IZaziso
◼ Isipho sango-November nango-December: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? nanoma yiliphi ipheshana ibandla elinalo esitokweni. Amabandla anamapheshana amadala kufanele enze umzamo oqotho wokuwahambisa futhi angawagcini esitokweni. Ngo-January nango-February: Hambisa enye yalezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!, Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade! nethi Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?
◼ Siyajabula ukubika ukuthi kunikezelwe amaHholo OMbuso amane amasha. EFree State: IBloemside South. EMpumalanga: IThekwane South. ENorth West: IMokgareng. ESwazini: ISigangeni.