ISimiso Sesonto Lika-January 26
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 26
INgoma 99 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 19 ¶9-17 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 5-7 (8 imiz.)
No. 1: AbaHluleli 7:12-25 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: U-Amnoni—Iphuzu Eliyinhloko: Uthando Oluqhutshwa Inkanuko Nobugovu Luyingozi—si k. 61-62 isig. 17 (5 imiz.)
No. 3: Izindlela Esingafunda Ngazo NgoJehova—igw k. 5 ¶1-4 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: ‘Khonza iNkosi ngokuzithoba okukhulu kakhulu.’—IzE. 20:19.
10 imiz: Isipho Sango-January Nango-February. Ingxoxo. Cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo ezikuthole lapho zihambisa incwajana ethi Izindaba Ezinhle. Makube nomboniso omfushane obonisa indlela le ncwajana engahanjiswa ngayo. Ngemva kwalokho, xoxani ngesihloko esithi “Kungani Kumelwe Sisheshe Siphume?”
10 imiz: Abadala Abayizigqila ZeNkosi—Umqhubi WeSifundo Se-Nqabayokulinda. Ingxoxo nomqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda esekelwe kule mibuzo: Kuhilelani ukunakekela isabelo sakho? Usilungiselela kanjani iSifundo Se-Nqabayokulinda? Kungani kunzima ukukhomba wonke umuntu ophakamisile? Umfundi wezigaba, abaphendulayo nabazalwane abahambisa imibhobho bangasiza kanjani ekwenzeni iSifundo Se-Nqabayokulinda sizuzise futhi sijabulise?
10 imiz: “Sebenzisa I-jw.org Enkonzweni Yakho—‘Yiba Umngane KaJehova.’” Ingxoxo. Bukeza ezinye zezici zale ngxenye yengosi yethu futhi udlalele izilaleli okunye kwako. Cela izilaleli zisikisele izindlela zokusebenzisa ingxenye ethi “Yiba Umngane KaJehova” lapho zishumayela endlini ngendlu, obala noma ngokwethukela.
INgoma 135 Nomthandazo