ISimiso Sesonto Lika-August 10
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 10
INgoma 61 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 28 ¶18-21, ibhokisi ek. 289 (30 imiz.)
ISikole Senkozo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 21-22 (8 imiz.)
No. 1: 1 AmaKhosi 22:13-23 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?—igw k. 28 ¶1-4 (5 imiz.)
No. 3: UDelila—Iphuzu Eliyinhloko: Uthando Lwemali Lungaholela Ekukhapheleni—w12 4/15 k. 8 isig. 4 (5 imiz.)
Umhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: “Mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.”—Josh. 24:15.
10 imiz: “Kepha Mina Nendlu Yami, Sizokhonza UJehova.” Inkulumo esekelwe esihlokweni senyanga. Funda bese ukhulumela indlela esebenza ngayo le miBhalo: Duteronomi 6:6, 7; Joshuwa 24:15; IzAga 22:6. Gcizelela ukuthi amadoda nobaba kumelwe bahole ngokomoya. Qokomisa amathuluzi okusiza imindeni ahlelwe inhlangano. Khulumela izingxenye zoMhlangano Wenkonzo wale nyanga nendlela ezihlobana ngayo nesihloko.
20 imiz: “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqeqesha Abamemezeli Abasanda Kuhlanganyela.” Ingxoxo. Cela izilaleli zisho ukuthi abazali bangazisebenzisa kanjani izimiso okukhulunywa ngazo kulesi sihloko lapho besiza izingane zabo ukuba zithuthuke ngokomoya. Makube nomboniso kababa elungiselela intshumayelo nengane yakhe esencane.
INgoma 93 Nomthandazo