Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqeqesha Abamemezeli Abasanda Kuhlanganyela
Kungani Kubalulekile: Abafundi bakaJesu abasanda kuhlanganyela kumelwe bafunde ukugcina “konke” abayale ngakho, okuhlanganisa ukufundisa abanye iqiniso. (Math. 28:19, 20) Abaningi abasanda kuhlanganyela sebengabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi kungenzeka bayashumayela ngokwethukela emalungwini omndeni nakubangane. Noma kunjalo, njengoba bekwazisa ngokwengeziwe lokho abakufundayo futhi befunda ukuthi uJehova ufuna ukuba bonke abantu bezwe izindaba ezinhle, bangase baveze isifiso sabo sokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. (Roma 10:13, 14) Lapho sebekufanelekela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe, ukuqeqeshwa okuhle kuyobasiza ukuba babe nesibindi njengoba bethatha lesi sinyathelo esifanele entuthukweni yabo engokomoya.—Luka 6:40.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Sebenza nomuntu ofunda naye iBhayibheli ensimini uphinde uhambe naye lapho uyokwenza izimpindelo noma uyoqhuba izifundo zeBhayibheli. Uma ungenaye umuntu omfundelayo, hamba nommemezeli ongenakho okuhlangenwe nakho.