ISimiso Sesonto Lika-January 19
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 19
INgoma 47 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 19 ¶1-8 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: AbaHluleli 1-4 (8 imiz.)
No. 1: AbaHluleli 3:1-11 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ungafunda Kanjani NgoNkulunkulu?—igw k. 4 ¶1-4 (5 imiz.)
No. 3: U-Ahithofeli—Iphuzu Eliyinhloko: UJehova Ushafisa Amacebo Amambuka—w05 5/1 k. 15-16 isig. 12; si k. 62 izig. 20-21 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: ‘Khonza iNkosi ngokuzithoba okukhulu kakhulu.’—IzE. 20:19.
10 imiz: Ingabe Uyayisebenzisa incwajana ethi INsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu? Ingxoxo esekelwe emibuzweni elandelayo: (1) Le ncwajana ingasisiza kanjani lapho sifunda le miBhalo (a) AbaHluleli 16:1-3, (b) Luka 6:17, (c) Roma 15:19? (2) Singayisebenzisa kanjani le ncwajana ukuze isisize siqondisise amagama anjengalawa (a) “i-omere” “ne-efa” (Eks. 16:32, 36), (b) “ithalenta” (Math. 25:15), (c) “u-Abhibhi” “noNisani” (Dut. 16:1)? Phetha ngokukhuthaza bonke ukuba balisebenzise leli thuluzi.
10 imiz: Ukukhonza INkosi Kudinga Ukuphikelela Nokuthatha Isinyathelo Kuqala. Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2014, ikhasi 59, isigaba 1, kuya ekhasini 62, isigaba 1 nekhasi 67, isigaba 2. Cela izilaleli zisho izifundo ezizitholile.
10 imiz: “Qhubeka Uthuthuka Njengesikhonzi.” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 20 Nomthandazo