Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/15 k. 4
  • Isimemo Esiqondile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimemo Esiqondile
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimemo Esikhethekile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Umkhankaso Onezithelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Umkhankaso Wokuhambisa Isimemo SoMhlangano Wesifunda
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Ukuhanjiswa Kwezimemo ZeSi-khumbuzo Kuqala Ngo-April 2
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
km 4/15 k. 4

Isimemo Esiqondile

1. Uzoqala nini umkhankaso wokumemela abantu emhlanganweni wesifunda?

1 Uma ubuhlelela umndeni noma abangane isidlo esikhethekile, esidinga umzamo omkhulu nemali eningi ukusilungiselela, cishe ubuyoba nomdlandla lapho ubamema. Ngokufanayo, kwenziwe umsebenzi omningi ukuze kulungiselelwe idili elingokomoya esizoba nalo emhlanganweni wesifunda ozayo. Emasontweni amathathu ngaphambi komhlangano wethu, uJehova usinika ilungelo lokumemela abanye kulo mhlangano. Yini ezosisiza sihambise izimemo ngentshiseko?

2. Yini ezosishukumisela ukuba sihlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso?

2 Ukwazisa indlela esizuza ngayo emfundweni eqabulayo uJehova asilungiselela yona emihlanganweni yethu kuzosishukumisela ukuba sihlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso. (Isaya 65:13, 14) Kufanele sikhumbule nokuthi umkhankaso wethu waminyaka yonke uba nemiphumela emihle. (Bheka ibhokisi elithi “Uba Nemiphumela Emihle.”) Abanye abantu esibamemayo bazoba nathi emhlanganweni nakuba abanye bengeke. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi bangaki abazosabela, ukuzikhandla kwethu phakathi nalo mkhankaso kudumisa uJehova futhi kubonisa umusa wakhe.—IHu. 145:3, 7; IsAm. 22:17.

3. Zizosakazwa kanjani izimemo?

3 Zonke izindikimba zabadala kufanele zizinqumele ukuthi zingazisakaza kanjani izimemo kabanzi, kuhlanganise nokuthi kumelwe yini zishiywe emizini engenabantu noma zihanjiswe lapho kufakazwa obala ensimini yebandla. Ngezimpelasonto omagazini kufanele bahanjiswe nezimemo lapho kufaneleka. Lapho usuphelile lo mkhankaso, yeka ukuthi siyojabula kanjani ngokuthi sihlanganyele ngentshiseko kuwo nokuthi baningi abantu abahlanganyele nathi kuleli dili elingokomoya esililungiselelwe uJehova!

Uzothini?

Ngemva kokubingelela, ungase uthi: “Sisemkhankasweni womhlaba wonke wokusakaza lesi simemo sesenzakalo esibalulekile. Usuku, isikhathi nekheli kubhaliwe kulesi simemo.”

Uba Nemiphumela Emihle

  • Eminyakeni embalwa edlule lapho udade othile esemkhankasweni wokumemela abantu emhlanganweni, wazibuza ukuthi kazi lokhu kuzikhandla kuzozuzisa yini. Wacabanga, ‘Ingabe abantu bazosabela ngempela futhi babe khona emhlanganweni?’ NgoMgqibelo ekuseni ngosuku lomhlangano, wabona indoda esonta enkolweni yobuSikh ihlezi eduze kwakhe, ngakho wazethula kuyo. Kwaba sobala kudade ukuthi le ndoda yayisemhlanganweni ngoba ithole isimemo. Yayinemibuzo eminingana lo dade akwazi ukuyiphendula. Yaveza ukuthi yayisijabulela kakhulu isimiso nokuthi yayihlabeke umxhwele ngokubukeka nangokuziphatha kwababekhona. Kamuva ngalolo suku, lo dade waqala ingxoxo nombhangqwana owawuhlezi eduze kwakhe. Nawo wawuthole isimemo futhi uze emhlanganweni ngebhasi. Wawujabulela umhlangano wahlela nokuba khona nangeSonto. Kusukela ngaleso sikhathi, udade wakubona ukubaluleka komkhankaso wethu waminyaka yonke.

  • Emhlanganweni wamuva, indoda nomkayo abangamaphayona avamile bazethula embhangqwaneni osukhulile. Lo mbhangqwana wachaza ukuthi wawuqala ukuba semhlanganweni. Amaphayona abuza, “Nimenywe ubani?” Waphendula wathi, “Lapho sifika ekhaya ngolunye usuku, sathola isimemo ngaphansi komnyango.” Wasifunda isimemo futhi wagcwalisa isigqebhezana esingemuva. Abanye ababesemhlanganweni badla ukudla kwabo nalo mbhangqwana ngekhefu. Wasijabulela kakhulu isimiso kangangokuba wenza izinhlelo zokuba khona ngosuku olulandelayo. Kwenziwa amalungiselelo okuwuvakashela nokulandelela isithakazelo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela