibhekane namabutho amaningi.
Kungani kunzima ukukwenza lokhu? Ukwakha umfelandawonye akusho ukuthi kuzoba nokuthula. Izizwe azihlale zinamathela ezivumelwaneni ezizenzile, futhi azivumelani ngesikhathi nendlela yokusiza izwe ezakhe umfelandawonye nalo.
“INhlangano Yezizwe neZizwe Ezihlangene kusebenze kanzima ukuze kusize ohulumeni bakhe imifelandawonye kodwa ayisizanga ngalutho ekuvimbeni izimpi.”—“I-Encyclopedia Britannica.”
Lokho okushiwo yiBhayibheli: Ngokuvamile kuba ngcono uma abantu abaningi besizana. (UmShumayeli 4:12) Noma kunjalo, ngeke sathembela ezinhlanganweni zabantu nakohulumeni ukuthi basilethele ukuthula nokulondeka okuhlala njalo. “Ungabeki ithemba lakho ezikhulwini, akekho umuntu ongakusindisa. Lapho zifa, zibuyela othulini, ngalolo suku amacebo azo ayashabalala.”—IHubo 146:3, 4, I-Today’s English Version.
Izimpi zisadla lubi nakuba kuzanywa kanzima ukuba kube nokuthula okuhlala njalo.