Izimpi Nezingxabano Ezinodlame Zisiphazamisa Sonke
“Ezweni kunezingxabano eziningi kakhulu kunalezo ezake zaba khona kusukela ngeMpi Yezwe Yesibili futhi izigidigidi zabantu emhlabeni wonke ziyaphazamiseka ngenxa yalezi zingxabano.”
Kusho iSekela Likanobhala-jikelele Le-United Nations, u-Amina J. Mohammed, Januwari 26, 2023.
Izimpi nezingxabano ezinodlame zingaqala noma yikuphi ngisho nasezindaweni ezinokuthula. Ngisho nabantu abahlala ezindaweni okungalwiwa kuzo bangaphazamiseka ngoba amazwe asexhumene kakhulu kunakuqala ngenxa ye-inthanethi nezokuhwebelana. Imiphumela emibi evelayo ihlala isikhathi eside ngisho nangemva kokuba impi isiphelile. Nazi izibonelo ezimbalwa:
Izimpi zenza kube nendlala. I-World Food Programme ithi, “izimpi ziyimbangela enkulu yendlala njengoba amaphesenti angu-70 abantu abaswele ukudla emhlabeni wonke ehlala ezindaweni okulwiwa kuzo nezinodlame.” Izimpi zishiya abantu belimele futhi bephazamisekile engqondweni.
Izimpi zilimaza abantu futhi zibenza baphazamiseke engqondweni. Uma kuba namahebezi okuthi kuzoba nempi endaweni ethile, abantu kuleyo ndawo bayacindezeleka futhi bakhathazeke kakhulu. Labo abahlala ezindaweni ezinezimpi baba sengozini yokulimala nokuba nezifo zokuphazamiseka kwengqondo. Okubuhlungu ukuthi uma sebelimele noma sebenezinkinga zokuphazamiseka kwengqondo, abakwazi ukuthola usizo lodokotela.
Izimpi zenza abantu babaleke emizini yabo. I-United Nations High Commissioner for Refugees ithi kusukela ngoSepthemba 2023 sebengaphezu kwezigidi ezingu-114 abantu abaphoqeleke ukuba babaleke emizini yabo. Imbangela enkulu yalokhu yizimpi nezingxabano ezinodlame.
Izimpi zenza ezomnotho ziwohloke. Abantu babhekana nezimo ezinzima zomnotho ngenxa yezimpi, njengokubiza kakhulu kwezinto. Abantu bathwala kanzima lapho uhulumeni ethatha izimali okumele zisetshenziswe kwezempilo nakwezemfundo uziyise kwezempi. Kanti nezindleko zokulungisa umonakalo odalwe yizimpi ziba phezulu kakhulu.
Izimpi zonakalisa imvelo. Abantu bayahlukumezeka uma imvelo abancike kuyo ekuphileni yonakaliswa ngamabomu. Amanzi angcolile, umoya ongcolile nomhlabathi owonakalisiwe kungadala izifo ezihlukahlukene futhi nangemva kwempi, abantu basengalinyazwa amabhomu agqitshiwe asala.
Asingabazi ukuthi izimpi zidala omkhulu umonakalo, okubizayo ukuwulungisa.