Ithuluzi Elisha Lokucwaninga
Izigidi zabamemezeli emhlabeni wonke ziye zasebenzisa i-Watch Tower Publications Index lapho zicwaninga. Nokho, ngenxa yokuthi inemininingwane eminingi, itholakala ngezilimi ezimbalwa kuphela. Ngakho kuye kwalungiselelwa INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ngezilimi ezingaba ngu-170. Izikhombo ezise-Ncwadini Yokucwaninga ziqala ngonyaka ka-2000 kuqhubeke. Le Ncwadi Yokucwaninga ayikanyatheliswa ngezilimi esezivele zinayo i-Index kodwa ikhona kuyi-Watchtower Library nakuyi-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli. INcwadi Yokucwaninga izokusiza uzifunele izimpendulo zemibuzo yeBhayibheli, uthole ukwaziswa ngezinto ofuna ukuzazi futhi ulungiselele imihlangano yebandla nokukhulekela komkhaya.