ISimiso Sesonto Lika-December 1
ISONTO ELIQALA NGO-DECEMBER 1
INgoma 48 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 16 ¶18-22, ibhokisi ek. 167 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 32-34 (10 imiz.)
No. 1: Duteronomi 32:22-35 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Lapho Umuntu Efa, Umphefumulo Nomoya Akuqhubeki Kuphila—rs k. 380 ¶3–k. 382 ¶4 (5 imiz.)
No. 3: Ukuphinga—Ukuphinga Kuwukona UNkulunkulu—w07 10/15 k. 23 ¶16; lv k. 129 ¶18-19 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Hambisa Omagazini Ngo-December. Ingxoxo. Makube nemiboniso yezintshumayelo ezintathu ezisikiselwe ezikuleli khasi. Ngemva komboniso ngamunye, cela izilaleli zisho ukuthi kungani isihloko obekuxoxwa ngaso singase sibakhange abanye ensimini.
10 imiz: Xoxa Nombonisi Wenkonzo. Kuhlanganisani ukufeza isabelo sakho? Lapho uhambele iqembu lenkonzo yasensimini, yini ozama ukuyifeza? Labo abakulelo qembu bangazuza kanjani ngokugcwele ekuhambeleni kwakho? Ubasiza kanjani abamemezeli ngabanye abeza kuwe ukuze bathole usizo esicini esithile senkonzo?
10 imiz: Sisebenze Kanjani? Ingxoxo. Cela abamemezeli basho indlela abazuze ngayo ngokusebenzisa amaphuzu asesihlokweni esithi “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubonisa Isithakazelo Kumuntu Ngamunye.” Cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho okuhle.
INgoma 119 Nomthandazo