Umbiko Wenkonzo Yasensimini
Ngo-January 2015, eNamibia naseSwazini kubikwe ukwanda. INamibia ibike abamemezeli abangu-2 398, okuwukwanda kwabamemezeli ngamaphesenti angu-9 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Ukwandla komsebenzi wokuvuna eNamibia kubonakala enanini lezifundo zeBhayibheli eziqhutshiwe elingu-4 389 nezimpindelo ezingu-18 984, okwenziwe ngo-January. ESwazini kubike abamemezeli abangu-3 563, okuwukwanda kwabamemezeli ngamaphesenti angu-19. Kunabantu abaningi abathakazelayo kuyo yonke insimu yegatsha lethu futhi siyaqhubeka sicela uJehova ukuba athumele izisebenzi ezengeziwe kule nsimu evundile.—Math. 9:38.