Qhubeka Uthuthuka Njengesikhonzi
1. Iziphi izibonelo zangekhulu lokuqala ezibonisa ukuthi kufanele sithuthuke njengezikhonzi?
1 AmaKristu kufanele athuthuke njengezikhonzi. Kungakho uJesu aqeqesha abalandeli bakhe ngendlela eyabasiza bathuthuka emsebenzini wokushumayela. (Luka 9:1-5; 10:1-11) Kungaleso sizathu futhi u-Akhwila noPrisila bafaka u-Apholo phakathi kwabo base “bemchazela indlela kaNkulunkulu ngokuqonde ngokwengeziwe.” (IzE. 18:24-26) Ngokufanayo, uPawulu wakhuthaza umvangeli ongumakadebona uThimothewu ukuba aqhubeke ezimisela ekufundiseni kwakhe ukuze intuthuko yakhe “ibonakale kubo bonke abantu.” (1 Thim. 4:13-15) Kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi eside kangakanani sikhonza iNkosi njengabamemezeli bezindaba ezinhle, kudingeka siqhubeke sithuthukisa amakhono ethu okushumayela.
2. Singafunda kanjani kwabanye?
2 Funda Kwabanye: Enye indlela yokuthuthukisa amakhono ethu ukufunda kwabanye. (IzAga 27:17) Ngakho, naka lapho abanye beshumayela. Cela ukusikisela okuqondile kubamemezeli abaphumelelayo futhi ukulalelisise abakushoyo. (IzAga 1:5) Ingabe awuqiniseki ngendlela yokwenza impindelo, ukuqala isifundo seBhayibheli noma ukuhlanganyela kwesinye isici senkonzo? Thatha isinyathelo kuqala futhi ucele umbonisi wakho weqembu noma ummemezeli ongumakadebona ukuba akuqeqeshe. Khumbula nokuthi umoya ongcwele kaJehova ungawathuthukisa amakhono ethu, ngakho uthandazele njalo.—Luka 11:13.
3. Kufanele sisabele kanjani uma sithola ukusikisela, mhlawumbe ebesingakucelanga?
3 Ungacasuki uma uthola ukusikisela okuzokusiza uthuthuke, ngisho noma ubungakucelanga. (UmSh. 7:9) Njengo-Apholo, yamukela usizo ngokuthobeka nangokubonga. Lokho kubonisa ukuhlakanipha.—IzAga 12:15.
4. Isiphi isizathu esinamandla uJesu asinikeza sokuthuthuka njengomvangeli?
4 Intuthuko Ikhazimulisa UNkulunkulu: UJesu wasebenzisa umfanekiso ukuze akhuthaze abalandeli bakhe ukuba bathuthuke njengezikhonzi. Wazifanisa nomvini kwathi abalandeli bakhe abagcotshiwe wabafanisa namagatsha. Wathi uBaba uthena wonke amagatsha athela izithelo “ukuze athele izithelo eziningi.” (Joh. 15:2) Njengoba nje nomnini sivini efisa ukuba amagatsha ezivini zakhe athele kakhulu, uJehova ufuna siqhubeke sikhula ekhonweni lethu lokuthela “isithelo sezindebe.” (Heb. 13:15) Kuba namuphi umphumela owanelisayo lapho sithuthuka njengabavangeli? UJesu usinikeza impendulo: “UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi.”—Joh. 15:8.