Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesifunda
Izikhathi Zesimiso: Amasango omhlangano azovulwa ngawo-7:00 ekuseni. Umculo owandulela ukuqala kwesimiso uzoqala ngo–9:00 ekuseni ngazo zontathu izinsuku. Ngaleso sikhathi, sonke kufanele sihlale phansi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile. Ingoma nomthandazo wokuphetha kuyokwethulwa ngo–4:35 ntambama ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kanti ngeSonto kuyokwethulwa ngo–3:25 ntambama.
‘Dumisa UJehova Ngokuhuba’: Kusukela ezikhathini zasendulo, abantu bakaNkulunkulu bebelokhu bedumisa uJehova ngamahubo futhi umculo uyaqhubeka uyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso namuhla. (IHu. 28:7) Isimiso ngasinye somhlangano wethu wesifunda siqala ngomculo owandulelayo. Lona akuwona nje umculo wokunandisa kodwa ulungiselelwe ukusisiza sifunde ngoJehova futhi simkhulekele. Ngakho, lapho usihlalo ememezela ukuthi umculo owandulela isimiso usuzoqala, leso isikhathi sokuhlala phansi futhi siwulalele ngokwazisa lowo mculo. Ukwenza kwethu kanjalo kubonisa ukuthi siyawazisa umzamo owenziwa yiqembu le-orchestra le-Watchtower. Kabili ngonyaka laba bafowethu nodadewethu baya ePatterson, eNew York ngezindleko zabo ukuze benze lo mculo omnandi esiwujabulelayo. Ngemva kokulalelisisa lo mculo owandulelayo, sonke kufanele sidumise uJehova ngokucula izingoma zethu zoMbuso.
Indawo Yokupaka: Kuzo zonke izindawo zomhlangano esinelungelo lokupaka kuzo, indawo yokupaka iyotholakala mahhala kunoma ubani ofike kuqala. Ngenxa yokuthi ngokuvamile indawo yokupaka ilinganiselwe, kufanele sizame ukugcwalisa izimoto. Kuzovunyelwa kuphela labo abanama-disc abakhubazekile ukuba bapake endaweni elungiselelwe bona.
Ukugcina Izihlalo: Lapho amasango endawo yomhlangano evulwa njalo ekuseni, sicela ningagijimi ngoba nijahe ukuthola indawo yokuhlala engcono kuneyabanye abeze emhlanganweni njengokungathi nisemncintiswaneni. Umoya wokuzidela osenza sibafunele okungcono abanye usibonakalisa njengamaKristu eqiniso futhi ushukumisela abantu abasibukayo ukuba badumise uNkulunkulu. (Joh. 13:34, 35; 1 Kor. 13:5; 1 Pet. 2:12) Izihlalo ungazigcinela kuphela labo ohamba nabo ngemoto, ohlala nabo ekhaya noma labo obafundelayo. Sicela ningazibeki izinto ezihlalweni eningeke nizisebenzise. Lokhu kuyokwenza ukuba abanye babone ukuthi bangazisebenzisa. Kunendawo ebekelwe ngokukhethekile asebekhulile nabanezinkinga zempilo. Njengoba le ndawo ilinganiselwe, osekhulile noma onenkinga yempilo angahlala noyedwa noma ababili kuphela ukuze bamsize.
Ukugqoka Ngesizotha: Phakathi nomhlangano kufanele sigqoke ngendlela efanele nenesizotha, singagqoki izingubo ezibonakalisa izitayela zezwe ezeqisayo. (1 Thim. 2:9) Ngisho nalapho singena noma siphuma endaweni esilala kuyo nalapho siziphumulele ngaphambi nangemva kwesimiso, sifuna ukugwema ukugqoka ngendlela ebonisa ubudlabha nokunganaki. Ngaleyo ndlela ngeke sibe namahloni okugqoka ibheji lomhlangano futhi ngeke sesabe ukufakaza ngokwethukela lapho kuvela ithuba. Ukubukeka nokuziphatha kwethu okuhle lapho sisemihlanganweni esiya kuyo ngeke nje kuphela kudonsele abanhliziyo ziqotho esigijimini seBhayibheli esisindisa ukuphila kodwa futhi kuyojabulisa uJehova.—Zef. 3:17.
Ukubonisa Inhlonipho Lapho Sisebenzisa Izinto Zobuchwepheshe: Sibonisa inhlonipho phakathi nesimiso ngokucupha omakhalekhukhwini bethu nezinye izinto zobuchwepheshe ngendlela yokuba zingabaphazamisi abanye. Uma sisebenzisa ikhamera, umshini wokuqopha, i-tablet noma omunye umshini wobuchwepheshe, sifuna ukucabangela abanye ngokungabaphazamisi noma sibasithe. Sibonisa inhlonipho nangokungathumelelani ngokungadingekile imiyalezo ngomakhalekhukhwini noma ama-email phakathi nesimiso.
Ukudla Kwasemini: Sicela niziphathele ukudla kwasemini kunokuba niphume ngesikhathi sekhefu niyokuthenga ngaphandle kwendawo yomhlangano. Ningawaphatha ama-cooler bag amancane angangena ngaphansi kwezihlalo. Ama-cooler bag amakhulu anjengawamapikiniki nezitsha ezifayo akuvunyelwe endaweni yomhlangano.
Iminikelo: Singabonisa ukwazisa ngamalungiselelo omhlangano ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke emhlanganweni. Noma yimaphi amasheke kufanele abhalwe ukuthi “Christian Congregation of Jehovah’s Witnesses of South Africa.” Ezindaweni zemihlangano eziningana kuyoba nemishini onganikela kuyo usebenzisa ikhadi lasebhange noma lokuthenga ngesikweletu.
Imithi: Uma kunemithi oyisebenzisayo, qiniseka ukuthi uphatha eyanele, ngoba ngeke itholakale emhlanganweni. Imijovo nezinaliti zalabo abanesifo sikashukela kufanele kulahlwe endaweni efanele yezinto eziyingozi hhayi emigqonyeni kadoti esendaweni yomhlangano noma esemahhotela.
Izixwayiso Zokuphepha: Sicela niqaphe ngokukhethekile noma yini engase yenze umuntu ashelele noma akhubeke alimale. Unyaka ngamunye abantu abaningi bayalimala ngenxa yezicathulo, ikakhulu ezinezithende eziphakeme. Kuhle ukukhetha izicathulo ezifanelekayo nezikulingana kahle oyokwazi ukuhamba ngazo ngokuphephile endaweni eyehlelayo, ezitebhisini, ezinsimbini ezinezikhala, njalonjalo.
Izinqola Zabantwana Nezihlalo Eziphathwayo: Izinqola zabantwana nezihlalo eziphathwayo akufanele zingeniswe endaweni okuhlala kuyo izilaleli. Nokho, izihlalo zabantwana zokuphepha ezilingana esihlalweni futhi ezingase ziboshelwe eceleni kwabazali zamukelekile.
Amakha: Eminye imihlangano yesifunda iqhutshelwa ezindaweni ezivalekile ezinemishini yeziphephetha-moya. Ngakho-ke, siyobe sibonisa uthando uma silinganisela ekusebenziseni amakha anamandla angase abaphathe kabi labo abanezinkinga zokuphefumula noma ezihlobene nakho.—1 Kor. 10:24.
Izitolo Zokudlela: Dumisa igama likaJehova ngokuziphatha kahle ezitolo zokudlela. Gqoka ngendlela efanele isikhonzi esingumKristu. Shiya ithiphu efanelekayo uma kuwumkhuba omuhle ukwenza kanjalo.
Izindawo Zokulala:
Uma uhlela ukulala ehhotela noma kwenye indawo yokulala ekhokhelwayo, sicela ukhumbule lokhu okulandelayo: (1) Ungabhukhi amakamelo angaphezu kwalawo ozowasebenzisa futhi ungahlali nabantu abangaphezu kwabavumelekile.
Lapho usubhukhile, ungakhanseli ngaphandle kwalapho kunezimo eziphuthumayo, futhi bikela indawo obhukhe kuyo noma uMnyango Wezindawo Zokulala ngokushesha ukuze abanye abadinga indawo yokulala bakwazi ukuyisebenzisa. (Math. 5:37)
Siza uphawule ukuthi uma usebenzisa ikhadi lasebhange noma lokuthenga ngesikweletu, ezinye izindawo zibamba imali ethile kuyi-akhawunti yakho ukuze zikhokhele izindleko zendlu ohlala kuyo nanoma imuphi umonakalo noma ingozi engase yenzeke phakathi nesikhathi ohleli ngaso kuleyo ndawo. Ngeke ukwazi ukuyisebenzisa leyo mali kuze kube yilapho sekuphele izinsuku ezithile uphumile kuleyo ndawo.
Uma kungumkhuba ezweni lakini, nikeza izisebenzi zasehhotela ithiphu lapho zikuphathela izimpahla futhi uthiphe nomuntu ohlanza indlu.
Pheka kuphela lapho ukupheka kuvumeleke khona nasezindaweni zokuphekela.
Ungakusebenzisi kabi ukudla kwasekuseni, ikhofi nokunye okulungiselelwe izivakashi ukuba zikusebenzise ngesikhathi zisendaweni yokulala.
Ngaso sonke isikhathi, bonisa izithelo zomoya lapho usebenzelana nezisebenzi. Zinakekela izivakashi eziningi futhi ziyawazisa umusa, isineke nokuqonda kwethu.
Abazali kufanele baqaphe izingane zabo ngaso sonke isikhathi endaweni abahleli kuyo, kuhlanganise nasemakheshini, ezindaweni zokubhukuda, endaweni okwamukelwa kuyo izihambi, endaweni yokuzivocavoca nakwezinye izindawo.
Uma kuphakama inkinga ngendawo ohleli kuyo, yazisa uMnyango Wezindawo Zokulala phakathi nomhlangano ukuze ukwazi ukukusiza.
Inkonzo Yokuzithandela: Bonke abafisa ukusiza kufanele baye eMnyango Wenkonzo Yokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 nazo zingasiza ngokusebenza nabazali noma abanye abantu abadala abagunyazwe abazali.